Ingabe Ukuba Wumlutha Wotshwala Kuwufuzo?
Ezimweni zabanye abantu, ososayensi bacabangela ukuthi ukuthambekela ekubeni umlutha wotshwala kungase kutholakale njengofuzo ngesakhi esithile sofuzo, ngokusho kokuhlola okwabikwa kuyiJournal of the American Medical Association. Kuthi kuye kwabalula isakhi sofuzo esifaka abantu engozini yokuba imilutha yotshwala. Nokho, ososayensi baxwayisa ngokuthi akukho sakhi sofuzo esisodwa esiholela ekubeni umlutha wotshwala. Umholi weqembu elenza lokuhlola wathi: “INkosi elungile ayizange yakhe isakhi sofuzo sokuba umlutha, kodwa yakha leso esibonakala sihileleke emkhubeni wokufuna injabulo.”
Lombiko waqhubeka: “Abenza lokhu kucwaninga bathi akukho sakhi esikhethekile sofuzo, kuhlanganise nalesi, esabangela zonke izinhlobo zokuba umlutha. Abanye abantu abanesakhi sofuzo esahlolwa abazange babe imilutha yotshwala, kuyilapho labo ababengenaso lesosakhi sofuzo baba imilutha yotshwala . . . Izici zezenhlalo nezesiko kungenzeka yizo ezadala lenkinga kwabaningi abayimilutha yotshwala.”