Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g92 5/8 k. 23-k. 25 isig. 8
  • Izinyoni Ezimangalisayo ZeChibi LaseBogoria

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izinyoni Ezimangalisayo ZeChibi LaseBogoria
  • I-Phaphama!—1992
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Abadansi Abanamaphiko
  • Esinye Isimangaliso Sokugcina
  • ILake Victoria—Ulwandle Lwase-Afrika Olukhulu Oluphakathi Nezwe
    I-Phaphama!—1998
  • Onohhemu—Abadansi Abanesiqhova Abamibalabala
    I-Phaphama!—1997
  • Abadansi Abanezimpaphe Ezigqamile
    I-Phaphama!—2003
  • Ukukhuphuka Ngamaphiko Njengezinkozi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1992
g92 5/8 k. 23-k. 25 isig. 8

Izinyoni Ezimangalisayo ZeChibi LaseBogoria

Ngumlobeli wePhaphama! eKenya

ICHIBI laseBogoria, elisesigodini esincane lingaphansi kwamawa aphakeme. Abanye balibiza ngokuthi ichibi elihle kakhulu kulo lonke elaseKenya, futhi njengoba sobathathu sehlela kulo ngeloli lethu elincane, singabona kalula ukuthi kungani. Linombala ocwebezelayo, oluhlaza njengophizi, ngenxa yama-alga amaningi. Lezitshalo ezincane zikhula ngokushesha ngenxa yokukhanya kwelanga okuningi nokufudumala kweziphethu eziningi zamanzi ashisayo ezingena kulelichibi. Ngakho ichibi laseBogoria liyindawo evamile yokudla yamaflamingo abomvana, adla ama-alga ahlobise lelichibi.

Kodwa amaflamingo amane nje angezokuqala ezinyonini eziningi ezimangalisayo lezo mina noPaul, kanye nomkakhe uPaula, esizozibona kuloluhambo lokuvakashela endle. Sihamba kancane eduze nogu olunamatshe, olomile olungasentshonalanga. Izinsika zesitimu zibheka phezulu esibhakabhakeni zimise okwezimpaphe ezimhlophe. Ngaphambili, kuthe chwa phezu kwetshe eliphuma emanzini eduze kogu, enye futhi inyoni engumsekeli wokunikezwa okucebile kwama-alga: ukhozi oludla izinhlanzi lwaseAfrika.

“Akunazinhlanzi kulechibi elinomunyu,” kuchaza uPaul. “Ngakho ucabanga ukuthi kungani lezinkozi zilapha?” ebuza. Impendulo yeza indiza—olunye ukhozi luphethe iflamingo ngamazipho alo abukhali! Manje sengiyaqonda ukuthi kungani lezinyoni ezinhle ezibomvana zizigcina zikude ngokuphephile nalezitha ezihlala ematsheni!

Ukhozi oludla izinhlanzi lubonakala kalula lusekude. Ikhanda lalo, umhlane, isifuba, nomsila okumhlophe qwá kuhluke kakhulu esiswini esimpunga ngokubomvu namaphiko amnyama. Lapho lutholakala emachibini anomunyu lapho kungekho zinhlanzi khona, ukhozi luzondla cishe ngokukhethekile ngamaflamingo, izinkozi ezimbili zibulala eyodwa ezinsukwini ezimbili noma ezintathu. Nokho, emachibini anamanzi amahle lolukhozi ngokuqinisekile ludla izinhlanzi. Ngakho, cabanga uhamba eduze nogu lwechibi elinamanzi amahle laseAfrika futhi ubone ukudla kwasemini kwezinhlanzi kuvela phambi kwakho kuvela esibhakabhakeni! Akunakwenzeka? Nakancane! Lomdobi onekhanda elimhlophe unezinzipho ezishelelayo futhi waziwa ngokuwisa inhlanzi yakhe ayibambile—okujabulisa izakhamuzi zendawo!

Nakuba kunjalo, ukhozi oludla izinhlanzi lundiza ngokuphawulekayo, lwenza imibukiso emangalisayo yasemoyeni. Ezimbili zingase zindizele phezulu ngamamitha angu-60 bese zibambana ngokushesha ngezinzipho. Zivule amaphiko, ziphenduphenduke emoyeni ngokujabulisayo, okuphelela emamitheni angu-9 ngaphezu kwamanzi! Lapho ziyeka ukuphenduka, ziphinde zindizele phezulu, zihambisana nomoya ofudumele onyukayo.

Abadansi Abanamaphiko

Umgwaqo wothuli, onamatshe ngasengxenyeni engaseningizimu kwechibi uya uba ngamagquma futhi kuba nzima ukuhamba ngawo. Njengoba sicaca ibanga lokugcina, sidlula izindwa ezimbili ezinezicholo zicosha izinambuzane ezindwanini ezinde zotshani ngokuthula. Manje sekuntambama kakhulu, futhi sikhalela impumuzo, siyafika endaweni esize kuyo—iFig Tree Camp. Isengxenyeni engasekugcineni yeningizimu-mpumalanga yechibi, iyisiyalu esamukela izihambi ezikhathele.

Ngemva kokuphumula kwasebusuku, sihlala sizungeze umlilo ekuseni, siphuza ikhofi elishisayo. Ngokushesha, nanso-ke futhi! Cishe ebangeni elingaba imitha ngaphambili, inyoni iparadise flycatcher indizandiza emoyeni, imatasa yakha isidleke sayo esihlahleni esisebangeni eliyimitha ukusuka endaweni esasimise kuyo. “Yeka umsila omuhle, omude omhlophe!” kubabaza uPaula. Mude ngempela. Ubude beduna ngaphandle kwezinsiba zesisila bungamasentimitha angu-18 kuya ku-19 kuphela. Kodwa izinsiba zayo zemisila ezimbili zingafinyelela ngokumangalisayo emasentimitheni angu-40 ubude. Nakuba incane ngokuqhathaniswa, iparadise flycatcher iyisilwi ngempela. Ngisho nalapho izinyoni ezinkulu ezidla inyama zizama ukusondela kakhulu esidlekeni somkhaya, eyeduna ayingabazi ukuhlasela.

“Kuzoba nzima ukuthola isithombe esihle salena,” kusho uPaul njengoba elungisa ikhamera yakhe. Engahlali endaweni eyodwa isikhathi eside, lomakhi wesidleke omatasa uthatha uhambo isikhathi ngasinye oluya emakhasini ahlanganiswe ubulwembu phezulu esihlahleni. Injongo yakhe? Ukulanda izinto ezinamfukayo azisebenzisa ekwakheni isidleke sakhe. Ngentshiseko ubhekisisa izingxenye ezingcono kakhulu zolwembu, undizela lapha, kamuva laphaya, edlulisela umzimba wakhe nhlangothi zonke okwenza lowomsila omangalisayo uyephuzele. Siyawujabulela umdanso wakhe ongumbukiso! Lapho esethole izingcezu zakhe zekhethelo, uphindela esidlekeni, umsila wakhe oyephuzelayo untaza emva kwakhe njengedlambi.

Kamuva ngalolosuku ekuseni sibona ezinye izindwa ezimbili ezinezicholo. Zinqume ukuzokudla otshanini obusehlozini phambi kwekamu lethu, phakathi kwechibi nehlathi lezihlahla zomkhiwane. Njengenye yezinyoni ezinde kakhulu zaseMpumalanga Afrika, indwa enesicholo ima icishe ibe imitha ngezinyawo ezimnyama ezinjengamaphini. Izimpaphe zayo ziyinhlanganisela enhle yokumhlophe, okunsundu ngokubomvu, okumnyama, nokumpunga. Kodwa izici eziphawulekayo zibonakala ngenhla kwentamo. Ibunzi layo elimnyama elincwaba lihlotshiswe ngokumhlophe nezinsumpa ezibomvu ebusweni—izicubu ezinkulu zenyama. Kuthiwani ngesicholo? Siyisiluba esihle sezinsiba ezinombala ofana notshani obomile, ezifana nengqangazi. Akumangalisi ukuthi yakhethwa njengenyoni yesizwe eUganda engumakhelwane!

“Ingabe wake wayibona indwa enesicholo idansa?” uPaul engibuza ekude. Ngokushesha ngabheka ngakuye. “Ucabangani ngalokhuya?” ehlebeza njengoba sisondela kuzo. Indwa ngayinye ibhekene nenye, lawomakhanda amahle enyakaza ngokushesha eya phansi naphezulu njengokungathi zihlanganyela emkhosini othile omangalisayo wasebukhosini. Amaphiko womabili evulekile futhi ephakanyiselwe ngaphezu komhlane, evuleke ngaphezu kwemitha ububanzi, ziyadansa futhi zisina ngokucokama ngendlela enesizotha imizuzu embalwa.

“Ingabe lona umdanso wokufuna umlingane?” ngihlebeza.

“Cha, lokhu zikwenza nganoma isiphi isikhathi,” ephendula. “Entshonalanga yeKenya ngiye ngabona umhlambi weziyikhulu noma ngaphezulu udansa.”

Phakathi nenkathi yokufuna abalingane, iqhude lenza umbukiso wangempela. (Lingaba kanjani nethemba lokumhlaba umxhwele umkalo ngomdanso walo wansuku zonke nje kuphela?) Ligoba umhlane bese likhokhoba, liphakamise iphiko elilodwa kuphela, ngokuqhosha liphonsa ikhanda lalo emuva bese, ngomlomo walo obheke esibhakabhakeni, likhipha umsindo ondondayo wokukhanga umlingane. Kuhlaba umxhwele ngempela!

Esinye Isimangaliso Sokugcina

Ngokuzihudula sihlanganisa izinto zethu futhi silungiselela ukuhamba, singaqapheli ukuthi sisalindelwe enye inyoni emangalisayo. Ngokushesha, isilwane esinamaphiko esibonakala simangalisa kakhulu sinqamula esibhakabhakeni. Yisakabuli leduna. Likhangisa ngomsila walo ongamasentimitha angu-28, eliwusebenzisa ngokukhethekile ekuzaleni. Umsila ugobile, okwenza ufane nesiketi. Njengoba lenyoni inaleyonto esindayo ‘emile eyiqinisayo,’ akumangalisi ukuthi, nakuba indiza iqondile, iyashwiba njengoba ihamba. Ibukeka njengendiza efuna ukuma emoyeni! Ngakho, lenyoni ngandlela-thile yehla ngobuchwepheshe, iwa ngokoqobo esibhakabhakeni.

Uhambo lwethu belulufishane kakhulu ukuba sibone konke kulendawo. Nokho, luye lwashukumisa ukwazisa kwethu ngoMdali futhi lusenza sibheke phambili ngentshiseko esikhathini lapho zonke izidalwa zomhlaba ziyophila ndawonye ngokuthula esimisweni esilingana ngokuphelele sezinto eziphilayo emhlabeni wonke.—Hoseya 2:18.

[Amabalazwe ekhasini 23]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

IKENYA

IChibi laseBogoria

INairobi

[Izithombe ekhasini 24]

Indwa enesicholo

Ama“flamingo”

Isakabuli

Izinkozi ezidla izinhlanzi

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela