Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Izihloko Zabesifazane Nginibonga kakhulu ngezihloko ezikhuluma ngokushaywa kwabesifazane (December 8, 1988), usizo ngemikhuba yemilutha yotshwala (May 22, 1992), nenhlonipho ngabesifazane (July 8, 1992). Lezihloko zibonisa ukujula okumangalisayo kokuqonda ingqondo yomuntu. Ngobusuku engashada ngabo, ngangena enkiyankiyeni yokuhlangenwe nakho okushaqisayo. Ngaba nezinkinga zempilo futhi ngathintana nodokotela nochwepheshe bezempilo engokwengqondo. Akulula ngabantu abaningi ukuqonda indaba enjengalena, futhi uma uya kothile ongazi ukuthi athini ukuze uthole usizo, kuba nzima ngisho nangokwengeziwe. Nokho, ekugcineni nginomuzwa wokuthi lenkinga ixazululekile nokuthi konke kuhamba kahle, ngenxa yezihloko zenu.
N. H., Argentina
INiagara Bengimomotheka njengoba ngifunda isihloko esithi “INiagara Falls—Igugu Elingapheli LaseNingizimu NaseNtshonalanga Melika.” (October 8, 1992) Sinezimpophoma ezincane lapha emahlathini, kodwa ukucabanga ngesimangaliso esinjalo engasibona kwangenza ngazindla ngothando lukaJehova ngathi nesifiso sakhe sokuba sazise indalo yakhe ngokugcwele.
P. J. O., Nigeria
Ukuhlonipha Abesifazane Phakathi nezinsuku zokukhula kwami, ngamukela ubandlululo olungokwesiko olwangenza ngazonda abesifazane kakhulu. Ngangingawucabangi nakancane umshado! Kodwa ngenxa yochungechunge lwezihloko ezithi “Abesifazane—Bafanelwe Inhlonipho” (July 8, 1992), ngiye ngasishintsha isimo sami sengqondo ngakubantu besifazane. Ngafunda lezihloko kabili, futhi manje ngicabanga ukuthi ngolunye usuku ngingaba indoda eyisibonelo.
N. B. M., Côte d’Ivoire
Ukushayelana Ucingo Isihloko senu esithi “Intsha Iyabuza . . . Yini Engalungile Ngokuzixoxela Nje?” (August 22, 1992) sangihlaba umxhwele. Nami ngangixoxa nomuntu wobulili obuhlukile ocingweni. Ngangijabule kakhulu! Kodwa lapho ngisondela kulomuntu futhi ngimtshela ngemizwa yami, ngathola ukuthi wayengazimisele nakancane ngami. Ngangiyisisulu somuntu odlala ngemizwa. Ngifisa sengathi ngabe isihloko senu ngasifunda esikhathini esingangonyaka esidlule. Mhlawumbe ngalesosikhathi inhliziyo yami yayingeke izwe ubuhlungu kangaka.
L. R., United States
Ukuhlola Umkhathi Ngisebenzela igatsha lase-Italy le-European Space Agency. Ngiye ngasikisela izikhathi ezingaphezu kwesisodwa ukuthi incwajana ehlaziya imithombo yezindaba elungiselelwa izisebenzi ihlanganise nezihloko ezivela ku-Phaphama!—kodwa angizange ngiphumelele. Nokho, izihloko ezithi “Ukuhlola Umkhathi” (September 8, 1992) zasetshenziswa futhi zathatha cishe yonke indawo ekuhlaziyeni kwethu imithombo yezindaba! Ngenxa ye-Phaphama! ngiye ngaba namathuba amaningi okuxoxa nabantu engisebenza nabo ngeBhayibheli.
P. B., Italy
Ukuzijabulisa Ngineminyaka engu-20 futhi ngisanda kuqeda uchungechunge lwezithi “Ukuzijabulisa Kukuthinta Kanjani Ukuphila Kwakho?” (November 8, 1992) Ngithole lokhu kwaziswa kufike ngesikhathi futhi kulinganisela. Enye intsha izizwa ivalelwe ngayo yonke imingcele neziqondiso okumelwe sikugcine njengamaKristu. Ngokwesibonelo, umfowethu wayeka ukuba umKristu ngoba wayezizwa ngaleyondlela. Kodwa ngibheka leziqondiso njengesivikelo, futhi ngizizwa ngilondekile futhi ngithandwa kakhulu ngokwazi ukuthi uJehova usikhathalela ngokwanele ukuba asigcine sehlukanisiwe nezwe likaSathane.
D. C., United States
Ngiwazise kakhulu umagazini okhuluma ngokuzijabulisa, kodwa ngingathanda ukwazi ukuthi nikutholaphi ukwaziswa okunenza nikwazi ukuchaza imininingwane yezithombe zebhayisikobho ezinjenge-Basic Instinct?
A. A., Italy
Lokhu kukhulumela kwakusekelwe emibikweni yezindaba emaphephandabeni nakomagazini abanedumela elihle. Kwakungadingekile ngamalungu ezisebenzi zethu zokucwaninga ukuba abukele lesithombe sebhayisikobho esinengekayo.—ED.