Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g92 12/22 k. 23-k. 28 isig. 9
  • UMhlangano Wokuqala Wezizwe Zonke WoFakazi BakaJehova ERussia

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UMhlangano Wokuqala Wezizwe Zonke WoFakazi BakaJehova ERussia
  • I-Phaphama!—1992
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Amalungiselelo
  • Izinto Zokuhamba Nezindawo Zokulala
  • Umkhankaso Wokumemezela Ngazo Zonke Izindlela
  • Isimiso
  • Zakhexa!
  • Izinkulungwane Ziyabhapathizwa
  • Imihlangano Emikhulu Ubufakazi Bobuzalwane Bethu
    OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu
  • AbaseRussia Bayayazisa Inkululeko Yokukhulekela
    I-Phaphama!—2000
  • Ubunye Obumangalisa Izwe
    I-Phaphama!—1993
  • Bamangala Ngalokho Abakubona
    I-Phaphama!—1991
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1992
g92 12/22 k. 23-k. 28 isig. 9

UMhlangano Wokuqala Wezizwe Zonke WoFakazi BakaJehova ERussia

IST. PETERSBURG, eRussia, yaziwa kakhulu ngalokho izakhamuzi zakuleyondawo ezikubiza ngokuthi “ubusuku obukhanyayo”—inkathi engaba amasonto amathathu ngoJune lapho isibhakabhaka singabi mnyama ngokuphelele. Kodwa uJune 26 kuya ku-28 ka-1992 wawukhethekile.

Ngalezozinsuku, oFakazi BakaJehova baba nomhlangano owadonsa ukunaka, hhayi ekukhanyeni okungokoqobo okwakugcwele edolobheni laseSt. Petersburg lonke usuku, kodwa ekukhanyeni okungokomoya okubonakaliswa amaKristu eqiniso. Yingakho isihloko sasithi: “Abaphathi Bokukhanya.”

Lona kwakuwumhlangano wezizwe zonke woFakazi ongowokuqala ezweni elaliyiSoviet Union. Kwakukhona izihambeli ezazivela emazweni cishe angu-30 akuwo wonke umhlaba, kuhlanganise neBrithani, iCanada, iDenmark, iFinland, i-Italy, iJalimane, iJapane, iNetherlands, iNorway, iSweden, iSwitzerland, kanye neUnited States.

Ngaphezu kwalokho, cishe kwakukhona oFakazi abangu-29 000 ababevela eSoviet Union. Abanye babevela e-Estonia, eGeorgia, eLatvia, eLithuania, eMoldova, naseUkraine. Inani lalingelimangalisayo uma kucatshangelwa ukuthi iRussia yayibhekene nobunzima bokulungisa ezomnotho. Okwakungokuvelele kwakuwukuba khona kwezihambeli zaseRussia ezazihambe amakhilomitha angu-8 000 zivela eVladivostok nakwezinye izindawo ogwini olungasempumalanga yeRussia.

Inani elikhulu kakhulu lezihambeli ezivela kwamanye amazwe lalivela eduze naseFinland, kunabameleli abangaphezu kwe-10 000. Inkundla yezemidlalo yayihlukaniswe yaba yizingxenye ezimbili—abantu abakhuluma isiRussia kanye nabantu abakhuluma isiFinnish, ngayinye inendawo yayo yesikhulumi okwakunikezwa kuyo isimiso.

Amalungiselelo

Indawo yomhlangano yayiyiKirov Stadium esineminyaka engu-42 ikhona, esesiqhingini saseKrestovsky, amakhilomitha ambalwa nje ukusuka esikhungweni saseSt. Petersburg. Ihlalisa cishe abantu abangu-60 000 futhi yinkundla yemidlalo engeyesibili ngobukhulu ezweni elaliyiSoviet Union. Ngemuva kwakubonakala amanzi oMfula iNeva achithekela eGulf yaseFinland.

Nokho, inkundla yemidlalo yayidinga ukulungiswa. Amapayipi endle ahlanzwa, kwakhiwa nezinye izindlu zangasese. Indawo yokuhlala ehlelwe ngokulandelana engamakhilomitha angu-30 kwakudingeka ipendwe. Ngaphezu kwalokho, izihlahla ezizungeze inkundla yezemidlalo zathenwa kahle, futhi utshani bagundwa. Kwathatha amasonto amaningi ukuba lomsebenzi uqedwe.

Izinto Zokuhamba Nezindawo Zokulala

Njengoba kwakumenywe izihambeli ezingu-17 000 ezivela kwamanye amazwe, ukwenza amalungiselelo ezinto zokuhamba nezindawo zokulala kwaba umsebenzi omkhulu kakhulu. Izikhulu zaseRussia zabambisana kakhulu nathi hhayi nje kuphela emahhovisi amanxusa ahlukahlukene kodwa futhi nasemingceleni nasesikhumulweni sezwe eSt. Petersburg.

Kwenziwa amalungiselelo namahhotela angu-32 ukuze kuhlaliswe kuwo eziningi zezihambeli ezingu-17 000 ezivela kwamanye. Izihambeli ezingu-29 000 ezivela ezingxenyeni ezihlukahlukene zezwe elaliyiSoviet Union zalaliswa ezikoleni ezingu-132 nasezikhungweni zenkulisa. Lezihambeli futhi zazidinga izinto zokuhamba usuku ngalunye ezazizoziyisa ezinkundleni zomhlangano, futhi kwaqashwa amabhasi angu-390 ngenxa yalokhu.

Izihambeli eziningi ezivela kwamanye amazwe zazithola ukudla emahhotela ezazilala kuwo. Nokho, izinyanga eziningi ngaphambi komhlangano, izikhulu eSt. Petersburg zezwakalisa ukukhathazeka ngenxa yenkinga yokunikeza ukudla izinkulungwane eziningi kangaka zezihambeli ezivela ezingxenyeni ezihlukahlukene zezwe elaliyiSoviet Union. Zathi kwakungeke kube khona ukudla okwanele edolobheni futhi zathi oFakazi kwakuzodingeka beze nokudla okuvela kwenye indawo.

Futhi lokho yilokho kanye abakwenza. Amagatsha amaningi eWatch Tower Society anikela ngokudla okuningi akuthumela. Igatsha laseFinland lilodwa lanikela ngamathani angu-200 okudla komhlangano! Ngaphezu kwalokho, izihambeli eziningi ezivela kwamanye amazwe zeza namaphasela amancane enyama egcinwe emathinini, izithelo ezonyisiwe namakinati, isinkwa, kanye nokunye ukudla okuyisisekelo. Ngosuku lokugcina lomhlangano, izihambeli ezivela ezweni elaliyiSoviet Union zanikezwa amabhokisi okudla agcwele amaloli enkundleni ukuze zibe nomphako wendlela ephindela ekhaya.

Umkhankaso Wokumemezela Ngazo Zonke Izindlela

ISt. Petersburg iyidolobha elingelesibili ngobukhulu eRussia, elinezakhamuzi ezicishe zibe izigidi ezinhlanu. Ngokokuqala ngqá, oFakazi BakaJehova eRussia bavunyelwa ukuba benze umkhankaso wokumemezela ngazo zonke izindlela.

Lomkhankaso oyingqayizivele waqala emasontweni amaningana ngaphambi komhlangano. Cishe izimemo eziyisigidi zanyatheliswa ngolimi lwesiRussia futhi zasakazwa. Ngaphambili esimemweni kwakumenywa umphakathi ukuba uze enkulumweni yeningi ngoMgqibelo ntambama. Ngemuva, kwakunencazelo yesimiso sangeSonto. Ngaphezu kwalokho, amakhophi alinganiselwa ku-750 000 epheshana elithi Yini OFakazi BakaJehova Abayikholelwayo? asakazwa ezakhamuzini zaseSt. Petersburg. Lokhu kwazijwayelanisa nezimfundiso zoFakazi.

Eziningi zezihambeli zafika eSt. Petersburg phakathi nosuku olulodwa kuya kwezine ngaphambi komhlangano. Phakathi nalezozinsuku, izinkulungwane zezihambeli zazisemigwaqweni zisakaza izimemo futhi zihambisa namapheshana kanye nezinye izincwadi zolimi lwesiRussia. Ngaphezu kwalokho, kwalungiselelwa amabhodi amakhulu ezimemo futhi abekwa emigwaqweni ephithizela kakhulu engxenyeni engezansi yedolobha laseSt. Petersburg. Ayengamamitha angu-3 ubude futhi engamamitha angu-1,5 ububanzi, ngaphambili nangemuva enesimemo esigqamile esimemela umphakathi enkulumweni yeningi. Amanye amiswa khona kanye ezindaweni eziphithizela kakhulu zokungena eziteshini zezitimela ezihamba ngaphansi komhlaba.

Isimiso

Ekugcineni, usuku lokuqala lomhlangano lwafika, kwaba nabantu abangaphezu kuka-45 000! Isimiso sahlelwa ngendlela yokuba sizuzise izihambeli eziningi ezazingakwazi ukukhuluma ulimi lwesiRussia noma isiFinnish. Ngokwesibonelo, izinkulumo eziningana zanikezwa ngesiNgisi futhi zahunyushelwa olimini lwesiFinnish nesiRussia. Amalungu ayisikhombisa eNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova anikeza eziningi zalezinkulumo.

Ngazo zonke izinsuku zomhlangano, kwakunemibiko kanye nokuhlangenwe nakho okuvela kwamanye amazwe okwakuqokomisa indlela uJehova abusisa ngayo umsebenzi wokushumayela kulawomazwe. Lemibiko, kanye nokuhlangenwe nakho okuningi, nakho kwakunikezwa ngesiNgisi futhi kuhunyushelwa olimini lwesiRussia nesiFinnish.

Inkulumo yeningi engxenyeni yolimi lwesiRussia yayiphathelene nombuzo okhathaza abantu abaningi baseRussia namuhla. Isihloko sasithi “Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?” Ngemva kwenkulumo izihambeli zajabula ukwamukela incwajana entsha engangomagazini ethi Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela? ngolimi lwesiRussia nesiFinnish.

Iculo elisetshenziswa oFakazi BakaJehova emihlanganweni yabo alikatholakali ngolimi lwesiRussia. Ngakho, iWatch Tower Society yalungiselela incwajana engangomagazini ekhethekile eyayinamazwi awo wonke amaculo ayezoculwa phakathi nomhlangano. Izihambeli zomhlangano ezivela eRussia zathola amakhophi azo njengoba zazingena enkundleni yezemidlalo. Yeka indlela okwakuvusa amadlingozi ngayo ukulalela abantu abangu-46 000 abavela emazweni ahlukahlukene angu-30 behlabelela izindumiso eziya kuJehova uNkulunkulu ngezilimi zabo, kuhlanganise nolimi lwesiRussia!

Sekungamashumi eminyaka imfundiso yokuziphendukela kwemvelo ifundiswa ezingxenyeni eziningi zomhlaba, kuhlanganise nezindawo zezwe elaliyiSoviet Union. OFakazi BakaJehova kulamazwe manje bakuhlomele kangcono ukudalula amanga alemfundiso nokusakaza iqiniso ngoMdali wokuphila. Yeka ukuthi zazijabule kangakanani izihambeli ekupheleni kwengxenye yesimiso sasekuseni ngeSonto lapho ilungu leNdikimba Ebusayo likhulula incwadi ethi Life—How Did It Get Here? By Evolution or by Creation? ngolimi lwesiRussia! Bonke banikezwa ikhophi eyisipho.

Izihambeli ezivela kwamanye amazwe zazazisiwe kusengaphambili ukuthi oFakazi abaningi baseRussia abanawo amaBhayibheli. Ngakho zeza nezinkulungwane zamaBhayibheli olimi lwesiRussia njengezipho. AmaBhayibheli ahlanganiswa endaweni eyodwa yokuqoqa ukuze kamuva ayiswe emabandleni oFakazi BakaJehova futhi asakazwe kulabo abawadingayo.

Zakhexa!

NgoMgqibelo, kuso sonke isikhathi sasekuseni nengxenye yemini, zazilokhu zigeleze njalo izivakashi ezingesibo oFakazi zize enkundleni yezemidlalo. Zazinelukuluku lokufuna ukwazi futhi zifuna ukuzibonela ngawazo ukuthi kwakuqhubekani. Eziningi zakhexa. Eziningi zazingakaze zizwe ngoFakazi BakaJehova ngaphambi kokuba zithole isimemo sokuza enkulumweni yeningi. Ezinye zezwa ngomhlangano ezindabeni zethelevishini. Inani elikhulu lababekhona emhlanganweni lalingu-46 214.

Omunye wesifazane osemusha ongoweSonto lobuOrthodox laseRussia waphawula: “Ngihlabeke umxhwele ngempela ngoFakazi. Bangabantu abanokuthula, abamnene, futhi abahloniphekile.” Esinye isivakashi sathi: “Sithemba ukuthi oFakazi BakaJehova bazoba nemihlangano eyengeziwe eSt. Petersburg.” Usayitsheni omkhulu wamaphoyisa aseRussia, noma umbutho osiza amaphoyisa, owayabelwe ukuba asebenze enkundleni yomhlangano wathi “kwakuhlaba umxhwele ukuba semhlanganweni.”

Isikhulu sendawo saphawula ukuthi ‘oFakazi BakaJehova babebhekwa abanye njengohlobo oluthile lehlelo eliwumshoshaphansi elihleli ebumnyameni futhi elizixhaphaza lona kanye nezingane. Kodwa ngibona abantu abaphile kahle engqondweni, abamoyizelayo, futhi abangcono kunabantu abaningi engibaziyo. Banokuthula nokuzola, futhi bayathandana kakhulu.’ Wanezela: “Ngempela angiqondi ukuthi kungani abantu bekhuluma amanga angaka ngani.”

NgoMgqibelo ntambama abanye abaphikisi bazama ukuphazamisa umhlangano. Babephethe amafulege amakhulu ebhalwe izinto ezingamanga zokumelana noFakazi. Njengoba isixuku sababhikishi sasiba sikhulu futhi sibanga umsindo ngokwengeziwe, amaphoyisa abiza amabutho okuwasekela ukuze avikele izihambeli zomhlangano. Ababhikishi abazange bakwazi ukudlula emasangweni angaphambili. Ekupheleni kosuku, bamane nje bahamba, bekhungathekile.

Esinye sezihambeli zomhlangano esabona lokho okwenzeka sahlabeka umxhwele ngokukhethekile ngomoya wokubambisana wombutho osiza amaphoyisa. “Angiwakholelwa amehlo ami uma ngibona umbutho wokusiza amaphoyisa wenza umzamo okhethekile wokusivikela. Eminyakeni nje embalwa edlule, oFakazi BakaJehova babebhekwa njengezitha zikaHulumeni. Kodwa manje umbutho osiza amaphoyisa uyasivikela ngokoqobo!” Isikhulu sombutho wokusiza amaphoyisa sayiveza obala imizwa yaso lapho sitshela izihambeli eziningana ukuthi: “Asifuni ukuba nisesabe. Silapha ukuze sinivikele futhi siqikelele ukuthi yonke into ihamba kahle.”

Ngempela yonke into yahamba kahle. Ngisho nesimo sezulu sasisihle. Usuku ngalunye lomhlangano, lalinganethi, lifudumele, futhi licwathile ngempela.

Izinkulungwane Ziyabhapathizwa

Ngabaningi isici esasivelele somhlangano kwakuwukubhapathizwa kwezinkulungwane. Elinye ibandla eSt. Petersburg, elinabamemezeli abangu-254, labika abangu-108 ababhapathizwa! Kunzima ukuyichaza ngamazwi imizwelo ethinta inhliziyo eyezwiwa izihambeli lapho zibona abantu abazobhapathizwa abangu-3 256 besukuma. Isikhulumi sabuza imibuzo emibili ngokuphathelene nokuzinikezela kwabo kuJehova, futhi baphendula ngo“da” (yebo) ohlokomayo.

Ngemva komthandazo, abantu besifazane abazobhapathizwa baqondiswa kwenye indlela eya ezindlini zokushintsha, futhi abantu besilisa abazobhapathizwa baqondiswa kwenye indlela ebasa ezindlini zokushintsha. Njengoba amakhulu abo ayephuma enkundleni, bona kanye nezibukeli babevayizelana izandla.

Abaningi abasezilalelini babekhala ngenxa yenjabulo. Abanye babeshaya izandla ngezikhawu imizuzu engaphezu kwengu-45. Esinye isihambeli esingumFinnish sasingakwazi ukulawula imizwelo yaso futhi saqala ukukhala. Siyachaza: “Ngo-1943, ngafakwa ebuthweni lezempi laseFinland ukuze silwe nabaseRussia. Kwakuyimpi ebuhlungu. Futhi manje kulomhlangano, ngibone izinkulungwane zabantu baseRussia zinikezela ukuphila kwazo kuJehova! Lapho ngibona abanye babo behleli ezihlalweni zabakhubazekile futhi abanye beqhuga, ngakhala. Ngazibuza: ‘Ingabe nabo bayizinkubela zempi? Ingabe balinyazwa amasosha aseFinland?’ Mhlawumbe uJehova angangisiza manje ukuba ngibe usizo kubafowethu baseRussia.”

Ingabe abazalwane abakhuluma ulimi lwesiRussia balazisa ilungiselelo likaJehova lalelidili elingokomoya elathatha izinsuku ezintathu ababelilungiselelwe, lomhlangano omkhulu wokuqala eSt. Petersburg? Lapho isikhulumi sokugcina siphetha ngamazwi aso okugcina, sathi: “Ngaphezu kwakho konke siyambonga uJehova uNkulunkulu ngalomhlangano omangalisayo.” Izilaleli zasukuma zema ngezinyawo futhi zashaya izandla kakhulu imizuzu engaphezu kwemihlanu. Kwakuwukudumisa uJehova okwaboniswa ngokuma ngezinyawo!

UJehova uNkulunkulu, uMthombo wokukhanya, uzisekela ngokoqobo izinkulungwane zabaphathi bokukhanya kulamazwe ngaphambili ayeyingxenye yeSoviet Union. Ngemva kweminyaka engu-70 yokuvinjelwa nokushushiswa, manje kuba sobala ukuthi sonke lesikhathi uJehova wayegcwalisa isithembiso sakhe sikaIsaya 60:22, lapho ethi: “Omncane uyakuba-yinkulungwane, ophansi abe-yisizwe esinamandla; mina nginguJehova, ngiyakukusheshisa ngesikhathi sakho.”

[Ibhokisi ekhasini 27]

Eminye Imihlangano

Seyiyonke, kwaqhutshwa imihlangano eyisithupha kulelihlobo eledlule kulo lonke izwe elaliyiSoviet Union. Kwaba khona ingqikithi yabangu-91 673, futhi abangu-8 562 babhapathizwa. Lokhu kusho ukuthi amaphesenti angu-9,3 enani lababekhona abhapathizwa kulemihlangano. Yebo, lamaphesenti ayengaba ngisho nangaphezulu ukube izihambeli ezivela kwamanye amazwe ezingu-17 000 zazingekho embuthanweni wezizwe zonke owawuseSt. Petersburg.

IVisoki Zamok, eyayinyatheliswe eLviv (ngaphambili kwakuyiLvov), yaphawula: “Umusa nokwethembeka kuye ngempela kwabusa enkundleni yezemidlalo phakathi nezinsuku ezintathu zomhlangano. Naphezu kwabantu abaningi kangaka ababekhona, izinkundla zezemidlalo zisahlanzeke njengoba bezinjalo ngaphambi komhlangano. Ukuhleleka nokuthula okuyisibonelo kwakutholakala yonke indawo.”

Manje njengoba oFakazi BakaJehova bejabulela inkululeko yokukhulekela uNkulunkulu obala ezweni elaliyiSoviet Union, abaningi lapho banethuba lokuzibonela mathupha lokho oFakazi abayikho ngempela. IKrasnoyarskii Komsomolets, iphephandaba laseRussia, lathi: “Bangabantu abakhangayo, abanobungane kakhulu, futhi abangahileleki nhlobo kwezombangazwe; bakhuthaza ukukhuthala, hhayi ukuphishekela ‘imali etholakala kalula.’”

Imihlangano Ezweni ElaliyiSoviet Union

USUKU IDOLOBHA INANI LABABEKHONA

ELIPHAKEME ABABHAPATHIZIWE

NgoJune 26-28 ESt. Petersburg, eRussia 46 214 3 256

NgoJuly 10-12 ELviv, eUkraine 15 011 1 326

EAlma-Ata, eKazakhstan 6 605 829

NgoJuly 17-19 EKharkov, eUkraine 17 425 2 577

NgoJuly 24-26 EIrkutsk, eSiberia 5 051 536

ETallinn, e-Estonia 1 367 38

INGQIKITHI 91 673 8 562

[Isithombe ekhasini 24]

Amabhodi ezimemezelo amemezela umhlangano

[Izithombe ekhasini 25]

Isihambeli esivela eRussia sithola iBhayibheli laso

Kwasetshenziswa izincwajana ezingangomazini ezikhethekile eziyiculo

[Izithombe ekhasini 26]

Abantu abavusa amadlingozi abangu-3 256 babhapathizwa

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela