Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g93 6/8 k. 4-k. 7 isig. 3
  • Ingabe Ukuzijabulisa Okungenangozi Noma Ushevu Wengqondo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Ukuzijabulisa Okungenangozi Noma Ushevu Wengqondo?
  • I-Phaphama!—1993
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umculo Onesigqi Esinamandla Kanye Ne-rap
  • Ingabe Ikhona Imiphumela?
  • Kuthiwani Ngawe?
  • Gwema Umculo Owonakalisayo!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
  • Yini Engalungile Ngomculo Engiwuthandayo?
    I-Phaphama!—1993
  • Ingabe Umculo Ungangilimaza Ngempela?
    I-Phaphama!—1993
  • Ingabe Kufanele Ngiye Emakhonsathini E-rock?
    I-Phaphama!—1995
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1993
g93 6/8 k. 4-k. 7 isig. 3

Ingabe Ukuzijabulisa Okungenangozi Noma Ushevu Wengqondo?

Ekhonsathini yomculo we-rock odlalwa bukhoma, omunye wabaculi wafaka owesifazane ebhokisini futhi wagenca ibhokisi ngembazo. Igazi-mbumbulu lansaza langena emlonyeni womculi, wabe eselikhafulela ezibukelini.

Ngo-1984 umfana oneminyaka engu-19 ubudala wazidubula. Abazali bakhe bathi lokhu kuzibulala kwakhe kwabangelwa izosha zengoma ye-rock okuthiwa “iSuicide Solution.”

Umagazini wentsha wakhipha ukulandisa okukhulu ngobulili obuphendukezelwe obenziwa iqembu labaculi endlini yabo yokushintshela kanye nasendlini yokuqopha phakathi nokuqopha kwabo umculo. I-albhamu yomculo we-rock yayinesithombe esingcolile sezitho zokuzala zowesilisa nowesifazane.

UBUDLOVA, ukuzibulala, nobulili bonya—lezi zimane nje zingezinye zezihloko ezingakhi eziqokonyiswa kumarekhodi omculo we-rock, kuma-video, nasemakhonsathini adlalwa bukhoma. Lapho kuphakama izimpikiswano ngalezinhlelo ezonakalisayo futhi kuze ngisho kuyiwe nasenkantolo, abaculi kanye nezinkampani eziqophayo bazama ukuzilulaza njengezingasho lutho lezici ezenyanyekayo. Ngokwesibonelo, umdwebo ongcolile manje kuthiwa usekela amazwi aphathelene “nokonakala kwengqondo eMphakathini waseMelika nanokuthi ekugcineni kusilimaza kanjani.” Ngokufanayo, komunye umculo, amagama ayizifanekiselo ezisobala zesitho sobulili sowesilisa (njengezibhamu noma imimese) manje kuthiwa abizwa njengoba enjalo.

Abaculi kanye nezinkampani eziqophayo zingase zizibalekele izijeziso zasenkantolo, kodwa ingabe abantu ngempela bayakhohliseka? Ingabe nawe uyakhohliseka? Ingabe ungaphika ukuthi ubudlova, ubulili, nomlingo kuyizithako eziyinhloko emculweni we-rock onesigqi esinamandla odayiswayo namuhla?

Umculo Onesigqi Esinamandla Kanye Ne-rap

Eminyakeni eminingi edlule, ziye zavela izinhlobo eziningi ze-rock. Izitayela ezimbili, umculo onesigqi esinamandla ne-rap, kuye kwagxekwa kakhulu muva nje ngenxa yokungahlonipheki kwazo okushaqisayo.

Umculo onesigqi esinamandla ngokuvamile unamandla, umculo isigqi sawo esikhuliswa ama-electronic onesigqi sokugqula. Ngokukamagazini i-Time, “abaculi bomculo onesigqi esinamandla bavumelana namaphupho angavamile ezibukeli ngokuvamile ezimhlophe, ezisencane nezingabantu besilisa ngokuzenza babukeke njengabantu abakhungathekile abangesibo abaleloqembu abaye bayifulathela impucuko eyonakele.” Umculo omningi onesigqi esinamandla uklanyelwe ukushaqisa. Ezinye zezosha zawo azikufanelekeli ukubhalwa phansi. Iphephabhuku lezokwelapha eTexas laphawula ukuthi izosha eziningi ezisemculweni onesigqi esinamandla zidumisa “izimo zengqondo ezingahluzekile ngokuphathelene nobulili, ubudlova, inzondo, nomlingo.”

Okunye okumelwe kukhathazekwe ngakho ubudlova obuhlobene nomculo onesigqi esinamandla. Ngokwesibonelo, lapho omunye umbukiso kudingeka umiswe ngenxa yokuthi umculi othile wayegula, izibukeli zabhikisha zaze ngisho zashisa nenkundla. Kwenye ikhonsathi abantu abasha abathathu bacindezelwa baze bafa lapho izinkulungwane zabalandeli zithutheleka esiteji, zishaya abantu ababephambili futhi zibagxoba.

Emculweni we-rap, owaziwa futhi ngokuthi i-hip-hop, umculi (noma abaculi) basho izosha ngokuhambisana nomculo onesigqi, ngokuvamile okhaliswa ngobuchwepheshe bama-computer obaziwa ngokuthi i-sampling. Umculo omningi we-rap wakhiwa abaculi abansundu kodwa udayiselwa kokubili abansundu nabamhlophe. Izigijimi ezimbalwa ze-rap azizimbi, zilwa nezinto ezinjengokuxhashazwa kwezingane nokusetshenziswa kabi kwezidakamizwa. Nakuba kunjalo, amaculo amaningi e-rap agxila ekuvukeleni igunya, ubudlova, ukuzonda abantu besifazane, kanye nokucwasana kwezinhlanga. Amaculo amaningi anenhlamba kanye nokuchazwa kwesenzo sobulili ngokuyingcaca.

Ubudlova buye baba inkinga kwamanye amakhonsathi e-rap. Kwenye ikhonsathi, amalungu angu-300 amavukana ahlasela izibukeli, nazo ezaziphindiselela ngezihlalo zensimbi kwaze kwaba yilapho kufika amaphoyisa futhi eyichitha ikhonsathi. Kwalimala abantu abangamashumi amane nanhlanu.

Ngonyaka odlule, iNew York State Sheriffs Association yamemezela ukuba kubandlululwe zonke izimboni ze-Time Warner, Inc. kuze kube yilapho lenkampani iyeka ukudayisa ingoma ye-rap ethi “Cop Killer.” Umholi weqembu lokwahlulela, uPeter Kehoe, wathi: “Lelirekhodi lidala inzondo futhi likhuthaza lituse ukubulala amaphoyisa. Njengomphumela oqondile walengoma, amaphoyisa azobulawa.” Ngokuhamba kwesikhathi, alibange lisadayiswa ezitolo.

Ingabe Ikhona Imiphumela?

Lapho abaculi becula ngobubi noma ngisho bebulingisa eshashalazini, lokhu kuba namuphi umphumela ezilalelini nasezibukelini? Cabangela ukuphawula okulandelayo kanye nokuhlangenwe nakho.

UDkt. Carl Taylor, oyiphini likaprofesa wezokuphathwa kwamacala obugebengu ngobulungisa eMichigan State University, wagomela ngokuthi izihlabani zomculo we-rock “zithuthukisa indlela ethile yokuphila. . . . Amalungu abadlali bomculo athonya izingane, kakhulu.”

Omunye umfana owasinda emzamweni wokuzibulala wathi umculo wawunjengomlolozelo kuye nakubangane bakhe (abaphumelela ukuzibulala) ubenza bacabange ukuthi “ikhambi lezinkinga zokuphila ukufa.”

Ngo-1988 abantu abasha abathathu babulala umngane wabo ngaphandle kwesizathu. Omunye wabo wathi ukujatshuliswa ukufa kwaqala ngenxa yomculo onesigqi esinamandla.

Ngemva kwenye ikhonsathi ye-rap, intsha yayihamba iphahlaza wonke amafasitela. Ikhomishane yokulondeka komphakathi yasePittsburgh, ePennsylvania, yathi: “Akungabazeki neze engqondweni yami ukuthi umculo we-rap ukhuthaza ubudlova.”

Ukuhlolwa kwentsha namasiko obusathane kwembula ukuthi abaningi balabo abahileleke ekukhulekeleni uDeveli bayimihuqa yezidakamizwa futhi balalela umculo onesigqi esinamandla, odumisa ukusetshenziswa kwezidakamizwa futhi ukhuthaze ukuziphatha okubi kobulili. Ngenxa yalokho, intsha eyizisulu ezilula ikhangwa imikhuba yobusathane.

Njengokulindelekile, lapho intsha idonsekela ekusebenziseni kabi imilaliso, ubugebengu, noma ukuzibulala, ngokunokwenzeka kusuke kunokwengeziwe kunomculo okubangela ukuziphatha okunjalo. Ukuwohloka kokuphila komkhaya nokomphakathi wesintu ngokungangabazeki kufeza indima enkulu. Kodwa umculo ungabangela inguquko enkulu, ungaba indlela yokukhuthaza intsha eyizisulu ezilula ukuba yenze izinto ebingeke izenze noma ngisho izihlongoze. Ingabe abantu kakade asebenziwe lukhuni izinkathazo zokuphila badinga umculo obakhuthaza ukuba bavumele ukuthambekela okulimazayo?

Iphuzu liwukuthi umculo omubi ungaba ushevu wengqondo kwabawulalelayo. Khumbula, izigijimi ezisemculweni onjalo zinamandla kakhulu ngenxa yokuthi zivela ezihlabanini, amaqhawe, akhulekelwa ngokuphelele abalandeli bawo.

Kuthiwani Ngawe?

Imuphi umculo owulalelayo? Mhlawumbe usuyawuqaphela kakade umculo owukhethayo, futhi lokho kuyatuseka. Ngakolunye uhlangothi, uma uphakathi kwalabo abalalela umculo owonakalisayo noma ngisho ongabazekayo, ingabe uye wakuthonyela ekwenzeni okubi? Ngisho nakuba ukuziphatha kwakho kungazange kushintshe, ingabe ungasho ngokwethembeka ukuthi isimo sakho sengqondo asizange sonakaliswe? Empeleni, ukuzwa njalo izindaba ezingakhi kungathuntubeza imizwa yakho, kukwenze ukuba ube nomuzwa wokuthi izihloko zazo azizimbi kangako.

Cabangela isibonelo sensizwa eyazama ukuvumelanisa ukuphila kwayo kobuKristu nokulalela njalo umculo onesigqi esinamandla kanye ne-rap. Ayizange ishukunyiselwe ekwenzeni izenzo ezinjengokubulala, ukuzibulala, noma ukukhulekela uDeveli. Kodwa phawula indlela isimo sayo sengqondo esathinteka ngayo. Yathi: “Lomculo ungowobulwane ngokweqile. Wangenza ngenza izinto ngomoya ophansi nangendlela enesizotha kuyilapho kunokuthambekela okonakele kakhulu nokobudlova. . . . Ngangiphila ezweni lamaphupho enzondo. Alukho usuku olwaludlula ngingazange ngicabange ngokungathi sína ngokuzibulala.” Wanquma ukuzishintsha ngokuphelele izinto ayezilalela. Lapho ekwenza lokho, isimo sakhe sengqondo sabonisa intuthuko enkulu.

Abalweli bomculo owonakalisayo bayophikisa ukuze benze izici ezenyanyekayo zomculo we-rock zamukeleke. Kodwa yini onquma ukuyenza? Ingabe ungawavala amehlo akho nezindlebe zakho ekonakaliseni okukhulu kwezihloko zawo? Ingabe ungaya emakhonsathini afana nalawo okukhulunywe ngawo ngaphambili futhi ungesabi ukuthi ukulondeka kwakho kusengozini? Futhi kuthiwani ngokuhlobana phakathi komculo onjalo kanye nezenzo ezihlazisayo zabadlali kanye nabantu abawulalelayo?

Uma uyikhathalela impilo yakho, ngokunokwenzeka uyakugwema ukudla okungakulimaza ngisho nakuba kumnandi. Umculo ongakhi, kungakhathaliseki ukuthi i-rock noma olunye uhlobo, uwusongo empilweni yakho yengqondo. Ingabe ungafuna ukuzifaka engozini yokuzijabulisa okufaka ushevu engqondweni? Ngokuqinisekile akunjalo. Ngakho, yini ongayenza ukuze ube nombono ohluzekile, olinganiselayo ngalendaba? Siza ucabange ngamaphuzu anikezwe esihlokweni esilandelayo.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 6]

Kuyini Ukukhulekela UDeveli?

Ukukhulekela uDeveli, okukhuthazwa ezinye izosha zomculo onesigqi esinamandla, akukhona ukuzijabulisa okungenangozi. I-Texas Medicine/The Journal yachaza ukuthi ukukhulekela okunjalo kuhlanganisa nemikhuba esukela “ezenzweni ezingamasiko ezingalimazi kuye ekuphuzeni igazi eliphuma endaweni ozilimaze kuyo nasemihlatshelweni yezilwane.” Imikhuba yobusathane idumisa “ukuthembeka kudeveli. Imikhuba ethile engamasiko isetshenziselwa ukudlulisa amandla esuka kuSathane aye kubalandeli bakhe. . . . Umbono wenkululeko yokuzikhethela nokwenza okuthandayo usho ukwenza noma yini ofuna ukuyenza ungacabangi ngoNkulunkulu, ungazizwa unecala, futhi ungabi nanembeza.” Ngenxa yalokho, abanye bahlanganyela ezenzweni zobugebengu bangabi namahloni.

[Isithombe ekhasini 5]

Ubungenakufaka udoti esiswini sakho. Kungani uwufaka engqondweni yakho?

[Isithombe ekhasini 7]

Ingabe kufanele uzizwe ukhululekile uma uye endaweni enjena?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela