Liyini Ithemba Lokuphela Kwempi?
IMPI YEZWE I, eyaliwa kusukela ngo-1914 kuya ku-1918, yabizwa ngokuthi impi yokuqeda zonke izimpi. Kodwa kusukela ngalesosikhathi kuye kwaba khona izimpi ezingaphezu kwezingu-200, kuhlanganise nenkulu kunazo zonke kuze kube manje—iMpi Yezwe II.
Ngokusobala, imizamo yomuntu yokuqeda impi iye yahluleka ngokuphelele. Khona-ke, ingabe kuyamangalisa ukuthi abaningi bathi, “Izimpi ziyohlala zikhona”? Ingabe yilokho okukholelwayo?
Ukumiswa kweZizwe Ezihlangene ngo-1945 ngemva kweMpi Yezwe II kwakuhloswe ngakho ukuba kunikezwe abantu asebekhathele impi ithemba lezwe elingenayo impi. Lelothemba livezwa emazwini aqoshwe odongeni lwendawo ye-UN enochungechunge lwezitolo eseDolobheni laseNew York, afundeka kanje: BAYAKUKHANDA IZINKEMBA ZABO ZIBE AMAKHUBA. NEMIKHONTO YABO IBE OCELEMBA: ISIZWE ASIYIKUPHAKAMISELA ISIZWE INKEMBA. ZINGABE ZISAFUNDA UKULWA.
Ngokudabukisayo, ngenxa yokuhahela kwazo impi izizwe ziye zalihleka usulu lelithemba elihle lokuthula. Nakuba kunjalo, lamazwi azogcwaliseka! Lokhu kungenxa yokuthi aqala eminyakeni engu-2 500 edlule eMthonjeni ophakeme kunabantu abangaphelele. Amelela isithembiso esenziwa uNkulunkulu uMninimandla Onke.—Isaya 2:4.
Ithemba Elingamanga
Abaningi baye babheka emasontweni ukuba asize ekwakheni izwe elingenayo impi. Kodwa empeleni, amasonto aye abonakala engamandla ahlukanisayo nabangela impi kunawo wonke emlandweni. Ngokwesibonelo, uFrank P. Crozier, induna yaseBrithani eyayingujenene phakathi neMpi Yezwe I, wathi: “AmaSonto obuKristu angabagqugquzeli bokuchithwa kwegazi abangcono kakhulu esinabo futhi sibasebenzisa mahhala.”
Ngakho, kubalulekile ukuba sihlukanise phakathi kobuKristu beqiniso nobamanga. Ukuze asisize sikwazi ukukwenza lokhu, uJesu wasinikeza umyalo olula: “Niyakubazi ngezithelo zabo.” (Mathewu 7:16) Amazwi, noma izinkolelo ezishiwo ngomlomo, akwanele. Ukuze abonise lokhu uSteve Whysall, omunye wabalobi be-Sun yaseVancouver, waphawula: “Akusibo bonke abantu abagqoka ama-ovaloli aluhlaza agcwele uwoyela abangomakhenika, ngisho nakuba bebukeka njengomakhenika, . . . ngisho nakuba bethi ‘Singomakhenika.’”
Esebenzisa lomfanekiso wakhe ebuKristwini, uWhysall wathi: “Ngokuvamile uzwa abantu bekhuluma ngendlela lokhu nalokhuya okwenziwa ngayo egameni lobuKristu nanokuthi kwakuyinto embi kangakanani ukuyenza. Yebo, yayiyimbi. . . . Kodwa ubani owathi bangamaKristu labo abenza lezozinto ezimbi?
“Oh, uthi kusho amasonto amiswe ngokomthetho. Nokho, ubani owathi amasonto amiswe ngokomthetho angawobuKristu?
“Upapa wabusisa uMussolini, futhi kunobufakazi babanye opapa abaye benza izenzo zobugwala esikhathini esidlule. Ngakho ubani owathi bangamaKristu?
“Ucabanga ukuthi ngenxa yokuthi umuntu ungupapa kufanele abe umKristu? Ngenxa nje yokuthi umuntu uthi ‘NgingumKristu’ lokho akusho ukuthi unguye—njengoba nje nomuntu othi ungumakhenika engase angabi umakhenika.
“IBhayibheli lize ngisho lixwayise namaKristu ngabantu abazenza amaKristu . . . Akekho umKristu ongalwa nomunye umKristu—bekungafana nomuntu olwa naye ngokwakhe.
“AmaKristu eqiniso angabazalwane nodade kuJesu Kristu. . . . Ngeke balokothe balimazane ngenhloso.”
Ngakho sidinga ukusebenzisa umthetho kaJesu sibheke izithelo ezivezwa amasonto. Kodwa ziphi izithelo? IBhayibheli likhuluma ngesisodwa ngokukhethekile, lithi: “Ngalokho kubonakala abantwana bakaNkulunkulu nabantwana bakaSathane; lowo ongenzi ukulunga akasiye okaNkulunkulu, naye ongamthandi umzalwane wakhe. Nanti izwi enalizwayo kwasekuqaleni lokuba sithandane, kungabi-njengoKayini owaba-ngowomubi, wabulala umfowabo.”—1 Johane 3:10-12.
Kunokuba akhuthaze ukuthanda umfowenu, amasonto aye asekela aze ngisho agqugquzela ukubulala umfowenu empini. Kanjalo, aye aba amathuluzi kaSathane uDeveli njengoba nje kwakunjalo ngezinkolo zaseGibithe, iAsiriya, abantu baseBabiloni, kanye namaRoma asendulo. UJesu Kristu wabiza uSathane ngokuthi ‘umbusi walelizwe’ futhi ngokuphathelene nabalandeli baKhe beqiniso wathi: “Abasibo abezwe, njengalokhu nami angisiye owezwe.” (Johane 12:31; 17:16; 2 Korinte 4:4) Nokho, amasonto aye azenza aba ingxenye eyinhloko yalelizwe.
Khona-ke, ngokusobala uNkulunkulu akasebenzisi amasonto ukuba afeze injongo yakhe yokwakha umhlaba ongenayo impi. Naphezu kwalokho abefundisi kanye nabameleli besonto abakushoyo, uNkulunkulu akaluthathi uhlangothi ezimpini zezizwe.
Isithembiso sikaNkulunkulu sokuqeda impi siyogcwaliseka kanjani? Ingabe bakhona ngempela abantu abaye bakhanda izinkemba zabo zaba amakhuba? Ngokuqinisekile abanye baye bakwenza.
Labo Abagcwalisa Isithembiso SikaNkulunkulu
Isazi-mlando esivelele sesonto uC. J. Cadoux saphawula: “AmaKristu akuqala amkholelwa uJesu . . . Enza ukuba inkolo yawo iphawuleke ngokuthula; ayilahla ngokuqinile impi ngenxa yokuchitheka kwegazi ekubangelayo; asebenzisa kuwo isiprofetho seTestamente Elidala esabikezela ukushintsha kwezikhali zempi zibe amathuluzi okulima.”—Isaya 2:4.
Kodwa kuthiwani namuhla? Ingabe bakhona abantu abamkholelwayo uJesu futhi abathandana ngempela? Ingabe laba ngempela baye bakhanda izinkemba zabo zaba amakhuba? Nokho, i-Encyclopedia Canadiana iyaphawula: “Umsebenzi woFakazi BakaJehova uwukuvuselelwa kanye nokwakhiwa kabusha kobuKristu bamandulo obabuqhutshwa uJesu nabafundi bakhe phakathi nekhulu lokuqala nelesibili lesikhathi sethu esivamile. . . . Bonke bangabafowabo komunye nomunye.”
Kanjalo, begcina umyalo kaKristu wokuthandana, oFakazi BakaJehova bayakwenqaba ukuzonda noma ukubulala abafowabo, ngisho nakuba laba bengase babe amalungu olunye uhlanga noma isizwe. (Johane 13:34, 35) UMartin Niemöller, umholi wamaProthestani eJalimane, waphawula ukuthi “kuyo yonke iminyaka, [amasonto] aye azimisela ukubusisa impi, amabutho kanye nezikhali nanokuthi aye athandaza ngendlela engesiyo neze eyobuKristu ecela ukuqothulwa kwesitha sawo.” Nokho ngokuphambene, wathi oFakazi “bengamakhulu nezinkulungwane baye bavalelwa ezinkanjini zokuhlushwa futhi bafa ngenxa yokwenqaba ukusebenza empini futhi benqaba ukudubula abantu.”
Yebo, ngokungafani nabantu bezinye izinkolo, oFakazi BakaJehova ngempela baye bakhanda izinkemba zabo zaba amakhuba. Ngokuhlala ‘bengesiyo ingxenye yezwe,’ njengoba uKristu ayala, ngempela bahlukile kwezinye izinkolo. (Johane 15:19) I-St. Anthony’s Messenger yamaRoma Katolika yaphawula: “OFakazi BakaJehova abasiyo ingxenye ‘yomphakathi wezwe’ futhi abawamukeli umthwalo wemfanelo wokubusisa noma yini uhulumeni anquma ukuyenza.”
Ingabe isithembiso sikaNkulunkulu ngokuphathelene nokuqeda izikhali siyokwenzeka ngenxa nje yabantu abayizigidi ezimbalwa abavela kuzo zonke izizwe abakhanda izinkemba zabo zibe amakhuba? Akunjalo neze! Isithembiso sikaNkulunkulu siyogcwaliseka ngesilinganiso esikhulu kakhulu nangendlela ephawulekayo.
Indlela Impi Eyophela Ngayo
UMdali, uJehova uNkulunkulu, uyoyiqeda impi ngokuqeda zonke izikhali zempi kanye nalabo abazakhayo. Umhubi weBhayibheli wamema abafundi ukuba bacabangele lelithemba elijabulisayo. Wabhala: “Wozani nibone izenzo zikaJehova, izincithakalo azenzileyo emhlabeni. Uphelisa ukulwa kuze kube-semikhawulweni yomhlaba; uyaphula umnsalo, anqume umkhonto, izinqola zempi azishise ngomlilo.” (IHubo 46:8, 9) Yeka isimemezelo esiphawulekayo, nesivusa amadlingozi!
Ingabe ithemba lezwe elingenayo impi alikholeki? Abantu abangabazayo bangase bacabange kanjalo. Ngisho nesazi-mlando sezempi leso indaba yaso esemakhasini 9 kuya ku-13 alomagazini sasicabanga kanjalo. Kodwa saba nesikhathi sokuhlolisisa ubufakazi ngokucophelela. Ngenxa yalokho, saziqinisekisa sona ukuthi iBhayibheli linokwethenjelwa ngempela. Sathola ukuthi iziprofetho zeBhayibheli eziphathelene nezenzakalo zangaphambili emlandweni, azizange zihluleke ukugcwaliseka ngaso kanye isikhathi esifanele. Lokhu kwasinikeza isizathu sokukholelwa ukuthi lezozenzakalo okuprofethwe ngazo ezisazokwenzeka ziyokwenzeka ngaso kanye isikhathi esihleliwe.
Ngokwesibonelo, cabangela indlela izenzakalo ezizamazamisa umhlaba ezenzekayo manje ezifanelana kahle ngayo nezenzakalo iBhayibheli elabikezela ukuthi zaziyophawula izinsuku zokugcina zalesimiso sezinto. (Mathewu 24:3-14; 2 Thimothewu 3:1-5) Lokhu kusho ukuthi sesiphila esikhathini sokufika koMbuso kaNkulunkulu, kugcwaliseka umthandazo uJesu awufundisa abalandeli bakhe, wokuthi: “Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho; mawufike umbuso wakho; mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini.”—Mathewu 6:9, 10.
Ukufika koMbuso kaNkulunkulu kufanele sikulindele ngayiphi indlela? Ngokuphathelene nalokhu isiprofetho seBhayibheli sithi: “Ezinsukwini zalawomakhosi [okusho, labohulumeni ababusayo manje] uNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso ongasoze wachithwa nobukhosi bawo bungayikushiyelwa kwabanye abantu, kepha uyakuchoboza, uqede yonke lemibuso [noma, ohulumeni], wona uqobo [uhulumeni woMbuso kaNkulunkulu] ume phakade.”—Daniyeli 2:44.
Yebo, uMbuso kaNkulunkulu uyofika ngendlela ephawulekayo uzosusa bonke ohulumeni abakhona, njengoba nje noZamcolo wembulunga yonke wafika osukwini lukaNowa. (Mathewu 24:36-39; 1 Johane 2:17) Ngenxa yokubhujiswa okusondelayo kwabo bonke labohulumeni, kanye nazo zonke izinkolo ezibasekelayo, kubalulekile ukuba thina ngabanye sihlole isimo sethu. Ingabe sizowenza umzamo wokufunda ngoJehova uNkulunkulu neNdodana yakhe, uJesu Kristu, bese senza lokho abakufunayo kithi? (Johane 17:3) Ingabe sizothandana, senqabe ukulimaza abantu esikanye nabo, ngaleyondlela sibonise ukuthi siye sakhanda izinkemba zethu zaba amakhuba?
Uma uvuma ukuthi impi ayinangqondo nokuthi ungathanda ukuphila emhlabeni lapho ukuthula sekukhona yonke indawo, thintana noFakazi BakaJehova. Bayokujabulela ukukusiza ukuba ufunde okwengeziwe ngokuthi impi izophela kanjani ngokushesha, ngaphansi kokubusa koMbuso kaNkulunkulu.
[Ibhokisi ekhasini 7]
Amacebo KaHimmler Ayewenzela OFakazi BakaJehova
UHEINRICH HIMMLER wayewumholi weSS yamaNazi, noma i-Elite Guard, futhi phakathi neMpi Yezwe II wayewumuntu wesibili onamandla kakhulu eJalimane, ngemva kuka-Adolf Hitler. Nakuba uHimmler ayebazonda oFakazi BakaJehova ngenxa yokwenqaba kwabo ukuhlanganyela emacebweni amaNazi okunqoba umhlaba, waqala ukubahlonipha. Kwenye yezincwadi zakhe ayezibhalele isikhulu samaGestapo u-Ernst Kaltenbrunner, uHimmler wabhala:
“Okunye ukwaziswa kanye nezinto engiziphawulile muva nje kuye kwangenza ukuba ngenze lamacebo engifuna ukukwazisa wona. Aphathelene noFakazi BakaJehova. . . . Sizokwazi kanjani ukubusa nokuletha ukuthula eRussia lapho . . . sizobe sesinqobe izingxenye ezinkulu zendawo yayo? . . . Zonke izinhlobo zezinkolo kanye namahlelo okuthula kufanele kusekelwe . . . , phakathi kwawo wonke amanye, izinkolelo zoFakazi BakaJehova. Kuyaziwa ukuthi oFakazi BakaJehova banezimpawu ezinhle ngokungakholeki ezizosizuzisa: Ngaphandle kweqiniso lokuthi bayayenqaba inkonzo yezempi nanoma yini enye ephathelene nempi . . . , banokwethenjelwa ngendlela engakholeki, ababuphuzi utshwala, ababhemi; bayizisebenzi ezikhuthele ezithembeke ngendlela engavamile. Lokho abakushoyo kungathenjelwa. Lezi izimpawu ezinhle . . . , izimfanelo ezifiseleka kakhulu.”
Cha, uHimmler wayengeke aphoqelele oFakazi ukuba basebenzele amaNazi. Wayengafuni ukuba yena noma abantu bakhe babe nezimfanelo zokuthanda ukuthula zoFakazi, kodwa wayefuna ukuba lezimfanelo ezinhle zithonye abantu baseRussia. Zaziyobenza babe abantu abanokuthula, zibenze bakhande izinkemba zabo zibe amakhuba.
[Isithombe ekhasini 8]
UMbuso kaNkulunkulu uyoziqeda zonke izikhali zempi futhi ukhululele abantu emhlabeni omusha onokuthula