Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 3/13 k. 16
  • Ukubona Kalufifi Kwesicabucabu Esigxumayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubona Kalufifi Kwesicabucabu Esigxumayo
  • I-Phaphama!—2013
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ubulwembu Besicabucabu Sasendlini
    I-Phaphama!—2014
  • Ukufunda Ezicabucabwini
    I-Phaphama!—1992
  • Uhlu Lokuphakathi
    I-Phaphama!—2013
  • Qaphela! Nginobuthi
    I-Phaphama!—1996
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2013
g 3/13 k. 16

INGABE KWAKLANYWA?

Ukubona Kalufifi Kwesicabucabu Esigxumayo

ISICABUCABU esigxumayo sinesimiso esikhethekile sokubona, esisenza sikwazi ukuthola ngokuthe ngqo ukuthi kudingeka sigxume ibanga elingakanani. Lesi sicabucabu sikwenza kanjani lokho?

Cabanga ngalokhu: Ukuze sithole ukuthi siqhele kangakanani entweni ethile, lesi sicabucabu sisebenzisa isici esikhethekile samehlo aso amabili amakhulu, ngalinye eline-retina enezingxenye ezelekene. Njengoba enye ingxenye ibona ngokucacile, enye ibona kalufifi. Lapho into esiyibhekile ibonakala ilufifi kakhudlwana, lokho kusho ukuthi iseduze. Lokhu kwenza isicabucabu sithole ngokuthe ngqo ukuthi lingakanani ibanga okudingeka siligxume ukuze sibambe lokho esikuzingelayo.

Abacwaningi bangathanda ukulingisa le ndlela yesicabucabu esigxumayo ukuze bakhe amakhamera akwazi ukuthwebula nhlangothi-zonke (3-D), ngisho namarobhothi akwazi ukukala ukuthi into iqhele kangakanani. Ngokwengosi yezindaba ekuyi-Internet okuthiwa i-ScienceNOW, indlela yokubona yesicabucabu esigxumayo “iyisibonelo esithakazelisayo sendlela izilwanyana eziyingxenye yesentimitha ubukhulu, ezinobuchopho obuncane kunobempukane, ezikwazi ngayo ukuqoqa ukwaziswa okuyinkimbinkimbi ezikubonayo bese zithatha isinyathelo.”

Ucabangani? Ingabe ukubona kalufifi kwesicabucabu esigxumayo kwaba khona ngokuziphendukela kwemvelo, noma ingabe kwaklanywa?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela