Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g93 9/8 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
  • I-Phaphama!—1993
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1994
  • Indlela Yokubhekana Nokudlwengulwa
    I-Phaphama!—1993
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1993
  • Amaqiniso Ngokudlwengula
    I-Phaphama!—1993
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1993
g93 9/8 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Amathoyizi Ase-Afrika Yeka indlela esasisihle ngayo isihloko esithi “Amathoyizi Ase-Afrika Atholakala Mahhala”! (March 22, 1993) Njengoba ngiwuthisha ofundisa ngezobuciko, ngiyayazi indlela okubaluleke ngayo ukukhuthaza ikhono lokusungula izinto kubantwana kulenkathi yethelevishini nemidlalo ye-computer. Lapho abazali bechitha isikhathi benza izinto nabantwana babo, benza futhi izinkumbulo ezihlala njalo!

D. B., Germany

Ngineminyaka eyisikhombisa ubudala. Ngasithanda lesihloko, futhi ngacabanga ukuthi kungokutusekayo ukuthi [abantwana base-Afrika] bazakhela amathoyizi abo siqu! Kuzwakala kujabulisa, futhi ngingathanda ukukuzama.

M. S., United States

Ukudlwengula Uchungechunge lwezihloko zenu oluthi “Ukudlwengula—Isenzakalo Esihlasimulisayo Kowesifazane” lwaluluhle kakhulu. (March 8, 1993) Ngineminyaka engu-14 ubudala, futhi ngiye ngezwa ngamantombazane amancane kunami aye adlwengulwa. Kodwa ngangingakaze ngikhale kwaze kwaba yilapho ngifunda lesihloko senu, futhi ngaqaphela ukuthi lokhu kungokungathi sína ngaphezu kokuba ngangicabanga. Ngibonga kakhulu.

S. B., United States

Phakathi nonyaka wami wokuqala ngisesikoleni esiphakeme, ngadlwengulwa “umngane wasekhaya.” Eminyakeni embalwa edlule, bengicabanga ukuthi ngiye ngenza ubufebe. Manje ngiyabona ukuthi uJehova uyazi ukuthi kwakungelona iphutha lami! Ngiyadabuka nje ngokuthi angilutholanga ngokushesha lolusizo.

A. S., United States

Izinhlelo eziningi zikhuluma ngokululama ekudlwengulweni, kodwa aziyinikezi indlela yokukugwema. Ngokuqinisekile kubaluleke kakhulu ukuvikela kunokwelapha! Ngokuphathelene nalokhu lesihloko sangisiza kakhulu, futhi ngokuqinisekile siyosiza abesifazane kuyo yonke indawo abangaba yizisulu.

J. A. M., Brazil

Ngahlaselwa umuntu owayefuna ukungidlwengula ngaphandle kwekhaya lami. Ngalwa ngendlela engangingakaze ngilwe ngayo ngaphambili futhi ngamemeza ngibiza igama likaJehova kakhulu izikhathi eziningi kakhulu kangangokuba izinja zaqala ukukhonkotha. Ekugcineni umhlaseli wami wakhathala yilokhu kumemeza kwami futhi wabaleka. Ngitusa ukuba wonke umuntu alandele ukusikisela kwenu. Izenzo zethu zingenza umehluko omkhulu, kuye ngezimo ezihilelekile.

S. P., United States

Cishe eminyakeni engu-20 edlule, ngadlwengulwa umuntu engangijwayelene naye. Angizange ngikubike ngoba ngazizwa nginamahloni. Angizange ngikhulume nokukhuluma ngakho kwaze kwaba seminyakeni emithathu edlule lapho ngelashwa. Kwakungemva kwalokho lapho ngakudalula khona kumyeni wami. Manje uyakuqonda ukuzonda kwami ubuhlobo bobulili. Lapho ngiqeda ukufunda izihloko zenu, ngakhala ngenjabulo—hhayi ngobuhlungu—okokuqala ngqá eminyakeni engu-20, futhi ngambonga uJehova.

T. P., United States

Ukuhlola Umkhathi Ngiye ngaqeda ukufunda izihloko ezinhle kakhulu eziphathelene nokuhlola umkhathi kumagazini i-Phaphama! ka-September 8, 1992. Nakuba nginolwazi oluncane ngalendaba, incazelo ecacile eniye nayinikeza ingihlabe umxhwele. Ngicabanga ukuthi lezihloko ziyosisiza ukuba siyiqonde ngokwengeziwe injongo kaJehova ngomkhaya wesintu olalelayo.

W. D. F., Costa Rica

Sibhala ngenjongo yokunibonga ngomzamo eniwenzile ekuhlanganiseni nasekubhaleni izihloko eziphathelene nokuhlola umkhathi. Ngemva kokufunda isihloko sokugcina sambonga ngenjabulo uJehova, uNkulunkulu onokuqonda konke, oye wahlela indawo yonke ngendlela emangalisa kangaka. Sibheke phambili ngentshiseko esimisweni esisha, lapho eyonikeza abantu abalalelayo abanengqondo ephelele ithuba lokuyiqonda kangcono indawo yonke.

I. N. O. noJ. N. O., Nigeria

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela