Ukufuna Kwami Ukuba Yingcweti Njengomdansi
NGANGISANDA kuhlanganisa iminyaka engu-12 yobudala lapho ngivela okokuqala esiteji njengomdansi lapho ngazalelwa khona eRome, eItaly. Kwakungo-1945, ngemva nje kwempi yezwe yesibili.
Cabanga nje ukuthi kwakunjani ngengane eyayibone futhi yezwa imiphumela yalokho kubulala okwethusayo ukungena enkundleni yomdanso futhi yenze lokho kanye ethanda kakhulu ukukwenza—ukudansa! Ngangijabulile!
Ngemva kokudansa njengeqembu, ekugcineni ngathuthukela ekudanseni ngedwa. Ngangenza ngokukhethekile izitayela zaseCuba ezinethonya laseAfrika, izitayela zaseMpumalanga, nezaseHawaii, kodwa ngangidansa futhi imidanso yerumba ehlukahlukene, amacha-cha, amatango, amaboogie-woogie, neminye eyayisemfashinini ngalesosikhathi.
Ukudansa kwangivulela amathuba okuya emazweni amasha ajabulisayo. Ngokwesibonelo, ngawo-1950 ngavela emabhayisikobho aziwa kakhulu, ahlanganisa iWar and Peace neQuo Vadis. Kwakujabulisa ukusebenza nabantu abadumile njengoElizabeth Taylor, uMay Britt, uEleanora Rossi Drago, uRobert Taylor, uValentina Cortese, noGabriele Ferzetti.
Ukufinyelela “Impumelelo”
Ekufuneni kwami impumelelo, ngangihamba ngisuka komunye umkhawulo wezwe ngiye komunye, ngivakashela eAden, eYemen; eKapa, eNingizimu Afrika; eLondon, eNgilandi; eBangkok, eThailand; eTehran, eIran; nasemadolobheni ahlukahlukene eAustralia. Ekugcineni ngayithola impumelelo. Lapho ngiseneminyaka engu-19, ngangijabulela lokho okuthiwa yizwe elihle.
Ukuqeqeshwa okukhathazayo nokuphathwa ngokhahlo engadlula kukho ukuze ngizigcine nginokuma okuhle ngokomzimba futhi ngihlale ngikhanga ngokomzimba kwakunzima kakhulu. Nokho, lapho ngicabanga ngempumelelo engase ngiyifinyelele kakade nomgomo wami wokwaziwa ngisho nangokwengeziwe, ngabamukela kalula lobobunzima.
Kubantu engangisebenzelana nabo, abantu abacebile nabahloniphekile babenobungane obuseduze namasela, abashushumbisi bezidakamizwa, nezigebengu. Kwakuyizwe elinokuziphatha okubi okungakholeki, izwe elicwile ezidakamizweni, otshwaleni, ekuziphatheni okubi, nasebudloveni. Kodwa lokho kwakungangikhathazi ngalesosikhathi. Ukuphila kwami kwagxila ekudanseni nasendleleni yokuphila kokunethezeka yezimo ezibizayo, amatshe ayigugu, izingubo zokugqoka, namahhotela adumile.
Nakuba ngangithola imali eningi, eningi yayo yayiphelela emaphaketheni abaphathi bami. Ukuze ngilondoloze izinga lokuphila engase ngilijwayele, ngathola umsebenzi wasemini njengosebenza emshinini wemali. Futhi kuyadabukisa ukusho ukuthi ngavumela ukwephula izimiso zami futhi ngahlanganyela ekuziphatheni okubi.
Ukuphindela Kwami Ekhaya
Ngo-1965, ngemva kokujabulela impumelelo ephawulekayo yobungcweti emazweni akude, nganquma ukuphindela eItaly ukuze ngizinikele ekubeni umdansi omkhulu ngempela wezikhathi zethu. Ngacabanga ukuthi okuhlangenwe nakho kwami nedumela engangikuzuze emazweni akude kwakuyongilethela amathuba amasha ezweni lakithi. Kunalokho, ngabhekana namaqiniso abuhlungu. Ngokushesha indlela eya empumelelweni yabonakala ivaleka.
Ngokuhamba kwesikhathi, ngaqala ukudlala kumanightclub namadisco anokuziphatha okonakele. Ngazizwa nginesizungu, ngibambeke esimweni esingcolile futhi ngiphoqelekile ukwenza ngokuvumelana nazo zonke izinhlobo zokusongela nobudlova. Ngakhipha izisu kabili futhi ngacishe ngafa. Yeka inani okwadingeka ngilikhokhe ngokufuna kwami ngobuwula impumelelo! Lapho sengikhahlazeke kakhulu, ngathola okuthile okuye kwenza ukuphila kwami kwaba yimpumelelo yangempela.
Usuku Olubalulekile Ekuphileni Kwami
Kwakusehlobo ntambama ngo-1980, futhi ngangisendleleni ngiya echibini lokubhukuda eliseduze nendlu yami esifundazweni saseAlessandria. Lapho ngahlangana nomngane wami, owenza isicelo esingavamile. “Ungangiphelezela esifundweni seBhayibheli engisiqhutshelwa omunye woFakazi BakaJehova?” ebuza.
“UJehova? Futhi ubani uJehova?” ngifuna ukwazi.
“UJehova igama likaNkulunkulu,” ephendula.
Kwalandela ingxoxo ekhuthazayo eyangenza ngakukhohlwa ngokuphelele ukubhukuda. Ngaphelezela umngane wami ngemoto sayovakashela leyontokazi enguFakazi, futhi ngabuza ukuthi ngingahlanganyela yini esifundweni seBhayibheli. Ngangicabanga ukuthi ngangizothola isimo esingaqondakali, mhlawumbe umfundisi othile noma umuntu ongcwele ogila imikhuba engavamile nethusayo ekukhanyeni okusakazekile. Kunalokho, ngazithola ngisendlini evamile ngimi phambi kowesifazane ovamile owasemukela ngomusa omkhulu. Isifundo sasisesahlukweni sesithathu sencwadi IQiniso eliholela ekuPhileni okuPhakade, esihlokweni esithi “Ngubani uNkulunkulu?”
Ukwazi ukuthi uNkulunkulu unegama lakhe siqu nokuthi igama likaNkulunkulu “uJehova” kwakuyisambulo esiphawulekayo kimi. (IHubo 83:18) Ngacabanga, ‘Uma amasonto efihle ngisho negama likaNkulunkulu, ubani owazi amanye amaqiniso okungenzeka bawafihlile!’ Ngabuza loFakazi ukuthi izifundo zakhe zazibiza malini futhi ngamangala ukuthola ukuthi zazinikezwa ngesihle. Ezweni engiphila kulo, akekho umuntu owayenza noma yini mahhala. Ngakhuthazwa ukuqalisa isifundo seBhayibheli.
Ukwenza Izinguquko
Nganginesikhathi esincane kakhulu ngenxa yesimiso sami somsebenzi—ngangisafeza izithembiso zokudansa emadolobheni ahlukahlukene. Nokho, nganginesifiso sokuba lentokazi ifike ingivakashele ukuze ngifunde okwengeziwe ngoNkulunkulu weqiniso, uJehova. Ngaphandle kokufunda ukuthi uNkulunkulu unegama, ngathola ukuthi uJesu noNkulunkulu abayena umuntu oyedwa. Abayona ingxenye kaZiqu-zintathu. Ngabuye ngathola indlela enganginephutha ngayo ngokucabanga ukuthi uNkulunkulu wayefile! Kunalokho, manje ngaqala ukujwayelana noMuntu ongokoqobo, uNkulunkulu ophilayo futhi ofeza izinto!
Ekugcineni ngathola injongo yokuphila! Yeka indlela engimbonga ngayo uJehova! Ngaqala ukuba khona kuyo yonke imihlangano yoFakazi BakaJehova. Lapho ngazuza ukuqonda okungcono ngezimfanelo ezimangalisayo zaloNkulunkulu onothando nonesihe. Lokhu kwangiduduza kakhulu, lapho ngicabanga ngohlobo lokuphila engangikuphila. Ngokubona ukuthula kwesizotha ebusweni balabo ababesemihlanganweni eHholo LoMbuso, ngaqaphela ukuthi ngangithole izwe elihle ngempela, futhi ngazimisela ukuba ngingalokothi ngilishiye.—IHubo 133:1.
Nokho, ngaqala ukuqaphela ukuthi uma ngifuna ukuphila kulelozwe, kwakumelwe ngenze izinguquko ezinkulu ekuphileni kwami. Ngemva kokuba khona emhlanganweni wesigodi woFakazi BakaJehova nokuzwa izimiso zeBhayibheli zichazwa ngokucacile, nganquma ngokuqinile ukuthi ngangizokushintsha ukuphila kwami. Ngayeka ukudansa, okwakuyinjabulo yami enkulu ekuphileni kuze kube ngalesosikhathi. Ngahlukana nendoda engangihlala nayo eminyakeni eyisithupha edlule futhi ngayeka ngokuphelele konke okwakungixhumanisa nendlela yami yokuphila kwangaphambili nebhizinisi elonakele lokudansa. Ngalahla futhi namakheli nezinto ezazingangikhumbuza abaphathi nabangane-mbumbulu.
Ukuphila Okusha
Manje, ngangingasasebenzi futhi ngingenakhaya, nokho ngangifunda ukuthembela kuJehova ngokugcwele. Njengoba nganginesidingo esingokwezimali, ngathengisa izinto zami eziyigugu—imoto, amajazi oboya, amatshe ayigugu—izinto engangicabanga ukuthi ziwuphawu lwempumelelo yangempela ekuphileni. Ukuze ngiziphilise, ngaqala ukukolobha izitebhisi zezindlu futhi ngicocela imikhaya. Ngiye ngathola ukuthi impumelelo yangempela ekuphileni ayinqunywa, ngalokho onakho noma isikhundla, kodwa kuphela ngokuthi umuntu unaso yini isibusiso sikaJehova.
NgoApril 23, 1983, ngabhapathizwa njengomunye woFakazi BakaJehova. Babengekho abathwebuli bezithombe ababengizungezile ngalolosuku, kuphela oFakazi engikanye nabo ababejabulela ukwamukela umdumisi kaJehova omusha phakathi kwabo. Ngokushesha ngemva kwalokho ngaya eAustralia ukuze ngisize umfowethu ukuba afunde lezinto ezimangalisayo engangizifundile. Ngisho nakuba yena nabantwana bakhe bengazange babe nentshiseko enganginayo ngeqiniso leBhayibheli, ukuhlala kwami eAustralia kwabonakala kuthela kakhulu.
Ngokushesha ngakwazi ukungenela inkonzo yesikhathi esigcwele njengephayona futhi ngathola amaNtaliyane ahlala eAustralia abonisa isithakazelo eBhayibhelini. Ngokuhamba kwesikhathi, ngase ngiqhuba izifundo zeBhayibheli eziningi ezithuthukayo. Kamuva, ngo-1985, ngaphindela eItaly. Ekuqaleni ngathola ubunzima bokuhlala, kodwa manje nginendlu encane futhi ngiphila ngemali yempesheni, engenza ngikwazi ukukhonza njengesikhonzi sesikhathi esigcwele futhi ngibe khona kuyo yonke imihlangano yebandla.
Iminyaka eminingi ngafuna impumelelo emdansweni ngaphezu kwanoma yini enye. Ngangicabanga ukuthi inkazimulo nodumo kwakuyikho konke. Ngazama ukulingisa abantu abadunyiswa kakhulu. Yeka indlela konke osekuhluke ngayo manje! Yiqiniso, ukudansa kungokuthile okumangalisayo, kodwa manje ngiye ngathola ukuthi impumelelo yangempela ekuphileni iza ngokusiza abanye ukuba bafunde ngezithembiso ezimangalisayo zikaJehova uNkulunkulu, hhayi ngokuphilela inkazimulo yomuntu siqu.
Ngilindele ngethemba ukugcwaliseka kwalesithembiso esimangalisayo: “Lindela uJehova, ulonde indlela yakhe; uzakukuphakamisa, udle ifa lomhlaba, ubukele lapho ababi bechithwa khona.” (IHubo 37:34; 2 Petru 3:13)—Njengoba ilandiswa nguEdvige Sordelli.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 13]
Ngavela emabhayisikobho aziwa kakhulu, kuhlanganise neWar and Peace neQuo Vadis