Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g04 11/8 k. 18-k. 20 isig. 11
  • Ukulwa Nokukhuluphala Ngokweqile—Ingabe kuwufanele umzamo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukulwa Nokukhuluphala Ngokweqile—Ingabe kuwufanele umzamo?
  • I-Phaphama!—2004
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Lapho Ukuba Yisidudla Kungengcono
    I-Phaphama!—1997
  • Uma Ngakwazi Ukwehlisa Isisindo, Noma Ubani Angakwazi!
    I-Phaphama!—1993
  • Ukukhuluphala Ngokweqile Kubangelwa yini?
    I-Phaphama!—2004
  • Ingabe Ukukhuluphala Ngokweqile Kuyinkinga Ngempela?
    I-Phaphama!—2004
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2004
g04 11/8 k. 18-k. 20 isig. 11

Ukulwa Nokukhuluphala Ngokweqile—Ingabe kuwufanele umzamo?

I-PHAPHAMA! yaxoxa nedlanzana labantu abaye bashikashikeka nezinkinga zokukhuluphala. Ingabe baye bathola imiphumela emihle? Yini abayisikiselayo kwabanye abantu ababhekene nalo mqedazwe?

◼ Ake sixoxe noMike, oneminyaka engu-46 ubudala, ongamamitha angu-1,83 ubude futhi manje onesisindo esingamakhilogremu angu-130. Wake waba nesisindo esingamakhilogremu angu-157.

UMike: “Ngisho nangesikhathi ngisemncane, ngangikhuluphele. Bonke abakithi banjalo—umfowethu nawodadewethu bonke bakhuluphele. Sasinesiko lokuthi asishiyi lutho epuletini, ngisho nalapho ligcwele nswi. Yini eyangenza ngashintsha indlela engidla ngayo? Kwakuyilapho udokotela engitshela ukuthi ngangisengozini enkulu yesifo sikashukela! Umcabango wokusebenzisa i-insulin konke ukuphila kwami wangethusa ngempela. Nganginanamafutha amaningi egazini futhi kwakufanele ngiphuze imithi.

“Ngangisebenza ngihlezi, futhi akukashintshi. Ngakho ukuze ngilawule isimo, nginesimiso sokuzivivinya njalo, esihlanganisa ukusebenzisa umshini wokugijima isigamu sehora okungenani kathathu ngesonto. Isinyathelo esilandelayo esibalulekile kwakuwukubhala uhlu lwezinto engizidlayo usuku ngalunye. Ukwazi ukuthi uchwepheshe wezokudla wayezohlola uhlu lwami isonto ngalinye kwangisiza ukuba ngizithibe. Ngangivame ukucabanga ukuthi, ‘Uma ungakudli, akudingeki ukubhale phansi!’

“Ngenxa yalokho, ngehla ngamakhilogremu angu-28 kulezi zinyanga ezingu-15 ezidlule, nakuba kusadingeka ngehle, ngoba ngifuna ukuba nesisindo esingamakhilogremu angu-102. Ukuze ngikufinyelele lokhu, kufanele ngiyeke ukudla okulula, amazambane athosiwe, nezitshulu. Kulezi zinyanga zamuva nje ngiye ngadla usaladi nemifino kakhulu kunanini ngaphambili ekuphileni kwami!

“Esinye isici esangishukumisela ukuba ngithathe isinyathelo ukuthi njengomshayeli wamaloli, kufanele ngihlolwe unyaka ngamunye ukuze ngikwazi ukuvuselela ilayisense yokushayela. Ngangisengozini yokulahlekelwa yilayisense yami ngenxa yosongo lwesifo sikashukela. Manje izinto sezishintshile. Akusadingeki ukuba ngiphuze imithi yokulawula amafutha egazini. Umfutho wami wegazi wehlile, kanti angisayiphuzi kakhulu imithi yawo. Nginamandla, ngisho nezinkinga zami ezinkulu zeqolo sezidambile. Futhi kancane kancane sengiyaphuma esigabeni sabakhuluphele ngokweqile!”

I-Phaphama!: “Ingabe inkosikazi ingafeza indima ewusizo ekunciphiseni komuntu umzimba?”

UMike: “Uma uzama ukunciphisa umzimba, uyamdinga othile ozokusekela. Umkami wayevame ukuba nomuzwa wokuthi uyangithanda ngokungigcina ngondlekile. Kodwa manje uyangisiza ukuba ngibheke indlela engidla ngayo. Angikwazi ukunganaki ngoba uma ngenza kanjalo, ngiyakhuluphala futhi ngokuphazima kweso.”

◼ Cabanga ngenye indoda okuthiwa uMike, yaseKansas, e-U.S.A. Ineminyaka engu-43 ubudala futhi ingamamitha angu-1,73 ubude. Sayibuza ukuthi sasingakanani isisindo sayo nokuthi zaziyini izimbangela zenkinga yayo yokukhuluphala.

UMike: “Nganginesisindo esingamakhilogremu angu-135. Ngangihlala ngikhathele futhi ngingenamandla okwenza noma yini. Ngangingalali ngenxa yezinkinga zokuphefumula. Ngakho ngaya kudokotela, futhi wangitshela ukuthi enye yezimbangela zokukhuluphala kwami ukuvaleka komgudu wokuphefumula uma ngilele.a Futhi wathi nginomfutho wegazi ophakeme.”

I-Phaphama!: “Wazixazulula kanjani izinkinga zakho?”

UMike: “Udokotela wanginika umshini ogcina umgudu wokuphefumula uvulekile lapho ngilele. Ngaleyo ndlela umphimbo wami awuvaleki, ngakho ngiphefumula kahle. Ngenxa yalokho, ngaqala ukuba nomdlandla phakathi nosuku futhi umzimba wami waqala ukwehla. Ngaqala nokusebenzisa umshini wokugijima kathathu ngesonto. Nganciphisa ukudla, okwakusho ukulinganisela ekudleni nokugwema ukuphinda ukudla. Manje sengehle ngamakhilogremu angu-20 esikhathini esingaphezudlwana konyaka, futhi kusafanele ngehle ngamanye futhi angu-20. Kuyinqubo edonsayo, kodwa ngiyazi ukuthi ngingaphumelela.”

I-Phaphama!: “Yini enye eye yakukhuthaza ukuba unciphise umzimba?”

UMike: “Akumnandi ukuzwa abantu bekugcona besho amazwi angenamusa ngokubukeka kwakho. Abantu bavame ukucabanga ukuthi uyivila. Abazi ukuthi ziningi izimbangela zokukhuluphala. Ngicabanga ukuthi kimi, ngokwengxenye le nkinga ibangelwa ufuzo, ngoba abaningi kithi banenkinga yokukhuluphala.

“Nokho, ngiyavuma ukuthi ukuze nginciphe, kumelwe ngihlale ngimatasa futhi ngiqikelele ngempela ekudleni.”

◼ I-Phaphama! yabuye yaxoxa noWayne wase-Oregon, oneminyaka engu-38. Lapho eneminyaka engu-31, wayenesisindo esingamakhilogremu angu-112.

UWayne: “Ngangisebenza ngihlezi futhi ngingawuvivinyi umzimba. Lapho ngiya kudokotela, ngashaqeka uma ngizwa ukuthi nginomfutho wegazi ophakeme futhi ngisengozini yesifo senhliziyo. Wangithumela kuchwepheshe wezokudla. Wangifaka ohlelweni oluqinile lokuvivinya umzimba nokuqikelela ekudleni. Ngaqala ukuhamba amakhilomitha amahlanu ngaphandle kokuma nsuku zonke, futhi ngangivuka njalo ekuseni ngiyozivivinya. Kwadingeka ngiyifunde kabusha imikhuba yokudla nokuphuza. Ngakuyeka ukudla okunamafutha okungenamsoco nganciphisa nesinkwa kanye neziphuzo ezibandayo, esikhundleni sako ngadla izithelo nemifino kakhudlwana. Manje isisindo sami sesehlile saba ngamakhilogremu angu-80!”

I-Phaphama!: “Utholé ziphi izinzuzo?”

UWayne: “Ngizizwa ngiwumqemane futhi sengiyaphila. Ngaphambili, kwakunjengokungathi ukuphila kwami kumile, kwakungathuthuki. Enye inzuzo iwukuthi sengiyiyekile imithi yokunciphisa umfutho wegazi. Manje angisesabi ukuhlangana nabantu, ngazi ukuthi ngeke kunginike umuzwa wokuthi bayangigxeka ngenxa yokukhuluphala.”

◼ UCharles (akulona igama lakhe langempela) ungamamitha angu-1,96 ubude. Wake waba nesisindo esingamakhilogremu angu-168.

UCharles: “Nganginezinkinga ezinkulu zempilo, futhi isimo sasiqhubeka sonakala. Ngangehluleka ukukhuphuka izitebhisi. Ngangingenawo amandla okwenza umsebenzi wami. Ngisebenza ngihlezi, futhi umsebenzi wami uhilela ukucwaninga nokuphatha. Ngangazi ukuthi kwakufanele ngenze okuthile ngomzimba wami, ikakhulukazi ngemva kokubonana nodokotela. Wangixwayisa ngokuthi ngangisengcupheni yesifo sohlangothi. Sengake ngabona ukuthi simenzani umuntu. Lokhu kwangibonisa ukuthi kufanele ngithathe isinyathelo. Udokotela wangifaka ohlelweni lokuvivinya umzimba oluqondiswayo ngomshini wokugijima, futhi wanginika uhlu lokudla okwakumelwe ngilulandele ngokuqinile. Manje, cishe ngemva konyaka, sengehle ngafinyelela kumakhilogremu angu-136, kodwa ngiyazi ukuthi kusamelwe ngiqhubeke ngehla. Izinzuzo esengizibonile kakade zingiqinesikisa ngokuthi umzamo wami nokuzidela kunomvuzo. Manje ngiyakwazi ukukhuphuka izitebhisi, futhi nginamandla.”

◼ UMarta, odabuka e-El Salvador, wafinyelela eqophelweni lapho ayesenesisindo esingamakhilogremu angu-83. Lokhu kwakumfaka esigabeni sabakhuluphele ngokweqile uma kubhekwa ubude bakhe obungamamitha angu-1,65.

UMarta: “Ngaya kudokotela, futhi watusa kakhulu ukuba ngiqale ukunciphisa umzimba. Ngangiwuhlonipha umbono wakhe njengochwepheshe. Wangithumela kuchwepheshe wezokudla ukuze angicebise. Lo chwepheshe wangichazela izizathu zenqubo okwakufanele ngiyilandele. Wangibonisa indlela yokunciphisa ukudla nokuthi ngingaqikelela kanjani kwengikudlayo. Ekuqaleni, kwakufanele ngiye kuye isonto nesonto; kodwa kamuva, kwakuba njalo ngenyanga, ukuze abone intuthuko yami. Bobabili udokotela nochwepheshe wezokudla bangikhuthaza lapho bebona intuthuko enhle engangiyenza. Ekugcineni, ngehla ngamakhilogremu angu-12, futhi manje senginesisindo esingaguquki esingamakhilogremu angaba ngu-68.”

I-Phaphama!: “Kuthiwani ngokuvivinya umzimba nemithi?”

UMarta: “Ngangingenayo inkinga yamafutha egazini, ngakho ngangingayidingi imithi. Ngaqala nokunezela ukuhamba ngamandla esimisweni sami sansuku zonke.”

I-Phaphama!: “Wawenzenjani lapho uvakashele abangane, bephikelela ukuba udle ngaphezu kwesilinganiso esikufanele?”

UMarta: “Ngangivele ngibatshele, ‘Udokotela ufuna ngilandele le ndlela yokudla ngezizathu zempilo yami,’ futhi ngokuvamile babengaphikeleli.”

Ngakho uma ukhuluphele noma ukhuluphele ngokweqile, yini ongayenza? Isisho sasendulo siyiqiniso, “Uma kunesifiso, ikhona indlela.” Ingabe uzimisele futhi unesifiso sokwenza okuthile ngakho? Njengengane noma umuntu omdala okhuluphele, yini ongayikhetha? Nciphisa umzimba noma-ke uphile isikhathi esifushane. Lwela ukuphila ukuphila okumatasa, futhi ujabulele ukwaneliseka ngokwazi ukuthi kukhona okufezayo—ngisho noma kukuncane, njengokunciphisa usayizi wezingubo!

[Umbhalo waphansi]

a Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngokuvaleka komgudu wokuphefumula, bheka i-Phaphama! ka-February 8, 2004, amakhasi 28-30.

[Ibhokisi ekhasini 19]

Ingabe ukumuncwa amafutha kuyikhambi?

Kuyini ukumuncwa amafutha (liposuction)? Isichazamazwi esithile sikuchaza kanje: “Ngokuvamile inqubo yokuhlinzwa lapho kukhishwa khona amafutha engeziwe ezingxenyeni ezithile zomzimba, njengasemathangeni noma esiswini, ngokuwamunca. Kubizwa nangokuthi i-suction lipectomy.” (American Heritage Dictionary) Nokho, ingabe lokho kusho ukuthi kuyikhambi lapho ukhuluphele ngokweqile?

I-Mayo Clinic on Healthy Weight ithi ukumuncwa amafutha kuwukuhlinzwa ngenjongo yokuba muhle. Akuyona indlela yokunciphisa umzimba. Amangqamuzana amafutha akhishwa emzimbeni ngeshubhu elincane elifakwa ngaphansi kwesikhumba. Kungakhishwa amakhilogremu athile ngesikhathi. Nokho, “le nqubo yokuhlinza ayikuqedi ukukhuluphala ngokweqile.” Ingabe iphephile? “Kubantu abanezinkinga ezithile zempilo ezibangelwa ukukhuluphala, kuhlanganise nesifo sikashukela nesenhliziyo, ukumuncwa amafutha kungabadalela izinkinga ezengeziwe eziyingozi.”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela