Ukuphakama Nokuwa Kwezentengiselwano Zomhlaba
Ingxenye 6—Izinkinga Zezomnotho Ziyophela Nini?
UMA nje ezentengiselwano ezinobugovu zisalawula abantu abaningi, izinkinga zezentengiselwano ziyoqhubeka zikhona. Lezo izindaba ezimbi. Izindaba ezinhle ziwukuthi ukulawula kwazo kuzoqedwa ngokushesha, kuqedwe izinkinga zezomnotho phakade. Njengamanje oFakazi BakaJehova abangaphezu kwezigidi ezine bazisa abanye ngalezindaba ezinhle emhlabeni wonke.—Bheka ibhokisi ekhasini 14.
Ithuluzi Eliphumelela Kakhulu
Injongo yokukhangisa—lapho kusetshenziswa kwezomnotho—iwukudayisa imikhiqizo noma izinkonzo. Ukuze kugqugquzelwe ukuthengwa kwezinto, umphakathi kufanele uthonyelwe ukuba uthenge. Amabhodi okukhangisa, amaphephandaba, omagazini, umsakazo, nethelevishini, ingasaphathwa leyonto ecasulayo eyaziwa ngokuthi izincwadi ezisakazwa ngokukhululekile, kuhloselwe ukufeza lokhu.
Izimemezelo zokukhangisa zeqophelo eliphezulu zethelevishini yesimanje zehluke kakhulu ezimemezelweni ezazenziwa abamemezeli basobala baseGrisi yasendulo. Kodwa injongo yokukhangisa—ukuthonya abantu—ayikashintshi. Ukusungulwa kwendlela yokunyathelisa ngomshini obekwa izinhlamvu ezehlukile eyasungulwa uJohannes Gutenberg kwavula imibono emisha yokukhangisa emphakathini kangangokuba ngo-1758 isazi esiwungqondongqondo kwezezincwadi zesiNgisi uSamuel Johnson sathi ngayo: “Ukukhangisa sekukuningi kangangokuba akusahlolisiswa ngokucophelela, ngakho kuye kwadingeka ukuba kudonswe ukunaka ngesithembiso esihle ngokubabazekayo nangamazwi obuciko ngezinye izikhathi ashukumisayo ngezinye izikhathi athinte imizwelo.” Sasiyocabanga ukuthi uJohnson lamazwi uwabhale namuhla, ngo-1992.
Ukukhangisa kwanikezwa umfutho omusha inguquko yezezimboni. Imikhiqizo eminingi emisha ezayenza yaba khona yayidinga abathengi, manje ababengafinyelelwa ngenxanxathela yamaphephandaba nomagazini. Ngokuhamba kwesikhathi, umsakazo nethelevishini kwafinyelela izilaleli eziningi ngokwengeziwe. Ukukhangisa kwaba ibhizinisi ngokwakho. Izinhlangano zokukhangisa zakhiwa ngo-1812, ngesikhathi kuvulwa iReynell and Son eLondon.
Uma ukukhangisa kuqinisile, kusazisa ngemikhiqizo etholakalayo noma izinkonzo ukuze kwaneliswe izidingo ezifanelekile, kufeza injongo enhle. Nokho, akubi njalo lapho kweqa imingcele efanele, kusihehela ekubeni sithenge esingakudingi nasekungeneni ezikweletini eziwumthwalo ngenjongo yokuthola ukwaneliseka okusheshayo. “Kuyaheha, kunxenxe, kukubonise izizathu, kumemeze,” yileyondlela omunye umlobi akuchaza ngayo, enezela: “Sikuqaphela noma singakuqapheli, sonke kuyasithinta, ngokuqondile noma ngokungaqondile, ukukhangisa.”
Ngokuvamile abalindeleke ukuba babe abathengi baphambukiswa izici ezingadingekile neze. Abakhangisi basizakala ngemfanelo yokuzazisa; bazuza ngokuvusa imizwelo. Bangase banikeze amaqiniso angaphelele. Okubi nakakhulu, bangase bafihle izici ezimbi noma eziyingozi zomkhiqizo wabo, ngaleyondlela babonise ukuntula okungathi sína ukukhathalela inhlalakahle yabanye—konke lokho kwenzelwa injongo yokuncintisana okungokomnotho.
Ingabe Umncintiswano Ongokomnotho Udingekile?
Ungase ube nomuzwa, njengoba kunjalo ngabaningi, wokuthi ukuncintisana kudingekile ukuze kube nentuthuko. Futhi ngempela, manje ukuncintisana okungokomnotho okuthembekile kungase ngezindlela ezithile kuvikele umthengi. Kodwa incwadi yemfundo iPsychology and Life ingabaza ukuthi ukuncintisana “kuyimfanelo edingekile ebuntwini bomuntu,” ibuza: “Ingabe kufanele siphumelele emncintiswaneni ukuze sijabule?”
Nakuba iphawula ukuthi abantu abakhulele emphakathini oncintisanayo ngokusobala “bayasabela enseleleni yokuhlula omunye,” lencwadi igcizelela ukuthi ukuncintisana akuyona imfanelo esengqondweni esizalwa nayo. Empeleni, ekugcineni, ukuncintisana kuvimbela ukufinyelela umgomo ofiselekayo. Ukuhlola kwembula ukuthi “kwakha isimo sengqondo sokunqoba kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani lokho ngokuvamile okungaphumeli emsebenzini weqophelo eliphezulu.”
Ngokwesibonelo, ukuncintisana kungabanga ukwesaba ukwehluleka. Kodwa ukwesaba, kungakhathaliseki ukuthi kusesikoleni, endaweni yomsebenzi, noma kwenye indawo, akwenzi ngempela umuntu enze umsebenzi omuhle. Ngaphandle kwalokho, ukuncintisana kungaholela ekungathembekini noma ekukhohliseni. Abafundi abanomoya wokuncintisana kakhulu ngokuthola amamaki amahle bangase balahlekelwe umbono wenjongo yangempela yemfundo: ukubahlomisela ukuba babe amalungu omphakathi angcono nakhiqiza kakhulu.
Ngesikhathi sokubhalwa kwayo ngawo-1930, iPsychology and Life yacaphuna iSamoa njengesibonelo somphakathi ongenawo neze umoya wokuncintisana. “Abantu bayasebenza futhi bagcine imikhiqizo yomsebenzi wabo enqolobaneni eyodwa bonke abangathatha kuyo ngokwezidingo zabo,” iyachaza, yenezela: “Izazi zendabuko yabantu zibika ukuthi abantu abanjalo bajabula ngokugcwele njengabantu abakanye nabo abazenzela okwabo bodwa abakwezinye izingxenye zomhlaba.”
Ngaleyondlela, isimiso sezomnotho esivuzayo nesiphumelelayo akumelwe ngempela sisekelwe ekuncintisaneni. Usomabhizinisi ophambili uyavuma ukuthi nakuba ukuncintisana kungadingeka ukuze kushukumise abantu abaseyizimfunda, abantu abavuthiwe akumelwe babe nobunzima ekutholeni ugqozi emsebenzini ngokwawo. Injabulo itholakala ekufundeni, ekukwazini ukwakha izinto, ekwenzeni abanye bajabule, ekuthuthukiseni nasekusunguleni izinto ezintsha.
Khona-ke, ngokuqondakalayo, iseluleko esihlakaniphile seBhayibheli sithi: “Masingafuni udumo oluze, siqalana, sifelane umhawu.”—Galathiya 5:26; UmShumayeli 4:4.
Gqashuka Ukuze Wenze Okuthile Okungcono!
Kusobala ukuthi uSathane usebenzisa ezentengiselwano ezinobugovu njengethuluzi lokuphishekela izinhloso zakhe. Ngokwenza kube khona izinkinga ezingokomnotho, usilawula ngisho nakakhulu isintu. Ukukhathazeka ngokwanelisa ukuhaha okungokwezinto ezibonakalayo kucinanisa ukwaneliswa kwezidingo ezibalulekile ezingokomoya. Umqondo wokuthi izimpahla ezisetshenziswa abathengi zenzelwe ukuba zisetshenziswe bese zilahlwa ogqugquzelwa ezentengiselwano unemiphumela emibi endaweni ezungezile. Isimo sengqondo sokuba nakho konke manje siqeda ukwaneliseka kanye nenjabulo. Empeleni, izithakazelo ezifanelekile ezingokomnotho, lapho zingalawula izimiso zaphezulu, ngokuhamba kwesikhathi ziyokonakala zibe ukuzikhathalela komuntu siqu, bese kuphenduka kube ubugovu.
Nokho, ubugovu kanye nokuzikhathalela okweqile kuyizinhlobo zokukhulekela izithombe, okungamjabulisi uNkulunkulu. (Kolose 3:5) Abantu abavumela ukuba ubuntu babo bulolongwe kabi ezentengiselwano, banjengabasekeli benkolo yamanga kanye nabokubusa komuntu, abahamba endaweni eyingozi. Basengozini yokuba izisulu zokungabi nokuvunyelwa kwaphezulu. UJesu waxwayisa: “Xwayani ukuba izinhliziyo zenu zingasindwa ngukuminza nokudakwa nokunaka okwalokhukuphila [kuhlanganise nezinkinga zezomnotho], lunizume lolosuku [lwesahlulelo sikaJehova] ningazelele.”—Luka 21:34.
Labo ababa amaKristu kufanele bagqashule ekulawulweni ilezimiso ezingaphelele zezomnotho ngokulahla umoya eziwugqugquzelayo nangokuyeka imigomo yezomnotho yobugovu. Ubuntu kufanele bulolongwe uMdali ongumninimandla onke, hhayi ithonya elinamandla amakhulu lemali. Kumelwe ngazo zonke izikhathi kulwelwe ukwethembeka. Umuntu kufanele athole ukwaneliseka kulokho anakho, hhayi ekufuneni okwengeziwe njalo.—Efesu 5:5; 1 Thimothewu 6:6-11; Heberu 13:18.
Ukuze ahlele kahle izinto eziza kuqala, amaKristu kufanele njalo ngezikhathi ezithile ahlole imigomo yawo ekuphileni. (Filipi 1:9, 10) Lokhu kubonakala ekukhetheni kwawo umsebenzi kanye nemfundo yabantwana bawo. Akhumbula njalo ukuthi “konke okusezweni, inkanuko yenyama, nenkanuko yamehlo, nokuzigabisa ngalokhukuphila, akuveli kuYise, kodwa kuvela ezweni. Izwe liyadlula kanye nenkanuko yalo; kepha owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube-phakade.” Njalo azikhumbuza ukuthi lapho izwe lidlula, ezentengiselwano zezwe ziyobhekana ‘neNhlekelele YaseWall Street’ leyo lona kanye nabasekeli balo abangeke basimame kuyo.—1 Johane 2:16, 17.
[Ibhokisi ekhasini 14]
Ngeke Zibe Khona Izinkinga Zezomnotho Ngaphansi KoMbuso KaNkulunkulu
Ngeke abe khona amanani amba eqolo ngenxa yokuswelakala kokudla: “Umhlaba uthelile izithelo zawo; uNkulunkulu, uNkulunkulu wethu, uyasibusisa.” “Kuyakuba-khona inala kakolweni ezweni esiqongweni sezintaba.”—IHubo 67:6; 72:16.
Ngeke zibe khona izikweletu ezingakhokhiwe zikadokotela: “Abakhé khona abayikusho ukuthi: Ngiyagula.” “Khona amehlo ezimpumputhe ayakuvulwa, zivuleke nezindlebe zezithulu. Khona unyonga luyakutshekula njengendluzele, nolimi lwesimungulu luyakuhuba.”—Isaya 33:24; 35:5, 6.
Ngeke kube khona ukukhokhwa kwezintela zezindlu noma imali ebolekiwe okumba eqolo: “Bayakwakha izindlu, bahlale kuzo; bayakutshala izivini, badle izithelo zazo. Abayikwakha, kuhlale omunye; abayikutshala, kudle omunye.”—Isaya 65:21, 22.
Ngeke kube khona ukuhlukanisa ngokwezigaba ezicebile nezimpofu: “Uyakwahlulela phakathi kwezizwe eziningi, anqume phakathi kwezizwe ezinamandla ezikude; . . . Bayakuhlala, kube-yilowo nalowo phansi komvini wakhe naphansi komkhiwane wakhe; akakho oyakubesabisa.”—Mika 4:3, 4.
Ngeke zisaba khona izidingo ezingagcwalisiwe zanoma iluphi uhlobo: “Kepha abafuna uJehova abayikuswela lutho oluhle.” “Uyavula isandla sakho, usuthise ukufisa kwakho konke okuphilayo.”—IHubo 34:10; 145:16.
[Isithombe ekhasini 15]
Ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu izinkinga zezomnotho ziyophela ekugcineni