Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Ukukhulisa Abantwana Njengoba nginguthisha ofundisa esikoleni sabaqalayo, ngazazisa kakhulu izihloko eziphathelene nesithi “Abantwana Bakho—Ukubenzela Okungcono Kakhulu.” (September 22, 1992) Enye yezinselele ezinkulu kakhulu othisha ababhekana nazo namuhla ukusebenzelana nezingane ezinabazali abamatasa kakhulu ukuba babe nesithakazelo sangempela kuzo. Emhlanganweni wamuva Wabazali Wakusihlwa oba khona minyaka yonke esikoleni sethu, ngahlanganyela nabo amanye amaphuzu alomagazini. Abazali bathola igxoxo yethu ibonisa ukuqonda isimo futhi ibenza bacabange.
M. P., United States
Niyihlabe esikhonkosini. Kwakuyizihloko ezingcono kakhulu engake ngazifunda. Anizange nje niveze izibonelo ezimbi kodwa futhi nanikeza namakhambi.
M. R., Germany
Lezihloko zazibhalwe kahle, kodwa engingazange ngikuthande ukukhuluma ingcaca ngokuxhashazwa kwezingane. Kwangishaqisa.
F. M., Canada
Kuyashaqisa ngempela ukufunda ngokuxhashazwa okwenziwa abantu abadala ezinganeni ezingenacala, nezingenakuzivikela. Futhi nakuba sikuqaphela ukuthi abanye abafundi bangase bakuthole kunganambitheki ukufunda ngezindaba ezinjalo, abazali kudingeka bazi ngazo kanye izingozi izingane ezibhekene nazo namuhla. (Qhathanisa neyesi-2 Korinte 2:11.) Khona-ke sizizwe sinesibopho sokulimisa ngesihloko ezindabeni ezinjalo, senza kanjalo ngendlela enambitheka ngangokunokwenzeka.—ED.
Ama-Prom Ngithole isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ingabe Kufanele Ngiye Kuyi-prom?” (March 8, 1993) sifundisa futhi siwusizo kakhulu. Nokho, ingabe benikhuthaza amaKristu ukuba abe nemibuthano emikhulu, ehloniphekile?
N. P., United States
Lesihloko besingakhuthazi ukuhlelwa kwemibuthano emikhulu yokuzijabulisa. Besimane siphawula ukuthi ukuphothula esikoleni esiphakeme (esekhondari), kuyisenzakalo esiphawulekayo. Ngakho-ke, enye intsha engamaKristu nabazali bayo bangase bakhethe ukuhlanganyela injabulo yalesenzakalo nabanye. Kwanikezwa isikhuthazo sokugcina imibuthano ephathelene nalokhu ‘inesizotha, ilinganiselwe, futhi ihlelwe kahle.’ Bheka “INqabayokulinda” ka-August 15, 1992.—ED.
Amafutha Omnqumo Ngiyanibonga ngesihloko esihle esithi “Amafutha Omnqumo Asetshenziswa Ngezindlela Eziningi” kumagazini ka-October 8, 1992. Ngisebenza esibhedlela njengesazi sokudla okunomsoco, futhi ngeluleka abantu ngokudla okunamafutha amancane, nokune-cholesterol encane. Lesihloko sasinembile ngempela futhi saba wusizo ekufundiseni kwami.
D. S., United States
Inhlamba Indodakazi yami, ecishe ibe neminyaka engu-15 ubudala, yafika ekhaya iphuma esikoleni yangitshela ukuthi yayibhekene nenkinga ngenxa yokuthi izingane eziningi efunda nazo esikoleni njalo zisebenzisa ulimi olungcolile. Yayifuna ukwazi ukuthi yini ngempela eyayingalungile ngokusebenzisa amagama ayinhlamba enkulumweni yansuku zonke. Sazama ukuchaza kodwa saba nomuzwa wokuthi sasingachazanga ngokugculisayo. Ngabo lobobusuku lapho ngithatha umagazini we-Phaphama! ka-December 8, 1992, ngamangala kakhulu ukubona isihloko esithi “Umbono WeBhayibheli—Isizathu Sokuba Inhlamba Ingawafaneli AmaKristu.” Ngokushesha ngawuyisa ekamelweni lendodakazi yami futhi sawufunda nayo. Manje izizwa inesibindi sokuphendula noma ubani obuza ukuthi kungani ingathuki.
P. P., England
Izwe Elisha Uchungechunge lwesithi “Izwe Elisha Elanelisa Bonke” (October 22, 1992) lwalungolunye olungcono kakhulu eminyakeni yamuva olukhuluma ngalesihloko. Imibhalo ekhonjiwe kanye nemifanekiso emihle kwavusa kimi umuzwa wokwazisa okujulile. Ngicabanga ukuthi luzothinta izinhliziyo zabafundi abaningi.
I. Z., Italy