OFakazi BakaJehova Bayalwelwa Empini Yokuwinwa Kwabantwana
U-INGRID HOFFMANN ubelokhu elwela ukuba awine abantwana bakhe ababili kusukela phakathi neshumi leminyaka elidlule. Lona wesifazane wase-Austria, wazalwa futhi wakhuliswa engumRoma Katolika. Washada nomunye umKatolika, futhi wazala indodana ngo-1980 futhi ngo-1982 wazala indodakazi. Kodwa ngo-1983 lombhangqwana wenza isehlukaniso; bobabili labazali bafuna ukuwina abantwana. Ubaba wakhononda ngokuthi inkolo kamama—umama wayebe omunye woFakazi BakaJehova—iyobalimaza abantwana, ibenze bangakhuliswa ngendlela evamile, ekahle. Wabhekisela ezimpikiswaneni ezinjengokwenqaba koFakazi ukugubha amaholide athile avamile ezweni lakubo nokwenqaba kwabo ukumpontshelwa igazi.—IzEnzo 15:28, 29.
Lamaphuzu-mbumbulu ehluleka. Kokubili inkantolo yamacala nenkantolo yokudlulisela amacala zakwenqaba ukuzisholo kukababa futhi zenza umama wawina. Nokho, ngo-September 1986, iNkantolo Ephakeme yase-Austria yaziguqula izinqumo zenkantolo ephansi. Yaphikisa ngokuthi lezinqumo zaziye zaphula i-Austrian Religious Education Act, umthetho othi abantwana abazalwe amaKatolika kudingeka bafundiswe njengamaKatolika. Lenkantolo futhi yanquma ukuthi kwakungeke kubalethele inzuzo enkulu abantwana ukubavumela ukuba bakhuliswe njengoFakazi BakaJehova!
U-Ingrid Hoffmann waphendukela kuphi ukuze athole usizo lokulwisana nobandlululo olunjalo olusobala olungokwenkolo? Ngo-February 1987 icala lakhe ladluliselwa kuyi-European Commission of Human Rights. Ngo-April 13, 1992, lesigungu, esakhiwa abameli abamelela amazwe ahlukahlukene angamalungu oMkhandlu waseYurophu, sadlulisela lelicala ngaphambi kwe-European Court of Human Rights ukuze liqulwe ngokuphelele.
Lenkantolo yakhipha isinqumo ngo-June 23, 1993. Yathi: “Ngakho-ke iNkantolo YaseYurophu iyavuma ukuthi kuye kwaba nomehluko empathweni futhi lowomehluko wawumayelana nesizathu esingokwenkolo; lesiphetho sisekelwa yindlela okubhalwe ngayo namazwi esahlulelo seNkantolo Ephakeme [yase-Austria] ngokuphathelene nemiphumela engokoqobo yenkolo yalowo ofake isicelo sokubukezwa kwecala. Umehluko onjalo ongokwempatho uwubandlululo.” [Omalukeke sizenzele.] Yaqhubeka yaphawula ukuthi iNkantolo Ephakeme “yahlolisisa amaqiniso ngokwehlukile kunezinkantolo ezingaphansi kwayo, ukwahlulela kwazo okwakusekelwe nayimibono yezazi zengqondo. Naphezu kwanoma yimaphi amaphuzu angase avezwe aphikisana nalokhu, umehluko ngokuyisisekelo osekelwe ekungafanini kwenkolo nje kuphela awumukeleki.”
Ngamavoti ayisihlanu kwamane, abahluleli bavumelana no-Ingrid Hoffmann futhi baphikisana ne-Austria, empeleni bephawula ukuthi i-Austria yayimbandlululé ngesisekelo senkolo yakhe futhi yamephuca ilungelo lakhe lokukhulisa umkhaya wakhe. Ngaphezu kwalokho, ngamavoti ayisishiyagalombili kwelilodwa, abahluleli bathi makanikezwe imali eyisinxephezelo.
Lokhu kunqoba okuphawulekayo kwenkululeko engokwenkolo kwenzeke nje esikhathini esingangenyanga ngemva kokunye ukunqoba enkantolo efanayo—ecaleni lika-Kokkinakis v. Greece, elaqinisekisa ukuthi iGreese yayephule ilungelo lomuntu lokufundisa iZwi likaNkulunkulu endlini ngendlu. Abathandi benkululeko emhlabeni wonke bayajabula lapho imizamo enjalo yokuvimbela inkululeko engokwenkolo ibhuntshiswa futhi amalungelo omuntu siqu okukhulekela uNkulunkulu nokukhulisa umkhaya ngokwezimiso zeBhayibheli evikelwa.