Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Ukuphazamiseka Kwemikhuba Yokudla Yeka ukuthi ngifisa kanjani sengathi ngabe eminyakeni eminingi edlule umkhaya wami wafunda esithi “Ukusiza Labo Abanokuphazamiseka Kwemikhuba Yokudla”. (February 22, 1992) Bengihlushwa ianorexia iminyaka engu-35, kusukela ngineminyaka engu-9. Lesihloko saxoxa ngokuqondile nangamafuphi ngezinto ezibaluleke kakhulu. Ngempela, nithinte izinto abathandekayo bami abafinyelele ekuziqondeni kuphela ngemva kweminyaka eminingi yokwelulekwa! Ngiyazi ukuthi lesihloko siyobasiza abangane abaningi nemikhaya ekhathazekile yalabo abaphethwe yilesifo.
C. S., United States
Izingane Ezingakazalwa Sekuyiminyaka eminingi manje ngijabulela izihloko zenu zesayensi nemvelo. Ngathola isihloko esithi “Ukufunda Kuqala Esibelethweni” sithakazelisa ngokukhethekile. (January 22, 1992) Iyamangalisa ngempela indlela ubuchopho obumangalisa nobuyinkimbinkimbi ngayo. Futhi umfanekiso wombungu onamasonto ayisishiyagalombili ubudala wawumuhle ngokumangalisayo. Lesihloko senza inhliziyo yami yagcwala ukwazisa ngendlela emangalisayo engenziwe ngayo!
J. J., United States
Izithuthuthu Esihlokweni senu esithi “Izithuthuthu—Ziyingozi Kangakanani?” (April 8, 1992), niluleka abagibeli ukuba banamathelisele ibhande elibenyezelayo ezigqokweni zabo. Leseluleko singase sibulale uma isigqoko senziwe ngepolycarbonate noma izinto ezifana nayo, njengoba zinjalo eziningi. Izinto ezinamathelayo nopende ziyayihlasela, ziyenze ukuba iqhekeke. Engozini, isigqoko singamane siphahlazeke, singamvikeli umgibeli. Iseluleko esingcono singaba ukuthenga isigqoko esinombala okhanyayo kakade.
S. J. H., England
Siyalazisa lelicebiso lokulondeka. Kungaba ukuhlakanipha ukufunda iziyalezo zomenzi wazo ngaphambi kokwenza noma ikuphi ukulungisa okunjalo.—ED.
Ngasazisa lesihloko. Ubaba wabantwana bami abathathu wafa muva nje lapho insimbi ethile iphuka esithuthuthwini sakhe, ichithela uwoyela esondweni langemuva. Wayequleke amasonto amathathu ngemva kokuhlinzwa kobuchopho okukhulu. Ngokuqinisekile, ngiyosikhumbula lesihloko ngibhekisele kuso esikhathini esizayo uma kwenzeka indodana yami ifisa ukugibela isithuthuthu.
M. G., United States
Amaphela Sekuyiminyaka eyisishiyagalombili ngingumfundi walomagazini, futhi ngifisa ukunitusa ngezihloko ezihlukahlukene enizinyathelisayo ezihlobene nemisebenzi yasekhaya. Ngokukhethekile ngibhekisela esihlokweni esithi “Iphela Elibekezelayo.” (January 22, 1992) Ngaphandle kokubhalwa kwaso kahle, sisifundisa futhi indlela yokuqeda lesinambuzane. Ngilandela leziyalezo, ngokushesha ngizokwenza ikhaya lami likhululeke ekuvakasheni kwawo okucasulayo.
A. F. A. A., Brazil
Ukulalela Izindaba Zabanye Ngezingcingo Ngafunda ngesithakazelo isihloko esithi “Ingabe Ukulalela Izindaba Zabanye Kuyohlala Kukhona?” (December 8, 1991) Nokho, ngithole kukhuthaza ukufunda ngokusetshenziswa kabi kwezithungathi zamaza omsindo. Kuyacasula ngempela ukucabanga ukuthi abantu bangalalela izingxoxo zabanye abantu. Ngingumsebenzisi wemisakazo osafunda futhi ngivame ukusebenzisa isithungathi samaza omsindo ukuze ngilalele izigijimi ezivela emikhunjini nasezikebheni ezincane. Othile onesithungathi samaza omsindo angasindisa ukuphila kothile osolwandle ocela usizo. Sizani-ke nichazele abafundi balomagazini ukuthi akubona bonke abantu abanalemishini abalalela izindaba zabanye.
R. P., England
ICrossword Puzzle Njengoba umagazini wesiNgisi kaFebruary 8, 1992 wawunecrossword puzzle yokuqala eniyikhiphe ngemva kwesikhathi esithile, ngithanda ukuchaza ukuthi kungani amapuzzle ewusizo kangaka. Indodana yami inokuphazamiseka okwenza ukufunda nokubhala kube nzima. Nokho, iyakwazi ukwenza amacrossword puzzle enu. Lokhu kuyinikeza umuzwa wokufeza okuthile futhi kuye kwayisiza yafunda ukulandelana kwezincwadi zeBhayibheli. Njengoba ningabona, ukuzikhandla kwenu kuzuzisa kakhulu.
C. G., Germany