Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g93 1/8 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
  • I-Phaphama!—1993
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1993
  • “Le Phaphama! Yayibhalelwe Thina Ngokukhethekile”!
    I-Phaphama!—1999
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1997
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1993
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1993
g93 1/8 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Izimpi Zasenkantolo Njengommeli ohileleke ezimpini zokuwinwa kwabantwana nasempikiswaneni yegazi, angikwazi ukuchaza ukuthi singakanani isikhuthazo engisithole esihlokweni esithi “OFakazi BakaJehova ‘Bayiswa Ezinkantolo Zendawo.’” (September 22, 1992) Kulelisonto elidlule abanye odokotela, bengazinaki iziyalezo eziqondile ezenqabayo, bampompele omunye uFakazi igazi. Ukudelelwa okunjalo okungenaluzwela kwamalungelo angokwenkolo nawomuntu siqu ayisisekelo kuyacasula. Isihloko senu singikhuthaze kakhulu ukuba ngiqhubeke nalempi!

P. P., United States

Abesifazane—Bafanelwe Inhlonipho Ngiyanibonga ngochungechunge oluthi “Abesifazane—Bafanelwe Inhlonipho.” (July 8, 1992) Lungisize ukuba ngiqonde ukuthi ukubukela phansi abesifazane akuyona inkinga elinganiselwe emphakathini owodwa, kodwa kuyinkinga ekhona emazweni amaningi. Ngiyabonga futhi ngokusikisela okuphathelene nokugwema ukuhlukunyezwa ngokobulili.

S. A., Nigeria

Ngikuthandile ukungafihli lutho kwalezihloko. Ukusikisela kwenu kuyokwenza abantu abaningi, amadoda nabesifazane, ukuba bacabangele kabusha isimo sabo sengqondo. Ngiyabonga ngokubonisa indlela uJehova abheka ngayo abesifazane.

J. P. L., Canada

Ngempela nginomuzwa wokuthi abesifazane babuyiselwe esikhundleni sabo esifanelekile futhi babhekwa ngendlela okufanele babhekwe ngayo. Kwangathi namadoda angamaKristu angazazisa lezihloko ukuze, uma kudingekile, alungise umbono wawo ngokuqondene nabesifazane. Siyowahlonipha ngobuqotho ngokwengeziwe ngokwenza kanjalo.

E. S., France

Lezihloko zisenza sizizwe kangcono ngathi ngokwethu futhi zisibonisa ukuthi amadoda anomthwalo wemfanelo wokusabela ngokuthula nangenhlonipho kithi. Ngicabanga ukuthi lezi bekuyizihloko ezinhle kakhulu, futhi zaziswa kakhulu.

A. H., United States

Kungibangele isilokozane futhi kwangihlengezelisa izinyembezi ukwazi ukuthi ngisenhlanganweni ethatha ukuma okuqine ngalendlela mayelana nokuphathwa kwabesifazane. Bekuyizihloko zokuqala engiye ngazibona ezingashiyi intuba yokuba amadoda axhaphazayo ayisebenzise njengesaba.

E. M., United States

Ngiyazi ukuthi lokwaziswa ngokuqondene nombono wamadoda ngabesifazane ngeke kuwushintshe umhlaba, kodwa kududuza kakhulu ukufunda amazwi eqiniso, induduzo, uzwela, nokuqonda, ukuqaphela ukuthi uJehova ngempela uyasikhathalela.

H. Q., United States

Lezihloko zingithinte ngokujulile—hhayi ngoba ngiye ngangamnaka umkami, kodwa ngiyaqiniseka ukuthi ngingenza okwengeziwe ukuze ngimsize. Ngimhlonipha kakhulu futhi nginomuzwa wokuthi lezihloko ziyosiza wonke amadoda angamaKristu ukuba akuqaphele ngisho nangokwengeziwe ukubaluleka komkethu. Bafanelwe yinhlonipho, isithunzi, uthando, nokuqonda okuvela kubayeni babo.

S. S., Brazil

Ukufa Umagazini wenu othi “Lapho Othandekayo Efa” (July 22, 1992) uthinte inhliziyo yami. Ngalo kanye usuku esawuthola ngalo, umlamu wami oneminyaka engu-16 ubudala wafa ngenxa yomdlavuza. Lezihloko zibe yisikhuthazo ngempela ngesikhathi sokucindezeleka. Abangane bethu nomndeni basihambela ukuze basisize ngokusinikeza ukudla, induduzo, nosizo ekwenzeni amalungiselelo omngcwabo. UJehova ngempela unikeza induduzo ngezihloko ezinjengalezi ezifika ngesikhathi.

C. C., United States

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela