Isikhali Esisha Sokulwisana Nomalaleveva
NJENGOBA kwabikwa ku-Phaphama! ka-May 8, 1993, umalaleveva uyagadla futhi njengobhadane lwezwe. I-New York Times (ka-March 23, 1993) yabika ukuthi “ngonyaka odlule, iBrazil yabika iziguli ezingu-560 000 eziphethwe umalaleveva.” Minyaka yonke abantu baseBrazil abangu-8 000 babulawa umalaleveva. Manje umcwaningi waseColombia, uDkt. Manuel Elkin Patarroyo, usevele nendlela ehlukile—umjovo owenziwe ngekhemikhali obiza nje kuphela amasenti angu-90 imijovo emithathu. UDkt. Patarroyo uthi: “Ungaphansi kwentengo ye-Coca Cola [eColombia].” Kuze kube manje uye wabonakala uphumelela kumaphesenti angaba ngu-67 eziguli ezelashwa. Nakuba ungelona ikhambi eliphelele likamalaleveva obhubhisayo, ubonakala uyisinyathelo esikhulu sentuthuko empini yokulwisana nomalaleveva.