Onohhemu—Abadansi Abanesiqhova Abamibalabala
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! EKENYA
UNOHHEMU ungenye yezinyoni ezinhle kakhulu emhlabeni. Uyinyoni enkulu enemibala engagqamile futhi eyakheke kahle. Njengoba enobude obungaphezu kwemitha elilodwa, unamaphiko amakhulu nentamo ethambile, ende, eyisici esivamile nakwezinye izinhlobo zonohhemu.
Onohhemu abayizinduna nabayizinsikazi bayafana. Izimpaphe ezimnyama ezisemhlane zivumelana kahle nezimpaphe ezimhlophe qwá zamaphiko ezehla ezinhlangothini zombili bese ziba nombala osagolide ngasesisileni. Ezinye izimpaphe zamaphiko zinombala onsundu ngokubomvu.
Ubuso bukanohhemu buyakhanga kakhulu. Izihlathi zakhe ziphuzi futhi ziphahlwe yizimpaphe ezithambile, ezimnyama ezisesiqhoveni nangaphansi kwentamo. Amehlo anombala omuhle oluhlaza njengesibhakabhaka. Entanyeni enezimpaphe ezimnyama kunebilo elide, elibomvu tebhu, elilenga njengomhlobiso obomvu lapho unohhemu elula intamo yakhe. Okuvelele kunakho konke isiqhova esihle sezimpaphe ezincane, ezinombala osagolide eziwumqhele omuhle olingana kahle. Lezi zimpaphe ezinhle, ezincane zicwebezela njengegolide lapho zikhanyiswa imisebe yelanga. Yonke lemibala emihle, ehlukahlukene uyithola kunohhemu onemilenze emnyama emibili emihle, ezacile.
Ukutshiyoza okuklabalasayo kukanohhemu kungomunye wemisindo yase-Afrika engalibaleki othi: O-wahng! O-wahng! O-wahng! Lokhu kutshiyoza okunomsindo kungazwakala ebangeni elikude. Ngokuvamile, umbhangqwana wonohhemu utshiyoza kanyekanye lapho undiza uya noma uvela ezihlahleni owakhe kuzo izidleke. Ngezikhathi ezithile zonyaka, onohhemu bayabuthana bafinyelele cishe kwabangu-30, baklabalase ngendlela okumnandi ukuyilalela.
Ukunakekela Kwabazali
Ngokobufakazi obutholakalayo, onohhemu bahlala njengombhangqwana konke ukuphila kwabo. Batholakala ezingxenyeni eziningi zaseMpumalanga Afrika, ikakhulukazi ezindaweni ezinamaxhaphozi, lapho bakha khona futhi bakhulise amatshwele abo. Isidleke sakhiwa ngenqwaba yotshani nomhlanga sibe njengenhlamvu kaphayini futhi siyindawo lapho insikazi ibekela khona amaqanda ayo amakhulu amabili noma amathathu, athanda ukuba luhlaza ngombala. Induna nensikazi bayashintshana ngokufukamela amaqanda, futhi amatshwele achanyuselwa ngesikhathi esingaphansi kwenyanga. Abazali bayabambisana ukuze bondle futhi banakekele abantwana babo ababuthaka, futhi babavikela ngesibindi.
Ukudla kukanohhemu ngokuyinhloko yizinambuzane, amasele, izinyoka ezincane nokusanhlamvu. Bavukuza ngemilenze yabo emide, ezacile nezinyawo zabo ezinkulu, bedla noma yisiphi isilwanyana abasethusayo otshanini.
Umdanso Wezinyoni
Onohhemu bangabadansi abanentshiseko nabaqabulayo. Beshaya amaphiko abo amakhulu agqamile, bayaphakama baye emoyeni bese betshuza behlela phansi njengokungathi bandiza nge-parachute. Belokhu begxumagxuma, bayagijima bagxumele phezulu, bazungeze abangane babo benqekuzisa amakhanda ngokushesha ngendlela ehlekisayo. Bevule amaphiko abo amakhulu, bama baqonde bese bebukisa ngemibala emihle yezimpaphe zamaphiko abo.
Ngezinye izikhathi umbhangqwana usontasonta izintamo ubukane emehlweni. Ubhekene ubuso nobuso, ushaya uchungechunge lwamanothi aphansi njengokungathi uyahlabelela ukuze ujabulisane. Umile futhi, lombhangqwana uphinda uqale umdanso wezinyoni oyinkimbinkimbi.
Ukulwela Ukuphila
Onohhemu banesineke esikhulu kubantu futhi kulula ukubafuya. Ngenxa yombala wabo ogqamile nokwakheka kwabo kanye nemibukiso yabo yomdanso eqabulayo, bayathandwa ema-zoo futhi kuhlotshiswa ngabo ezindaweni nasezingadini zabantu. Njengoba befunwa kangaka, akumangalisi ukuthi amanani abo ayancipha. Okunye okuwusongo konohhemu ukucekelwa phansi kwezindawo ezingamaxhaphozi nokusetshenziswa kobuthi nezibulala-zinambuzane, okungcolisa amachibi nemifudlana.
Bekuyodumaza uma ngolunye usuku enyamalala unohhemu omangalisayo futhi singasakuzwa ukutshiyoza kwakhe. Nokho, iBhayibheli lithembisa ukuthi ngokushesha wonke umhlaba uyokwenziwa ube musha. (Qhathanisa neyesi-2 Petru 3:13.) Khona-ke, bonke abakhile emhlabeni bayojabula phakade ngobuciko bendalo yoMenzi Waphezulu, uJehova uNkulunkulu, nangalaba badansi bakhe abanesiqhova abamibalabala.