Izihambi—Ungazisiza Kanjani?
INTATHELI uGünter Wallraff washaya sengathi uyisisebenzi saseTurkey futhi wasebenza embonini eyenza insimbi eJalimane. Lapho edalula akutholile ngokuphathwa kwezisebenzi ezingabafokazi, noma eziyizihambi, umphakathi washaqeka futhi wathukuthela. Wabhala izenzakalo eziningi zobandlululo olusobala noluhlazisayo olubonakaliswa ezisebenzini ezingabafokazi. Kwesinye isenzakalo, wabona izisebenzi zaseTurkey ziyalwa ukuba zisebenze endaweni eyingozi naphezu kwezinhlaba-mkhosi ezixwayisayo nezibani ezibomvu ezibanikayo. Lapho enye indoda yesaba futhi ifuna ukusuka kuleyondawo, yasongelwa ngokulahlekelwa umsebenzi.
Okuhlangenwe nakho kukaWallraff kuludalula ngokucacile usizi lwabafuduki. Njengoba izakhamuzi ezinozwela ziziqaphela ngokwengeziwe izinkinga abafokazi ababhekana nazo, abaningi bayazibuza ukuthi bangenzani ukuze basize umfuduki nomkhaya wakhe.
Sithatheni Ngendlela Esingayo
Gwema ubandlululo. Akukho okudala udonga lokusola nolokungabekezeli phakathi kwesakhamuzi sendawo nesihambi ngokushesha njengokubandlululwa kuzo zonke izici. “[Impucuko] iphazamisa umbono wethu ngendlela abanye abantu abenza ngayo izinto, ikakhulukazi lapho izindlela zabo zihluka . . . emikhubeni yethu eyamukelekayo,” kusho umlobi uBen Levitas encwadini yakhe ethi Tribal Life Today. Uthi lokhu kwehluka “ngokuvamile kusiholela ekubeni sigxeke indlela abanye abenza ngayo.” UHelen, umfuduki waseKorea eCanada, ulukhumbula ngokucacile usuku uthisha wakhe amthethisa ngalo ngoba ehlulekile ukwenza umsebenzi ikilasi elalicelwe ukuba liwenze. “Akazange aqaphele ukuthi ngangingaqondi ukuthi uthini,” kusho uHelen, onhliziyo yakhe yayibuhlungu kakhulu ngalesosikhathi.
Ukungaqondani nemiqondo asebenayo kakade ngezinye izizwe ngokuvamile kuqanjiwe kunokuba kusekelwe eqinisweni. Abalobi uMildred Sikkema noAgnes Niyekawa-Howard encwadini yabo ethi Cross-Cultural Learning & Self-Growth, balandisa ngomunye uprofesa waseMelika owahlola abafundi bakhe abasha bezizwe ngokwenza ihlaya. Khona-ke wayebuka ukusabela kwabo. Uma bengahleki, ngaso lesosikhathi abafundi babeyiswa emakilasini esiNgisi. “[Uprofesa] wayengaqapheli,” kusho labalobi, “ukuthi ukuqonda ihlaya laseMelika kudinga ukujwayelana nempucuko yaseMelika kanye nolimi . . . Lokho abantu abavela kwenye impucuko abangase bakubheke njengokuhlekisayo [abanye] bangase bakubheke njengokucasulayo.” Izenzo ezinjalo ezinenhloso enhle zabantu bendawo zibonisa ukuntula ukuqonda ekusebenzelaneni nezihambi.
Uma wamukela isihambi ngendlela esingayo, ngaphandle kobandlululo, siyokwazisa ngalokho. Inkambo enjalo isekuvumelaneni nesimiso esiqondisayo esashiwo uJesu: ‘Kumelwe uthande umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.’ (Luka 10:27) UYasushi Higashisawa, ongummeli eTokyo, eJapane, osebenza kakhulu ngezihambi, utusa ukuthi “ukusebenzelana eduze nabantu bezinye izimpucuko kuyikhambi elingcono kakhulu lobandlululo.” Loluhlobo lokusebenzelana lwenza umfuduki akwazi ukusizakala nangezinye izindlela eziningi.
Usizo Olungokoqobo
Kuningi owezizwe afuna ukukwazi ngezwe lakhe elisha—indlela yokuthola indlu, ukufunda ulimi, ukufaka abantwana esikoleni, ukusebenzisa izinkonzo zezempilo nezomphakathi. Ungamvikela ezinkathazweni eziningi nomzamo ngokuhlanganyela naye lokho okwaziyo.
Ngokwesibonelo, ungasiza umfokazi ekutholeni amanxusa noma izinhlangano eziyomsiza ukuba azivumelanise nolimi nempucuko? Noma mhlawumbe ungaphelezela owesifazane ongumfuduki ohambweni lwakhe lokuqala lokuyothenga ukuze umsize athole ukudla nezinto zasendlini azifunayo? Kuthiwani ngokunikeza iseluleko emkhayeni wabafuduki obhekene nemicikilisho evame ukuba yinkimbinkimbi ngokuqondene nokuma kwabo okungokomthetho, ukuthola umsebenzi, ukugcwalisa amafomu entela, njalonjalo?—Bheka umbhalo waphansi ebhokisini.
Umuntu Okungathenjelwa Kuye
Kuwusizo ngaso sonke isikhathi ukuzibuza: ‘Ukuba bengikwelinye izwe, bengingathanda ukuphathwa kanjani?’ “Konke . . . enifuna ukuba abantu bakwenze kini, kwenzeni nani kanjalo kubo,” kusho uJesu eMthethweni odumile weGolide. (Mathewu 7:12) Ukuba nomngane ongathembela kuye lapho ubhekene nokuhlangenwe nakho okuvivinyayo kokuzivumelanisa nezimo kuwusizo izihambi eziningi ezingalwazisa. Ukungenisa izihambi okunjalo kwezakhamuzi zendawo kuletha izinzuzo nhlangothi zombili. Esinye isimiso seBhayibheli sithi: “Kubusisekile ukupha kunokwamukela.”—IzEnzo 20:35.
Uma ungomunye woFakazi BakaJehova, isipho esingcono kakhulu ongasinikeza isihambi ithemba lobuzalwane obunobunye. Cishe ngokuqinisekile uyokwazi ukuthola ukwaziswa okunyathelisiwe okwakhayo ongakuhlanganyela naye ngolimi lwakhe lomdabu.
Yebo, umthwalo wemfanelo wokufuduka okuphumelelayo uxhomeke ngokuyinhloko esihambini. Kodwa ngokucabangela kusengaphambili, kuningi ongakwenza ukuze usenze sizizwe sisekhaya, ngaleyondlela wenze okuhlangenwe nakho kokufuduka kungabi usizi kangako, futhi kwanelise ngisho nokwanelisa.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 11]
“Sithatha ngokuthi abantu benye impucuko . . . babona, bazizwe, futhi bacabange njengathi. . . . Ukungaqondi okukhulu kubangelwa ukucabanga ukuthi abantu endaweni yonke basabela njengathi.”
—Cross-Cultural Learning & Self-Growth
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 12]
Ngemva kokuhlala isikhathi esiqhingini saseGuam, omunye umfundi wathi: ‘Sengiye ngazamukela ngokwengeziwe izindlela ezintsha ezihlukahlukene zokwenza izinto.’—Cross-Cultural Learning & Self-Growth
[Ibhokisi ekhasini 12]
Ungamsiza umfokazi ukuba . . .
▶ azinze ngokuba umakhelwane ongenisa izihambi
▶ abhekane neziphathimandla lapho enza ukuba khona kwakhe kube ngokomthethoa
▶ agcwalise amafomu entelab
▶ athintane nezinhlangano ezifundisa impucuko nolimi lwendawo
▶ athole indawo yokuhlala
▶ asebenzise izinkonzo zezokwelapha nezomphakathi
▶ afake abantwana esikoleni
▶ athenge izinto ezidingekayo ngamanani akahle
▶ agcwalise amafomu entela
▶ athole umsebenzi
[Imibhalo yaphansi]
a Amanye amazwe, njengeJalimane, anemithetho eqinile ngokuqondene nokuthi ubani onganikeza iseluleko ezindabeni zomthetho, zokufuduka, nezentela. Laba kufanele bahlolwe ngaphambi kokunikeza izihambi noma iluphi usizo ngokuqondene nokuba kwazo semthethweni.
b Amanye amazwe, njengeJalimane, anemithetho eqinile ngokuqondene nokuthi ubani onganikeza iseluleko ezindabeni zomthetho, zokufuduka, nezentela. Laba kufanele bahlolwe ngaphambi kokunikeza izihambi noma iluphi usizo ngokuqondene nokuba kwazo semthethweni.