Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Ukukhubazeka Isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Kungani Kufanele Ngihlushwe Ukukhubazeka?” (May 22, 1993) sasingatha lenkinga ngokuqondile. Ngikhubazeke emilenzeni futhi ngiyashesha ukuzwela lapho abantu bengibuka ngomoya wokungizwela. Okungiphatha kabi nakakhulu ukuba othile anginikeze umnikelo—njengokungathi ngiyisinxibi! Okungiduduzayo ukwazi ukuthi uJehova akabheki isimo somzimba kodwa “ubheka okusenhliziyweni.”—1 Samuweli 16:7.
A. A. A. S., Brazil
Ngimelene nokubiza kwenu i-cerebral palsy ngokuthi isifo. I-cerebral palsy iyisimo esibangelwa ukulimala kobuchopho, ngokuvamile okwenzeka ngaphambi, phakathi, noma ngokushesha nje ngemva kokuzalwa. Ayiqhubekeli phambili noma ithathelwane. Ayisona isifo futhi akufanele neze ibizwe kanjalo.
L. Z., United States
Siyaxolisa uma ukukhetha kwethu amagama kwakukhuba. Sasebenzisa igama elithi “isifo” ngomqondo ovame kakhulu onikezwa ‘yi-Webster’s New Collegiate Dictionary,’ okungukuthi, “isimo . . . esikhubaza ukusebenza kwengxenye ethile ebalulekile.”—ED.
Ukucwiywa Kwabesifazane Ngiyabonga ngokudalula ukuthi ukucwiywa kwezitho zobulili zabesifazane kuyisenzo esiwubudemoni nesinyanyeka kangaka! (“Izigidi Ziyahlupheka—Ingabe Zingasizwa?” April 8, 1993) Uma kunomntwana oyedwa nje ongase avikelwe kulobuhlungu balobugebengu obufihlekile nobushaqisayo, khona-ke ukunyatheliswa kwalesihloko bekuyoba okubé nenzuzo.
J. C., United States
Amehlo ami agcwala izinyembezi uma ngicabanga ukuthi abazali babangela abantwana abangenakuzivikela ubuhlungu obunjena. Izindaba ezinjengalezi azinyatheliswa emaphephandabeni ethu, ngakho ngiyanibonga ngalokhu kwaziswa.
C. C. G. M., Brazil
Umsebenzi Wesikole Ngibonga kakhulu ngesihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Yini Engingayenza Ngomsebenzi Wesikole Omningi Kangaka?” (April 8, 1993) Ngafunda lesihloko esikhathini engangicindezelwe ngaso ngempela umsebenzi omningi wesikole. Ngangingenaso isikhathi sokuphumula noma sokulungiselela imihlangano yobuKristu. Manje sengisebenzisa ukusikisela kwenu.
M. H., United States
Ukuthutha Ngijabulela ukuzwakalisa ukubonga kwami ngesihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ingabe Kufanele Ngithuthele Ezweni Elichumé Kakhudlwana?” (April 22, 1993) Ngineminyaka engu-16 ubudala futhi ngiye ngacabanga ukuthuthela ezweni lapho ngingaba namathuba angcono khona ekuphileni. Kodwa ngemva kokuba ngifundé lesihloko, nginomuzwa wokuthi akusho lutho ukuthi sihlalaphi. Uma senza uMbuso kaJehova uze kuqala ekuphileni kwethu, ngokuqinisekile siyochuma [ngokomoya] njengoba uJehova eyosisiza.
V. L. A., Brazil
Ukudlwengulwa Ngaba nemizwa yenjabulo ehlangene nokudabuka lapho ngithola umagazini ka-March 8, 1993, othi “Ukudlwengula—Isenzakalo Esihlasimulisayo Kowesifazane.” Umama, osebe umshumayeli wesikhathi esigcwele iminyaka eminingi, waba yisisulu sokuhlukunyezwa nokucishe adlwengulwe esemzini wakhe. Ukufunda lezihloko kwamsiza ukuba alulame.
P. G., United States
Ngiyiphini lomqondisi ‘we-Family Violence and Sexual Assault Services’ yakulendawo yakithi. Esinye sezikhonzi zenu esisesincane senza ukuba siqalise ukufunda i-Phaphama! lapho siletha umagazini okhuluma ngokuxhashazwa kwabantwana. (October 8, 1991) Manje sesinesikhokhelo. Ngifuna ukunazisa indlela abangihlaba umxhwele ngayo omagazini benu abakhuluma ngobudlova basekhaya nokudlwengula. Babebhalwe kahle futhi kwenziwe ukucwaninga okuseqophelweni eliphezulu.
D. G., United States