Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Isifo Samathambo Ngisanda kuqeda nje ukufunda isihloko esithi “Ukufunda Ukuphila Nesifo Samathambo.” (June 8, 1992) Sekuyiminyaka ecishe ibe ngu-20 ngihlushwa isifo samathambo esingapheli. Kodwa njengoba singelapheki ngokuphelele, futhi ngesaba imiphumela emibi yemithi, angenzanga lutho ngaso. Njengamanje, ngibhekana nobuhlungu unyaka wonke, futhi ngiyaqwasha ubusuku obuningi. Nakuba kunjalo, ngiye ngakwazi ukuchitha amahora angu-60 inyanga ngayinye emsebenzini wamaKristu wokushumayela ivangeli njengephayona elisizayo. Nokho, njengoba ukugula kwami kuya kuba kubi kakhulu namalunga ami eqina, ngizolandela ukusikisela kwenu kokuzivivinya ngokugcwele ngangokusemandleni.
T. N., Japan
Owasinda Ekamu Leziboshwa Zempi Ngisanda kufunda nje isihloko esithi “Ngikude Nasekhaya, Ngathembisa Ukukhonza UNkulunkulu.” (February 22, 1992) Nakuba ngakujabulela ukufunda ngomphumela ojabulisayo kaGerd Fechner, ingabe siyakudinga ukufunda ngonya lomuntu komunye ngokujule kangaka?
C. T., United States
Siyaqaphela ukuthi okunye kokuhlangenwe nakho okulandiswe ngokuphila kukaGerd Fechner emakamu eziboshwa aseRashiya kungase kuphazamise kwabanye abafundi. Ngakho kwenziwa umzamo wokugwema ukuningiliza indaba ngokweqile. Nakuba kunjalo, kwaba nomuzwa wokuthi isilinganiso esithile salokho okwenzeka ngokoqobo sasidingeka ukuze kuvezwe lokho okwashukumisela uGerd Fechner ukuba afune uNkulunkulu. Okuhlangenwe nakho konya kukaFechner kwaphinde kwagcizelela iqiniso lokuthi “umuntu uye wabusa umuntu kwaba ukulimala kwakhe.” (UmShumayeli 8:9)—ED.
Izaga ZesiZulu Ngiyintombazane eneminyaka engu-15 ubudala efunda iPhaphama! njalo necabanga ukuthi isezingeni eliphakeme! Kumelwe ngisho ukuthi abadwebi benu bakwazi ngempela ukudweba. Lapho ngibona umdwebo ‘wenkomo’ ebukeka ihlekisa esihlokweni esithi “Izaga ZesiZulu” (March 8, 1992), ngafa insini. Angiqondi ukuthi kungani abantu abaningi kangaka bengafuni ukufunda iPhaphama!
J. N., Germany
Amahormone Anginakuyichaza ngamazwi indlela engazizwa ngayo lapho ngithola isihloko esithi “Amahormone—Abathwali Besigijimi Abamangalisayo Bomzimba.” (April 22, 1992) NgoDecember 1990, ngaxilongwa kwathiwa ngineqhubu endlaleni. Ngingazi noluncane ngalendlala, ngenza ukuhlola kwami siqu ngayo. Isihloko senu samuva siye sangikhanyisela ngokwengeziwe futhi singenze ngayiqonda kangcono inkinga yami.
L. M., South Africa
Ugogo Nomkhulu Ngineminyaka eyisishiyagalombili ubudala futhi ngifuna ukunibonga ngesihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Kungani Ugogo Nomkhulu Behlala Nathi?” (July 8, 1992) Njengoba sesihlala noGogo, njalo lapho ngizidlalela insimbi yami yomculo, uGogo ungitshela ukuthi ngenza umsindo obeleselayo. Kodwa futhi uye wangitusa ngezinye izikhathi, njengalapho ngimthelela inkomishi yetiye futhi athi, “Ngiyabonga.” Ekugcineni lapho sengifunde lesihloko, ngaqaphela ukuthi kumelwe ngibe nomusa kuGogo.
S. T., Japan
Ukuba Yinxele Ngasifunda ngesithakazelo esikhulu isihloko esithi “Ukuba Yinxele—Kubi Noma Kuhle?” (June 8, 1992) Ngiyinxele, futhi nakuba kungazange kube khona umuntu ebuntwaneni bami owazama ukungivimbela ekusebenziseni isandla sami sobunxele, ngezinye izikhathi kwakunzima ukuzijwayeza. Ngokwesibonelo, kwakunzima ukufunda ukusebenzisa isikela. Manje nginabantwana abayisihlanu, futhi indodana yami encane iyinxele. Esikhathini esingaba unyaka esidlule, ngayibuza ukuthi yayisebenzisa siphi isandla ekuphonseni ibhola. “Lesi, Baba,” iphendula, iphakamisa isandla sayo sobunxele. Khona-ke yabuza: “Baba, kungani bonke abanye abantu besebenzisa isandla esingafanele?” Ngisahleka lapho ngicabanga ngalowomzuzu okhethekile.
D. C., United States