Umbono WeBhayibheli
Ingabe Ukudansa Kuwafanele AmaKristu?
“ANGINAKUKUBUKELA lokhu. Kuzodingeka ngiphume,” kuhlebeza insizwa kumkayo njengoba isukuma esihlalweni sayo futhi ishiya igumbi ukuze ihambahambe emoyeni opholile wasebusuku. Yayidumele.
Yona nomkayo babemenywe abangane embuthanweni wakusihlwa. Labo ababebamemile babenqume ukuba kube nemidlalo yokunandisa okwakukhona kuyo abesifazane abathathu abadansayo. Ezinye izibukeli zazibonakala zingashaqekile. Ingabe lensizwa yayizwela ngokweqile? Akukhona yini ukuthi abadansi babemane nje bebonisa imizwa yabo yangaphakathi futhi bejabulela inkululeko yokudansa? Ake sizame ukuqonda umdanso ngokombono wobuKristu.
Ukudansa Kuyindlela Yokuxhumana
Enye yezindlela abantu abaxhumana ngayo ukushukuma komzimba noma ukunyakaza. Ngokwesibonelo, lapho zikwelinye izwe, izivakashi eziningi ziye zamangala lapho zithola ukuthi umnyakazo ezaziwubheka njengongenalutho olubi unencazelo ehlukile lapho—mhlawumbe engathandeki. Owayeyisithunywa sevangeli eSolomon Islands, eMalaysia, nasePapua New Guinea waphawula: “Kwezinye izindawo izinto ezisikisela ubulili zihlotshaniswa neminyakazo yomzimba ethile. Ngokwesibonelo, lapho owesifazane ehleli phansi, kubhekwa njengokungafanele ngowesilisa ukuba eqe izinyawo zakhe. Ngokufanayo, akukhona ukuhlakanipha ngowesifazane ukuba ahambe phambi kowesilisa ohleli phansi. Zombili lezi zimo ziqondakala ngokushesha njengezisikisela isenzo sobulili.” Kungakhathaliseki ukuthi siyakuqaphela lokhu noma cha, iminyakazo yethu yomzimba iyakhuluma. Ngakho-ke akumelwe kusimangaze ukuthi kuwo wonke umlando ukudansa kuye kwasetshenziswa njengendlela yokuxhumana.
Zonke izinhlobo zemizwelo zingase ziboniswe ngomdanso—kusukela ekujabuleni nasekungqabitheni emkhosini kuya esimweni esinesizotha somkhuba nesiko elingokwenkolo. (2 Samuweli 6:14-17; IHubo 149:1, 3) I-New Encyclopædia Britannica ithi: “Umdansi uxhumana nezibukeli ngezindlela ezimbili eziphawulekayo, kungaba ngokuthululwa kwemizwelo ngokusebenzisa umzimba kanye nobuso noma ngolimi oluyinkimbinkimbi lokulingisa nokushukumisa umzimba.” Kweminye imidanso lokho okushiwoyo kungase kubonakale kuqondakala kalula kakhulu. Kwezinye izinhlobo zomdanso, ulimi lungase luqondwe abambalwa abanolwazi kuphela. Ngokwesibonelo, emdansweni we-ballet wezinga eliphezulu isandla esibekwe enhliziyweni sibonisa uthando, kuyilapho ukukhomba umunwe wesine wesandla sobunxele kubonisa umshado. Kuyi-opera yaseChina ukuhamba uzungeze kubonisa uhambo, kuyilapho ukuzungeza isiteji uphethe isiswebhu esivundlile kubonisa ukugibela ihhashi; ifulege elimnyama elihudulwa linqamule isiteji lisho isivunguvungu, kuyilapho elithi alibe luhlaza okwesibhakabhaka libonisa umoya ohelezayo. Ngakho umzimba uyakhuluma ngeminyakazo yokudansa nokushukuma komzimba. Kodwa ingabe imiyalezo ifanelekile ngaso sonke isikhathi?
Ukudansa—Okufanele Nokungafanele
Ukudansa kungaba uhlobo olujabulisayo lokuzijabulisa nokuzivivinya. Kungase kube inkulumo ehlanzekile nesobala, ebonisa ukusabela kwenjabulo okungokomzimba ekujabuleleni ukuphila nje noma ukwazisa ngobuhle bukaJehova. (Eksodusi 15:20; AbAhluleli 11:34) Eminye imidanso yamaqembu neyesintu ingaba ejabulisayo. Emfanekisweni wakhe wendodana esaphazayo, uJesu wabhekisela ngisho naseqenjini labadansi, ngokusobala okuyiqembu lomdanso eliqashiwe, njengengxenye yomkhosi. (Luka 15:25) Ngakho, ngokusobala, iBhayibheli alikulahli ukudansa khona ngokwakho. Nokho, liyaxwayisa ngokuvuswa kwemicabango nezifiso ezimbi. Yilokhu okungase kwenze ezinye izinhlobo zomdanso zibe ezingenasizotha, zibe yingozi ngisho nakuyingokomoya lomuntu. (Kolose 3:5) Kusukela ezikhathini zasendulo ngezinye izikhathi ukudansa kuye kwaba okuvusa inkanuko yobulili futhi kuye kwasetshenziselwa izinjongo ezilimazayo.—Qhathanisa noMathewu 14:3-11.
ISitha sethu, uSathane uDeveli, siyazi ukuthi inhlanganisela yeminyakazo yokudansa nemicabango engafanele iyisikhali esinamandla esisisebenzisayo. (Qhathanisa noJakobe 1:14, 15.) Sikuqaphela kahle ukuyenga kwenkanuko yomzimba onyakazayo nendlela okungabangela ngayo imicabango evusa inkanuko yobulili. Umphostoli uPawulu waxwayisa ukuthi uSathane uzimisele ukusiyenga ukuze ‘izingqondo zethu zonakaliswe zisuke ebuqothweni nasebumsulweni obufanele uKristu.’ (2 Korinte 11:3) Cabanga indlela uDeveli angajabula ngayo uma ngokubukela kwethu noma ngokuba nengxenye ekudanseni okungenasizotha singavumela izingqondo zethu ukuba ziwele ogibeni lwemicabango yokuziphatha okubi. Angajabula nangokwengeziwe uma izifiso zethu ezingalawuleki zingadedelwa futhi ziphumele esimweni esidabukisayo sokuziphatha okungafanele. Esikhathini esidlule uye wasebenzisa umnyakazo nomdanso ngaleyo njongo.—Qhathanisa no-Eksodusi 32:6, 17-19.
Okufanele Nokungafanele—Indlela Yokunquma
Ngenxa yalokho osekushiwo, kungakhathaliseki ukuthi ukudansa kwenziwa amaqembu, imibhangqwana, noma umuntu oyedwa, uma iminyakazo ivusa imicabango emibi kuwe, khona-ke lokho kudansa kuyakulimaza, ngisho nakuba kungase kungabi njalo kwabanye.
Abanye baye baqaphela ukuthi emidansweni yesimanje eminingi, labo abadansa ndawonye abathintani ngisho nokuthintana. Nokho, ingabe indaba ngempela isekuthintaneni? I-Britannica iphetha ngokuthi “umphumela uyafana—injabulo engokomzimba emdlalweni wokudansa nokuqashelwa ngokobulili kwalowo okudanswa naye, kungakhathaliseki ukuthi ugoniwe noma akabhekiwe ngokugcwele.” Ingabe kuwukuhlakanipha ‘ukuqaphela ngokobulili lowo odansa naye’ ngaphandle kwezibopho zomshado? Akunjalo ngokwamazwi kaJesu athi “wonke umuntu oqhubeka ebuka owesifazane ukuze amkhanuke usephingile naye kakade enhliziyweni yakhe.”—Mathewu 5:28.
Nguwe onqumayo ukuthi udanse yini noma cha. Ukucabanga ngemibuzo elandelayo kungase kukusize ukuba unqume ngokuhlakanipha. Uyini umgomo walomdanso? Liyini idumela lawo? Yini egcizelelwa iminyakazo yalomdanso? Imiphi imicabango nemizwelo oyivusayo kimi? Ushukumisa ziphi izifiso kulowo engidansa naye noma kulabo ababukele? Ngokuqinisekile, umuntu kufanele asabele kunembeza wakhe, njengoba kwenza indoda esentsha esesingenisweni sethu, kungakhathaliseki ukuthi abanye benzani.
IBhayibheli libonisa ukuthi uMdali ufuna ukuba sijabulele izipho zobuhle, zesigqi, nezesizotha. Yebo, zijabulele—kodwa khumbula ukuthi lapho udansa, umzimba wakho uyakhuluma. Khumbula iziqondiso zikaPawulu kweyabaseFilipi 4:8: “Noma iziphi izinto eziyiqiniso, noma iziphi izinto ezinokubaluleka okungathi sína, noma iziphi izinto ezilungileyo, noma iziphi izinto ezimsulwa, noma iziphi izinto ezithandekayo, noma iziphi izinto okukhulunywa kahle ngazo, noma yibuphi ubuhle obukhona nanoma yini ekhona ekufanelekelayo ukudunyiswa, qhubekani nicabanga ngalezizinto.”
[Umthombo Wesithombe ekhasini 26]
Picture Fund/Courtesy, Museum of Fine Arts, Boston