UHulumeni Wezwe—Ingabe IZizwe Ezihlangene Ziyikhambi?
EMINYAKENI yamuva nje iZizwe Ezihlangene ziye zazuza ukuthenjwa okuvuselelwe nokuthandwa emhlabeni. Kubantu abayizigidi isifushaniso esithi “UN” sivusa imicabango yobuqhawe: amabutho amasosha afake izigqoko eziluhlaza ngesibindi ephuthuma ukuyodala ukuthula ezindaweni zezwe ezinodweshu, izisebenzi ezinikeza usizo eziletha ukudla kubabaleki abalambayo base-Afrika, abesilisa nabesifazane abazinikezele abasebenza ngokungenabugovu ukuze benze uhlelo lwezwe elisha.
Ngokokuhlola okwathatha izinyanga eziyisishiyagalolunye okwenziwa yi-Washington Post, njengoba kubikwe kuyi-International Herald Tribune, iqiniso elingalé kwalomcabango “yisigungu sikahulumeni esikhulu, esingalawuleki nakancane, esithambekele ekusetshenzisweni kabi nasekuntuleni okuthuntubeza ukusebenza kwaso.” Lokhu kuhlola, okusekelwe ezinkulungwaneni zamakhasi ezincwadi nezingxoxo ezabanjwa abayizikhulu nababeyizikhulu ze-UN, kwembula lomfanekiso olandelayo.
Usizo E-Afrika: I-UN iye yawulukuhlela amaRandi ayizigidi eziyinkulungwane awusizo oludingeka kakhulu e-Afrika, izwekazi eliqothulwe impi, indlala, ubumpofu, nezifo. Ukuphila okuningi kuye kwasindiswa.
Nokho, ukuphila okuyizinkulungwane namaRandi ayizigidi kuye futhi kwalahleka ngenxa yokuphathwa budedengu, ukunganaki, futhi ngezinye izikhathi, ukukhohlakala. I-UN iye yanikeza usizo eSomalia ekhungethwe yindlala, lapho abantu abaningi bebelokhu befa nsuku zonke. Kodwa u-Aryeh Neier, umqondisi omkhulu we-Human Rights Watch, ucashunwa kuyi-Tribune ethi: “IZizwe Ezihlangene nezinhlangano zazo ezihlukahlukene ziye zaba ezinganaki nezingafaneleki ngokushaqisayo kangangokuba cishe azizange zibe nandima nakancane ekunciphiseni usizi lwaseSomalia.”
Lombiko futhi wabeka izikhulu ezithile ze-UN icala lokuthi ziye zahileleka ekutheni usizo lokudla lungayiswa lapho kufanele luye khona, ukukhwabanisa usizo lwenhlala-kahle yabantu, ukuthola izinto ngokuphamba, ukuthenga nokuthengisa ngokungemthetho, nokushintshiselana imali ngobuqili. Abaphenyi be-UN bathola ubufakazi bokukhwabanisa okunjalo emazweni ase-Afrika angengaphansi kwayisikhombisa.
Ukugcina Ukuthula: Ukugcina ukuthula kuwumgomo oyinhloko we-UN, nakuba kusukela ekumisweni kwayo ngo-1945, kuye kwaba nezingxabano ezinkulu ezingaphezu kwekhulu, nabantu abayizigidi ezingu-20 abaye babulawa empini. Nokho, kusukela ngo-1987, i-UN yaqalisa imikhankaso engu-13 yokugcina ukuthula, eminingi kunayo yonke emlandweni wayo wangaphambili.
Nakuba abanye bengase baphikise ngokuthi izindleko zalemikhankaso zingcono kunemiphumela esabekayo yempi, abaningi bakhononda ngokuthi izinto sezizimbi kakhulu. Ngokwesibonelo, imikhankaso yokugcina ukuthula iqhubeka iminyaka engamashumi amaningi, idla izigidi ezingamakhulu zamaRandi kuyilapho ukuxoxisana kungaqhubeki. Umnyango wamanxusa e-UN wokugcina ukuthula eCambodia wabela amabutho amasosha amaRandi ayizigidi ezingaphezu kwezintathu ukuze athole ama-TV nama-VCR namanye amaRandi angu-1 800 000 ezikhokhelo zomagazini nezamaphephandaba.
Inguquko: Kukhona izikhalo ezisabalele zokufuna inguquko ngaphakathi ku-UN, kodwa imibono iyehlukahluka ngokuthi yini edinga ukuguqulwa. Amazwe asathuthuka enza isicelo sokuba abe nezwi elikhudlwana enqubweni yokwenza izinqumo futhi angathanda ukwandisa izinhlelo zezomnotho nezenhlalo. Amazwe anezimboni afuna ukunciphisa lezinhlelo futhi aqede ukukhohlakala, ukuphatha budedengu, nokusaphaza.
Isikhulu esiphakeme se-UN sathi: “Ukuze ngempela wenze uguquko, kumelwe wenze okuthile okungenakwenzeka ngokuphelele esigungwini sikahulumeni: Kumelwe uhlanze indawo ngokuphelele. Ukuze wenze okuthile okunengqondo, kumelwe ususe ngokuphelele izithiyo esezineminyaka engu-45 zikhona, futhi lokho kusho inqwaba yazo.”
Nakuba amaKristu esibona isidingo sikahulumeni owodwa wokusingatha izindaba zesintu, awakholelwa ukuthi iZizwe Ezihlangene ziyikhambi. Esikhundleni salokho, abheka eMbusweni kaNkulunkulu, uhulumeni uJesu atshela abalandeli bakhe ukuba bawuthandazele.—Mathewu 6:10.