Isibeletho—Ikhaya Lethu Lokuqala Elimangalisayo
YEKA indawo emangalisayo, ikhaya lakho lokuqala! Lifudumele futhi liyathofozela. Ligcwele ukudla okunothile okudingayo. Liphephile futhi lilondekile.
Wahlala izinyanga eziningana lapho, wondleka futhi ukhula. Nokho, ngokushesha indawo owawuhlala kuyo yabonakala iba ncane ngokwengeziwe, kwaze kwabe yilapho ngolunye usuku usungenakukwazi ukunyakaza. Ngokunokwenzeka, ngalesosikhathi wawusuphendukile ikhanda labheka phansi! Khona-ke, ngesikhathi esisodwa, wazizwa ucindezelwa amandla amakhulu, futhi waphulukundlela emnyango wekhaya lakho waphumela emakhazeni, emsindweni, nasekukhanyeni kwezwe langaphandle.
Awukukhumbuli yini okuhlangenwe nakho okunjalo? Ngokuqinisekile awukukhumbuli. Kodwa ukuphila kwakho wakuthola kuleyondawo emangalisayo owawuhlala kuyo—isibeletho sikamama wakho. Saklanywa ngokuphelele kucatshangelwa wena, kwalungiselelwa konke ukondliwa nokuvikeleka ingane esakhula ekudingayo. Ngakho kungani ungabuyeli emuva uvakashele lelokhaya lakho lokuqala elimangalisayo—isibeletho?
Ulindelwe Ukwamukelwa Okufudumele
Ukuphila kwakho kwaqala cishe endleleni eyisa kulelikhaya elihle. Iqanda elivuthiwe likamama wakho lalihamba lehla ngomgudu othiwa iFallopian tube. Ngalesosikhathi, izigidi zamangqamuzana esidoda avela kuyihlo zazihamba zikhuphuka ngendlela efanayo ziyohlangana naleliqanda. Isidoda esisodwa saphumelela ekuhlanganeni naleloqanda, futhi kungaleyondlela owaba ngayo uwena.
Ngalesikhathi amalungiselelo okufika kwakho ayesenzeka kakade. Ulwebu lwesibeletho, noma isizalo (elesiLatini elithi uter, lisho “isikhwama”), beluzilungiselela, futhi leyondawo cishe yayisichichima ngezakhi. Ulwebu lwesizalo lwase lukhule lwaphindeka kabili kunoluvamile, lwambozwa okuthile okunjengelula.
Ngemva kwezinsuku ezintathu noma ezine, wadlula emnyango wendlu yakho entsha. Kuwena—iqoqo lamangqamuzana amaningana alingana nesihloko sokhanjana elibizwa ngokuthi iblastocyst—kungenzeka lalibonakala njengento ehlotshisiwe eyisibhadlazi. Nokho, ngaphakathi indawo incane ngempela. Eqinisweni, isizalo siyisitho esingenalutho ngaphakathi, esibushelelezi, esibomvana, esicishe silingane futhi sibe nokuma okunjengegonandoda elibheke phansi.
Leli kwakuyoba ikhaya lakho cishe izinsuku ezingu-270 noma ngaphezulu ezilandelayo, futhi umama wakho, ngisho nakuba elahlekelwa emzimbeni wakhe, wayeyokunakekela ngezakhi ozidingayo ukuze ukhule futhi wakheke kuze kube isikhathi sokuba ubelethwe. Kwakuyodlula amasonto ambalwa ngaphambi kokuba umama wakho aqaphele ngisho nokuqaphela ukuthi ukhona, futhi kwakuyothatha ezinye izinyanga ezintathu kuya kwezine ngaphambi kokuba isisu sakhe sikhukhumale ngokwanele ukuba abanye basibone.
Ngemva kokushaya ungqimphothwe emgudwini wesizalo, wawuntanta ezinye izinsuku ezintathu ezengeziwe. Ekugcineni, wanamathela olwebwini lwesizalo. Amaenzyme avela kuyiblastocyst adla amangqamuzana angenhla alolulwebu oluthambile, olubizwa ngokuthi iendometrium, futhi washona phansi futhi wahlala ngendlela elondekile ekujuleni okuntofozelayo. Ukuba iqanda alizange lihlangane nesidoda futhi lanamathela kulolulwebu, ekugcineni isizalo besiyolihlakaza futhi silikhiphe kumama wakho ngokopha kokuya esikhathini.
Ukubhekana Nokwenqatshwa
Izinqubo ezimangalisayo manje zase zisebenza ukuze ziqikelele ukuthi ukuhlala kwakho kuyathokozisa. Phakathi kokunye, wawudinga ukuvikelwa esimisweni sikamama wakho sokuzivikela. Izazi zesayensi zisadidekile ngokuthi kungani umzimba kamama wakho ungakubhekanga njengomhlaseli wangaphandle futhi ukuhlasele. Ngokuvamile, isimiso esiyinkimbinkimbi sokwenqaba siqala ukuthatha isinyathelo lapho nje kuqala ukuba nophawu lokuthi kukhona umhlaseli. Nokho, ekugcineni ubuyokhula ube into yangaphandle enkulu kakhulu, enesisindo samakhilogremu ambalwa. Kungani ungahlaselwanga?
Umcwaningi uDavid Billington waseYunivesithi yaseBristol wachaza: ‘Okubaluleke kakhulu ukuthi kunodonga phakathi kukamama nombungu. Loludonga lunqanda ngendlela ephumelela ngokwanelisayo noma ikuphi ukuxhumana phakathi kukamama nombungu.’ Wayebhekisela olwelwesini olubizwa ngokuthi itrophoblast, oluzungeza umbungu. Lomngcele wawuvimbela noma ikuphi ukuxhumana okuqondile phakathi kwakho nomama wakho. Ukuthi kungani ngempela izivikelo zokungezwani nento ethile zingahlaselanga itrophoblast njengento yangaphandle kuyimfihlakalo. Impendulo yalombuzo ingase futhi isitshele isizathu sokuba ukukhulelwa okuningi kuphele ngokuphuphuma kwesisu.—Bheka ibhokisi elisekhasini 16.
Ukondla Nokunakekela Kuyaqhubeka
Cabanga ngesifiso sakho sokondliwa esinganeliseki, ikakhulukazi phakathi namazinga okuqala. Emasontweni akho okuqala ayisishiyagalombili okuphila, wakhula ngobude cishe izikhathi ezingu-240, futhi isisindo sakho sakhula ngokuphindwe kazigidi ukwedlula ngesikhathi ukhulelwa. Ekugcineni, isisindo sakho lapho usuzobelethwa sasiyokuphinda lokho cishe izikhathi eziyizigidi zezigidi ezingu-2,4, futhi ikhaya lakho lande njengebhaluni ukuze likwazi ukukuthwala. Ngalesosikhathi isibeletho sisuke sinesisindo esidlula esingakhulelwe ka-16, kodwa phakathi namasonto ambalwa ngemva kokubeletha, siyafinyela sicishe silingane nasekuqaleni. Ezinyangeni ezintathu zokuqala zokuphila kwakheka isakhiwo esiyisisekelo sokuma komzimba wakho, futhi izitho nesimiso semizwa kulungele amazinga okukhula azolandela.
Ngaphambidlana, kwakheka isaka lamanzi leamnion. Lakulungiselela indlu yokudlala ethofozelayo, enezinga lokushisa elilawulwayo owawungashaya kuyo ungqimphothwe futhi udlale ezinyangeni zakho ezintathu zesibili. Wawuqinisa imisipha owawuyoyidinga ngaphandle kwesaka lamanzi elingenasisindo. Wawugwinya uketshezi lweamnion oluwumthombo olingene, kucatshangwa ukuthi ngenjongo yokondleka. Njalo ngemva kwamahora amabili kuya kwamathathu, loluketshezi lwaluvuselelwa ngenxa yakho.
Olwebwini lwangaphandle lweblastocyst kwakhula isigaxa esiyinkimbinkimbi esibizwa ngokuthi umzanyana [placenta] (okuyigama lesiLatini elihunyushwa ngokuthi “ikhekhe eliyisicaba”). Cabangela ezinye zezinkonzo owawukwenzela zona.
Wawusebenza njengephaphu, ushintsha umoya-mpilo nesikhutha phakathi kwakho nomama wakho. Usebenza njengesibindi, wawukhipha kwamanye amangqamuzana egazi kamama wakho izakhi ezidingekile, njengokusansimbi, ukuze ukusebenzise. Ukusebenza kwayo njengenso kwakusefa umchamo egazini lakho futhi kuwudlulisele egazini likamama wakho ukuze awukhiphe ngezinso zakhe. Njengamathumbu, umzanyana wawugaya izilongotshana zokudla. Zonke lezinqubo zazenzeka ngethumbu lenkaba elingamasentimitha angu-55 ubude.
Kwake kwacatshangwa ukuthi umzanyana wawuyisimiso sokulondeka esingangeneki, ukuthi awunakuvumela lutho olulimazayo ukuba ludlulele emntwaneni kusuka kumama. Ngokudabukisayo, manje siyazi ukuthi izifo eziningi ezithathelwanayo zingaphunyuka kulesimiso sokulondeka, njengoba kungenza izinto ezinjengomlaliso onedumela elibi ithalidomide. Izifo njengesimungumungwane saseJalimane nazo ziwusongo emazingeni athile okukhulelwa.
Umngcele wegazi nobuchopho okhona kubantu abadala awukalungi kahle ebuchosheni obukhulayo bombungu, okuwenza ube isisulu esikhethekile kubahlaseli abanjengomusi kagwayi, utshwala, izidakamizwa, nomunye ushevu wamakhemikhali. Ukucwaninga kubonisa ukuthi utshwala buyayibangela imiphumela emibi enganeni engakazalwa. Ingabe icaffeine, ekwazi ukudlulela ngalé komzanyana, iyakuthonya ukukhula kosana? Ingabe izakhi zamavithamini ziyamzuzisa umntwana nganoma iyiphi indlela? Kuningi okudinga ukufundwa ngemibuzo enjalo.
Ngakho-ke, isimiso sokulondeka sanoma imuphi umntwana kumelwe siqale ngokuthi unina anakekele yena ngokwakhe ukuba agweme ukufaka emzimbeni noma iziphi izinto ezaziwayo ukuthi ziyingozi ezinsaneni. Ngakolunye uhlangothi oluhle, ukudla okunazo zonke izakhi nokuzivivinya, ngokugunyazwa udokotela, kungenza lukhulu ekuthuthukiseni impilo nenhlalakahle kamama nomntwana.
Ukushiya Ikhaya Lakho
Ekujuleni ezinyangeni ezintathu zesithathu, kwaqalisa amalungiselelo okuhamba kwakho. Imisipha enamandla yolwebu lwesizalo yaqala ukufinyela nokudedela okungavamile ngezinye izikhathi okubizwa ngokuthi imihelo-mbumbulu. Isizalo sathamba ngokwengeziwe futhi sakwazi ukunwebeka ngokwengeziwe.
Esikhundleni sokuthi, “Ingane iyehla,” kunembe ngokwengeziwe ukuthi sonke isizalo siyehla, ingane ingaphakathi kwaso. Lokhu kunjalo ngenxa yokuthi siyaluleka sibe umbhoxo bese sehla kancane ukuze ikhanda lengane manje libe sesitsheni sepelvis.
Akekho owaziyo ukuthi yini eyanquma ukuthi kwakuyisikhathi sokuba uphume. Kungenzeka kwakungamahormone avela kumama wakho, noma avela kuwe, wena ngane, anikeza isibeletho uphawu. Isigijimi: “Qalisa imihelo!”
“Imihelo” igama eliyichaza kahle inqubo yamazinga amathathu aqaliswa isizalo. Okokuqala, ulwebu olunemisipha lwesizalo lwafinyela kuyilapho ingxenye yokugcina yesizalo nemomozi kuvuleka kulungiselela ukwehla kwakho. Isaka lamanzi ngokunokwenzeka ladabuka kuleliqophelo.
Okwesibili, umsebenzi kamama waqala ngempela lapho esunduza ikhanda lengane ukuba lehlele phansi ukuze lidlule ngengxenye yokugcina yesibeletho nangemomozi. Ukufinyela kwaqhubeka, kuba namandla ngokwengeziwe futhi kushesha ngokwengeziwe kwaze kwaba yilapho ekugcineni ikhanda lakho lidlula ngomgudu wokuzala. Ezinye izingxenye zakho zalandela kalula. Ezingeni lokugcina lemihelo, umama wakho wakhipha umzanyana nokusele kwenkaba, okuthiwa iafterbirth.
Ngakho nakho lapho wawukhona—ushaqekile, ugodola, futhi ukhala—ngokungangabazeki ukhalela ukushiya kwakho ngokungazelele ikhaya lakho elithokomele lezinyanga ezingaba yisishiyagalolunye ezidlule. Kodwa yeka ukuthi ungajabula kanjani ngokuthi unesipho sokuphila futhi ungakwazisa ukunakekela koMdali onothando, owaqikelela ukuthi ube nekhaya elihle kusukela ekuqaleni!
[Ibhokisi ekhasini 16]
Ukuphuphuma Kwesisu—Ukuxosha Okuyinhlekelele
INHLEKELELE ingagadla ngisho nomama onakekela kakhulu. Izimbangela zokuphuphuma kwesisu azitholakali futhi izinkulumo-mpikiswano ziyashuba. Abacwaningi abavumelani ngisho nangamaphesenti amaqanda avundiswe ngokuphumelelayo agcina ekukhishweni kwezisu okuzenzakalelayo. Ukulinganisela kusukela kumaphesenti ayishumi kuya kumaphesenti angu-20 noma ngisho nangaphezulu okukhulelwa cishe kubo bonke abantu besifazane eUnited States.
Kungani isibeletho ngezinye izikhathi sixosha ngempoqo ukuphila kwaso okusha esikhundleni sokukunakekela sikuvikele phakathi kwaso? Ngokunokwenzeka isimiso sokuvikela sikamama sisabela ngendlela yokuzivikela kuyitrophoblast ezungezile, sihlasele ulwebu lwayo oluvikelayo futhi sibangele ukuphuphuma kwesisu. Okuningi kungenzeka kubangelwa yilokho okubizwa ngokuthi izingozi zamangqamuzana ofuzo, ihlule noma umbungu ulimale kangangokuthi ungakwazi ukuphila. Noma kungaba izinto ezingavamile enqubweni yokuzala—iqanda lingene ngaphambi kwesikhathi esizalweni ulwebu lungakakulungeli ukulwamukela noma sekwephuze kangangokuthi iendometrium isiqala kakade ukopha. Mhlawumbe ukukhubazeka okuthile esizalweni sikamama ngokwaso kumenza angakwazi ukuthwala umntwana.
Ukuhlolwa kwabesifazane abacishe babe ngu-200 eBrithani (1990) kwasikisela ukuthi ubunyumba nokuphuphuma kwesisu kungase kuhlanganiswe nokungalingani kwamahormone. Umphumela weLH (luteinizing hormone), evela kuyipituitary gland, ngokuvamile uyanyuka cishe ngosuku lwe-14 lomjikelezo wokuya esikhathini futhi ubangela iqanda elivuthiwe ukuba lihlakazeke kuyiovary futhi liqale uhambo lwalo kuyiFallopian tube ukuze lihlangane nesidoda. “Lokho okwatholwa iqembu laseBrithani,” kubika iNew York Times, “kwakuyizilinganiso ezinkulu zeLH eyenzeke ngesikhathi esingafanele, ngosuku lwesishiyagalombili lomjikelezo wokuya esikhathini, ngaphambi kokudedelwa kwamaqanda.” Kusadingeka kwenziwe ukuhlola okwengeziwe ukuze kuqinisekiswe futhi kuchazwe lokhu okuye kwatholwa.
[Izithombe ekhasini 15]
Umbungu onezinyanga ezintathu ubudala
Umbungu onezinyanga eziyisithupha ubudala
Umbungu onezinyanga eziyisishiyagalolunye ubudala