Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Imihlangano Yezizwe Ngithanda ukunibonga ngochungechunge oluthi “Yini Eyoletha Ubunye Ezweni?” (December 22, 1993) Ngayijabulela ngempela ingxenye ekhuluma ngemihlangano yezizwe yoFakazi BakaJehova eMpumalanga Yurophu. Kwakukhuthaza ukuzwa ukuthi amanye amaKristu ezindaweni ezikhungethwe impi akwazi ukuba khona kuyo.
E. R., United States
Mina nomyeni wami siyizikhonzi zesikhathi esigcwele; ngakho, okwasidumaza ukuthi isikhwama sethu asizange sisivumele ukuba sibe izihambeli zomhlangano wezizwe. Nokho, lapho ngifunda izihloko zenu, ngazithola senginomoya womhlangano. Ngaze ngazicabanga ngihlabelela ngokusuka enhliziyweni nodade abangamaKristu ababoniswe ekhasini 9. Lesisihloko siye sangikhuthaza ukuba ngikhuthazele.
I. F., France
Ukukhulumisana Ngemva kokufunda uchungechunge oluthi “Ukukhulumisana Emshadweni” (January 22, 1994), ngaqaphela ukuthi eminyakeni engu-28 ngishadile, bengingamnikezi umkami uthando aludingayo. Ngaso sonke isikhathi lapho efuna okuthile okuthambekele ngalapho, ngangivele ngikuthathe njengokungavuthwa. Lezizihloko zangisiza ukuba ngiqonde indlela uNkulunkulu abadala ngayo abesifazane. Esikhathini esizayo, ngizozama ukunikeza umkami uthando aludingayo. Ngiyabonga ngalolulwazi oluqondile.
Y. K., Japan
Angikwazi ukuchaza indlela engalujabulela ngayo loluchungechunge. Kwangimangalisa ukuhlolwa okunembile komehluko ongokomzwelo nongokwengqondo phakathi kwamadoda nabesifazane. Ngakwazi ukuzihlola futhi ngaziqonda kangcono. Angishadile, kodwa ngikholelwa ukuthi lezizihloko ziyongisiza ukuba ngikwazi kangcono ukuqonda imibono yabanye abantu.
D. R., Italy
Nithi ukuzibusa kuyinto eyigugu emadodeni. Kodwa ngazi abesifazane abaningana abakuthandayo nabo ukuzibusa. Kuyangiphazamisa ukuthi niveza imicabango, imizwa, nezifiso zamadoda njengezihluke kakhulu kwezabesifazane.
U. B., Germany
Lesisihloko savuma ukuthi ‘akunakwenzeka ukusho ngokuqondile ukuthi isici esithile singesabesilisa noma abesifazane’ nokuthi “‘indoda evamile’ noma ‘owesifazane ovamile’ ongaqondakali angase atholakale kuphela ezincwadini eziphathelene nokusebenza kwengqondo.” Izici ezinikezwe umbhangqwana “uSipho” “noZodwa” zazimane nje zibonisa ukuthi amadoda nabesifazane ngabanye bangase bahluke kanjani ezindleleni zokukhuluma.—ED.
Amathoyizi Ase-Afrika Isihloko esithi “Amathoyizi Ase-Afrika Atholakala Mahhala” (March 22, 1993) sasinjengesikhumbuzo esimangalisayo sesikhathi sami sasebuntwaneni. Emadolobhaneni nasemizaneni yethu yaboMdabu, akuzona zonke izingane ezazinamathoyizi. Ngakho sasichitha isikhathi sethu sizenzela amathoyizi ukuze sifane nezingane zabelungu ezicebile. Nokho, azizange ziwazise amathoyizi ethu enziwe ekhaya. Nakuba kunjalo, lesisihloko sangilethela injabulo enkulu.
A. A., Cameroon
Ukuxazulula Izinkinga Ngibhala ngenjongo yokubonga ngezihloko eziningi ezinhle ezithi “Intsha Iyabuza . . .” enisilungiselela zona. Ngivula loluchungechunge kuqala lapho ngithola i-Phaphama! yamuva. Ngasazisa kakhulu isihloko esithi “Ubani Ongangisiza Ngixazulule Izinkinga Zami?” (December 8, 1993) Ngisekilasini eliphezulu esikoleni esiphakeme, futhi ngikuthola kuthena amandla ngempela ukwenza izinqumo ezithinta ikusasa lami. Mina nabazali bami ngaso sonke isikhathi besinomzila wokukhulumisana ovulekile, kodwa ngisenomuzwa wokuthi abaqondi ngezinye izikhathi. Lesisihloko sangisiza ukuba ngibone ukuthi kubaluleke kangakanani ukucela iseluleko sabo futhi ngixoxe nabo ngemizwa yami nalokho okungikhathazayo.
H. L., United States