AbaseRussia Bayayazisa Inkululeko Yokukhulekela
KUSUKELA NGO-1991 LAPHO KUHLAKAZEKA ISOVIET UNION, ABANTU ABAHLALA KHONA BAYE BAJABULELA INKULULEKO EYENGEZIWE YOKUKHULEKELA UNKULUNKULU. INKULULEKO ENJALO IYE YAJATSHULELWA NAYILABO ASEBEFUDUKELE KWAMANYE AMAZWE.
ABANINGI abahlala ezweni elaliyiSoviet Union bayazisa kakhulu inkululeko yokubuthana ngokukhululekile ukuze bakhulekele uNkulunkulu—inkululeko ababeyincishiwe amashumi eminyaka.
Ngemva kokuVukela KwamaBolshevik ngo-1917, kwakuwukuzifaka engozini ukufunda iBhayibheli eRussia, futhi bambalwa abantu abadela inkululeko yabo ukuze balifunde. OFakazi BakaJehova babehlukile. Empeleni, umagazini i-Newsweek ka-April 16, 1956—cishe iminyaka engu-44 edlule—wacaphuna osemusha eNtshonalanga Jalimane ethi: “Abekho abanye abantu abafunda iBhayibheli ngaphandle koFakazi BakaJehova.” Nokho, oFakazi BakaJehova babegqunywa emajele nasemakamu okuhlushwa uma beqhuba imihlangano yokutadisha iBhayibheli futhi beshumayela isigijimi salo. Nokho, nomaphi lapho babeya khona, babegxile ethembeni labo elisekelwe eBhayibhelini, njengoba ibhokisi elihambisana nalesi sihloko libonisa.
Lapho iSoviet Union ihlakazeka ngo-1991, oFakazi baba nemihlangano emikhulu engu-7 eyayinesimiso semfundo yeBhayibheli. Sebebonke, ababakhona babengu-74 252. Ngo-1993, ngemva kweminyaka emibili, abangu-112 326 bahlangana emihlanganweni enjalo emikhulu engu-8 ezindaweni ezine kwezingu-15 ezazingama-republic aseSoviet Union.a Abaningi kulezo zinkulungwane babechithe iminyaka eminingi emajele nasemakamu okuhlushwa aseSoviet. La maKristu athembekile ayegcwele ukubonga okukhulu ngenkululeko yawo yokukhulekela uNkulunkulu ngaphandle kokuvinjelwa.
Minyaka yonke kusukela ngo-1993, abantu bakula mazwe ayengama-republic aseSoviet balibheka njengegugu ilungelo lokuhlangana ngokukhululekile emihlanganweni yobuKristu emazweni akubo. Ngokwesibonelo, ngonyaka odlule, oFakazi BakaJehova abangu-282 333 nabangane babo bakujabulela ukukhulekela ndawonye eMihlanganweni Yesigodi “Yezwi LikaNkulunkulu Lesiprofetho” engu-80 eyaqhutshwa emazweni ayengama-replublic aseSoviet. Futhi kwabhapathizwa ingqikithi yabangu-13 452.
Nakuba kungase kubonakale kumangalisa, ngonyaka odlule kwakunemihlangano eyaqhutshwa ngesiRashiya nakwamanye amazwe omhlaba. Ingqikithi yabangu-6 336 yaba khona emihlanganweni enjalo emine emazweni angaphandle kwezwe elaliyiSoviet Union! Yaqhutshelwaphi le mihlangano? Futhi kungani abantu abaningi abakhuluma isiRashiya benesithakazelo esijulile eBhayibhelini? Ake siqale sicabangele kafushane umbuzo wesibili.
Bayasiqaphela Isidingo Esingokomoya
IRussia inomlando wenkolo obanzi. Izindlu zamasonto ezihlotshisiwe, ezakhiwa emakhulwini eminyaka adlule, ziphakathi kwezidume kakhulu kweLobukholwa. Kodwa, iSonto LaseRussia Lobu-Orthodox, njengeSonto LamaRoma Katolika, liye lagcina abantu bengalazi iBhayibheli.
“IBhayibheli,” kuchaza incwadi yamuva ethi The Russian Tragedy—The Burden of History, “alikaze libe ingxenye eyinhloko yobu-Orthodox BaseRussia.” Ngokwesazi senkolo saseRussia uSergei Ivanenko, umphumela ube ukuthi “ukuntula ulwazi lweBhayibheli kwamakholwa angama-Orthodox kuye kwaholela eqinisweni lokuthi iningi lamalungu esonto lobu-Orthodox lithambekele kakhulu ekuthonyweni ukukholelwa ezeni, ukusebenzisa imimoya nemilingo kunabantu abangakholwa.”
Umbhali odumile waseRussia uTolstoy waphawula okufanayo. Wabhala: “Ngazitshela ukuthi imfundiso yesonto [Lobu-Orthodox LaseRussia] yayimane iwukukhohlisa kobuqili nokulimazayo, futhi empeleni iyiqoqo elikhulu lezinkolelo-ze nokusebenzisa imimoya, okukufiphaza ngokuphelele okushiwo izimfundiso zobuKristu.”
Lesi simo saba inkundla ekahle yokuchuma kobuKhomanisi baseSoviet nenkulumo-ze yabo yokuphika ubukhona bukaNkulunkulu nesiqubulo sabo esidumile esithi: “Inkolo iwumlaliso wabantu.” Nokho, ngokushesha ubuKhomanisi baba uhlobo lwenkolo, ngokuvamile eyayibizwa ngokuthi iRed Religion. Kodwa iRed Religion ayikwazanga ukuma. Lapho uMbuso waseSoviet uwa ngo-1991, izigidigidi zabantu zazididekile futhi zingazi ukuthi kumelwe ziphendukelephi. Ngokukhuthazwa oFakazi BakaJehova, izinkulungwane zabaseRussia zafuna izimpendulo eBhayibhelini.
Ngenxa yesimiso esihle semfundo, abaseRussia babephakathi kwabantu abafunde kunabo bonke emhlabeni. Ngakho abantu abaningi eRussia abazange nje babe abafundi beBhayibheli kuphela kodwa baye bazithanda izimfundiso zalo. Ngesikhathi esifanayo, ikakhulu phakathi neminyaka eyishumi yawo-1990, abantu abangamakhulu ezinkulungwane abasuka ezweni elaliyiSoviet Union bafudukela kwamanye amazwe, njengaseJalimane, eGreece, nase-United States. Kwaba namiphi imiphumela?
Bakhulekela Ngokukhululekile EJalimane
Ekhulwini le-18 nele-19, abantu abaningi baseJalimane bathuthela eRussia. Owayedume kakhulu phakathi kwabo kwakunguSophie oneminyaka engu-15 ubudala, owalandela umyeni wakhe ngo-1762 njengombusi waseRussia. Phakathi nokubusa kwakhe kwesikhathi eside, uSophie, kamuva owaziwa ngokuthi uCatherine Omkhulu, wamema abalimi baseJalimane ukuba bazohlala eRussia. Khona-ke, phakathi neMpi Yezwe II lapho amaJalimane ehlasela iSoviet Union, iningi lalabo ababedabuka eJalimane bayiswa eSiberia nakuma-republic aseSoviet anjengeKazakhstan, iKyrgyzstan, ne-Uzbekistan. Muva nje amaJalimane amaningi akhuluma isiRashiya, nabanye abasuka ezweni elaliyiSoviet Union, bathuthela eJalimane ukuze bajabulele izimo zomnotho ezingcono.
Ngo-December 1992, kwamiswa ibandla lokuqala elikhuluma isiRashiya eBerlin, eJalimane. Ngonyaka odlule, kwase kuhlanganiswe amabandla angu-52 namaqembu amancane angu-43 aba izifunda ezintathu zabantu abakhuluma isiRussia eJalimane. EMhlanganweni Wesigodi “Wezwi LikaNkulunkulu Lesiprofetho” wabakhuluma ulimi lwaseRussia owaqhutshwa kusukela ngo-July 30 kuya ku-August 1 eCologne, kwaba nenani eliphakeme labangu-4 920, lapho kwabhapathizwa khona abangu-164 bebonakalisa ukuzinikezela kwabo kuJehova. Ngaphambi kwalokho, ngo-April 1, emabandleni aseJalimane akhuluma isiRashiya, kwakubekhona abangu-6 175 emkhosini weSikhumbuzo sokufa kukaJesu.
AbaseRussia E-United States
Nezwe lase-United States liye labhekana nokuthutheleka kwabantu abakhuluma isiRashiya abasuka ezweni elaliyiSoviet Union. I-New York Times yabika ukuthi: “Phakathi kuka-1991 no-1996, abaseRussia babeyiqembu labafuduki elikhula kakhulu eBrooklyn. Phakathi nenkathi efanayo, i-Immigration and Naturalization Service yavumela abafuduki abangu-339 000 abavela eSoviet Union ukuba bahlale e-United States.”
Kamuva, i-Times ka-January 1999 yathi phakathi neshumi leminyaka elidlule, amaJuda angu-400 000 asuka ezweni elaliyiSoviet Union ayethuthele eNew York City nasezindaweni ezizungezile. Ngaphezu kwalokho, eminyakeni yamuva izinkulungwane zabaseRussia ziye zazinza nakwezinye izingxenye ze-United States. Ngokwesibonelo, abafuduki baseRussia abalinganiselwa ku-35 000 baye bathuthela enyakatho yeCalifornia, okuyenza ibe ngeyesithathu ilandela iNew York neLos Angeles ngokuba nabafuduki abaningi abasuka ezweni elaliyiSoviet Union. Laba bantu abakhuluma isiRashiya baye balamukela ithuba lokufunda iBhayibheli, futhi amakhulukhulu abo aye aba abakhulekeli bakaNkulunkulu weqiniso, uJehova.
Ngo-April 1, 1994, kwamiswa ibandla lokuqala lamuva nje loFakazi BakaJehova abakhuluma isiRashiya e-United States, eBrooklyn, eNew York. Ngokuhamba kwesikhathi, kwamiswa amabandla ePennsylvania, eCalifornia, naseWashington. Kwaqalwa amaqembu ezifundo nakwezinye izingxenye eziningi zezwe.
Owokuqala E-United States
Ngo-August 20 kuya ku-22 nyakenye, inani eliphakeme labantu abangu-670 ababesuka kulo lonke elase-United States naseCanada lakujabulela ukuba khona emhlanganweni wesigodi wokuqala wolimi lwesiRashiya owawuseNew York City. Zonke izinkulumo zazinikezwa ngesiRashiya, futhi idrama yasendulo, enomlando weBhayibheli kaJakobe no-Esawu, yanikezwa amalungu ebandla lesiRashiya laseLos Angeles, eCalifornia. Ngempela yaba umvuthwandaba womhlangano.
Esinye isenzakalo esikhethekile somhlangano kwaba ukubhapathizwa kwabantu abangu-14, bonke esibabona esithombeni esikulesi sihloko. Abaningi kubo bahamba ibanga elingamakhilomitha angu-4 000 besuka ePortland, e-Oregon, eLos Angeles naseSan Francisco, eCalifornia, ukuze bazobhapathizwa emhlanganweni eNew York City. Esikhathini esingaphambili, laba abangu-14 babehlala kuma-republic ezwe elaliyiSoviet e-Armenia, e-Azerbaijan, eBelarus, eMoldova, eRussia nase-Ukraine. Okuhlangenwe nakho kwabo kuveza indlela abalwazisa ngayo ulwazi lukaNkulunkulu nenkululeko yokumkhulekela.
USvetlana (osemgqeni ophambili, ongowesithathu ukusuka kwesobunxele) wakhulela eMoscow. Lapho eseneminyaka engu-17 washada nomculi odumile owayemdala kakhulu kunaye, futhi ngo-1989 bathuthela e-United States nendodana yabo ewusana. Umyeni wakhe wayengahlali ekhaya, futhi ngemva kweminyaka emihlanu bahlukanisa.
Lapho uSvetlana ehlangana noFakazi ayesebenza naye, abangane bakhe bamxwayisa ukuba angazibandakanyi nalokho abathi “ihlelo elalizolawula ukuphila kwakhe futhi liyishaqe yonke imali yakhe.” Nokho, wayefuna ukufunda lokho okufundiswa iBhayibheli. Ekhuluma ngokuboniswa igama likaNkulunkulu eBhayibhelini, uthi: “Ngangihlabeke umxhwele kakhulu ngokuthi oFakazi kuphela abenza laziwe.”
Lapho esakhula, u-Andrei (osemgqeni ongemuva, ongowesithathu ukusuka kwesobunxele) washiya ikhaya eSiberia ukuze athole ukuqeqeshwa okusezingeni eliphezulu njengomsubathi endaweni namuhla eyaziwa ngokuthi iSt. Petersburg. Ngokushesha ngemva kwalokho, iSoviet Union yahlakazeka, futhi ngo-1993, lapho u-Andrei eseneminyaka engu-22 ubudala, wathuthela e-United States. Uyachaza: “Ngaqala ukucabanga ngoNkulunkulu futhi ngaqala ukuya eSontweni Lobu-Orthodox LaseRussia. Ngobunye ubusuku, phakathi nomkhosi wama-Easter WamaRussia, ngahlala kwaze kwasa esontweni ngoba ngifuna ukusondela eduze noNkulunkulu.”
Cishe ngaleso sikhathi uSvetlana wahlangana no-Andrei, futhi wamtshela ngalokho ayekufunda esifundweni sakhe seBhayibheli. Wavuma ukuhamba naye baye emhlanganweni woFakazi BakaJehova, futhi kamuva wemukela isifundo seBhayibheli. Bashada ngo-January 1999. Ngemva kokubhapathizwa kwabo emhlanganweni, babechichima injabulo.
UPavel (osemgqeni ongemuva, ongowesine ukusuka kwesobunxele) wazalelwa eduze kwaseQaraghandy, eKazakhstan, kodwa kamuva wathuthela eNal’chik, eRussia. Leli dolobha elikhulu liseduze neChechnya neDagestan, lapho kuye kwalwiwa khona izimpi eziningi. UPavel wahlangana lapho noFakazi BakaJehova ngokokuqala ngqá ngo-August 1996, kodwa wathuthela eSan Francisco ngenyanga eyalandela. Wayengene shí emkhubeni wokudla izidakamizwa, futhi eshiye indodakazi yakhe nonina eRussia.
Ngokushesha lapho efika e-United States, uPavel wathintana noFakazi BakaJehova futhi wamukela isifundo seBhayibheli. Walungisa ukuphila kwakhe futhi wabhalela unina wendodakazi yakhe emxoxela ngezinkolelo zakhe ezintsha. Naye usetadisha noFakazi, futhi kumanje kwenziwa amalungiselelo okuba athuthele e-United States ukuze ashade noPavel futhi bakhonze uJehova ndawonye nendodakazi yabo eCalifornia.
UGeorge (osemgqeni ongemuva, ongowesibili ukusuka kwesobunxele) wazalelwa eMoscow futhi wakhulela khona. Wafika e-United States ngo-1996, futhi ngonyaka owalandela washada noFlora, owayengowokuzalwa e-Azerbaijan. UGeorge wayesonta eSontweni Lobu-Orthodox LaseRussia, kodwa ngemva kokufunda umagazini INqabayokulinda, waba nemibuzo mayelana nemfundiso kaZiqu-zintathu. Lapho i-Watch Tower Society iphendula incwadi yakhe, wathola incwajana ethi Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu? Ngo-1998 yena noFlora baqala ukutadisha iBhayibheli. Manje noFlora usehlela ukubhapathizwa.
Okunye okwakuvelele emhlanganweni kwakuwukuthola imikhonzo evela eMoscow, lapho kwakubuthene khona abangu-15 108 emhlanganweni ngempelasonto efanayo. Yeka ukuthi izihambeli zomhlangano eNew York City zajabula kanjani uma zizwa isimemezelo esithi kwakubhapathizwe abangu-600 lapho! Lokhu kwakuyiqiniso ikakhulukazi uma ucabangela imibiko emibi yamaphephandaba nethelevishini eyaqala ukukhishwa e-United States nakwezinye izindawo esontweni elalendulela umhlangano.
Okwakwenzeka EMoscow
Ngo-July 21, 1999, oFakazi basayina isivumelwano sokusebenzisa i-Olympic Stadium engasenkabeni yeMoscow futhi eyakhelene nesonto lobu-Orthodox laseRussia elikhulu. Kodwa sekusele isonto ngaphambi kokuqala komhlangano, kwacaca ukuthi kwakuzoba nokuphikiswa. NgoLwesithathu, ngo-August 18, imvume yokusebenzisa inkundla yayingakatholakali, nakuba imali yokuyiqasha yayisikhokhiwe. Kwagcizelelwa kubaphathi ukuthi, njengoba kuboniswe ebhokisi elisekhasini 28, oFakazi BakaJehova bayinhlangano yenkolo emiswe ngokomthetho eRussia.
Ngenxa yokuthi izihambeli zomhlangano ezingu-15 000 zazilungiselela ukuba khona ngoLwesihlanu ekuseni, abameleli boFakazi baqala ukukhathazeka. Ezinye izihambeli ezazibhekise amabombo eMoscow zazisuka emadolobheni aqhele ngamakhilomitha amaningi. Ekugcineni, ngemva kwezingxoxo ezathatha amahora, cishe ngo-8:00 ebusuku, ngoLwesine ngo-August 19, abaphathi benkundla ngenjabulo bazisa abameleli boFakazi ukuthi umhlangano ungaqhubeka. Abaphathi bedolobha babethé abamelene nomhlangano.
Ekuseni ngosuku olulandelayo izinkulungwane zathutheleka enkundleni. Izisebenzi zokuzithandela ezingoFakazi zazisebenze ubusuku bonke zilungiselela ukufika kwazo. Futhi ngosuku lokuqala ekuseni kwakukhona nezintatheli, ezazitshelwe kusengaphambili ngokuphikiswa komhlangano. Enye yazo yathi: “Siyanihalalisela! Siyajabula ukuzwa ukuthi umhlangano wenu uyaqhubeka.”
Isibonelo Sokuziphatha Ngokuhleleka
Abaphathi benkundla baba nomuzwa wokuthi kwakuyoba ukuhlakanipha ukuba baqinisekise ukulondeka. Ngakho, kwamiswa onogada kuwo wonke amasango behlome ngamathuluzi okuthola izinto ezenziwe ngensimbi afana nalawo asetshenziswa ezikhumulweni zezindiza. Futhi kwamiswa amaphoyisa kuyo yonke indawo emagcekeni enkundla. Umhlangano waqhubeka ngokuhleleka naphezu kosongo olukhulu.
NgoMgqibelo ntambama othile washaya ucingo ethi kwakucushwe ibhomu enkundleni. Lolu songo lwezwakala ngaphambi nje kokuphela kwenkulumo eyandulela eyokugcina. Ngakho, ngesicelo sabaphathi benkundla, kwenziwa isimemezelo esifushane sokuthi wonke umuntu kwakumelwe aphume enkundleni ngokushesha. Lapho bonke benza kanjalo ngokuhleleka, abaphathi benkundla namaphoyisa babamba ongezansi. Babeqala ngqá ukubona into enje! Babuza ukuthi ingabe lokhu kwakuprakthizwe kusengaphambili yini.
Akuzange kutholakale bhomu, futhi ngosuku olulandelayo isimiso selulwa ukuze kuhlanganiswe nenkulumo eyayinganikezwanga ngoMgqibelo. Abaphathi benkundla babenelisekile ngomhlangano.
EGreece Nakwezinye Izindawo
Phakathi nempelasonto yokugcina ngo-August neyokuqala ngo-September, kwaqhutshwa imihlangano yesigodi ngesiRashiya naseGreece—yaqala e-Athens futhi kamuva eThessalonica. Ingqikithi yabangu-746 yethamela le mihlangano, futhi kwabhapathizwa abangu-34. EGreece kunamabandla angu-8 akhuluma isiRashiya namaqembu amancane angu-17 akhiwa abafuduki abasuka kuma-republic aseningizimu ezwe elaliyiSoviet Union. Laba baqhuba imihlangano yabo ngesiRashiya nangezinye izilimi ezikhulunywa abafuduki.
UVictor ungomunye walabo ababhapathizwa e-Athens. Ngaphambi kwalokho wayekade engakholelwa ebukhoneni bukaNkulunkulu, kodwa ngo-August 1998 waba khona emhlanganweni wezizwe woFakazi BakaJehova owawuse-Athens, lapho kwabhapathizwa khona umkakhe. Uthi wahlatshwa umxhwele kakhulu uthando olwaboniswa izihambeli zomhlangano, waze washukumiseleka ukuba atadishe iBhayibheli.
Indoda okuthiwa u-Ighor yathola ikhophi yencwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni futhi ngemva kokuyifunda yazilahla zonke izithombe zayo zokukhulekela. Yaqala nokuzazisa njengomunye woFakazi BakaJehova. Ngemva kokubhalela ihhovisi legatsha lase-Athens futhi yavakashelwa oFakazi ngo-November 1998, ngokushesha yaya emhlanganweni webandla ngokokuqala ngqá futhi kusukela lapho ayikaze iphuthe. Manje, njengoba esebhapathiziwe, umgomo ka-Ighor uwukuba isikhonzi sesikhathi esigcwele soFakazi BakaJehova.
Abantu abakhuluma isiRashiya baye bafudukela kwamanye amazwe amaningi emhlabeni esingawabalanga. Abaningi balaba bantu nabo bayayijabulela inkululeko yabo yokutadisha iBhayibheli nokuhlangana ngokukhululeka ukuze bakhulekele uNkulunkulu. Kubo leli lungelo liyigugu kakhulu!
[Umbhalo waphansi]
a Lawa ama-republic angu-15, manje osekungamazwe azimele: i-Armenia, i-Azerbaijan, iBelarus, i-Estonia, iGeorgia, iKazakhstan, iKyrgyzstan, iLatvia, iLithuania, iMoldova, iRussia, iTajikistan, iTurkmenistan, i-Ukraine, ne-Uzbekistan.
[Ibhokisi ekhasini 22]
AbaseRussia Abathanda IBhayibheli
UProfesa Sergei Ivanenko, isazi senkolo saseRussia esihlonishwayo, wachaza oFakazi BakaJehova njengabantu abazinikele ngempela ekutadisheni iBhayibheli. Encwadini yakhe yamuva ebhalwe ngesiRashiya ethi O lyudyakh, nikogda nye rasstayushchikhsya s bibliey (Abantu Abangalokothi Bawashiye AmaBhayibheli Abo), wabhala ngomlando wabo wakudala eSoviet Union: “Nakuba babegqunywa ejele ngenxa yokwethembeka ezinkolelweni zabo, oFakazi BakaJehova babezithola izindlela zokusebenzisa iBhayibheli.” Ukuze abonise lokhu, walandisa okuhlangenwe nakho okulandelayo.
“Iziboshwa zazenqatshelwe ukuba neBhayibheli. Lapho kupheqululwa amaBhayibheli ayethathwa. Kwelinye lamakamu asenyakatho, omunye woFakazi BakaJehova wayesebenza ngogesi futhi wayegcina izincwadi zeBhayibheli kuyi-transfomer enamandla amakhulu kagesi. Ingxenye ngayinye yeBhayibheli yayiboshwa ngentambo bese iboshelwa entanjeni kagesi, futhi yileyo ndoda kuphela eyayazi ukuthi iyiphi intambo okumelwe idonswe ukuze leyo ncwadi ikhishwe—ngokwesibonelo, iVangeli likaMathewu—ngaphandle kokubanjwa ugesi obulalayo. Nalapho kuphenyisiswa, kungakhathaliseki ukuthi onogada babefunisisa kangakanani, babengatholi lutho, ngakho leli Bhayibheli eliyingqayizivele alizange litholakale.”
[Ibhokisi ekhasini 28]
OFakazi BakaJehova Baphinde Babhaliswa ERussia
Sekuphele iminyaka engaphezu kwekhulu oFakazi BakaJehova bememezela uMbuso kaNkulunkulu ngenkuthalo eRussia. Nokho, ngenxa yokuvinjelwa uhulumeni, oFakazi baze baqashelwa ngokomthetho ngokokuqala ngqá ngo-March 27, 1991. Ngaleso sikhathi, babebhaliswe ngaphansi kwegama elithi Administrative Center of the Religious Organizations of Jehovah’s Witnesses in the U.S.S.R.
Ngo-September 26, 1997, kwashaywa umthetho onesihloko esithi “Inkululeko Kanembeza Nobudlelwane Obungokwenkolo.” Lo mthetho omusha wakhulunyelwa yimithombo yezindaba emhlabeni wonke. Ngani? Ngoba abaningi babebheka ukushaywa kwalo mthetho njengomzamo wokuvimbela ukusebenza kwezinkolo ezincane eRussia.
Ngakho, naphezu kokubhaliswa koFakazi BakaJehova ababekuzuze kanzima ngo-1991, umthetho omusha waseRussia weNkululeko Kanembeza wawufuna ukuba bona, nazo zonke ezinye izinhlangano zenkolo, baphinde babhalise. Lokhu kwaphakamisa imibuzo eminingi. Ingabe lokhu kwakusho ukuthi iziphathimandla zaseRussia zazibuyela enqubweni yokucindezela oFakazi BakaJehova? Noma ingabe ukungabandlululwa kwezinkolo nenkululeko yokukhulekela ethenjiswe eMthethweni-sisekelo Kahulumeni WaseRussia kwakuzofezeka?
Ekugcineni yatholakala impendulo. Yeka ukuthi oFakazi bajabula kanjani ngokuphinde bathole ukuqashelwa ngokomthetho lapho uMnyango Wezobulungisa WaseRussia ukhipha isitifiketi sokubhaliswa kwe-“Administrative Center for Jehovah’s Witnesses in Russia,” ngo-April 29, 1999!
[Isithombe ekhasini 23]
Umhlangano wesigodi wokuqala wesiRashiya e-United States
[Isithombe ekhasini 24]
Idrama yeBhayibheli eyadlalwa eNew York yiBandla LesiRashiya LaseLos Angeles
[Isithombe ekhasini 25]
Laba abangu-14 ababhapathizwa eNew York bavela emazweni ayisithupha ayengama-“republic” ezwe elaliyiSoviet Union
[Isithombe ekhasini 26, 27]
Abangaphezu kuka-15 000 bahlangana e-Olympic Stadium yaseMoscow