Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g98 1/22 kk. 13-15
  • Indlela Engikubekezelela Ngayo Ukungingiza

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indlela Engikubekezelela Ngayo Ukungingiza
  • I-Phaphama!—1998
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imivuzo Yokuba Nesimo Sengqondo Esiqondile
  • Indlela Abanye Abangasiza Ngayo
  • Amalungelo Enkonzo Athé Xaxa
  • Indlela Yokubhekana Namalimi
    I-Phaphama!—2010
  • Ukuqonda Inkinga Yokwesaba Ukungingiza
    I-Phaphama!—1997
  • ‘Nolimi Lwezingingingi Luyakukhuluma’
    I-Phaphama!—1996
  • Iqiniso Lingikhululile
    I-Phaphama!—1992
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1998
g98 1/22 kk. 13-15

Indlela Engikubekezelela Ngayo Ukungingiza

Njengoba ilandiswa uSven Sievers

BENGILOKHU ngingingiza kusukela ngisewumntwana. Uma ngibheka emuva, ngiyayazisa indlela abazali bami abayisingatha ngayo lenkinga. Lapho ngingingiza, njalo babezama ukulalela lokho engifuna ukukusho kunokuba balungise indlela engikhuluma ngayo. Ngokwabelaphi bamalimi, abazali abagxila kakhulu ekungingizeni komntanabo bangase benze lenkinga ibe yimbi nakakhulu.a

Umama waba ngomunye woFakazi BakaJehova lapho ngineminyaka emithathu ubudala. Lapho sengikhulakhulile nganquma ukulandela isibonelo sakhe futhi ngasizwa ukuba ngifundisise iBhayibheli. Ngo-July 24, 1982, ngabhapathizwa njengenceku ezinikezele kaNkulunkulu emhlanganweni waseNeumünster, eJalimane. Kamuva, ngathuthela eNingizimu Afrika, lapho ngaqhubeka khona ngihlanganyela emsebenzini wokushumayela obala wonke amaKristu eqiniso ayalwa ukuba ahlanganyele kuwo. (Mathewu 28:19, 20) Ungase uzibuze, Ngikwazi kanjani ukwenza lokhu njengoba ngingingiza?

Imivuzo Yokuba Nesimo Sengqondo Esiqondile

Kumelwe ngivume ukuthi ngezinye izikhathi kunzima ukuba ngihlale nginesimo sengqondo esiqondile, kodwa ngiye ngathola ukuthi ukuba nesimo sengqondo esinjalo kwenza umehluko omkhulu. Iqiniso liwukuthi ngandlela-thile ngaso sonke isikhathi ngiyakwazi ukuxoxa nabanye. Uma ngingakhulumi ngomlomo, ngibhala imiyalezo noma ngimane ngibonise abanye izincwadi zeBhayibheli. Isimo sengqondo esiqondile singisiza ukuba nginqobe ubunzima bokuqala ingxoxo. Ngizama ukuba nesethulo esilula. Lapho ngiqala ingxoxo, ngivumela umninikhaya ukuba kube nguye okhuluma kakhulu. Abantu bayakuthanda ukukhuluma, futhi lokhu kunginikeza ithuba lokwazi indlela abacabanga ngayo. Khona-ke, ngibe sengiqhubeka nengxoxo ngezinto abanesithakazelo kuzo, ngiqokomisa umyalezo weBhayibheli. Ukugxila kulokho abakushoyo kungisiza ukuba ngikhohlwe inkinga yami yamalimi, kanjalo kuyancipha ukungingiza.

Isimo sengqondo esiqondile singisiza nokuba ngiphendule emihlanganweni yobuKristu. Ngiye ngaqaphela ukuthi lapho ngihlanganyela kakhulu ezingxoxweni zeBhayibheli, izilaleli nomqhubi bayangijwayela futhi balalele engikushoyo kunokuba balalele ukuthi ngikusho kanjani.

Ukuze ngijabulele impumelelo, kumelwe ngiqhubeke ngizama. Lokhu kungivimbela ukuba ngingazidabukeli bese ngiba unkom’idla yodwa. Ukulwa nokuzidabukela kuyimpi eqhubekayo. Kuthiwa uma umuntu ewa ehhashini, kubalulekile ukuba aphinde aligibele ukuze angaphelelwa ukuzethemba. Ngakho uma ngima phakathi nempendulo ngoba nginenkinga, ngomqondo ongokomfanekiso ngiyaye ngizame ukuphinde ngiligibele ihhashi ngokuba ngiphendule lapho kuvela ithuba elilandelayo.

Indlela Abanye Abangasiza Ngayo

Lapho kudingeka ngishaye ucingo noma ngibuze okuthile kubantu engingabazi, ngiyalwazisa usizo olunikezwa ngokuhlakanipha. Kodwa abanye abantu bayeqisa lapho benikeza usizo, futhi bangiphatha njengomntwana ongakwazi ukwenza izinqumo.

Ngiyalwazisa nosizo lomkami onothando, uTracy. Ngaphambi kokuba asebenze ‘njengomlomo’ wami, sixoxa kabanzi ngesimo ukuze akwazi engilindele ukuba akwenze. (Qhathanisa no-Eksodusi 4:10, 14, 15.) Ngaleyo ndlela, uyangihlonipha njengomyeni wakhe, futhi angishiye nginomuzwa wokuthi ngisenamandla okulawula ukuphila kwami.

Olunye usizo olukhulu kuye kwaba iSikole Senkonzo Esingokwasezulwini. Kulomhlangano wamasonto onke, abafundi bahlanganyela ekufundweni kweBhayibheli kwasobala nasekunikezeni izinkulumo ezimfushane ngezihloko zeBhayibheli. Ngamangala lapho ngithola ukuthi ngingafunda futhi ngikhulume kahle phambi kwezilaleli. Ukube ngangingabhalisanga esikoleni, mhlawumbe ngangingeke ngiliqaphele leli khono.

Lapho nginezabelo eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini, ngiye ngakhuthazeka kakhulu lapho umphathi wesikole egxila kulokho engikushilo kunokuba agxile endleleni engikusho ngayo. INcwadi Yokuchasisa Isikole Senkonzo Esingokwasezulwinib iye yangizuzisa kakhulu, nakuba izingxenye ezithile zalencwadi ziyinselele kakhulu kwabangingizayo kunakulabo abakhuluma kahle. Ngokwesibonelo, ngenxa yokungingiza kakhulu, ngezinye izikhathi ngiyehluleka ukuqeda inkulumo yami ngesikhathi. Nokho, kuyangikhuthaza lapho umphathi wesikole egcizelela amaphuzu engikwaziyo ukusebenzela kuwo.

Amalungelo Enkonzo Athé Xaxa

Esikhathini esidlule, ngiye ngaba nelungelo lokufunda obala incwadi yobuKristu esiyifunda emihlanganweni yethu. Ngiye ngaba nanelungelo lokuqhuba isifundo lapho engekho omunye umqhubi ofanelekayo, futhi namuhla ngikwenza njalo lokho. Nakuba ngiyaye ngethuke lapho ngisaqala, ngiye ngalubona usizo lukaNkulunkulu ekufezeni izabelo ezinjalo.

Nokho, eminyakeni eminingi amathuba okuba ngifunde noma ngifundise ibandla endaweni yesikhulumi ayelinganiselwe. Lokhu kwakuqondakala, ngoba ngezinye izikhathi ngangephuza ukuzwakala ukuthi ngithini. Ngakho ngasebenzisa amandla ami ngokugcwele ekusingatheni ezinye izabelo. Okokuqala, ngasebenza njengomsizi ekunakekeleni omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! abafika ebandleni. Khona-ke, ngemva kokutuswa njengenceku ekhonzayo, nganakekela isitoko samaBhayibheli kanye nezinye izincwadi. Kamuva, ngabelwa ukuhlola amakhadi ensimu asetshenziswa emsebenzini wethu wokushumayela obala. Kwangilethela injabulo enkulu ukugxila kulezi zabelo, ngizama ukwenza okusemandleni.

Kuleminyaka engu-8 edlule, ngiye ngakhonza kanye noTracy njengomshumayeli wesikhathi esigcwele. Ngokuqinisekile uJehova uye wangibusisa nakulesi sici. Eqinisweni, ngezinye izikhathi ngiyazibuza ukuthi ingabe uJehova usebenzisa ubuthaka bami bokungingiza yini. Kubantu abahlanu engibé nelungelo lokubasiza babe amaKristu azinikezele, ababili bayangingiza.

Ngisakhumbula injabulo enganginayo mhla ngituswa ukuba ngikhonze njengomdala ebandleni. Nakuba ikhono lami lokufundisa endaweni yesikhulumi lilinganiselwe, ngizama ukugxila ekusizeni abanye ngokomuntu siqu. Ukungingiza akungivimbeli ekwenzeni ucwaningo olungokomBhalo ukuze ngisize amalungu ebandla abhekene nezinkinga ezingathi sína.

Kuleminyaka emihlanu edlule, ngiye ngacelwa ukuba ngisingathe izabelo ezengeziwe zezinkulumo. Ngaphandle kokunikeza izinkulumo eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini, ngiye ngakwazi ukusingatha izaziso ezimfushane kweminye imihlangano. Kancane kancane ngaya ngishelela. Kodwa-ke ukungingiza kwabuye kwabuya ngamandla. Ngikhathazekile, ngacabanga, ‘Ngeke ngiphinde nginikezwe izabelo,’ kodwa ngamangala lapho ngithola igama lami esimisweni esilandelayo! Umbonisi owengamele webandla lakithi wathi uma ngingingiza kakhulu ngize ngihluleke ukuqhubeka, angovele ngimbheke futhi uyokuza esiteji aqhubeke nenkulumo. Ngalisebenzisa kanye noma kabili leli lungiselelo lothando, kodwa sekuyizinyangana ngingakwenzi lokho. Njengoba ikhono lami lokukhuluma lithuthuka, ngabelwa izingxenye ezinde, kuhlanganise nezinkulumo zeningi. Ngaqaphela intuthuko engase ngiyifinyelele lapho muva nje ngicelwa ukuba ngihlanganyele emibonisweni emibili emhlanganweni wesifunda woFakazi BakaJehova.

Angazi kahle ukuthi ikhono lami lokukhuluma liye lathuthukiswa yini. Kanti-ke, ngingase ngihluleke kusasa. Eqinisweni, nakuba kubonakala sengathi ngiye ngathuthuka kakhulu ekukhulumeni endaweni yesikhulumi, ngiye ngaba nobunzima obukhulu lapho ngikhuluma nabantu ngokuqondile. Ngakho lokhu akusho ukuthi sengikunqobe ngokuphelele ukungingiza. Lapho ngiba nobunzima, ngizama ukuzikhumbuza ukuthi kudingeka ngamukele ukulinganiselwa kwami futhi ‘ngihambe noNkulunkulu ngokuthobeka.’—Mika 6:8.

Kungakhathaliseki ukuthi ikusasa lingiphatheleni, ngiyoqhubeka ngizama, ngazi ukuthi ezweni elisha likaNkulunkulu elisondelayo, ukungingiza kuyonqotshwa ngokuphelele. IBhayibheli lithi: ‘Ulimi lwezingingingi luyakushesha lukhulume kahle.’ Ngiyaqiniseka ukuthi lokhu kuyofezeka ngokoqobo nangokomoya nokuthi ngisho ‘nesimungulu siyakuhuba.’—Isaya 32:4; 35:6.

[Imibhalo yaphansi]

a Bheka isihloko esithi “Ukuqonda Inkinga Yokwesaba Ukungingiza,” kumagazini wethu ka-November 22, 1997.

b Inyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.

[Isithombe ekhasini 15]

Nginomkami, uTracy

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela