Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Ushevu Womthofu Nginibonga kakhulu ngezihloko ezikhuluma ngoshevu womthofu. (November 22, 1992) Ukukhuluma kwenu ngomfutho ophakeme wegazi, isifo sezinso, izinhlungu zesisu, nokuhlanza—izinkinga engibe nazo iminyaka eminingi—kwangenza ukuba ngiyohlolwa ukuthi angingenwanga yini ushevu womthofu. Imiphumela yabonisa izinga eliphakeme kakhulu lomthofu emzimbeni. Ngithemba ukuthi ukwelashwa engikutholayo manje kuyophumelela.
T. W., Germany
Kusobala ukuthi nicwaningisisa ngempela ngezihloko zenu. Ngisebenza enhlanganweni yezocwaningo kuyi-Department of Organic Coatings. Ezweni lakithi, opende abanomthofu baye basetshenziswa iminyaka eminingi ngenxa yokungaxebuki kwabo. Manje ukusetshenziswa kwabo kulinganiselwe kakhulu, kodwa njengoba nabhala, ingozi yokungenwa ushevu womthofu isekhona. Lesihloko sangisiza ukuba ngibonise engisebenza nabo ukuthi i-Phaphama! ayiphenduli nje kuphela imibuzo engokwenkolo kodwa futhi isiza abantu ukuba baxazulule izinkinga zabo ngisho nakuba bengewona amakholwa. Ngiyanibonga.
A. A., Czech Republic
Iphaphu Lensimbi Kufanele ngiveze ukwazisa kwami okujulile ngokuhlangenwe nakho kukaLaurel Nisbet okunesihloko esithi “Ngisho Nephaphu Lensimbi Lalingenakukuvimbela Ukushumayela Kwakhe.” (January 22, 1993) Yeka isibonelo esiqotho sesibindi, ukholo, ukukhuthazela, nentshiseko! Nginesifo se-lupus, kodwa izinkinga zami azilutho lapho ngicabanga ngokuhlupheka uDade Nisbet akukhuthazelela nesikhathi akukhuthazelela ngaso.
R. L. H., United States
Njengoba ngikhubazekile futhi ngingakwazi ukuhamba, ngakhononda ngokuthi angikwazi ukuyoshumayela kakhulu. Manje ngiyaqaphela ukuthi uma lowesifazane, owaphila ephashini lensimbi iminyaka engu-37, wayekwazi ukushumayela futhi enze abafundi, khona-ke nami futhi nginganeliseka ngalokho engikwaziyo ukukwenza.
M. L., Italy
Siyakwazisa ukukhulumela okunjalo. Yiqiniso, isibonelo esiqotho sikaDade Nisbet asikululazi nganoma iyiphi indlela ukuhlupheka abaningi ababhekene nakho ngezinye izinkinga ezingathi sína ezingokwempilo ezingebucayi kangako kodwa eziseyimbangela yokuhlupheka okukhulu.—ED.
Isinkwa Ngiyanibonga ngesihloko esithi “Isinkwa Sethu Semihla Ngemihla.” (December 8, 1992) Ngayizama indlela yenu yokwenza isinkwa, futhi ngajatshuliswa indlela okulula ngayo ukwenza isinkwa nendlela esasinambitheka kamnandi ngayo.
M. M., United States
Nginezincwadi eziningana zokupheka emashalofini, kodwa ayikho indlela yokupheka ekulezincwadi eyaletha imiphumela emihle njengendlela yenu yokupheka. Ngibonga kakhulu!
S. H., Germany
Ushushiso LwamaNazi Ngakhuthazwa kakhulu isihloko esithi “AmaNazi Ayengenakusivimbela!” esabhalwa u-Erwin Klose. (November 22, 1992) Ngokungafani nokunye okuhlangenwe nakho okuphathelene namaNazi okuye kwakhishwa kuze kube manje, indaba ka-Erwin Klose yaxoxwa ngendlela yokwenza amahlaya. Ngezinye izikhathi ngangehluleka ukuzibamba ngihleka! Ngakhuthazwa indlela yakhe yokwenama neqondile yokubheka izinto.
T. K., Japan
IMihlangano YaseRussia Ngifisa ukunibonga ngempela ngesihloko esithi “UMhlangano Wokuqala Wezizwe Zonke WoFakazi BakaJehova ERussia.” (December 22, 1992) Nakuba sekuyisikhathi eside ngiyinceku kaJehova uNkulunkulu, kumelwe ngivume ukuthi ukwazisa kwami amalungiselelo kaNkulunkulu akunakuqhathaniswa nokwalawomaKristu aseRussia! Ukubonakala kobuso balowodade lapho ethola ikhophi yakhe siqu yokuqala yeBhayibheli kwangenza ngaqaphela ukuthi nginokuningi kangakanani—futhi engikuthatha kalula. Lesihloko sangisiza ukuba ngibone izici okufanele ngilungise kuzo.
B. T. A., United States