Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Amahormone Ngasazisa isihloko esithi “Amahormone—Abathwali Besigijimi Abamangalisayo Bomzimba.” (April 22, 1992) Naphumelela ekuchazeni ngamazwi alula omunye wemisebenzi ebaluleke kakhulu neyinkimbinkimbi yayo yonke imisebenzi esindisa ukuphila. Ukwazi lezinto kungenza ngimazise ngisho nangokwengeziwe uMdali womzimba wethu omangalisayo!
L. F., Italy
Ngasithola siwusizo kakhulu lesihloko, njengoba ngisanda kuqala ukufunda lesifundo esikoleni. Lesihloko sathuthukiswa kahle futhi sabekwa ngendlela eyenza ukusebenza kwamahormone kuqondakale kalula. Ngokuqinisekile iPhaphama! ingumagazini ofundisayo.
D. A. J., Côte d’Ivoire
Umngane wami, ongomunye woFakazi BakaJehova, uyanginikeza njalo izincwadi zenu. Isihloko senu esikhuluma ngamahormone sangithakazelisa ngokukhethekile. Ngenza unyaka wesibili wokuqeqeshelwa ukuba umhlengikazi, futhi njengoba manje sifunda ngamahormone, ngajabula ngokukhethekile ukuba nesihloko senu eduze. Ngibonga kakhulu ngokuthi ngithole oFakazi BakaJehova.
Y. L., Germany
Imithetho Yewashi Isihloko senu esithi “Intsha Iyabuza . . . Kungani Kumelwe Ngibe Sekhaya Ngokushesha Kangaka?” sangithinta. (May 8, 1992) Ngangifika ekhaya sekuhlwile futhi ngizame ukunyenya ngingene endlini—bese ngithola umama engilindile kuvulandi. Ngezinye izikhathi wayengithethisa enezinyembezi emehlweni akhe. Uma ngicabanga ngakho, ngiyazisola ngokungalaleli. Manje sengiyazi ukuthi noma ubani ongasinaki iseluleko sikaJehova nakanjani uyobhekana nenhlekelele.
T. A., Japan
Ubumsulwa Ngiyabonga ngesihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ingabe Kubonisa Ukuphila Engqondweni Ukuba Msulwa?” (March 22, 1992) Ngikhumbula ngikhathazwa izingane engangifunda nazo ekilasini, zingibuza ukuthi ngangike ngaba nabo yini ubuhlobo bobulili. Ngisho nanamuhla, engisebenza nabo bangihleka usulu lapho bethola ukuthi iBhayibheli liyabenqabela ubulili ngaphambi komshado. Nokho, ukuziphatha okuxekethile kuphumela ekukhulelweni okungafunwa nasezifweni ezidluliselwa ngobulili. Ukulandela izimiso zeBhayibheli zokugwema ubulili ngaphambi komshado kuyisivikelo.
G. I. I. L., Brazil
Ngineminyaka engu-17 ubudala futhi ngilindele umntwana. Ngahluleka ukulalela iseluleko seBhayibheli. Umqondo wami wavuleka ngempela lapho ngifunda isihloko senu. Ngangingakaze ngibheke ubumsulwa ‘njengobuwuphawu lodumo.’ Manje ngifisa sengathi ngabe ngangisilalelile iseluleko seBhayibheli.
M. R., United States
Ngiyabonga kakhulu ngesihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Kungani Kumelwe Ngihlale Ngimsulwa?” (April 22, 1992) Lapho ngisemncane kakhulu, ngangilokhu ngishintshashintsha ubuhlobo obuningi obungenanjongo, ngifuna uthando. Ngadumazeka kabi iminyaka eminingi. Ngeke nikwazi ukucabanga umthwalo onzima wokuba necala, ihlazo, nokuphelelwa yithemba engangikuthwele yonke leyominyaka. Njengoba ngangifunda umbhalo wenu waphansi osekhasini 27 okhuluma ngokuthethelela kukaNkulunkulu, angizange ngikwazi ukubamba imizwelo emikhulu nokubonga okwaphuma enhliziyweni yami kuya kuNkulunkulu.
A. M., United States
Izinambuzane Ezimangalisayo Lena incwadi encane nje yokuzwakalisa ukwazisa kwami ngesihloko esithi “Izinambuzane Ezimangalisayo Zenza Izindiza-mshini Zabantu Zingabi Yilutho.” (May 22, 1992) Ngisebenza emnyango wezokucwaninga wenkampane yezobuchwepheshe obuphezulu, futhi ukuziqhenya komuntu ngalokho aye wakufinyelela kusobala kakhulu. Nokho, ubunkimbinkimbi bemvelo abuvamile ukwamukelwa njengomsebenzi wezandla woMdali. Ngake ngezwa ososayensi ababili bexoxa ngobuhle bokwakheka kwembewu yesihlahla ieucalyptus. Baphetha ngokuthini? “Ingabe imvelo ewuMama ayimangalisi?” Ngokuqinisekile izingqondo zabo ziphuphuthekisiwe.
P. G., United States