Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Abantwana Abangakazalwa Isihloko esithi “Ukufunda Kuqala Esibelethweni” singijabulisile. (January 22, 1992) Ngiwudokotela wezokwelapha, futhi ngisanda kuhlangana nombhangqwana ocele iseluleko sami mayelana nokukhipha isisu. Ekubonisaneni kwami nawo, ngenezele amaphuzu avezwe esihlokweni senu. Lombhangqwana unqume ukuthi uzomthola umntwana. Ngosizo lwenu, kunosana olulodwa oluzophila.
G. U., Ecuador
Izithuthuthu Ngisifunde ngesithakazelo isihloko senu esithi “Izithuthuthu—Ziyingozi Kangakanani?” (April 8, 1992) Sengizohlanganisa manje unyaka wamashumi amahlanu nanhlanu ngisebhizinisini lezithuthuthu futhi ngihlala nginesithakazelo ekuphepheni kwezithuthuthu. Ngokuvamile lapho isithuthuthu nemoto kuhileleke engozini, imoto esephutheni; ezikhathini eziningi abashayeli basuke bengasiboni isithuthuthu. Qhubekani nomsebenzi omuhle wokusilethela izihloko ezithakazelisayo njengalesi.
M. H., United States
Ngiye ngawalandela ngentshiseko wonke amacebiso okuphepha eniwashilo. Kodwa lokhu akuzange kuludambise usongo oluyingozi kakhulu ekuphepheni komshayeli wesithuthuthu: ABANYE ABASHAYELI! Eminyakeni embalwa edlule ngacishe ngashayiswa othile ongazange ame ngisho nokuma. Ngawa esithuthuthwini sami futhi, naphezu kokokuvikela, ngalimala kabi. Njengendoda noyise wabantwana ababili abahle, nganquma ukuthi kungcono kakhulu ukuba ngisithengise isithuthuthu sami.
J. B., United States
Sizame ukunikeza umbono olinganiselwe wakho kokubili izinjabulo nezingozi zokugibela isithuthuthu. Abafundi bakhuthazwa ukuba ‘baqhathanise lezizici ezihehayo nokuphepha’ lapho becabangela ukugibela isithuthuthu. Akukhona okwabanye ukuba babe ngabahlulelayo uma kuziwa ezindabeni zesinqumo somuntu siqu.—ED.
Indawo Yonke Ngisanda kuqeda ukufunda izihloko ezikumagazini othi “Ukwembula Izimfihlakalo Zendawo Yonke” nabantwana bami. (March 22, 1992) Lezihloko zibonise indlela indalo kaJehova enkulu emangalisa ngayo ngempela. Ngiyanibonga ngendlela ecacile nelula enichaze ngayo izinhlobo ezihlukahlukene zezindikimba zasezulwini. Zonke izihloko enizihlanganisayo nizibeka ngokucace kakhulu, ngokujula, nangekhono.
N. B., Italy
Ngangilokhu ngiwubekela eceleni lomagazini wePhaphama! ngoba wawungeyona indaba enganginesithakazelo kuyo. Manje ngizizwa ngingohlukile. Niye nathatha lokho okwakuyisihloko esiyinkimbinkimbi kakhulu kimi futhi—njengoba nihlale nenza—nakubeka ngendlela abanye abangayiqonda. Lapho sengiqalile ukufunda lesihloko angizange ngifune ukuba siphele!
S. J., Canada
Umeluli Wezipikili Ngenxa yokuba nempilo ebuthakathaka, angikwazi ukuba nengxenye eqondile emsebenzini wokwakha owenziwa ezakhiweni zegatsha leWatch Tower Society eSelters Taunus, eJalimane. Kodwa isihloko esikhuluma ngoAdams Akuetteh osekhulile, obizwa ngokuthi “umeluli wezipikili wegatsha laseGhana” (May 22, 1992), sangikhalisa izinyembezi!
T. R., Germany