Izithuthuthu—Ziyingozi Kangakanani?
Ngumlobeli wePhaphama! eJapane
ISITHUTHUTHU esincane sikaSusumu sasizihambela kahle lapho ngokungazelele ebona imoto inqamula uhlangothi lomgwaqo ayehamba kulo. Okulandelayo akubona kwakuwuphahla lwendlu njengoba ayentshingeka emoyeni. Wawa ngekhanda nehlombe. Ukufohloka phakathi nendawo kwesigqoko sakhe sokuvikela ikhanda kwabonisa ubukhulu bengozi. Wasinda kuleyongozi, kodwa umlenze wakhe wawephukile wagobeka wamisa okohlamvu u-U.
Ingozi kaSusumu ayiyona eyingqayizivele. IGlobe and Mail yaseCanada ibika ukuthi phakathi nonyaka owodwa abantu baseMelika abangu-166 000 balaliswa esibhedlela ngemva kwezingozi zezithuthuthu. “Kulabo, abangu-4 700 bafa. Abaningi abanye bakhubazeka unomphela.” ECanada, kusho umthombo ofanayo, izingozi zezithuthuthu zaphindeka kabili esikhathini esiyiminyaka eyishumi. Futhi eJapane abagibeli bezithuthuthu abangu-2 575 balahlekelwa ukuphila kwabo ngo-1989. Kulaba, ngaphandle kwabagibeli bezithuthuthu ezincane, abangaphezu kwamaphesenti angu 70 kwakuyintsha ephakathi kweminyaka engu-16 nengu-24.
Lezibalo ziqhathaniseka kanjani nezibalo zezingozi zezimoto? Izinkampani zomshuwalense zithi kwamanye amazwe, ebangeni elifanayo elihanjiwe, izinga lokufa kwabagibeli bezithuthuthu cishe liphakeme ngokuphindwe kasishiyagalolunye kunelabantu abagibele imoto. Yini ebangela lelinani eliphakeme lokufa? IConsumer Reports inikeza izizathu ezintathu: (1) Kunzima ukubona isithuthuthu kunemoto. (2) Isithuthuthu sinikeza ukuvikeleka okuncane noma singakunikezi kwanhlobo kumgibeli waso. (3) Ukuqhuba isithuthuthu kudinga ikhono—uma sishelela, ngokuvamile siyabulala. Akumangalisi ukuthi abantu abaningi banomuzwa wokuthi izithuthuthu ziyingozi. Abanye abavumi. Bathi ukugibela isithuthuthu kunezinzuzo. Ucabangani wena?
Yiqiniso, njengendlela engabizi yokuthutha, isithuthuthu asedlulwa yilutho. Ukonga uphethiloli kuyisici saso esivelele. Ngesithuthuthu esinobukhulu obulingene, kusho iConsumer Reports, ungahamba amakhilomitha angu-25 kuya ku-30 ngelitha elilodwa likaphethiloli. Ngaphezu kwalokho, sinamathayi amabili kuphela. Ezinye izinzuzo yilezi: kulula ukusishayela, azikho izinkinga zokupaka, futhi intengo yaso incane kakhulu kuneyemoto. Kodwa ngisho nabathile abangase bakwazi ukuyithenga imoto ebizayo basakhetha isithuthuthu. Kungani?
Okuheha Ngokuyinhloko
Abaningi babathandi bezithuthuthu bayavuma ukuthi okuheha ngokuyinhloko ngezithuthuthu injabulo oyithola ngokusigibela. “Kungase kube umsindo wazo,” kusho omunye umshisekeli wezithuthuthu. Ukubhodla kwetwin yaseNgilandi, ukuklabalasa kwemulti-two-stroke yaseJapane, ukundonda kwemulticylinder four-stroke—konke kunjengomculo ezindlebeni zabathandi bezithuthuthu.
Kwabanye abagibeli bezithuthuthu, kungumqondo wenkululeko nomuzwa wokulawula. Omunye uthi: ‘Kuyajabulisa ukuzwa lowomshini ngaphansi kwakho, ukwazi ukuthi uzosabela kunoma yisiphi isifiso sakho noma ukuqondisa, ukwencika emajikeni nokwazi ukuthi uyokufikisa ngokwethembeka lapho uya khona.’ Lenhlanganisela yomsindo, ijubane, nenkululeko ingase ikuhehe nawe. Kodwa kunengozi. Lenjabulo ingase ibe isejwayezi.
Intsha ngokukhethekile isengozini. “Uzizwa ushaywa uvalo lapho ubona ijika elibuya eduze,” kusho owayeyilungu leqembu lezithuthuthu, “kodwa injabulo yokudlula kulelojika ngesivinini ngaphandle kokushelela ikwenza ujabule ngokwengeziwe. Ngangivame ukufuna amajika abuya eduze ngisho nangokwengeziwe futhi ngiwathathe ngesivinini esikhulu.” UYoshio, owayesanganiswa izithuthuthu, uthi: “Ngangivame ukuhamba lina noma libalele, ngoba kwakunginikeza umuzwa wenjabulo. Kimi kwakufana nesidakamizwa.” Futhi uSusumu, okukhulunywe ngaye ngaphambili, uthi: “Ngangingenandaba nokuthi sizongibulala noma cha—kwakumelwe ngisigibele.” Ngakho ngisho nangaphambi kokuba ukhonkolo ukhishwe emlenzeni wakhe ophukile, wayesesigibela futhi. Uyavuma: “Ngangiwumlutha.”
‘Ingabe Kufanele Ngisigibele Isithuthuthu?’
Ngakho qhathanisa lezizici ezihehayo nokuphepha lapho ucabangela ukugibela isithuthuthu. Futhi uma ungumKristu okwazisayo ukuba nonembeza ohlanzekile futhi ohlonipha iBhayibheli, kunemibhalo ethile futhi oyofuna ukuyicabangela.
IzAga 6:16, 17, ngokwesibonelo, zinikeza uhlu lwezinto eziyisikhombisa eziyisinengiso kuJehova. Enye yazo ‘izandla ezichitha igazi elingenacala.’ Umthetho owanikezwa isizwe sakwaIsrayeli wasendulo usitshela okwengeziwe ngombono kaJehova ngokuchitha igazi elingenacala. Lomthetho uthi: “Uma inkabi ibizingé ihlaba nangaphambili, futhi lokhu kufakaziwe kumniniyo, engayigcinanga kodwa, inkabi isibulele owesilisa noma owesifazane, leyonkabi yokhandwa, abulawe nomniniyo.” (Eksodusi 21:29) Ngamanye amazwi, siyolandisa ngezinto esinazo.
Ngakho uma ucabangela ukuba nesithuthuthu, uyosiphatha kanjani futhi nhloboni oyoyikhetha? Esinye sezithuthuthu ezinamandla, ezingaba yingozi ezenzelwe ukuhamba ngesivinini esiphakeme futhi kaningi ezihileleka ezingozini ezibulalayo? Uma kunjalo, ingabe uyokhululeka ecaleni legazi uma uhileleka engozini? Ngisho nakuba ungaze ungabalimazi abanye, kuthiwani ngokuphila kwakho siqu? Ingabe ubuyobonisa inhlonipho ngesipho sokuphila uma uhamba ngejubane emajikeni ayingozi ngenxa nje yenjabulo okuyilethayo?
Lesimiso siyasebenza nasendleleni onakekela ngayo isithuthuthu sakho uma unaso noma usithola. Kungashiwo ukuthi isithuthuthu sakho singaba ‘njengenkabi ehlabayo,’ uma ungagcini amabhuleki esesimweni esihle. Ngaphezu kwalokho, isikhathi ngasinye ngaphambi kokugibela isithuthuthu, kufanele uhlole iketango nenjini. Kodwa kuthiwani ngokucunula omakhelwane ngokushayela ngokunganaki nomsindo?
Yiqiniso, uma ungumshisekeli wezithuthuthu, ungase uwuthande umsindo wenjini yesithuthuthu, kodwa akuwona wonke umuntu onaleyomizwa. Eqinisweni, kwabanye abantu lomsindo uyakhungathekisa kangangokuthi baye baziwa njengabasabela ngobudlova. Indoda ethile enolaka eJapane, kubika iphephandaba iNara Shimbun, yaphonsa isiphumpu sepulangwe esithuthuthwini esasidlula. Umgibeli waso, oyilungu leqembu lezithuthuthu oneminyaka engu-16 ubudala, wafa. Enye indoda, kwaphawula iphephandaba iAsahi Shimbun, yadonsa intambo yanqamula indlela evame ukuhanjwa amaqembu ezithuthuthu. Intambo yagila intamo yomgibeli webhayisikili osemusha, yamklinya wafa. Futhi lapho leliphephandaba limema abafundi ukuba basho indlela abazizwa ngayo ngomsindo wezithuthuthu, abanye abafundi bavumelana nalabo ababethathe lezozinyathelo ngokumelene nabagibeli bezithuthuthu.
Yebo, iBhayibheli liyazilahla izenzo zobudlova ezinjalo. Kodwa ngakolunye uhlangothi, abagibeli bezithuthuthu akufanele bacasule abanye ngokunqamula phakathi kwezindawo ezinemizi ngezithuthuthu ezingenazo izinciphisa-msindo, njengoba amaqembu ezithuthuthu enza ngezinye izikhathi. Ngaphezu kwalokho, kufanele sifune ukuphila ngokuvumelana nomyalo uJesu Kristu awunikeza abalandeli bakhe: “Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.”—Mathewu 22:39.
Umqondo Ohluzekile
Ingabe lokhu kusho ukuthi akufanele ugibele isithuthuthu? Cha, kodwa umqondo ohluzekile uyadingeka. Kubantu abaningi isithuthuthu siyindlela elula, efanelekile, nejabulisayo yokuya ezindaweni ezihlukahlukene. Nokho, kwamanye amazwe abantu basebenzisa izithuthuthu kakhulu ukuze bazilibazise. Lokho kungaba ngokujabulisayo, kodwa qaphela. Ungavumeli inkanuko yejubane namandla kunqobe ukwahlulela kwakho okuhle.
Abanye ababephilela nje kuphela izithuthuthu zabo baye benza ushintsho. Manje bagxilisa ukuphila kwabo ekuthokoziseni uNkulunkulu. UYoshio, ngokwesibonelo, wayegibela izithuthuthu ezinamandla. Namuhla uthi: “Lapho ngizigibela ngenxa yenjabulo, ngangizithokozisa mina kuphela. Manje, nginenjabulo yokupha ngokusebenza njengesikhonzi esingumKristu.” Njengoba ayazi ukuthi akanakukwazi ukuzithiba lapho nje egibela isithuthuthu, uYoshio akazange azivuselele izincwadi zakhe zokushayela.
Owayeyilungu leqembu lezithuthuthu eHokkaido, eJapane, uyakhumbula: “Ngangigibela isithuthuthu ukuze ngibukise. Ngangihileleke ekusebenziseni izidakamizwa njengomphumela wabangane ababi namalungu eqembu lezithuthuthu.” Kodwa waqala ukucabanga ngekusasa. Wabuka phakathi kwamaqembu ahlukahlukene enkolo futhi ekugcineni wathola iqiniso ngokufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova.
Futhi kuthiwani ngoSusumu? Ngaye, ukugibela isithuthuthu akuseyona into agxilise ukuphila kwakhe kuyo. USusumu, kanye nabashisekeli bezithuthuthu okukhulunywe ngabo ngenhla, manje bakhonza njengezikhonzi zesikhathi esigcwele ezingamaKristu. Omunye wabo washintshisa isithuthuthu sakhe esikhulu ngesincane futhi usisebenzisela ukusakaza iqiniso leBhayibheli kwabanye.
Yebo, isithuthuthu singaba yindlela elula yokuhamba, kodwa kumelwe ngazo zonke izikhathi sisetshenziswe ngokunakekela nangokuhlonipha imizwa yabanye.
[Ibhokisi ekhasini 12]
AMACEBISO OKUPHEPHA KULABO ABAZIGIBELAYO IZITHUTHUTHU
▪ Shayela Ngokunakekela Okukhulu:
Ukuqondisa, ukungeza ijubane, nokubamba amabhuleki kudinga ikhono nezinga eliphakeme lokuvumelanisa izinto.
▪ Gwema Ukuhamba Phakathi Nomgwaqo: Yilapho izinto eziphukile namathonsi amafutha okuphuma ezimotweni kutholakala khona.
▪ Yembatha Izingubo Ezifanelekile:
Qiniseka ukuthi ufaka isigqoko sokuvikela ikhanda. Amagilavu, ibhantshi, namabhuthi nakho kuyovikela.
▪ Shayela Ngaso Sonke Isikhathi Isibani Sikhanya: Uma kuvunyelwa imithetho yomgwaqo ezweni lakini, kwenze lokhu ngisho nasemini. Kuyokwenza ubonakale kalula kwabanye abahamba ngezimoto.
▪ Faka Ibhande Elibenyezelayo Esigqokweni Sakho: Lokhu kukwenza ubonakale ngokwengeziwe ebusuku.
▪ Shayela Ngokuphepha: Ungalindeli ukuthi abashayeli bezimoto baqhelele wena.
▪ Ungasigibeli Isithuthuthu Lapho Ungaphansi Kwethonya Lotshwala Noma Izidakamizwa
▪ Khetha Isithuthuthu Oyokwazi Ukusiphatha