Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Ukuxhashazwa Ngamazwi Uchungechunge oluthi “Ukuyeka Amazwi Alimazayo Usebenzise Amazwi Aphilisayo” (October 22, 1996) lumane lungolunye lwezihloko eziningi eziye zabonisa ukuthi uJehova usikhathalela kangakanani. Izihloko ezikhulumela “Usizo Ngemilutha Yotshwala Nemikhaya Yayo” (May 22, 1992), “Abesifazane—Bafanelwe Inhlonipho” (July 8, 1992), “Usizo Ngabantwana Besehlukaniso” (April 22, 1991), nesithi “Ingabe Ubudlova Basekhaya Buyoke Buphele?” (February 8, 1993) zonke ziye zangiqinisa eminyakeni eminingi yokuxhashazwa ngokomzwelo ngumyeni ongumlutha wotshwala. Ngiye ngafunda lezi zihloko ngezinyembezi zenjabulo nokudabuka. Inhliziyo yami ichichima ukwazisa ngoNkulunkulu owazi ukwesaba kwethu okujulile, izinhlungu, nokucindezeleka.
J. C., Canada
Lezi zihloko zangishukumisa ngokujulile. Zasichaza njengoba sinjalo isimo engangikuso mina nomyeni wami. Ngivumelana nakho konke okubhalwe kuzo. Abesifazane nibaphatha ngothando, futhi lokhu kuyangiqinisekisa ukuthi lenhlangano isetshenziswa uJehova.
P. S., Germany
Lezi zihloko zangikhuthaza ukuba ngiqhubeke ngilwa nobuthakathaka bami ngokulawula ulimi lwami. Manje sengiyazi ukuthi kufanele ngimphathe kanjani umyeni wami. Lezi zihloko ngazifunda amehlo ami ehlengezela izinyembezi.
G. I., Austria
Sekuyiminyaka ngiyisisulu sokuhlukunyezwa ngamazwi ngumyeni wami. Ngiye ngakwazi ukugwema umuzwa wokulahla ithemba ngokuhlakulela izithelo zomoya kaNkulunkulu nangokuzigcina ngimatasa emsebenzini wokushumayela wesikhathi esigcwele. Izihloko zenu zingenze ngazizwa ngingengedwa—ukuthi othile uyayiqonda inkinga enginayo.
M. N., Italy
Ngiye ngafunda izihloko zenu eziningi esikhathini esidlule, kodwa lezi zangithinta ngokujulile. Ukubuka isithombe esisekhasini 9 kwakunjengokubuka umama noma udadewethu, abaye bahlushwa abayeni babo iminyaka eminingi. Ngenza amakhophi alezi zihloko ngawathumela kwabanye engaziyo ukuthi bahlupheka ngalendlela. Sibheke phambili ezweni elisha likaNkulunkulu, lapho lonke uhlobo lwenhlamba luyobe seluqediwe.
B. P., Kenya
Lapho lomagazini ngiwunika umalume, owayexhaphaza umkakhe ngamazwi, wawufunda izikhathi eziningana. Kamuva, saphawula ukuthi wayengasamxhaphazi umkakhe futhi singasekho isiyaluyalu emzini wabo. Bobabili nomkakhe bangibonga njalo ngokubasiza ukuba baqonde omunye nomunye. Ngifuna ukudlulisela ukubonga kuyi-Phaphama!
F. F., Nigeria
Owayengumlutha Ngiyabonga ngesihloko esithi “Iqiniso Lasindisa Ukuphila Kwami.” (October 22, 1996) Ngineminyaka engu-19 ubudala, futhi nakuba ngiyiphayona elivamile, noma umshumayeli wesikhathi esigcwele, ngezinye izikhathi bengiba nomuzwa wokuthi ngilahlekelwa izinto ezithile. Okuhlangenwe nakho kukaDolly Horry kwangisiza ukuba ngibone ukuthi ukukhanga kwalelizwe kumane kuyinkohliso.
R. M. A., Bolivia
Ngifuna ukunitshela ukuthi lesi sihloko sangishukumisa kanjani. Njengoba ngangifunda indaba kaDolly Horry, kwehla izinyembezi ebusweni bami. Ngithandazela ukuba lesi sihloko sishukumise abanye abaphila impilo eyayiphilwa uDolly ukuba manje baguqukele ekuphileni okunenjongo.
O. S. O., Nigeria
Njengomunye woFakazi BakaJehova ngizizwa ngineqholo ngokuba noDolly Horry njengodadewethu ongumKristu. Lapho ngisemusha uJehova wayeza muva ekuphileni kwami. Nokho, umama akazange alilahle ithemba ngami, futhi wajabula kakhulu lapho ngibhapathizwa ngonyaka odlule.
B. B., Australia