Okuthile Okungcono “Kunamagagasi Amahle”
NJENGOBA ILANDISWA NGUKARL HEINZ SCHWOERER
Ngazalwa ngo-1952 ePittsburgh, ePennsylvania, e-U.S.A., kodwa ngakhulela eNew Smyrna Beach, eFlorida. Lapho ngisakhula, ngaba nesifiso esinamandla sokuntweza phezu kwamagagasi. Empeleni, kwaba yinto ebaluleke kunazo zonke ekuphileni kwami.
NGO-1970, ngaya e-Embry-Riddle Aeronautical University eDaytona Beach, eFlorida, nginomgomo wokuba umshayeli wezindiza okhokhelwayo. Kodwa ngaya ngokuya ngidumala ngenxa kahulumeni, ngaleso sikhathi owawulwa impi engangikholelwa ukuthi ayinabulungisa eVietnam. Ngicasulwe yindlela izinto ezazenziwa ngayo, njengoba kwakunjalo nangenye intsha ngaleso sikhathi, ngayeka isikole ngaqala ukuphila njenge-hippie. Ngaba nezinwele ezinde, ngadla nezidakamizwa.
Ngokushesha ngemva kwalokho ngahlangana noSusan, intombazane enesibindi eyayinekhono elihle lokudweba nokuthwebula izithombe. Ngacabanga ukuthi uma sigcina ukuphila kwethu kulula, ngangingasebenzela inkontileka izinyanga eziyisithupha kuya kwezingu-8 eFlorida bese sichitha isikhathi esisele sonyaka sihlala ematendeni oGwini lwasePacific eMexico naseMelika Ephakathi.
Ukuqaphela Isidingo Esingokomoya
Ukuphila ngokunganaki ogwini oluhle ezindaweni ezishisayo—uSue yena edweba futhi ethwebula izithombe, mina ngintweza phezu kwamagagasi—kwakumnandi ngempela. Ngemva kweminyaka embalwa, ngaqala ukuqaphela ukuthi ukuphila kwakungenelisi. Kukhona okwakusilela. Ngakho, maphakathi nonyaka ka-1975, lapho ngisahlala oGwini lwasePacific eCosta Rica, ngaqala ukufuna ukukhanyiselwa okungokomoya. Ngafunda izincwadi eziphathelene nezinkolo namafilosofi aseMpumalanga, ezazithandwa kakhulu ngaleso sikhathi.
Njengoba izincwadi engangizifunda zazivame ukucaphuna iBhayibheli njengobufakazi bokuthi izimfundiso zazo ziyiqiniso, ngaphetha ngokuthi kufanele ukuba iBhayibheli liyisisekelo seqiniso. Ngakho nganikeza othile izinkowankowane enganginazo yena wanginikeza iBhayibheli elidala lenguqulo kaKing James. Njalo ntambama, ngemva kokuntweza phezu kwamagagasi ekuseni, ngangihlala ngifunde iBhayibheli. Kodwa nakuba ngangilithanda kakhulu iBhayibheli, ngangingaliqondi ngokuphelele.
“Ingabe Ikhona Imibuzo YeBhayibheli Onayo?”
Lapho sisuka eCosta Rica siya e-United States ngo-August 1975, mina noSue sangena ekhemisi e-El Salvador ukuze sithenge imithi ethile. Njengoba sasingezwani ngolimi nosokhemisi, ikhasimende okuthiwa uJenny lacela ukusisiza. Kwakuyintombazane eneminyaka engu-16 yaseMelika eyayisikhuluma kahle iSpanishi. Yathi yona nabazali bayo bangoFakazi BakaJehova futhi babethuthele e-El Salvador ukuze bazofundisa abantu iBhayibheli.
UJenny wangibuza, “Ingabe ikhona imibuzo yeBhayibheli onayo?”
Ngaphendula: “Yebo, ikhona!” Nakuba sasibukeka njengama-hippie, uJenny ngokushesha wasimemela kubo ukuze sihlangane nabazali bakhe, uJoe noNancy Trembley. Savuma. Sachitha yonke intambama sibuza imibuzo yeBhayibheli futhi yasihlaba umxhwele kakhulu indlela uJoe noNancy abayiphendula ngayo imibuzo yethu. Njalo nje babethi, “Vula lo mbhalo eBhayibhelini lakho uwufunde.”
Ngokushesha kwase kuhwalele, ngakho basicela ukuba silale emzini wabo. Kodwa abazange bavume ukuba mina noSue silale ekamelweni elilodwa, ngoba sasingashadile. Kwaphela amahora uSue noJenny bengalele ebusuku bexoxa ngezindaba eziningi zeBhayibheli—kusukela ku-Adamu kuya kuyi-Armagedoni.
IBhayibheli Eliluhlaza
Ngakusasa, ngaphambi kokuba sihambe, uJoe noNancy basinika omagazini abaningi be-Nqabayokulinda ne-Phaphama!, izincwadi ezithile neBhayibheli. Kwakuyi-Nguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele, ngaleso sikhathi eyayinoqwembe oluqinile oluluhlaza. UJoe wasithatha wayosikhombisa neHholo LoMbuso. Laliyisakhiwo esivamile, esingenamicikilisho lapho oFakazi BakaJehova babehlangana khona ukuze bafunde iBhayibheli. Ngacabanga, ‘Yeka umahluko okhona uma uqhathanisa namasonto awubukhazikhazi eLobukholwa, lapho abantu bengafundi lutho khona ngeBhayibheli!’
Kamuva ngalolo suku, lapho sima ukuze siseshwe ngaphambi kokuwela umngcele singene eGuatemala, leli Bhayibheli eliluhlaza labangela ukudideka ezikhulwini. Zazixakekile ngoba zabona ukuthi yileli elivame ukusetshenziswa oFakazi BakaJehova. Kodwa thina sasingafani nhlobo noFakazi. Naphezu kwendlela esasibukeka ngayo, izikhulu zasidedela ngemva kwemizuzwana. Lokhu kwasidida ngoba babevame ukusesha imoto nezimpahla zethu befuna izidakamizwa noma impahla eyebiwe. Ngakho saqala ukubheka leli Bhayibheli eliluhlaza njengengoma.
Njengoba siqhubeka sifunda iBhayibheli nezinsiza-kufundisa zalo, saqiniseka ukuthi silitholile iqiniso ngoNkulunkulu. Lapho sinqamula elaseMexico, ngangibheke phambili ekuntwezeni phezu kwamagagasi amasonto amabili ePuerto Escondido—indawo yokuntweza engangiyithanda kakhulu. Ngemva kokujabulela lawo “magagasi amahle,” ngangizimisele ukubuyela eFlorida futhi ngibe enye yezinceku zikaJehova.
Ngachitha amasonto amabili alandela ngintweza phezu kwamagagasi ekuseni. Ntambama ogwini, ngangifunda iBhayibheli nezinsiza-kufundisa zalo. Intombazane ethile eneminyaka engu-8 yabona iBhayibheli eliluhlaza, yabe isisinxusa ukuba sihambe nayo siye ndawana-thile kusihlwa. Sasingaqondi ukuthi ifuna siye kuphi, kodwa saqonda ukuthi kwakuphathelene naleli Bhayibheli eliluhlaza. Senqaba, kodwa yaphikelela. Ekugcineni, ngemva kwezinsuku ezithile savuma ukuhamba nayo. Yasiyisa eHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova, isakhiwo esincane soqalo esasifulelwe ngotshani. Bonke abantu ababelapho basixhawula futhi basanga njengokungathi sasingabangane abadala.
Kwasihlaba umxhwele ukuziphatha ngenhlonipho kwabo bonke ababekhona. Kwakunezingane ezazisigqolozele phakathi nomhlangano, mhlawumbe ngenxa yokuthi zazibaqabuka abantu abanezinwele ezinde kangaka ezimhlophe. Abazali bazo babezikhumbuza njalo ukuba zilalele emhlanganweni. Kodwa uJehova wayesebenzise osemusha njengabo ukuze asilethe emhlanganweni wethu wokuqala.
Ukuzimisela Ukukhonza UJehova
Ngemva kwamasonto amabili ngijabulela ukuntweza, ngathengisa amabhodi ami, sasuka saqonda ngqo eFlorida. Lapho, saqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova nokuya kuyo yonke imihlangano yebandla. Njengoba sasizimisele ukukhonza uJehova, sayeka ukuhlala ndawonye nokusondelana nabangane bethu bangaphambili. Ngagunda intshebe nezinwele, futhi uSue wathenga izingubo ezimbalwa. Ngemva kwezinyanga ezine sashada, kwathi ngo-April 1976, sabhapathizwa njengesibonakaliso sokuzinikezela kwethu ukuze sikhonze uNkulunkulu.
Manje ukuphila kwethu kwase kunenjongo. Sibonga uJehova ngazo zonke izibusiso esasinazo, sasimagange sifuna ukubuyela ezweni elikhuluma iSpanishi siyoshumayela izindaba ezinhle ngoMbuso kaNkulunkulu. Kodwa abadala abangamaKristu ebandleni lethu baseluleka: “Ningahambi okwamanje. Qalani ngokwakha ingokomoya lenu ukuze nikwazi ukubapha okuthile kulelo zwe.” Sasamukela iseluleko sabo, futhi ngemva kwalokho sazibekela umgomo wokuba amaphayona, njengoba oFakazi BakaJehova bezibiza kanjalo izikhonzi zesikhathi esigcwele.
USue waqala ukuphayona ngo-January 1978. Nami ngangifuna ukuphayona, kodwa ngangisacwile ezikweletini zemali yaseyunivesithi. Ngavela necebo elilula. Ngangizobika kwabomthetho ukuthi ngiwile ngokwezimali bese ngikhululeka ukuba ngiphayone.
Kodwa ngokuhlakanipha abadala baseluleka ukuba singenzi kanjalo, bachaza ukuthi kuyobe kungahambisani nezimiso zeBhayibheli, ezidinga ukuba ‘sithembeke ezintweni zonke.’ (Hebheru 13:18) Ngakho ngaqhubeka ngisebenza ukuze ngikhokhe izikweleti zami. Ekugcineni, ngo-September 1979, ngawufinyelela umgomo wami wokuhlanganyela noSue emsebenzini wokuphayona. Ngemva kwalokho, ngokugcina ukuphila kwethu kulula, kwakudingeka ngisebenze izinsuku ezimbalwa kuphela ngesonto ukuze siziphilise.
Ukukhonza EBethel YaseBrooklyn
Ngo-April 1980, esikhathini esingaphansi nje konyaka siphayona ndawonye, sathola isimanga. Ngaphambili, lapho siphendula ubizo lwezisebenzi zokwakha, sasifake izicelo zokuyokhonza eBethel, indlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova eBrooklyn, eNew York. Manje sasicelwa ukuba sifike khona zingakapheli izinsuku ezingu-30! Sasididekile, ngoba sasikujabulela kakhulu ukuphayona. Singaqiniseki ukuthi senzenjani, saxoxa ngalolu daba nabadala ababili, abasisiza ukuba sibone ukuthi sasinikezwa ilungelo elikhulu. Baseluleka, “Hambani, niyozama ukukhonza eBethel unyaka owodwa.” Ngakho sadayisa konke esasinakho salibangisa eBrooklyn.
Ngemva kweminyaka emibili sisebenza ekwakheni, ngacelwa ukuba ngiyosebenza eHhovisi Lobunjiniyela Bezokwakha, lapho ngaqeqeshwa khona emkhakheni wokuklanywa kwezakhiwo. USue wasebenza unyaka eMnyangweni Wokuhlanganisa Izincwadi, wabe esecelwa ukuba ayosebenza eMnyangweni We-Graphics. Minyaka yonke, ngosuku esashada ngalo, sasibuka emuva onyakeni odlule sibukeze izimo zethu nezifiso bese sinquma ukuqhubeka sikhonza eBethel.
Njengoba iminyaka iqhubeka, sathola abangane abahle kakhulu. Ngaphezu kwalokho, njengoba iBethel yayisivumela ukuba sikhonze uJehova nobuzalwane bomhlaba wonke ngendlela eyanelisayo, sazimisela ngokuhlala. Ngo-1989 saqala ukufunda iSpanishi, okwasenza sabelwa ebandleni leSpanishi eBrooklyn. Ngenxa yalokho, saba nomuzwa wokuthi sasijabulela yomibili imikhakha—ukukhonza eBethel nokukhonza ebandleni lolunye ulimi.
Ngesinye isikhathi uJenny, esikhulume ngaye ekuqaleni, wasivakashela eBethel yaseBrooklyn, futhi kwakuthakazelisa ukuzwa ukulandisa kwakhe ngosuku esahlangana ngalo e-El Salvador. Wayebuya esifundweni seBhayibheli lapho ezizwa esegula. Lapho ephindela ekhaya, wanquma ukungena ekhemisi athenge umuthi. Ngesizathu esithile akangenanga ekhemisi ayeye kulo ngaphambili kodwa wangena lapho sasikhona.
Ukukhonza Kwamanye Amazwe
Ngolunye usuku ngo-1999, umbonisi womnyango wethu eBethel wangimangaza lapho engibuza umbuzo, “Ningathanda yini ukuya egatsheni lase-Australia niyokwenza umsebenzi eHhovisi Lesifunda Lonjiniyela izinyanga ezintathu?”
Ngaphendula ngaphandle kokunqikaza ngathi, “Yebo.” Ngokushesha salibangisa e-Australia, lapho sakhonza khona iminyaka emithathu. Sakujabulela ukusiza ekuklanyweni kwezakhiwo zamagatsha amazwe ambalwa eMpumalanga naseNingizimu Pacific. Lapho siphindela eBrooklyn ngo-2003, sasilindelwe esinye isimanga. Sacelwa ukuba siyokwenza esinye isabelo sangaphandle—siyokhonza eHhovisi Lesifunda LamaHholo OMbuso elisegatsheni laseBrazil, elithe ukuqhela edolobheni elikhulu laseSão Paulo.
Namanje siselapho. Leli hhovisi lengamela ukwakhiwa kwamaHholo OMbuso emazweni amaningi aseNingizimu Melika. Isabelo sami sihlanganisa ukuhamba ngiyosiza ngemisebenzi enjalo yokwakha nokukhuthaza labo abasebenza ezabelweni eziningi—futhi uSue uhamba nami.
Ukulondoloza Izinto Eziza Kuqala
Kumelwe ngivume ukuthi ngisakujabulela ukuntweza phezu kwamagagasi, kodwa ngiye ngathola okuthile okungcono “kunamagagasi amahle.” Ngakho ngiye ngagcina ukuntweza kusendaweni yako efanele, kuyindlela yokuzilibazisa. Ngokusekela kukaSue kothando, ngiye ngagxila kokuthile okubaluleke kakhulu, ukukhonza uNkulunkulu wethu onothando, uJehova.
Into esiyikhathalela ngokuyinhloko manje ukusebenzisa ukuphila kwethu namakhono ukuze sithuthukise izinto zoMbuso nokukhulekela okumsulwa kukaJehova uNkulunkulu. Sifunde ukuthi into ebaluleke kunazo zonke, akukhona ukuthi simkhonza kuphi uJehova kodwa ukuthi simkhonze ngomphefumulo wonke kungakhathaliseki ukuthi sikuphi.—Kolose 3:23.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 25]
“Ngisakujabulela ukuntweza phezu kwamagagasi, kodwa ngiye ngathola okuthile okungcono ‘kunamagagasi amahle’”
[Isithombe ekhasini 22, 23]
Isithombe sami ngintweza phezu kwamagagasi, esasetshenziswa esikhangisweni se-Summer Surf Festival
[Isithombe ekhasini 23]
Lapho ngiseneminyaka engu-13 ubudala
[Isithombe ekhasini 23]
Ngayithola ingenelisi indlela yami yokuphila njenge-“hippie”
[Izithombe ekhasini 25]
Ngenhla: Ngisiza ekwakhiweni kwamaHholo OMbuso
Kwesokudla: NginoSue namuhla