Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Ukungabi Nabulungisa Kokwahlulelwa Kwesigebengu Ngithanda ukuhlanganyela nani indlela engasebenzisa ngayo umagazini omdala we-Phaphama! Indodakazi yami yathathelwa imoto ikhonjwe ngesibhamu. Lelisela laboshwa, kodwa ngokuphathelene necala lokusebenzisa kwalo isibhamu, ubufakazi benqatshwa. Ngikhathazekile, ngavunyelwa ukuba ngikhulumele indodakazi yami ekugwetshweni kwalo. Ngaphambili, ngangiye ngabona isihloko esithi “Ingabe Ubugebengu Buyakhokhela?” (August 8, 1985) Ngisebenzisa ukwaziswa okusebhokisini elinesihloko esithi “Isimiso Esingalungile Sokwahlulela Isigebengu,” ngatshela inkantolo ukuthi “isigebengu sinokuzikhethela—ukwenza ubugebengu noma ukungabenzi. Isisulu asinakho ukuzikhethela.” Lelisela lagqunywa ejele, lathola isigwebo esikhulu.
D. M., United States
Abazali Abanganaki Ngiyanibonga kakhulu ngesihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Kungani Abazali Bami Bengabonisi Isithakazelo Esengeziwe Kimi?” (November 8, 1992) Izinyembezi zehla ebusweni lapho ngisifunda. Ezinyangeni ezithile ezedlule, ngangizizwa nginganakiwe, ngakho ngadlubulunda. Ngicabanga ukuthi ngangigcwele intukuthelo nokukhathazeka ngaphakathi. Lesihloko sangenza ngacabanga ngempela ngalokho okwakwenzekile. Ngiyabonga ngokusikhathalela okungaka thina bantu abasha ukuba nisinikeze lokwaziswa okubalulekile.
N. C., United States
Lesihloko sathinta inhliziyo yendodakazi yami eneminyaka eyishumi. Njengomzali oyedwa, ngizama kanzima, kodwa angibi nawo ngaso sonke isikhathi amandla nesineke sokubhekana nokucindezeleka okufanele ngibhekane nakho zonke izinsuku. Ngemva kokuxoxa naye ngalokhu kwaziswa, wakuqonda kangcono lokho engiye ngikuzwe ngezinye izikhathi. Sakhala sobabili, futhi wakwazi ukubona ukuthi ngiyamthanda.
C. L., United States
Isiqongo SaseYurophu Ngithanda ukunibonga ngesihloko esithi “Ukufinyelela Isiqongo SaseYurophu Ngesitimela.” (December 8, 1992) Sangikhuthaza ukuba ngivakashele iJungfraujoch, eduze nase-Interlaken, eSwitzerland. Ekuphakameni okungamamitha angu-3 454 ngaphezu kolwandle, ngabazisa kangcono ubuhle bomsebenzi wezandla zikaNkulunkulu kanye nobukhulu bezintaba ezilala iqhwa.
P. L., Italy
Umculo Ngineminyaka engu-12 ubudala. Isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Yini Engalungile Ngomculo Engiwuthandayo?” sasiwusizo kakhulu. (February 8, 1993) Nami ngokwami bengilokhu ngingakwazi ukucima umculo engiwuthandayo, ngangize ngiwulalele nalapho ngitadisha. Futhi nginama-compact disc amaningana angemahle neze, futhi siye sawaxabanela nabazali bami izikhathi eziningi. Lapho ngifunda ukuthi ukulalela umculo kungithonya kanjani, ngazizwa sengathi inhliziyo yami yayigwazwa ngommese. Manje ngicabangela ukulahla noma iyiphi i-disc equkethe izinto ezimbi. Ngiyanibonga kakhulu.
M. H., Japan
Lesihloko ngasithola sihambisana nesikhathi ngendlela engavamile. Iyamangalisa indlela amaqembu entsha azivumela ngayo ukuba ahileleke ezingomeni nasezitayeleni zokugqoka zokuhlubuka. Lezihloko ziyisivikelo ngempela kithi thina ntsha engamaKristu.
M. M., Italy
Lesihloko sakhuluma ngomculo we-rap ngendlela engeyinhle neze. Njalo ngezikhathi ezithile ngiyaye ngihlangane nenye intsha, futhi sidlale umculo we-rap. Yiqiniso, akhona amaculo anamagama amabi. Kodwa ukubopha wonke umculo we-rap ngabhande linye akulungile.
B. R., Germany
Lesihloko asizange siwulahle wonke umculo we-“rap” njengohlobo oluthile lomculo. Kunalokho, saxwayisa ngokuhileleka kunoma iluphi uhlobo lomculo onesigijimi kanye nomoya okungahlangabezani nezindinganiso zeBhayibheli. Ubufakazi bubonisa ngokusobala ukuthi umculo we-“rap” ushiyeka ngokudabukisayo kulokhu.—ED.