Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g93 4/8 k. 26
  • Abaculi Abagxumayo Bezwe Lezinambuzane

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Abaculi Abagxumayo Bezwe Lezinambuzane
  • I-Phaphama!—1993
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izinambuzane Ezimangalisayo Zenza Izindiza-mshini Zabantu Zingabi Yilutho
    I-Phaphama!—1992
  • Ukubona Kalufifi Kwesicabucabu Esigxumayo
    I-Phaphama!—2013
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Amehlo Amakhulu—Umzimba Omncane!
    I-Phaphama!—2014
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1993
g93 4/8 k. 26

Abaculi Abagxumayo Bezwe Lezinambuzane

SIYAVUMA ukuthi siyizidalwa ezihalayo. Futhi yebo, ukukhanukela kwethu ukudla kungavusa intukuthelo yabalimi abasibheka njengezilokazane ngenxa yokubhubhisa izitshalo zabo. Nokho, thina zintethe sinezici ezithile ezithakazelisayo—indlela esigxuma ngayo, indlela esindiza ngayo, indlela esicaca ngayo, nendlela esenza ngayo “umculo.”

Ngokwesibonelo, ingabe bewazi ukuthi sinamehlo amahlanu? Kunokuba sifake izibuko njengoba kwenza abantu abaningi, sinamehlo amathathu amancane ngaphambili emakhanda ethu okubona eduze. Amanye amehlo ethu amabili amakhulu abekwe emuva kancane ekhanda, asenza sibone okwenzekayo kuyo yonke indawo esizungezile. Yingakho sikwazi ukugxuma usasikhokhobela. Ubungeke yini uthande ukuba namehlo anamakhono anjalo?

Lihle kangakanani ikhono lethu lokugxuma? Singagxuma izikhathi eziphinda ubude bethu kayishumi futhi sihlale endaweni eqhele cishe ngemitha elingu-0,9. Ukuze umuntu akwazi ukulingisa lokho, kungafuneka agxume ubude besakhiwo esinezitezi eziyisithupha. Imfihlo yethu izicubu zethu ezinamandla kakhulu emilenzeni yangemuva. Zisinikeza amandla okungqasha ukuze sifeze izenzo eziphawuleka kanjalo.

Ngisho nangemva kokugxuma kwethu kokuqala sikubalekela, singakwenza kube nzima ngisho nangokwengeziwe ngawe ukusibamba ngezimpiko ezine esinazo sonke. Izimpiko eziqinile ezingaphezulu zisebenza njengezimpiko zendiza, kuyilapho izimpiko ezithambe kakhulu ezingezanzi zisetshenziselwa ukunikeza amandla engeziwe. Ngakho, ngokuhlanganisa amakhono ethu okugxuma nokundiza, ngokuvamile singandizela kude ngokwanele ukuze sikuthene amandla.

Ingabe ukuthola kunzima ukucaca isigxobo esishelelayo? Thina akunjalo. Eqinisweni, singacaca udwani lotshani olushelelayo ngaphandle kokushelela ngenxa yendlela uMdali aklama ngayo izinyawo zethu eziyisithupha. Izintende ezincane kakhulu onyaweni ngalunye zinoboya obuncane obukhipha uketshezi olunamathelayo, olusisiza ukuba sibambelele ngokuqinile ezintweni. Ngaphezu kwalokho, unyawo ngalunye lunamahhuku amabili aqinile, ahlabayo asivimbela ekusheleleni ezindaweni ezikhuphukelayo. Yebo, kudala ngaphambi kokuba abantu bacabange ngokucaca izintaba, sasikuhlonyiselwe kahle ukucaca.

Abesilisa bethu bangabaculi. Izintethe zabesifazane zihlatshwa umxhwele ngokufanelekile futhi zibabheka njengabanekhono ngempela. Yebo, singezwa futhi sisabele emisindweni ehlukahlukene. Izindlebe zethu zisohlangothini ngalunye lwesifuba. Ngakho, lapho eneme, owesilisa ngesineke udonsa unyawo lwangemuva olumaholo ngaphezu kwemithambo yegazi engaphezulu yophiko ngendlela efanayo umdlali we-violin adonsa ngayo induku yakhe phezu kwezintambo ze-violin yakhe. Yeka indlela okuphumuza ngayo osukwini oluthokomele lwaphakathi nehlobo ukulala endaweni epholile enotshani futhi ulalele umculo omnandi wezinkulungwane zezintethe nezinyendle. Ah, yeka umsindo wasehlobo!

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela