Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g93 10/8 k. 6
  • Imibono Ephambene Evamile

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibono Ephambene Evamile
  • I-Phaphama!—1993
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukukuvimbela Ekhaya
    I-Phaphama!—1993
  • Uthando Nobulungisa Ezweni Elonakele
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2019 (Efundwayo)
  • Amanxeba Afihlekile Okuxhashazwa Kwabantwana
    I-Phaphama!—1991
  • “Isikhathi Sokuphola”
    I-Phaphama!—1991
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1993
g93 10/8 k. 6

Imibono Ephambene Evamile

Umbono Ophambene: Ngokuvamile abaxhaphazi babantwana bangabantu abangaziwa, onkom’ idla yodwa abasangene abathumba abantwana futhi basebenzise amandla angokomzimba ukuze babaxhaphaze ngokobulili.

Ezenzakalweni eziningi kakhulu—kusukela kumaphesenti angu-85 kuya kwangu-90 ngokwezilinganiso ezithile—umxhaphazi ungumuntu umntwana amaziyo futhi amethembayo. Kunokuba basebenzise amandla, ngokuvamile abaxhaphazi bayengela umntwana kancane kancane ezenzweni zobulili, besebenzisa okuhlangenwe nakho komntwana okulinganiselwe nekhono lokucabanga. (Qhathanisa neyoku-1 Korinte 13:11 nezAga 22:15.) Labaxhaphazi ababona onkom’ idla yodwa abahlanyayo. Abaningi bangabantu abakholwayo impela, abahloniphekile, futhi bathandeka kakhulu emphakathini. NgokweFederal Bureau of Investigation yase-U.S., “ukucabanga ukuthi othile akayena umnukubezi wabantwana ngoba nje engumuntu okahle, osontayo, ozikhandlayo, onomusa ezilwaneni, njalonjalo, akunangqondo.” Ukuhlola kwamuva nje futhi kusikisela ukuthi kuyiphutha ukucabanga ukuthi bonke abaxhaphazi bangabesilisa noma ukuthi zonke izisulu zingabesifazane.

Umbono Ophambene: Abantwana bakha amaphupho noma baqambe amanga ngokuxhashazwa ngokobulili.

Ngaphansi kwezimo ezivamile abantwana bantula okuhlangenwe nakho noma ulwazi oluningi ngezindaba zobulili ukuba bangase basho ngokucacile ukuthi baxhashaziwe, nakuba abanye abantwana abancane bengase badideke ngokwemininingwane. Ngisho nabacwaningi abagxeka kakhulu bayavuma ukuthi eminingi yemibiko yokuxhashazwa iyiqiniso. Cabangela incwadi ethi Sex Abuse Hysteria—Salem Witch Trials Revisited, ekhuluma ngokumangalela okungamanga kokuxhashazwa.a Lencwadi iyavuma: “Ukuxhashazwa kwabantwana ngokobulili okuyiqiniso kusakazeke kabanzi futhi amacala amaningi kakhulu okuxhashazwa kwabantwana ngokobulili . . . mhlawumbe ayathethelelwa (ngamaphesenti angu-95 noma ngaphezulu).” Abantwana bakuthola kunzima kakhulu ukubika ukuxhashazwa ngokobulili. Lapho beqamba amanga ngokuxhashazwa ngokobulili, ngokuvamile basuke bephika ukuthi kwenzekile ngisho nakuba kwenzekile ngempela.

Umbono Ophambene: Abantwana bayayengeka futhi ngokuphindaphindiwe bazidonsela amanzi ngomsele ngendlela abaziphatha ngayo.

Lombono ngokuqondile usontekile ikakhulukazi, njengoba eqinisweni, usola isisulu ngenxa yokuxhashazwa ngokobulili. Abantwana abanawo umbono ongokoqobo ngobuhlobo bobulili. Abanawo umqondo wokuthi isenzo esinjalo sisho ukuthini noma siyobashintsha kanjani. Ngakho-ke abakwazi ukusivumela nganoma iyiphi indlela enenjongo. Umxhaphazi, nezinqotho zakhe, ofanele ukusolwa ngokuxhaphaza ngokobulili.—Qhathanisa noLuka 11:11, 12.

Umbono Ophambene: Lapho abantwana bedalula ukuxhashazwa ngokobulili, abazali kufanele babafundise ukuba bayeke ukuxoxa ngakho futhi ‘bakhohlwe yikho.’

Ubani ozuza kakhulu uma umntwana engakhulumi ngokuxhashazwa ngokobulili? Ingabe akuyena umxhaphazi? Eqinisweni, ukuhlola kuye kwabonisa ukuthi ukuphikisana nokucindezeleka okungokomzwelo kungase kube indlela engaphumeleli nhlobo yokubhekana namanxeba okuxhashazwa ngokobulili. Ezindleleni eziyisishiyagalolunye zokubhekana nalenkinga ezasetshenziswa iqembu elithile labantu abadala ababexhashazwa abahlolwa eNgilandi, labo ababephika, begwema, noma becindezela lesenzakalo babehlushwa ukungalulami kahle okukhulu ngokomzwelo nokucindezeleka ekuphileni sebebadala. Uma ubhekené nokuhlaselwa okwesabekayo, ingabe ubungafuna ukuba utshelwe ukuthi ungakhulumi ngakho? Kungani utshela umntwana into enjalo? Ukuvumela umntwana ukuba asabele ngendlela evamile esenzakalweni esinjalo esesabekayo, njengokudabuka, intukuthelo, ukulila, ekugcineni kuyomnikeza ithuba lokuba akukhohlwe ukuxhashazwa ngokobulili.

[Umbhalo waphansi]

a Kwamanye amacala ezehlukaniso abamangalelwa abangabantu abadala kwaziwa ukuthi basebenzisa isijeziso sokuxhaphaza abantwana njengesikhali.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela