Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g92 3/8 k. 21-k. 24 isig. 1
  • Ingxenye 5—Amabhizinisi Amakhulu Aqinisa Ukulawula Kwawo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingxenye 5—Amabhizinisi Amakhulu Aqinisa Ukulawula Kwawo
  • I-Phaphama!—1992
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imiphumela Yokuncintisana Okunonya
  • Amandla Akhohlisayo Emali
  • Ingabe Uyafuna Ukuba Amabhizinisi Amakhulu Akulolonge?
  • Ingxenye 6—Izinkinga Zezomnotho Ziyophela Nini?
    I-Phaphama!—1992
  • Ingxenye 1b—Kungani Kufanele Sihlole Umkhakha Wezentengiselwano?
    I-Phaphama!—1992
  • Ingxenye 1a—Ukulawulwa Izinkinga Zemali
    I-Phaphama!—1992
  • Ingxenye 3—Ezentengiselwano Ezinobugovu Ziziveza Lokho Eziyikho Ngempela
    I-Phaphama!—1992
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1992
g92 3/8 k. 21-k. 24 isig. 1

Ukuphakama Nokuwa Kwezentengiselwano Zomhlaba

Ingxenye 5—Amabhizinisi Amakhulu Aqinisa Ukulawula Kwawo

IMPI Yezwe I yayingakapheli lapho isimo esibucayi somnotho waseYurophu silandelwa enye inkinga. Ngasekupheleni kukaOctober 1929, kwagadla inhlekelele. Imakethe yamasheya yaseNew York yawa ngokuzumayo. Abantu batatazela. Ngokushesha ngemva kwalokho amakhulu amabhange awa. Izinkulungwane zabantu zalahlekelwa izigidi zamaRandi, abanye babo bazibulala ngokuziphonsa phansi besuka phezulu ezakhiweni eziphakeme.

UKucindezeleka Okukhulu Kwezomnotho kwaqumba wonke umhlaba enhlekeleleni engokomnotho, futhi kwabhebhethela izimo ezabangela iMpi Yezwe II, kamuva eyabangela inhlekelele engokwezombangazwe. Uprofesa wezomlando uRené Albrecht-Carrié wachaza iminyaka yawo-1930 ngokuthi “yayiphawulwa izikhawu zezinhlekelele, ezazenzeka ngemuva kwezinhlekelele ezingokomnotho.”

Ngaleyondlela, eminyakeni engaphansi kwengu-20 ngemva kuka-1914, kwakusobala kakhulu ukuthi izimiso zezomnotho zomhlaba zazingenakubhekana nemisebenzi yekhulu elisha leminyaka. Lokhu kuyaphawuleka, njengoba ngokokubala izikhathi kweBhayibheli nesiprofetho saphezulu, ukuvumela kukaNkulunkulu ukubusa komuntu okungenamingcele kwaphela ngo-1914. Ngalowonyaka oyingqophamlando, uNkulunkulu wamisa uMbuso wasezulwini owawuzokwenza ukuba khona kwawo okungabonakali kwaziwe ngezenzakalo ezibonakalayo. Obunye balobufakazi buphawulwe kuMathewu isahluko 24, uLuka isahluko 21, kanye nakusAmbulo isahluko 6, okuyizahluko esikukhuthaza ukuba uzifunde.

Obunye ubufakazi obuvelele bokuthi uMbuso usumisiwe wukuthi umhlaba wonakaliswa ngokuqhubekayo izakhamuzi zawo. (IsAmbulo 11:18) Njengoba sibhekene nokungcoliswa kwembulunga yonke, ukonakala kogqinsi lweozone oluyisivikelo oluzungeze umhlaba, kanye nenhlekelele yendawo ezungezile engase yenzeke ebangelwa ukushisa okubabazekayo, sinesizathu esanele sokuphetha ngokuthi lesiprofetho manje siyagcwaliseka.

Amabhizinisi Amakhulu—Awumngcolisi Omkhulu?

Inguquko yezezimboni yabeka isisekelo sohlobo olungavamile lwentuthuko—intuthuko eyenza kube lula, kusheshe, futhi kungabizi kakhulu ukunikeza abantu izinto abazifunayo nabazidingayo kodwa lezo ngesikhathi esifanayo ezibangela imvula eneasidi, ezibangela ukuchitheka kwamakhemikhali, futhi zonakalise amahlathi emvula omhlaba; intuthuko eyenza ukuba izivakashi ezibuka izwe zihambe ngendiza ziye kwenye ingxenye yomhlaba ukuze zingcolise amabhishi ake ahlanzeka futhi zonakalise indawo yemvelo; intuthuko esisongela ngokufa ngaphambi kwesikhathi ngokungcolisa umoya wethu, ukudla, kanye namanzi.

Ngaphandle kokwakha ubuchwepheshe obuye baphumela ekonakalisweni komhlaba, amabhizinisi amakhulu aye futhi aveza isisusa sokwenza lokho. Njengoba umagazini iTime waphawula, “sekuyisikhathi eside ukuxhamazela kwamabhizinisi kokuphishekela izinzuzo kuwumthombo oyinhloko wokungcola.” Isikhulu sezokulondolozwa kwamahlathi seUN sicashunwa sithi “ukugawulwa [kwamahlathi emvula] kwezentengiselwano okungekho emthethweni kunomsuka wobugovu.”

Izimiso ezingezona ezokuzisebenzela nazo zinecala ngendlela efanayo. Intatheli yezindaba uRichard Hornik yabhala ngo-1987 ukuthi “cishe amashumi amathathu eminyaka yokubusa kobuKhomanisi, uPeking wagcizelela ukuthi kwakungenakwenzeka ngezimiso zokuthuthukisa ukuba zibangele ukuwohloka kwendawo ezungezile.” Kodwa manje isikhathi sokubhekana nemiphumela sase sifikile, futhi ngisho neShayina yayifunda “ngezindleko zokonakaliswa kwendawo ezungezile ezibangelwa intuthuko yezomnotho.”

Enye intatheli yabiza imiphumela eyonakalisayo yokungcola phakathi neminyaka engu-40 yencithakalo eMpumalanga Yurophu ngokuthi “imfihlo engcole kakhulu yobukhomanisi.” Kumanje kuphela lapho ubungako bomonakalo buba sobala, okwenza iBitterfeld, engamakhilomitha angu-50 ukuyela ngasenyakatho yeLeipzig, ibe nokuvelela okungabazekayo kokuba ngokunokwenzeka ibe idolobha elingcoliswe kakhulu esifundeni cishe esingase singcole kakhulu emhlabeni.

Imiphumela Yokuncintisana Okunonya

Ngisho nanjengoba nje izenzo zethu nokusabela kwethu okuningi kulolongwa ikakhulu inkolo kanye nezombangazwe, kanjalo futhi ngezinga elikhulu sithonywa amabhizinisi amakhulu. Eqinisweni, ithonya elinamandla analo esintwini mhlawumbe lingabonakala kangcono kakhulu ngendlela elilolonga ngayo ubuntu babantu.

Sona kanye isisekelo ezentengiselwano zomhlaba zesimiso sokuzisebenzela esakhelwe kuso, umoya wokuncintisana konya, sitholakala kuyo yonke indawo—esikoleni, emsebenzini, emkhakheni wokuzijabula kanye nezemidlalo, futhi ngezinye izikhathi ngisho nasemkhayeni. Intsha ifundiswa isengabantwana ukuba incintisane, ukuba ibe ngengcono kakhulu, ibe ngungqá phambili. Ukuba phambili ngokomnotho kubhekwa njengokubaluleke kunakho konke, futhi imbalwa imingcele ebekelwa indlela lokhu okwenziwa ngayo. Ngenxa yempumelelo, amadoda nabesifazane bakhuthazwa ukuba babe ngabazibekela imigomo yokuphumelela, baze ngisho babe nobudlova uma kudingekile.

Abantu abanamabhizinisi baqeqeshelwa ukuba babe nobungane nomusa. Kodwa ingabe ngaso sonke isikhathi lezimfanelo zibonisa ubuntu babo bangempela, noma zimane nje zibonisa ubuzenzisi ababusebenzisa lapho befeza indima ethile? Ngo-1911, uEdgar Watson Howe, intatheli yaseMelika, wanikeza lesiseluleko: “Lapho umuntu ezama ukukudayisela okuthile, ungacabangi ukuthi uhlala enomusa kanjalo.”

Ukuncintisana kubangela imizwa yokuhaha, umona, nobugovu. Abantu abaphuma phambili bangase baqale ukuzicabangela njengabaphakeme, kubenze baziphakamise futhi bakhukhumale. Ngakolunye uhlangothi, abantu abahlale behluleka bangase bahlushwe ukuzenyeza, kubangele ukuphelelwa ithemba. Bebhekene nokucindezela kokuncintisana abangenakukwazi ukubhekana nakho, bangase bakhethe ukuyeka, okuyisimo sengqondo esisizayo ekuqondeni isizathu segagasi lokuzibulala phakathi kwentsha yakwamanye amazwe.

Ngokwehluleka ukunikeza ngokulinganayo wonke umuntu izidingo zokuphila, kolunye uhlangothi izimiso zezomnotho ezingaphumeleli zingasonta ubuntu bube obungabongi, obunobugovu, kanye nobungenaluzwela, noma bube nenzondo, ukuzidabukela, kanye nokwakha amasu ngakolunye. Futhi ngokuphakamisa imali kanye nezinto ezibonakalayo kube sesikhundleni sobuNkulunkulu, ezentengiselwano kalula nje zingaphuca abantu ingokomoya labo.

Amandla Akhohlisayo Emali

Lapho imali iqala ukusetshenziswa emphakathini, yaqala ukungena kuyo yonke imiphakathi yabantu futhi, ngaleyondlela yalawula ubuhlobo babantu. Isimiso samanani entengo senza izimpahla kanye nezinkonzo zaba namanani emali. Ngokushesha yonke into kwakhulunywa ngayo ngokwemali, yaba indinganiso yonke okungabonwa ngayo ukubaluleka kwayo yonke into. Nokho, lokhu kwafihla iqiniso ingoma eliveza kahle, lokuthi “izinto ezingcono kakhulu ekuphileni zingezamahhala.”

Ngisho nabantu baqala ukukalwa ngemali, bahlulelwa ngokuyinhloko ngesisekelo semali abayiholayo noma izinto abanazo. Intatheli uMax Lerner wakuqaphela lokhu ngo-1949, lapho ebhala: “Empucukweni yethu senza abantu abayizinkinsela zemali babe amaqhawe ethu, futhi asilaleli nje kuphela lokho abakushoyo emkhakheni wabo wokuncintisana, kodwa silalela ukuhlakanipha kwabo kunoma iyiphi inkinga emhlabeni.” Muva nje umcosheli wezindaba wazwakalisa ukungabaza ngombono onamandla kamongameli waseU.S. wokuthi ingcebo iyindlela yokubona ukubaluleka komuntu. Lomcosheli wezindaba wakubona “kuwukunikeza imigomo yezinto ezibonakalayo ukubaluleka okungadingekile okuye kwenza iminyaka yawo-1980 yaba ‘ishumi leminyaka lokuba nezinto zakho,’ isikhathi lapho waziwa futhi wahlulelwe ngokwalokho onakho.”

Ukugcizelela ngokweqile imali kanye nezinto engazithenga kuthambekele ekwehliseni ukubaluleka kobuhlobo babantu. Insizwa yaseBangladesh, ngemva kokuthuthela eYurophu enesimiso sokuzisebenzela, yaveza iphuzu elibaluleke ngempela lapho iphawula: “Abantu lapha banesithakazelo esikhulu ezintweni; ekhaya sinesithakazelo kakhulu kubantu.”

Isimo sengqondo esigxile emalini siyalehlisa futhi izinga lomsebenzi, siwenze ube indlela nje yokufinyelela into efiselekayo, ube umthwalo ungabe usaba injabulo. Umuntu uyasebenza, hhayi ukuze athole injabulo yokufeza okuthile noma injabulo yokupha abanye izinto abazidingayo, kodwa ukuze nje athole imali. Lesimo sengqondo empeleni siphuca umuntu injabulo ngenxa yokuthi “kubusisekile ukupha kunokwamukela.”—IzEnzo 20:35.

Ingabe Uyafuna Ukuba Amabhizinisi Amakhulu Akulolonge?

Intuthuko engokwesayensi neyezobuchwepheshe eyenziwa ibe nokwenzeka ngokutholwa kanye nokusetshenziswa kwemithetho yemvelo eyasungulwa uNkulunkulu ngokuvamile iye yaba inzuzo enkulu esintwini. Ngokwesibonelo, oFakazi BakaJehova babonga kakhulu ngezindlela ezithuthukisiwe zesimanje zokunyathelisa nangezinto zokuhamba nezokuxhumana ezibavumela ukuba bafeze ukuthunywa kwabo kokushumayela ngendlela ebingenakwenzeka ngenye indlela.—Mathewu 24:14.

Nakuba kunjalo, akunakuphikwa ukuthi ukukwazi ukwenza okuhle okuvezwa yilentuthuko kuye koniwa kakhulu abantu abaye bavumela ukuba ubuntu babo bulolongwe inkolo yamanga ngendlela engeyona eyokwesaba uNkulunkulu, ezombangazwe ezonakele, kanye nezimiso zezomnotho ezingaphalele.

Ingabe uyafuna ukuba ukwazi kwakho ukwenza okuhle kwenziwe kube yize ubuntu obulolongwe kabi—bakho siqu? Ingabe uzovumela ezentengiselwano ezinobugovu zinqume izindinganiso zakho ngokwesisekelo semali? uzozivumela ukuba zibangele uthando lwemali kanye nezinto ezibonakalayo lube ngolubaluleke kakhulu ekuphileni kwakho ngaphezu kobuhlobo babantu? uzivumele ukuba zikwephuce ingokomoya lakho?

Njengoba ezentengiselwano ziya ziqinisa ukuxhakathisa kwazo esintwini kusukela ngo-1914, ingabe ikhona indlela yokuzivimbela ukuba zingabulolongi ubuntu bethu? Yebo, ikhona! Kanye nokusibonisa ukuthi iyiphi lendlela, isihloko sokugcina kuloluchungechunge sizochaza indlela esingaphila ngayo ukuze sibone usuku lapho isintu siyokwazi khona ukuba sisho ngomuzwa wokukhululeka sithi: “Izinkinga Zemali—Ziphelile Ekugcineni!”

[Ibhokisi ekhasini 24]

Amabhizinisi Amakhulu Ayasiza Ekuchazeni “Izinsuku Zokugcina”

Ngokulolonga ubuntu, amabhizinisi amakhulu asiza ekunikezeni ubufakazi ‘bezinsuku zokugcina’ njengoba butholakala kweyesi-2 Thimothewu 3:1-4: Kepha yazi lokhu ukuthi ezinsukwini zokugcina kuzakuvela izikhathi ezinzima [kuhlanganise nobunzima bokubhekana nezinkathazo ezingokomnotho] ngokuba abantu bazakuba . . . Ngabazithandayo: Abantu abathanda izinto ezibonakalayo banobugovu, okuyisimo esikhuthazwa izimemezelo zokukhangisa zezentengiselwano, ezithi: ‘Ufanelwe okungcono kakhulu. Zijabulise. Funa izithakazelo zakho kuqala’

Nabathandimali: Umuntu wamahlaya waseMelika uMark Twain wake wathi: “Abanye abantu bakhulekela isikhundla esiphakeme, abanye bakhulekela amaqhawe, abanye bakhulekela amandla, abanye bakhulekela uNkulunkulu, . . . kodwa bonke bakhulekela imali”

Nabazigabisayo, nabazidlayo: Isazi sezombangazwe saseJalimane sakhuluma ngezimboni zamakhemikhali ezidebeselayo ezacelwa ukuba ziyeke ukungcolisa: “Ngithola isimo sengqondo esiyinhloko sisibi kakhulu. Siwukuqhosha ngamandla”

Nabangabongiyo, nabahlazisayo: Umlobi oyiNgisi uThomas Fuller wathi, “Ingcebo iyanda kunokuba yanelise ukuhaha” futhi, “Ezohwebo kanye nezentengiselwano ngokuvamile zikhohlisa ngemvume”

Nabangenaluthando: Izimboni ezidayisela amazwe asathuthuka imikhiqizo engekho emthethweni kwezinye izindawo noma ezakha izimboni eziyingozi emazweni anemithetho engaqinile kakhulu ngenjongo yokuthola inzalo azikubonisi ukukhathalela ukuphila kwabanye

Nabangenakho ukuvumelana (NW), nabahlebi: Isazi sezomnotho uAdam Smith sathi “ezomnotho, obekufanele ukuba phakathi kwezizwe, naphakathi kwabantu ngabanye ngabe ziyisibopho sobunye nobungane, ziye zaba umthombo ovunde kakhulu wokungezwani nenzondo”

Nabangazithibi, nabangenabumnene: Ukuthenga ngokweqile ngesikweletu esikhokhwa kancane kancane, ukuthenga ngokuthatheka ngekhadi lokuthenga (credit card), kanye nomqondo “wokuthenga manje, ukhokhe kamuva,” ogqugquzelwa ezentengiselwano ngokwenzuzo yazo, kusebenzisa kabi ukuzithiba; okunye ukuphishekela kwezentengiselwano kuxhaphaza ubuthakathaka bomuntu futhi kwenze indathane yemali ngezidakamizwa, ukuziphatha okubi kobulili, kanye nokugembula

Nabangathandi okuhle, nabakhapheli: Iphephandaba iGerman Tribune lithi: “Lapho kunezindleko ezinkulu zokubhekana nokungcola kwendawo ezungezile, ngezinye izikhathi izindinganiso zokuziphatha ziba phansi kakhulu.” Abantu abangenazo izindinganiso zokuziphatha bakuthola kulula ukukhohlisa abanye ngenjongo yokuzizuzisa bona

Nabanenkani (NW): Amaqembu anamandla, njengabakhangisi bezibhamu nogwayi, ngenkani achitha imali eningi ezama ukukhipha izinkambiso zezombangazwe ukuze aqikelele ukuthi imikhiqizo yawo idayiswa kakhulu, ngisho nakuba ifaka ukulondeka kwempilo nokomphakathi engozini

Nabakhukhumele: Izinto esinazo akumelwe zisenze siziphakamise, naphezu kwalokho okushiwo yilabo abathanda izinto ezibonakalayo. Umqambi wezinganekwane ongumGreki uAesop wathi: “Ukubukisa kwangaphandle kuyindlela embi ethatha ukubaluleka kwangaphakathi”

Nabathanda injabulo kunokuthanda uNkulunkulu: Ukuzijabulisa kwezentengiselwano kugcizelela izinjabulo kuminyanise ingokomoya futhi kuye kwakha isizukulwane sabantu abayimilutha yokufuna injabulo

[Isithombe ekhasini 23]

Amabhizinisi amakhulu aye aba nesandla ekwenzeni ukuba iYurophu ibe cishe izwekazi elingcole kakhulu emhlabeni

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela