Uma Ngakwazi Ukwehlisa Isisindo, Noma Ubani Angakwazi!
INGABE uyasizonda isikali sakho sesisindo? Ngangisizonda. Ngikhumbula ngisibuka ngokucasuka ngonyaka odlule njengoba uthi lwalukhuphukela kwesinye futhi isisindo esiphakeme—cishe amakhilogremu angu-110. Ngacabanga, ‘nginesisindo esingaphezu kwesikampetha womhlaba wesibhakela ongusondonzima futhi esingaphezu kwesabadlali abaningi abangochwepheshe bebhola likanobhutshuzwayo baseMelika. Lokhu sekungaphezu nje kokuba ihlaya. Lokhu kuzoba yingozi!’
Mhlawumbe wazi othile onjengami—isisebenzi sesilisa sasehhovisi esiphakathi kweminyaka engu-40 nengu-60, esasikhuthele ebusheni kodwa manje esizivivinya ngokwethukela lapho singalifundi iphephandaba. Umfutho wegazi awuphakeme kakhulu, i-cholesterol egazini iphakeme “ngandlela-thile,” isisindo eseqe ngamakhilogremu angu-20, futhi ngisakholelwa ukuthi inkinga ayiyimbi kangako.
Nokho, lenkinga ingengathi sína. Abantu abanjengami babulawa yisifo senhliziyo nsuku zonke—abantu abaningi bahlaselwa yisifo senhliziyo. Ngingaveza izibalo ngezingozi zekhilogremu ngalinye eleqile, kodwa inkinga akuzona izibalo. Uma ngilimisa ngesihloko, inkinga abafelokazi nezintandane. Inkinga izingane, njengamadodakazi ami amabili amancane, ezikhula zingenaye ubaba.
Cabangani ngakho, bobaba.
Lapho sengithathe isinqumo sokwehlisa isisindo, ngakhumbula ukwaziswa okuhle kakhulu ezihlokweni eziwuchungechunge ezithi “Ingabe Ukwehlisa Isisindo Kuyimpi Ongeke Wayinqoba?” kuPhaphama! kaJune 8, 1989—ikakhulukazi “Izindlela Ezine Zokunqoba” impi yesisindo eseqile esibangela izinyama ezilengayo emzimbeni. Lezindlela ezine ezasikiselwa yilezi: (1) ukudla okufanele, (2) ngesikhathi esifanele, (3) ngesilinganiso esifanele, (4) nendlela yokuzivivinya efanele.
Lezoziqondiso ziyasebenza! Ngakwazi ukwehlisa amakhilogremu angu-30 ngokuzilandela, futhi nawe ungasehlisa isisindo. Phakathi nalenqubo, ngafunda izinto ezimbalwa ongase uzithole ziwusizo.
Ukwehlisa Isisindo Kuqala Ngokucabanga
Iningi lethu thina esikhuluphele ngokweqile sathola isisindo sethu kancane kancane, amakhilogremu ambalwa ngonyaka, ngokuvamile kusukela lapho siseminyakeni yethu yawo-30. Ezikhathini ezithile, sasinciphisa ukudla futhi sehlise amakhilogremu ambalwa, kodwa siwathole futhi esenezelwe ngaphezu kwesasinawo ngaphambili. Lapho lokhu kwenzeka kimi, kwakuphumela ekulahlekelweni yithemba—umuzwa wokuthi akukho okungasebenza, ngakho uzamelani?
Indlela yokuqeda lomjikelezo wokulahlekelwa yithemba iwukuqala ukunciphisa ukudla kwakho, hhayi ngokhalo lwakho, kodwa ngokucabanga, ushintshe indlela ocabanga ngayo ngokudla. Lokhu kungase kudinge ukwethembeka okuqinile, kodwa ngaphandle kwako cishe ukunciphisa kwakho ukudla kuyobhuntsha zisuka nje.
Endabeni yami, ukugcina uhlu lwakho konke engangikudla nengangikuphuza isonto ngalinye kwangikhanyisela. Yiqiniso, ngangivame ukudla ngokusesilinganisweni ngezikhathi zokudla, kodwa ukudla ngokunganqamuli ukudla okulula kusihlwa kwabhuntshisa konke okuhle okwakuye kwafinyelelwa ngokuzithiba phakathi nosuku. Lapho ngihlanganisa ama-kilojoule kashizi, amantongomane, ibhotela lamantongomane, namakhekhe engangiwadle ngemva kokudla kwakusihlwa, ngamangala. Okubi nangokwengeziwe, lokho kudla okulula kwakugcwele amafutha noshukela. Kimina akukho ukunciphisa ukudla okwakuyosebenza ngaphandle kokuyeka ukudla okulula kwakusihlwa. Ingabe unenkinga efanayo?
Enye into ebuhlungu engayiqaphela ngami ukuthi ngangingeke ngehlise isisindo futhi ngingakhuluphali ngaphandle kokususa zonke iziphuzo ezidakayo ekudleni kwami. Akukhona nje ukuthi utshwala bunama-kilojoule amaningi nokuthi buphenduka amafutha kalula kodwa kudingeka ingilazi yewayini kuphela kusihlwa ukuze yenze buthaka ukuzithiba kwami nesinqumo sami sokungadli ukudla okulula. Ingilazi yewayini ayiyona nje ingilazi yewayini. Kimina, isho futhi ukudla namakhekhe ayisithupha nesitsha samantongomane! Ngathola ukuthi kungcono kakhulu ukusebenzisa itiye elenziwe ngamakhambi esikhundleni salo. Manje, ngisho nangemva kokufinyelela isisindo esiwumgomo wami, ngiphuza utshwala obuncane kunangaphambili.
Lokuhlaziya okuthembekile kwangiqinisekisa ngokubaluleka kweziqondiso ezimbili eziqinile phakathi nenkathi yokwehlisa isisindo ngokudla kwami.
1. Gwema konke ukudla okulula kusihlwa.
2. Gwema lonke uphuzu oludakayo.
Yazi Izinto Ezingathiya Ukunciphisa Kwakho Ukudla!
Abantu baseFrance banesisho esithi, En mangeant, l’appetit vient, esisho ukuthi lapho udla kakhulu, kulapho ulamba khona kakhulu. Kwabaningi bethu, lokhu kuyiqiniso elingokoqobo. Kungenzeka sizizwe singalambile lapho sihlala phansi ukuze sidle ukudla kwethu esikuthanda kakhulu, kodwa okuthile kushintsha ngokungazelele ngaphakathi njengoba siqala ukudla, futhi ngokungazelele silamba kakhulu. Ngakho sidla kakhulu kuze kube yilapho konke ukudla sekuphelile noma, ngemva kokuphinda kane, izisu zethu ezibuhlungu ekugcineni zinxusa isihe. Kwenzekeni?
Endabeni yami inkinga kwakuyisinkwa, ikakhulukazi isinkwa esenziwe ekhaya. Umkami obekezelayo, obhaka isinkwa esimnandi, kwadingeka ukuba ayeke ukubhaka isikhathi esithile. Indoda ingamelela isilingo esikhulu kangako! Kuwena inkinga kungase kube ushokoledi noma enye into. Iphuzu liwukuthi, yazi isitha sakho. Yenza uhlu lokudla okukwenza ulambe lapho ukudla futhi ukugweme. Kunezinye izinto eziningi ongazikhetha. Ngathola ukuthi osaladi nemifino ebilisiwe kunambitheka kamnandi futhi kungisuthisa ngaphandle kokuvusa isifiso sokufuna okwengeziwe.
Ukudlula Ebunzimeni Obukhulu
Ukunciphisa ukudla okuguquguqukayo, ukwehlisa isisindo ukuze nje ukhuluphale futhi, kuwumdlalo womuntu onganaki ongafezi njongo ngaphandle kokucebisa abahleli bezinhlelo zokwehlisa isisindo abachumayo emazweni amaningi athuthukile aseNtshonalanga. Lapho sengidlulile ekunciphiseni kwami ukudla okuguquguqukayo, ngangizimisele ukuthi manje kwakuyoba okuhlukile. Kodwa kanjani?
Ungabi namahloni okucela usizo. Xoxa nodokotela wakho. Thola abantu abazokuncoma futhi bakuvuze isonto ngalinye njengoba kwehla lawomakhilogremu. Kungaba umngane naye onciphisa ukudla, ilungu lomkhaya, noma abantu basemthola-mpilo wokwehlisa isisindo onedumela elihle. Ukusebenza njengeqembu kanye nokuziphatha ngengalo eqinile kuyokusiza udlule ebunzimeni obukhulu—udlule eqophelweni lapho imizamo yakho yokwehlisa isisindo iye yawohloka khona ngaphambili. Ngalesikhathi uyobe usuzizwa kangcono, futhi abantu bayoqala ukukuncoma ngokubukeka kwakho. Kusukela kuleloqophelo kuye phambili, izici ezingokwengqondo ziyokusiza, kunokuba zimelane nawe.
Esinye isihluthulelo sokudlula ebunzimeni kuwukuba nesimiso sokunciphisa ukudla esinengqondo futhi esingakwenzi uzizwe ulambile futhi wephucwe okuthile. Ngathola ukuthi iseluleko esingcono kakhulu sokudla engangingasithola samane sacubungula amaphuzu avezwa kuPhaphama! kaJune 8, 1989 ngokudla okufanele. Ukudla kwami kokwehlisa isisindo kuhlanganisa okusanhlamvu noma isinkwa esinesilinganiso esiphansi samafutha kanye nengxenye ye-grapefruit njengokudla kwasekuseni, usaladi omnandi onesinongo esingenamafutha amaningi njengokudla kwasemini, nemifino ebilisiwe nenyama engenawo amafutha njengokudla kwakusihlwa, ngaphandle kwesinkwa noma uphuthini. Ngama-kilojoule angu-5 000 kuya ku-6 300 ngosuku, lesimiso sokudla siqinile kodwa asisona esinonya. Iapula liwukudla okulula kwasemini okufanele, nangalezozikhathi ezithuke ziba khona lapho iphango lingenakushaywa indiva, ngaso sonke isikhathi ngisebenzisa esinye sezikhali zami eziyimfihlo, imfihlakalo emangalisayo yomuntu owehlisa isisindo nawe okufanele uyazi.
Izikhali Eziyimfihlo
Iyini leyomfihlo? Iwuketshezi olukulungele, olukusuthisa cishe ngalesosikhathi, alunawo ama-kilojoule nakancane, futhi alubizi! Amanzi. Kuyamangalisa lokho izingilazi zamanzi eziyisithupha kuya kweziyisishiyagalombili ngosuku ezingakwenza ukuze zikusize uphumelele ekunciphiseni kwakho ukudla. Lapho nje umzimba wakho ufunda ukuthi ingilazi yamanzi iwukusabela kwakho kokuzimisela ezinhlungwini zesisu, ziqala ukunyamalala. Amanzi, ukwedlula noma yini enye, angisiza nganqoba umkhuba wami wesikhathi eside wokudla ukudla okulula kusihlwa.
Esinye isikhali esiyimfihlo sokulawula isisindo isikhathi eside ukuzivivinya njalo. Yiqiniso, wonke umuntu uye wezwa ukuthi ukuzivivinya kusiza ekwehliseni isisindo, ngakho iyini imfihlo? Kulendaba imfihlo iwukusekela okungokwengqondo okukhulu okutholayo ngokuzizwa kangcono nokubukeka kangcono. Lowomvuzo ufeza ingxenye engaphezu kwaleyo yokuntuleka kokudla okuthile. Ukusiza ukuba uqhubeke, ungazizwa ngisho uhala lapho wonke umuntu okuzungezile edla ushokoledi kodwa wena udla izithelo zomvini eziqandisiwe.
Ukunciphisa ukudla nokuzivivinya kuphelelisana ngokugcwele. Ukwehlisa isisindo akusho ukuthi kufanele ubonakale ugula. Ukuzivivinya njalo kuyogqamisa ubuso bakho futhi kuyololonga izicubu zakho. Eqinisweni, ukubonakala okuthuthukile kwezicubu zami kwakhohlisa abanye sengathi ngangehlisa isisindo ngokusheshayo kunendlela engangenza ngayo ngempela! Ngathola ukuthi ngangidinga izinhlobonhlobo zemidlalo engangingayijabulela nomunye umuntu, njengethenisi, nokuzivivinya engangingakwenza ngingedwa nganoma yisiphi isikhathi, njengokuphakamisa izinsimbi. Njengoba nje ukuzivivinya kwenza ukunciphisa ukudla kwabonakala kuphumelela kakhulu, ukunciphisa ukudla kwenza ukuzivivinya kwabonakala kuphumelela kakhulu ngokuveza izicubu ezazimbozeke ngaphansi kwamafutha iminyaka eyishumi. Njengoba isisindo sami sasisuka kumakhilogremu angu-110 siya kwangu-80, ngazithola ngibheke phambili ekulandeleni isimiso sami sokuzivivinya nentsha ethile ephilile yasendaweni ukuze ngibone ukuthi yayingabekezela yini!
Uma ubukhuluphele ngokweqile isikhathi eside njengami, kungenzeka uze wajwayela ukuzizwa ucindezelekile futhi ukhathele njalo ekuseni lapho uvuka, utotoba usuku lonke, futhi uzumeke kusofa ebusuku. Ukuthwala amakhilogremu angu-20 noma angu-30 ngaphezu kwesisindo esivamile kunjengokuphila uboshiwe! Ngangingayikhumbuli ngempela indlela engangizizwa ngayo lapho ngiphuma embhedeni ekuseni ngizizwa ngikushisekela ukuvuka, nginamandla angaphezu kwanele usuku lonke. Manje ngiyazi.
Impi Engapheli
Ukufinyelela isisindo osifunayo kunjengokunqoba impi eqhubeka njalo. Kodwa nakuba kungenzeka ukuba leyompi yokuqala iphele, impi yangempela isanda kuqala. Labo bethu abaneminyaka engu-40 kuya kwengu-60 futhi abanemisebenzi engakhandli ngokomzimba kuyofuneka njalo siqaphele esikudlayo ukuze singatholi isisindo esabhukula ukusehlisa. Isihluthulelo siwukucabanga ngesimiso sakho sokudla njengomkhankaso wokuphila konke. Singase sithuthukiselwe ekulondolozeni isisindo kunokusehlisa, kodwa akukapheli ngempela. Uma uphindela emikhubeni yakho yokudla yakudala, isisindo sakho siyobuyela kuwe.
Lapho usufinyelele isisindo osifunayo, kungani ungajabuli ngokuthola izembatho ezithile ezintsha? Khona-ke cabangela ukulahla izembatho ezindala. Ukuzigcina nje lezozembatho ezindala, ezinkulu ngomuzwa wokuthi uma kungenzeka ukhuluphale futhi kunjengokuhlela ukwehluleka. Gqoka izembatho ezingaxegi kakhulu, futhi ziyosheshe zikuxwayise uma amasentimitha angafuneki eqala ukubuya. Nakuba ukudla kwakho kokulondoloza isisindo kuyohlukahluka kakhulu kunokudla kwakho kokwehlisa isisindo, qiniseka ukuthi ushintshela ekudleni okungenamafutha noshukela omningi, okuhlala isikhathi eside, ukuphila konke. Ungakuyeki nokuzivivinya kwakho njalo. Leso yisihluthulelo sokuzizwa kahle.—Inikelwe.