Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g92 5/22 k. 24-k. 27 isig. 7
  • Iqiniso Lingikhululile

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Iqiniso Lingikhululile
  • I-Phaphama!—1992
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Ukhona UNkulunkulu?
  • Usuku Olwaguqula Ukuphila Kwami
  • Amalimi Awazange Angivimbe
  • Ukugqashula Unomphela
  • Inselele Yokukhuluma Obala
  • Indlela Engikubekezelela Ngayo Ukungingiza
    I-Phaphama!—1998
  • Ngingawugcina Kanjani Umculo Usendaweni Yawo?
    Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
  • Xwaya Umculo Owonakalisayo!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Ngingawugcina Kanjani Umculo Usendaweni Yawo?
    I-Phaphama!—1993
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1992
g92 5/22 k. 24-k. 27 isig. 7

Iqiniso Lingikhululile

UBABA washona lapho ngineminyaka eyisikhombisa, futhi umama kwadingeka akhulise abantwana abayisithupha. Sakhulela edolobheni laseGoli, eNingizimu Afrika. Lapho ngisemusha, ngangingabujabuleli ubudlelwane nabanye. Uyabona, nganginamahloni okukhuluma ngoba ngangingingiza kakhulu.

Kodwa lokhu kukhubazeka kwangisiza ukuba ngihlakulele amanye amakhono. Esikoleni, ngangivame ukuphuma phambili lapho ikilasi lethu libhala izindatshana. Ngezinye izikhathi othisha babeze ngisho bafundele amanye amakilasi izindatshana zami. Futhi, amalimi awazange aphazamise ikhono lami lokucula. Ekhaya, ngangichitha esiningi sesikhathi sami sokuphumula ekamelweni lokulala ngidlala isiginci futhi ngicula.

Ekugcineni, umculo waba ukuphela kwento engangiyithakazelela ngempela. Ngalangazelela ukudlala eqenjini lerock, futhi lokhu kwathinta umsebenzi wami wesikole. Eqinisweni, ngayeka isikole ngingayiqedanga imfundo eyisisekelo. Ngakha iqembu, futhi sachitha cishe zonke izimpela-sonto sidlala ezindaweni ezihlukahlukene kulo lonke iGoli. Ngokushesha izinwele zami zase zizinde, futhi ngaqala ukuphuza kakhulu.

Ngikhumbula ngidlala amasonto ambalwa kwenye inightclub eGoli. Omunye wabaqashwa, owabonakala engowesifazane omuhle, wayenomusa kimi futhi engithengela utshwala. Yeka indlela engazizwa nginengeka ngayo lapho ngithola ukuthi lomuntu ungowesilisa ogqoke njengowesifazane! Yebo, lenightclub yayingeyongqingili. Ukuze sihlangabezane nesimiso salenightclub, kusukela ngo-9:00 p.m. kuya ku-5:00 a.m., ubusuku obuyisithupha isonto ngalinye, sasithembela ezidakamizweni ezidunga imizwa.

Ngemva kweminyaka emihlanu yokudlala eqenjini, kwenzeka okuthile okwangenza ngaqala ukucabanga ngokungathi sína ngenkolo. Umpristi ongumKatolika wamema iqembu lethu ukuba lizodlalela inhlangano yentsha ehholo lesonto lakhe. Kwakunentsha engaphezu kuka-500, futhi lompristi ongumKatolika nguyena owayeqoqa imali. Sasidlala umculo onomsindo ngempela, futhi iningi lalabantwana lalidakiwe. Kodwa kwakungelinye iqembu labantwana eladonsa ukunaka kwami. Lalihlezi lenze iziyingi endaweni yokudansa linikezelana izidakamizwa. Ngaqala ukuzibuza ukuthi ingabe uNkulunkulu ukhona ngempela yini.

Ingabe Ukhona UNkulunkulu?

Ekuhloleni kwami, ngaya esontweni lamaSabatha, lamaWeseli, lamaKatolika, nakwamanye. Kodwa ngaba nomuzwa wokuthi awasizi ngalutho, futhi ngokushesha ngayeka ukuya. Umuzwa wami wokusanguluka waqinisekiswa yilokho okwenzeka ngobunye ubusuku bangeSonto kwenye idisco. Izibani zazikhanya kancane futhi umculo ukhalela phezulu, futhi amehlo ami abona othengisa utshwala, owayengumpristi wendawo ongumKatolika. Wayegqoke ibhulukwe elimpintshayo, ivesti lodwa lingekho iyembe, kanye nesiphambano esikhulu silenga entanyeni yakhe. Sacabanga ukuthi akangcono ngalutho kunathi, futhi sambiza ngokuthi umpristi oyihippie.

Ngaba nesithakazelo kubuBuddha futhi ngathenga isithombe esincane sikaBuddha, engasibeka ekamelweni lami ngasembhedeni wami. Nsuku zonke ngangiguqa phambi kwaso ngithi, “O Buddha, ngicela ungisize.” Futhi ngangikholelwa ukuthi abantu banomphefumulo ongafi ohambayo oxhumene ngandlela-thile nomzimba nokuthi ngalendlela umuntu wayengaya nomaphi lapho ethanda khona endaweni yonke.

Lenkolelo yamanga yokungafi komphefumulo yathonya umculo wethu. (Qhathanisa umShumayeli 9:5, 10 noHezekeli 18:4.) Ngaqala ukubhala izingoma ngidungwe izidakamizwa. Iqembu lafunda ukudlala umculo wami, futhi sawuqopha ngenjongo yokuba uthengiswe. Ukuqopha kwathatha amahora amabili, futhi izingoma zalandela umongo wokuphila komphefumulo ohambayo. Enye yezingoma yayikhuluma ngoSathane; yayikhuthaza umqondo ohlambalazayo wokuthi uDeveli unamandla kunoNkulunkulu.

Ukuhileleka kwami ekulumbeni nasezidakamizweni ezidunga imizwa kwakungilimaza ngempela. Ngangivuka ebusuku ngibone izithunzi ezimnyama zihambahamba ekamelweni lami. Ngobunye ubusuku ngethuka kakhulu kangangokuthi izingalo zami zaxega, futhi ngangakwazi ukunyakaza njengoba into eyesabekayo yayiza ngakimi. Ngesinye isikhathi, ngangilele embhedeni wami lapho izinto eziyinqaba zibonakala ngokungazelele ekamelweni. Ngaqala ukufisa sengathi ngingakhululeka kulobugqila.

Usuku Olwaguqula Ukuphila Kwami

Ngalesikhathi umfowethu uCharles nomkakhe, uLorraine, base bengoFakazi BakaJehova. NgoMgqibelo ekuseni, ngangivame ukuvuka nginebhabhalazi futhi ngithole ipheshana ngasembhedeni wami. UCharles wayebhale kulo imibhalo embalwa yeBhayibheli eyayihlobene nendlela yami yokuphila enhlanhlathayo.

Khona-ke ngolunye usuku lwangeSonto, uCharles noLorraine bangimema ukuba ngihambe nabo ngiyobona idrama yeBhayibheli edlalwa oFakazi BakaJehova emhlanganweni wabo wesigodi waminyaka yonke ePitoli. Nginelukuluku lokubona ledrama, nganquma ukuhamba. Yeka indlela engangimangele ngayo ngenjabulo ngokubona isixuku esikhulu kangaka sabantu abahlanzekile! Ngalujabulela usuku nakuba ngangingawaqondi amaphesenti angu-90 alokho engakuzwa. Lapho uCharles engazisa kubangane bakhe, ngahlabeka umxhwele ngendlela abangamukela ngayo ngokufudumele, nakuba nganginezinwele ezinde futhi ngingagqokile ngendlela efanelekela leyondawo. Kwenziwa amalungiselelo okuba omunye uFakazi angiqhubele isifundo seBhayibheli.

Ngesonto elilandelayo, esikhundleni sokuyoprakthiza neqembu, ngaya emihlanganweni yoFakazi BakaJehova eHholo labo LoMbuso. Ekupheleni kwesonto, ngase nginqume ukuyeka kuleliqembu nokuthengisa izinsimbi zami zomculo. Ngemva kokuba iqembu selihlakazekile, savumelana ngokuthi mina ngigcine itape yokuqala yomculo wethu ngoba yimina owayebhale zonke izingoma futhi ngaqamba umculo. Angikwazanga ukumelana nesilingo sokuba ngiyigcine. Ngagcina nesiginci sami futhi ngaqhubeka ngidlala umculo wokulumba engangiwuqambe ngidungwe izidakamizwa.

Njengoba ngangiqhubeka ngifunda iBhayibheli futhi ngiya emihlanganweni yobuKristu, ukuqonda kwami izimfuneko zikaNkulunkulu kwakhula kancane kancane. Ngokushesha ngaqaphela ukuthi ukuze ngithokozise uNkulunkulu, kwakuyodingeka ngihlanganyele emihlanganweni yobuKristu nasekusakazeni izindaba ezinhle endlini ngendlu njengomunye woFakazi BakaJehova. (IzEnzo 5:42; Roma 10:10) Lapho ngicabanga ngalokhu ngangivele ngingenwe amanzi emadolweni. Amalimi ami ayemabi kangangokuthi ngase ngizehlukanisa, ngokuvamile ngithembela kwabanye ukuba bangikhulumele.

Amalimi Awazange Angivimbe

Lapho ngiya emihlanganweni, ngangivame ukuzitshela, ‘Uma nje ngingase ngikwazi ukuphendula njengabanye.’ Ekugcineni ngakwazi, kodwa yeka ukuthi ngazabalaza kanjani ukuwaphimisela lawomazwi ambalwa! Ngemva kokuphetha komhlangano, abaningi beza bangitusa. Bangenza ngazizwa njengomdlali webhola osanda kufaka igoli. Ngangiqala ukuzwa uthando oluqotho oluwuphawu lobuKristu beqiniso.—Johane 13:35.

Isithiyo sami sesibili saba lapho ngiqala ukuhlanganyela eSikoleni SeNkonzo EsingokwaseZulwini futhi kudingeka nginikeze inkulumo yokufundwa kweBhayibheli phambi kwezilaleli ezimbalwa. Ngangingiza kakhulu kangangokuthi angikwazanga ukuqeda lesabelo ngesikhathi esinikeziwe. Ngemva komhlangano umbonisi wesikole ngomusa wanginikeza iseluleko esiwusizo. Wasikisela ukuthi ngizijwayeze ukufunda ngokuphimisela ngingedwa. Lokhu ngakwenza, ngisebenzisa isikhathi esithile nsuku zonke, ngifunda ngokuphimisela eBhayibhelini lami nakumagazini weNqabayokulinda. Ukuzethemba engakuthola eSikoleni SeNkonzo EsingokwaseZulwini kwangisiza ukuba ngibhekane nenselele yokuhambela abantu engingabazi enkonzweni yendlu ngendlu. Ngo-October 1973, ngabhapathizwa ngibonakalisa ukuzinikezela kwami kuJehova uNkulunkulu.

Ukugqashula Unomphela

Nokho, ngangisengumKristu omusha, ongavuthiwe. Ngokwesibonelo, ngemva kokuhlanganyela ekushumayeleni endlini ngendlu ngosuku olubandayo lwangeSonto, ngangigibela emotweni yami ngivale amafasitela. Ngenkathi ngisajabulela ukufudumala kwelanga, ngangilalela ikhasethi letape yokuqala yomculo wami. Ngesikhathi esifanayo, ngase ngiqale ukuqomisana nentokazi enhle, uDebbie, owayehlanganyela emsebenzini wokufakaza isikhathi esigcwele. Ngesinye isikhathi, lapho ngisalalele leyotape, uDebbie weza emotweni, futhi ngayicisha ngokushesha itape. Ngaphakathi kwami ngaqaphela ukuthi kwakungewona umculo ofanelekayo kumKristu.

Ngokushesha ngemva kokuba mina noDebbie sishadile, saqala ukuba nezinkinga. Ngokuvamile ngangiphaphama ezinzulwini zobusuku ngijuluka futhi ngiqhaqhazela. Ngangiba namaphupho athusayo engiphupha kuwo ngidabula imifula yegazi kuyilapho ngijahwa amademoni. Umkami waba nesikhathi esinzima izinyanga eziningi ngenxa yalokhu kuhlaselwa amademoni. Nakuba uDebbie ayengaqapheli ngokuphelele ukuthi umculo wami ukhuluma ngani, wasola ukuthi wawunethonya elibi kimi, futhi wazwakalisa lowombono. Kodwa ngaphikelela ngenkani: “Ngizoyigcina phakade letape njengesikhumbuzo.”

Sasiphikisana nangezinye izinto eziningi, futhi ngokuvamile ngangigcina sengikhuluma naye ngokhahlo. Ngenxa yokuthi sasilwa kaningi, uDebbie ngokuhlakanipha wacela usizo kubadala bebandla. Ngezinye izikhathi umdala wayevakasha futhi azame ukusisiza, kodwa ngemva kokuba lowomdala esehambile, ngangiphinda ngimthukuthelele uDebbie. Ngiqhosha kakhulu ukuba ngikwamukele ukuthi sasidinga usizo, ngangithi: “Ulithathaphi igunya lokuya kubadala ukhulume nabo. Lowo umthwalo wami wemfanelo. Yimina inhloko yalendlu.” Yebo, nganginombono ongalinganiseli ngobunhloko. Khona-ke ngangiqumba futhi ngingamkhulumisi izinsukwana. Manje ngiyaqaphela ukuthi wayemane nje ezama ukusindisa umyeni wakhe nomshado wakhe.

Khona-ke ngobunye ubusuku uDebbie wakhuluma nomunye wabadala ngokudlala kwami isiginci nohlobo lomculo engiwulalelayo. Ngakho umdala weza futhi waxoxa nami isikhathi eside. Ngiyakhumbula ukuthi wangibuza: “Ingabe kukhona onakho endlini yakho okungenzeka kuyimbangela yezinkinga zakho?” Ekugcineni ngamazisa futhi ngamtshela ngetape, ngivuma ukuthi yayihlupha unembeza wami.—1 Thimothewu 1:5, 19.

Ngabo lobobusuku, ngemva kokuhamba komdala, nganquma ukuhlukana naletape. Mina noDebbie sayiyisa emva kwendlu futhi sazama ukuyishisa, kodwa ayizange ishe. Ngakho semba umgodi sayigqiba. Ngathengisa futhi nesiginci sami. Ngacabanga: ‘Ukuze ngigqashule emculweni owonakalisayo, khona-ke kumelwe ngikwenze ngokuphelele.’ Futhi ngokumangalisayo, angibange ngisaba namaphupho esabisayo. Kusukela ngalesosikhathi kuqhubeke, izinto zathuthuka kancane kancane emshadweni wethu.

Inselele Yokukhuluma Obala

Nakuba iSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini sasinginike ukuzethemba okwengeziwe, ngangisangingiza kakhulu. Ngangilangazelela ukukwazi ukunikeza inkulumo ebandleni ngaphandle kokungingiza. Ngomusa uDebbie wasikisela ukuba ngiye kumelaphi wabanenkinga yokukhuluma. Ngavuma, futhi cishe ezinyangeni ezine, ngathola usizo lochwepheshe kanye ngesonto. Ngokusebenzisa lokhu kwelapha kanye neseluleko esihle esivela enhlanganweni kaJehova, ngiye ngakwazi ukuthuthuka ekukhulumeni obala.

Ngo-1976, ngaba nelungelo lokumiswa njengomdala ebandleni lakithi. Ezinyangeni ezimbili kamuva, nganikeza inkulumo yami yeningi yokuqala yemizuzu engu-45. Eminyakeni embalwa kamuva, ngaba nelungelo lokunikeza inkulumo yami yokuqala esimisweni somhlangano wesifunda. Ngokuhamba kwesikhathi ngabelwa inkulumo cishe kuyo yonke imihlangano yesifunda. Khona-ke, ngoDecember 1990, ngafinyelela eqophelweni eliphakeme lokuhlangenwe nakho kwami njengesikhulumi sasobala. Ngaba nelungelo lokunikeza inkulumo yemizuzu engu-20 eyayikhuluma ngokuphila komkhaya kobuKristu ezilalelini ezingaphezu kwezinkulungwane ezine esimisweni sesiNgisi eMhlanganweni Wesigodi “Wolimi Oluhlanzekile” woFakazi BakaJehova eGoli.

Kudingeka ngisebenzele ngokuqhubekayo enkingeni yami yamalimi. Uma ngingasebenzeli kuyo, angaphinde angihlasele, futhi uma nje ngingangena ethonyeni lamalimi, kunzima ukuba ngigqashule kuwo. Ngezikhathi ezithile, ngisaba nayo inkinga encane, kodwa ukuthembela kuJehova kuyasiza ngempela. Lapho nje ngiya endaweni yesikhulumi ngiyonikeza inkulumo, ngithandaza kuJehova ukuba angisize ngingatatazeli futhi ngikunikeze kahle ukwaziswa. Nokho, kumelwe ngisho ukuthi angikaze ngikhohlwe ukubonga uJehova ngokuthobeka ngemva kwenkulumo ngoba usizo lwakhe oluye lwangenza ngakwazi ukuyinikeza.

Mina noDebbie siye sabusiswa futhi nangabantwana ababili abathandekayo, uPendray, oneminyaka engu-15, noKyle, oneminyaka engu-11. Njengomkhaya, sithola injabulo enkulu ngokuya enkonzweni yendlu ngendlu. Intshiseko uPendray noKyle abayibonisayo ngalomsebenzi iyisikhuthazo sangempela kimina noDebbie.

Uma ngibheka emuva ekuphileni kwami, ngiba nomuzwa wako kokubili injabulo nokuzisola. Ukuzisola ngethonya elibi umculo wami owaba nalo kwabanye kodwa injabulo ngokuthi ngithole iqiniso, ngayeka ukudlala umculo owonakalisayo, futhi ngaphumelela ekunqobeni isithiyo samalimi. Ngokuvamile ngicabanga ngamazwi kaJesu kubafundi bakhe: “Niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.” (Johane 8:32) Ngomusa kaJehova ongasifanele, nakimi lokho kuye kwaba okuhlangenwe nakho okujabulisayo.—Njengoba ilandiswa nguWilliam Jordaan.

[Izithombe ekhasini 26]

UDebbie noWilliam Jordaan namuhla

Kudingeka ngisebenzele ngokuqhubekayo enkingeni yami yamalimi

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela