Imizila Yokundiza Eshayisanayo
Abagibeli abangu-266 ababesendizeni iConair babephindela eDenmark ngemva kweholide esiqhingini saseIbiza eSpain. Indiza yabo enezinjini ezimbili yayisanda kusuka emgwaqweni wezindiza lapho kuba khona ukuqhuma enjinini engakwesobunxele. Indiza ekhubazekile, eyayisinenjini eyodwa kuphela esebenzayo, yazama kanzima ukukhuphuka. Ngenxa yekhono lomshayeli, lendiza yenza ukwehla okuphuthumayo ngokuphumelelayo ngemva kwemizuzu engu-24 yokundiza okwakwenyusa izibilini.
Inhlekelele yayivinjelwe. Nokho, izikhulu zezokulondeka kwasemoyeni zazimagange ngokwazi ukuthi yini eyayibangele ukuqhuma kwenjini ngesikhathi esibucayi kanjalo sokusuka kwendiza. Yini okungenzeka yabangela ukuqhuma? Inyoni igull yasolwa-ndle.
Eminyakeni eminingi edlule izinyoni zazizichanasela esibhakabhakeni. Nokho, engxenyeni yokugcina yalelikhulu leminyaka, indawo yazo esemoyeni isiye yaminyana ngokwengeziwe ngenxa yobuningi bezindiza. Ngokungamangalisi, lokhu kuye kwaholela ekwandeni okuphawulekayo kokushayisana kwezinyoni nezindiza. Ingozi kubagibeli ingengathi sína kakhulu lapho izinyoni zidonswa umoya uzifaka enjinini, njengoba ngokusobala kwenzeka eIbiza.
Njengoba ukushayiswa kwezinyoni kwenzeka eduze kwezikhumulo zezindiza, izikhulu zezikhumulo zezindiza ziye zachitha izizumbulu zezimali ezindleleni ezihlukahlukene ezihloselwe ukuxosha lezinyoni. Esikhumulweni saseVigo, ogwini olusenyakatho-ntshonalanga yeSpain, kuzanywa indlela entsha. Ihilela ukusetshenziswa kwezinyoni ezidla inyama, ngokuyinhloko amagoshawk, ukuze ehle enyuka emigwaqweni yezindiza ezikhumulweni. Ukuze kwenyuswe ukuphumelela kwalendlela, kusakazwa imisindo eqoshiwe yokukhala yamagull lapho amagoshawk endiza ngaphezulu. Ukubonakala okusongelayo kokhozi olundiza ngenhla kuhlangene nokukhala okuvimbanisa izindlebe kuphoqelela amagull ukuba afune indawo ethé ukulondeka kwenye indawo.
Kuze kube manje, amagoshawk anempumelelo ephawulekayo ekuxosheni amagull. Kwethenjwa ukuthi ngokusetshenziswa kwalesimiso esisha esisunguliwe, izindiza ziyokwazi ukundiza ngaphandle kokuphazanyiswa ngamagull, nawo ngokufanayo ayoqhubeka endiza. Empeleni, izinyoni ezandiza kuqala.