Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Uthando Olungaphumelelanga Ngineminyaka engu-17 futhi ngitholé isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ngingabhekana Kanjani Nothando Olungaphumelelanga?” (May 8, 1993) siwusizo kakhulu. Ngangihlala ngicindezelekile ngenxa yokungathandwa othile. Manje ngigxilisa ingqondo yami kwezinye izinto futhi angikhathazeki ngokushada ngokushesha kangaka.
S. M., Australia
Ngahileleka ngokomzwelo nomfana othile ongeyena umKristu futhi ngazithola ngimthanda. Ngasanguluka futhi ngahlukana naye, kodwa nganginemizwa yokuzibulala. Nganginomuzwa wokuthi ngangingenakuphila ngaphandle kwakhe futhi ngangicindezelekile amasonto amaningi. Lesihloko sangisiza ukuba ngicabange ngendlela eqondile futhi ngazi ukuthi lenkathi ebuhlungu izodlula ngokushesha.
A. H., United States
Izindlela Zokupheka Isihloko senu esithi “Isithelo Esincane Esinoboya SaseNew Zealand” (October 22, 1992) sanikeza indlela yokupheka kusetshenziswa i-orange liqueur njengesithako. Abafundi bomagazini benu kufanele bakhunjuzwe ukuthi akufanele bashayele ngokushesha ngemva kokudla noma yini enotshwala.
J. S., United States
Ngokuqinisekile bekuyoba okufanelekile ukwazisa izivakashi uma isidlo esithile sinotshwala. Indlela yokupheka okukhulunywa ngayo lapha yakhuluma ngokuthela isipuni se-“orange liqueur” kusaladi yezithelo eyenzelwa abantu abangafinyelela kwabayisithupha—okungeke kube isilinganiso esidakayo. Ingozi yokudakwa incane nangokwengeziwe ezindleleni zokupheka ezifuna ukuba kuphekwe izithako ezisetshenzisiwe. Njengoba utshwala busheshe bubile, obuningi, uma kungebona bonke, buyohwamuka.—ED.
Isifiso SikaJoshua Ngiyanibonga ngokunyathelisa isihloko esithi “Isifiso SikaJoshua.” (June 22, 1993) Sangikhuthaza. Uma ayekwazi ukuthembeka enesifo esiyingozi [i-leukemia], yeka ukuthi kulula kanjani nangami ukuba ngithembeke! Ngineminyaka eyisishiyagalolunye.
M. M., United States
Isihloko esithi “Isifiso SikaJoshua” sangishukumisa imizwelo ngokujulile. Isibindi, ukholo, nothando lwakhe ngoJehova kwangithinta kakhulu.
K. M., United States
Abafel’ Ukholo Bosuku Lwanamuhla Ngisanda kuqeda ukufunda uchungechunge lwezihloko ezithi “Ukunqoba Nakuba Bebhekene Nokufa.” (May 8, 1993) Zingishukumisa imizwelo izenzo zonya ezingenabulungisa abafowethu abangamaKristu ababhekana nazo. Njengoba ngicabanga ngokuphikelela kwabo, ubuso bami bugeleza izinyembezi. Okungihlaba umxhwele ukholo nokuthembeka kwabo nakuba bebhekene nokufa. Kwangathi uJehova angasinikeza amandla nokuphikelela ukuze siqhubeke sithembeka, njengoba babenjalo.
B. D., Italy
Ekutadisheni kwami iBhayibheli, lapho ngiqala ukuhlangana nendaba yokulondoloza ukholo ngaphansi kovivinyo, ngangingenakukwamukela ukuthi ngempela kukhona izikhathi lapho sibhekana khona nokuvivinywa okunzima kokholo. Kodwa njengoba sengifunde okuhlangenwe nakho okuthinta inhliziyo kwamaKristu agcina ubuqotho bawo nakuba ebhekene nokufa, angikwazi ukubamba izinyembezi. Ngilwazisa ngokujulile loluchungechunge lwezihloko.
J. P., Philippines
Ukuhlelwa Komndeni Uchungechunge lwezihloko zenu ezithi “Ukuhlelwa Komndeni—Impikiswano Yembulunga Yonke” (February 22, 1993) lwathi uma kusetshenziswa imijovo ye-progestin kuphela [njengendlela yokuvimbela inzalo], kunethuba lokuthi ikhiphe isisu. Udokotela wami uthi lokhu akulona iqiniso.
M. D., United States
Abacwaningi abazi ngokunembile ukuthi imijovo ye-“progestin” kuphela ikuvimbela kanjani ukukhulelwa. Abanye bakholelwa ukuthi yenza lokhu ngokuvimbela ukwakheka kwamaqanda. Abanye bathi kunobufakazi bokuthi ngezinye izikhathi isebenza ngokuvimbela iqanda elivundile ukuba linganamatheli esibelethweni—kanjalo, iqede ukukhulelwa. Njengoba lendlela yokuvimbela inzalo ingakhiphi isisu ngendlela eqinisekisiwe, imibhangqwana engamaKristu kumelwe izinqumele yona ngokwayo ukuthi iyoyisebenzisa yini noma cha ngokuqondiswa unembeza. (Galathiya 6:5)—ED.