Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Ukulwisana Nokugula Ngithanda ukuzwakalisa ukwazisa kwami ngokuhlangenwe nakho kukaHans Augustin esihlokweni esithi “Ukulwela Kwami Ukuphila.” (April 22, 1992) Nginempilo ebuthaka, kodwa angikaze ngibe nezinkinga ezinkulu njengezakhe. Ngikhumbula inganekwane yendoda ethile eyayicabanga ukuthi yayisesimweni esibi ngoba ingenazo izicathulo—kwaze kwaba yilapho ibona indoda eyayingenazo izinyawo! Kungakhathaliseki ukuthi ikuphi, indaba yokuhlupheka kukaHans Augustin yangiqinisa ukholo kakhulu futhi ngiyambeka emithandazweni yami.
A. M. M., United States
Ngiye ngaphathwa izinhlungu zekhanda, ukuba ndikindiki esandleni nasonyaweni lwami lwesokudla, amehlo abuthaka, nesiyezi esiqhubekayo. Ngapopolwa ngesipopolo iCT, kodwa asivezanga lutho olonakele. Ngacindezeleka ngoba ngangingasakwazi ukwenza okukhulu enkonzweni kaNkulunkulu. Ngazizwa futhi ngiphelelwa ithemba lapho ngicabanga ngekusasa lami. Nokho, uHans Augustin ukhuthaze abafundi ukuba bagxile ezintweni ezibalulekile ezingokomoya, futhi ngifuna ukulingisa umbono wakhe oqondile. Ngihlelelwe ukupopolwa okwengeziwe, kodwa kungakhathaliseki ukuthi imiphumela iba yini, ngiye ngasizwa ukuba ngibheke phambili futhi ngilwisane nalokhu kugula.
K. T., Japan
Ezentengiselwano Zomhlaba Incwadi emfushane yokwazisa ngochungechunge lwesithi “Ukuphakama Nokuwa Kwezentengiselwano Zomhlaba.” (January 8–March 22, 1992) Bengilindele ukuba lezihloko kube nzima ukuzifunda. Kodwa ngizithole zibhalwe kahle kakhulu, angibanga nankinga ekuziqondeni. Ngilujabulele ngokugcwele loluchungechunge.
D. H., United States
Ukuphazamiseka Kwemikhuba Yokudla Ngithanda ukunibonga kakhulu ngokunyathelisa isihloko esithi “Ukusiza Labo Abanokuphazamiseka Kwemikhuba Yokudla.” (February 22, 1992) Singisize ukuba ekugcineni ngivume ukuthi nginokuphazamiseka komkhuba wokudla. Ngokokuqala ngqá, ngiyaqonda ukuthi inkinga yami ayihlangene nokudla, kodwa nezinye izinto, njengokuphila komkhaya wami. Ukuphazamiseka kwami kuye kwenza izici eziningi zokuphila kwami zaba nzima, kuhlanganise nomsebenzi wami enkonzweni. Kusukela ngafunda lesihloko, ngiqale ukwenza ukucwaninga okukhulu, futhi ngiyaqaphela ukuthi nginendlela ende, enzima yokululama ngaphambi kwami. Kodwa kuwusizo olukhulu kimina ukwazi ukuthi uJehova unesineke futhi unothando.
J. S., United States
Ngineminyaka engu-15 ubudala futhi sekuyiminyaka embalwa manje nginokuphazamiseka komkhuba wokudla. Kusukela umama afunda lesihloko, uye waba oqonda ngokwengeziwe nongisekela ngendlela efanele. Manje ngempela ngizizwa ngikujabulela ukuphila kwami, futhi kumelwe ngisho indlela engazazisa ngayo izihloko zenu. Ngaso sonke isikhathi ziyilokho kanye engikudingayo.
M. G., United States
Ubumsulwa Ngiyanibonga ngesihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Kungani Kufanele Uhlale Umsulwa?” (April 22, 1992) Ngakhala lapho ngifunda okwashiwo intombazane eneminyaka engu-14 ubudala eyalahlekelwa ubumsulwa bayo ngokuhlobonga. Iqiniso liwukuthi, nami bangilahlekela. Ngisho nokukhala kakhulu bekungeke kube okwanele ukubonisa indlela engizisola ngokujule ngayo njengomKristu ngokwehluleka ukugcina ubumsulwa bami. Lapho ubaba ethola lokhu, ngangiqala ngqá ukumbona ekhala. Ngandlela-thile, ngisho nakuba uNkulunkulu ethethelela ngomusa, ngezikhathi ezithile izinkumbulo zibuya ngamandla, futhi ngiqale ukukhala. Yeka ukuthi kuhle kanjani ukuba umuntu agcine ubumsulwa bakhe kunokuvuna imiphumela emibi ngokuba into yokudlala yomunye umuntu.
I. M., Japan
Intombazane ethile esikoleni yangiyenga izikhathi eziningana ukuba ngibe nobulili nayo, kodwa ngayenqabela ngaso sonke isikhathi. Ngenxa yalokho, yangisola ngokuthi ngingungqingili. Isihloko senu singenze ngaqiniseka ngokwengeziwe ngokuthi ubumsulwa bami buyinto enhle. Ngenxa yabo, nginethuba elingcono lokuphumelela emshadweni kunothile oyekelelayo ngokobulili.
D. L., United States