Isigqi Esibulalayo—Sidlulisela Siphi Isigijimi?
INSIZWA enamehlo agcwele indelelo, nezinwele ezinde imi phambi kwezilaleli ezingabalandeli abahalalisayo, nabaculayo. Uthatha ibhakede eligcwele igazi lezilwane kanye nenyama yangaphakathi futhi athele ngalo izilaleli ezihlezi emigqeni engaphambili embalwa. Labalandeli bayahleka, bazisula lokho abathele ngakho, futhi bajikijelana ngamaqatha. Lesenzakalo, ngokweSt. Petersburg Times yaseFlorida, senzeka ekhonsathini yomculo werock yeqembu lomculo elithiwa iDeicide, okusho ‘ukubulawa kukankulunkulu.’ Loluhlobo lomculo lubizwa ngokuthi isigqi esibulalayo, okucatshangwa ukuthi uhlobo lomculo werock onesigqi esinamandla ngokwedlulele. Eminyakeni yamuva luye lwathandwa kakhulu eFlorida nasezweni lonke, kusukela kwaphumelela ialbhamu enesihloko esithi Scream Bloody Gore, yeqembu lomculo elithiwa iDeath.
Iqembu lomculo iDeicide liholwa othile ongumkhulekeli kaSathane owaziwayo othi wazonda uNkulunkulu kusukela ingozi yemoto yamshiya nesibazi esimise okuka-J, aqinisekayo ngokuthi umelela uJesu noma uJehova. Uthi uzwa amazwi emphoqa ukuba azibulale, futhi uye washisela uphawu lokukhulekela uSathane ebunzini lakhe siqu.
Ngisho namaqembu avelele omculo onesigqi esinamandla asakaza izigijimi ezonakele. Umagazini iTime wabika ukuthi ngezinsuku ezintathu kwathengiswa amakhophi ama-albhamu amabili amarekhodi eqembu lomculo onesigqi esinamandla iGuns N’ Roses angaphezu kwesigidi nengxenye. Nokho, lama-albhamu aveza lokho iTime ekubiza ngokuthi “amazwi engoma” aleliqembu lomculo “alulaza abesifazane ngonya futhi akhuthaza ubudlova obungaboneleli” futhi enze “izisulu zawo zibe nokwesaba noma yini engavamile, ubandlululo lohlanga kanye nokuthola injabulo ngokulimaza ingqondo nomzimba.” Futhi inezihloko eziphathelene nobulili obenziwa ngomlomo, ukubulala, futhi nezigcwele inhlamba. Izitolo eziyinxanxathela eziningana ziye zenqaba ukuwathengisa lamarekhodi.
Umculo werock onesigqi esinamandla, kanye nomunye werap, muva nje uye wagxekwa kakhulu—futhi hhayi nje izazi zenkolo ezithatha izinto njengoba zinjalo kanye namaqembu ezombangazwe asadla ngoludala; kodwa futhi iAmerican Medical Association (AMA) kanye neAmerican Academy of Pediatrics nazo ziye zagxeka izingozi ezicashile zamazwi akuzo zombili lezinhlobo zomculo. Ngokukamagazini iAmerican Health, iAMA yathi: “Izigijimi ezidluliselwa yizinhlobo ezithile zomculo werock zingase zibe usongo lwangempela empilweni engokomzimba nasenhlala-kahleni engokomzwelo yabantwana kanye nentsha ehlaseleka kalula.”
Ingabe lezinhlobo zomculo ziyingozi ngempela? Nokho cabangela lezihloko eziyisithupha ezivamile zomculo werap kanye nonesigqi esinamandla i-AMA ezibona zingaba ingozi: ukusetshenziswa kabi kwezidakamizwa kanye notshwala, ukuzibulala, ubudlova, ukukhulekelwa kukaSathane, ukuxhashazwa ngokobulili, kanye nobuhlanga. Ingabe izihloko ezinjalo zingaba ezakhayo?—Qhathanisa nezAga 6:27, 28; Filipi 4:8.