Umlutha Wotshwala Emkhayeni
“Ukuluthwa utshwala kuhlanganisa imilutha yotshwala . . . Nakuba kungase kube khona umlutha wotshwala owodwa kuphela emkhayeni, umkhaya wonke uyahlupheka ngenxa yokuluthwa utshwala.”—UDkt. Vernon E. Johnson.
UALICE oneminyaka eyisihlanu ubudala wayelele embhedeni, umlenze wakhe uqaqamba ngenxa yezinhlungu. Ingozi eyayimvelele ezinsukwini ezimbili ezedlule yenza ukuba afakwe ukhonkolo wonke umlenze. Kodwa ukhonkolo waqiniswa kakhulu, futhi umlenze wakhe wawuvuvuka ngenxa yokucindezeleka. UAlice wanxusa abazali bakhe ukuba bamyise kudokotela, kodwa uyise wayephethwe ibhabhalazi, futhi unina wayehlukene phakathi, engaqiniseki ngokuthi ubani owayekudinga kakhulu ukunakekelwa.
Ezinsukwini ezimbalwa, umlenze ka-Alice waba ndikindiki. Lapho uketshezi olumnyama luqala ukuphuma ozwaneni lwakhe, abazali baka-Alice ekugcineni bamphuthumisa esibhedlela. Lapho ukhonkolo ukhishwa, lokho omunye umhlengikazi akubona emlenzeni kwamenza waquleka. Isilonda esibhucukayo senza kwadingeka ukuba umlenze ka-Alice unqunywe.
Ukuluthwa Utshwala Nokuba Umlutha Ongumsizi
Usizi lwalesenzakalo ludlulela ngalé kokulahlekelwa umlenze. Ubaba ka-Alice wayewumlutha wotshwala. Njengoba enjalo, wayengasabeli ngokomzwelo nangokoqobo lapho indodakazi yakhe imdinga kakhulu. “Isimo sokuluthwa utshwala siphoqelela umlutha wotshwala ukuba ubeke umkhaya wawo ekugcineni—ngemva kotshwala nazo zonke izinto ozifunayo,” kusho umeluleki uToby Rice Drews.
Kuthiwani ngomama ka-Alice? Naye wayenomlutha ongumsizi, hhayi utshwala kodwa indoda yakhe ewumlutha wotshwala. Ngokuvamile, umngane womshado ongesiwo umlutha wotshwala ugxila ngokuphelele emizamweni yokunqanda ukuphuza komlutha wotshwala noma okungenani yokukwazi ukubhekana nesimo sakhe esingenakubikezelwa.a Uhileleka kakhulu enkingeni yomlutha wotshwala kangangokuba uveza izimpawu ezifanayo zokulutheka—kodwa engaluthiwe utshwala. Ngenxa yalesizathu, abantu abanjengomama ka-Alice babizwa ngokuthi imilutha engabasizi.
Kokubili umlutha wotshwala kanye nomsizi wawo ngokungaqondi balawulwa othile noma okuthile okungekho kubo. Bobabili baphuphuthekiswa ukungavumi ukubhekana namaqiniso. Bobabili abazisizi izingane zabo ngokomzwelo. Bobabili babambeke ekuphileni kokukhungatheka, ngoba njengoba nje umlutha wotshwala ungakwazi ukulawula ukuphuza kwawo, nomlutha ongumsizi akakwazi ukulawula umlutha wotshwala, futhi akekho phakathi kwabo ongalawula umphumela ukuluthwa utshwala okungaba nawo ezinganeni zawo.
Kodwa lukhona usizo ngomlutha wotshwala kanye nomkhaya wawo. Lokhu kuzocatshangelwa ezihlokweni ezilandelayo.
[Umbhalo waphansi]
a Nakuba sibhekisela kowesilisa njengomlutha wotshwala, izimiso ezilapha zisebenza ngendlela efanayo nakowesifazane ongumlutha wotshwala.