Ngangiwumgqekezi Oyingcweti
NGQÓ! Isando sikamahluleli sankeneneza enkantolo. Amazwi akhe alandela, nakuba awakhuluma ngomoya ophansi, azwakala ebhonga kimina. “Ngalokhu ngikugweba iminyaka engu-15 ejele.” Angisoze ngawakhohlwa lawomazwi nezenzakalo ezalandela. Ngokushesha iphoyisa langikhipha enkantolo langibuyisela esitokisini sesikhashana esasibe yikhaya lami ezinyangeni ezintathu ngaphambili.
Ekuseni ngosuku olulandelayo, ngakhishwa esitokisini sami, ngehliswa ngephasishi futhi ngafakwa ekamelwaneni elincane, lapho ngagqokiswa khona ibhande lesikhumba cishe elalingamasentimitha angu-13 ububanzi futhi elaliboshelwa ngemuva. Ngaphambili lalinamasongo amabili amakhulu ensimbi izandla zami ezaboshelwa kuwo. Lapho eqeda ukwenza lokhu, amaphoyisa amabili angithatha sadlula kwelinye iphasishi, lapho ngajoyina khona elinye iqembu lamadoda ayeboshwe ngendlela efanayo. Lamadoda ayemi imigqa emibili, elinganisene. Ngaholelwa endaweni yami emgqeni, futhi iketanga elalihamba phakathi kwalemigqa emibili laphakanyiswa futhi laboshelwa esongweni lesithathu, elalisohlangothini lwebhande lesikhumba.
Ngemva kwalokho, amaphoyisa ayisithupha ayesekhona manje asiholela ekheshini eyayizosiyisa ebhasini elakhiwe ngokukhethekile. Nakhu lapho ngangikhona, ngihlezi eceleni kombulali naphambi kwabashushumbisi bezidakamizwa, abadlwenguli, nabaphangi. Sonke sasiya endaweni efanayo—ijele!
Kungenzeka uyazibuza, yini eyaholela kulezimo? Ake ngikutshele ngesizinda sami nezenzakalo ezangifaka ejele.
Angizalwanga Ngiyisigebengu
Abazali bami bashada ngemva nje kweMpi Yezwe II, futhi umfowethu engimelamayo wazalwa ngo-1947. Eminyakeni emibili kamuva ngalandela, ngilandelwa omunye umfowethu ezinyangeni ezingu-18 kamuva. Ngakho kanye nalabantwana abathathu, abazali bami bathatha uhambo olude olubheke entshonalanga besuka eRichmond, eVirginia, eU.S.A., beya ezweni laseOregon oGwini lwasePacific. Khona-ke salibangisa enyakatho eWashington State futhi sazinza edolobheni laseBellevue. Emuva ngalesosikhathi, ukuphila kwakubonakala kungokuvamile kimi. Nakuba sasingewona umkhaya obumbene kangako, sasishaywa umoya njalo ndawonye futhi siya esontweni laseLuthela lasendaweni. Inhlonipho ngoNkulunkulu, ngoJesu, nangeBhayibheli kwakuyinto ejwayelekile ngomkhaya ovela eVirginia. NgoJanuary 1960 kwalandela udadewethu omncane. Yeka ukuthi umama wayejabule kanjani ngokuthi ekugcineni athole intombazanyana ayelokhu eyifuna!
Nokho, kwenzeka okuthile cishe ezinyangeni eziyisithupha kamuva okwaguqula indlela yethu yokuphila. Sathutha futhi, kulokhu salibhekisa edolobheni elinamahlathi aminyene lasesiGodini saseMaple. Sayeka ukuya esontweni, sasingasashaywa umoya njengomkhaya, futhi ubaba waqala ukuphuza kakhulu. Kusangidabukisa ukukhumbula lokho kuthutha. Sacindezeleka isikhathi eside ngemva kwalokho. Ngikholelwa ukuthi lokhu kwaba nengxenye endleleni yami yokuphila yobuhlongandlebe njengomuntu osemusha.
Isizathu Esangenza Ngakhetha Ukuphila Kobugebengu
IsiGodi saseMaple, njengoba ungabona ngeso lengqondo ngokuzwa nje lelogama, sasingeyona indawo ejabulisayo kosemusha onobungqabavu ngawo-1960. Ngakho ngazenzela okuthile okwakuzongijabulisa. Lokhu kwakulula ngami ngenxa yeqembu labangane ababi esikoleni. Izehlakalo zangemva kwesikole zaziphenduka imicimbi yobudakwa, eyayilandelwa ukulwa ngesibhakela nezidakamizwa. Kweziningana zalezizehlakalo, ngangifika ngidiyazela ekhaya ngehora lesithathu noma lesine ekuseni—ngidakiwe. Noma ngangingayi ekhaya izinsuku eziningana, ngihleli nabangane bami. Okumangalisa ngempela ukuthi ngangazi ukuthi ngenza okungalungile, kodwa abazali bami abazange babonakale bekuqaphela.
Ngezinye izikhathi, saseba ukuze sibone ukuthi sasingaphumelela yini. Ngesinye isikhathi, ngeba imoto futhi ngazihambela nje ngayo ngizijabulisa. Kodwa ngabanjwa futhi ngachitha isikhathi esingaphezu konyaka esikoleni sasendaweni sentsha engamahlongandlebe, eGreen Hill.
Ngesikhathi ngikhululwa eGreen Hill, ngase ngisesikoleni esiphakeme. Lapha ngacabanga ukuthi ngangingasebenzisa izinto “engangizifunde” ‘esikoleni’ sami ‘sobugebengu’ sentsha. Angizange ngiqaphele ukuthi isisho seBhayibheli esithi, “Ukujwayelana nababi konakalisa ukuziphatha okuhle,” sasisebenza.—1 Korinte 15:33.
Cishe ngangineminyaka engu-16 ubudala lapho ngihlangana nothile owayehlukile, insizwa okwakuthiwa uJim Carley. Yena nomkhaya wakubo babesanda kuthuthela edolobheni lakithi bevela eIdaho. Bambalwa kakhulu ababemazi ngelithi Jim; wayaziwa kangcono njengoSpud, abametha lona okuyigama lamazambane adumile aseIdaho. Wayengomunye woFakazi BakaJehova.
Mina noJim sasifunda esikoleni esisodwa. Ngokumqaphela, ngangibona ukuthi wayehlukile kwabanye abangane bami. Wayephathana kahle nabo bonke kodwa engahlanganyeli ekoneni kwabo. Lokhu kwangihlaba umxhwele. Ngikhumbula ngokucacile engitshela ukuthi kungani lesimiso esonakele sasizophela ngokushesha futhi sithathelwe indawo izwe elisha lokuthula ngaphansi kokubusa koMbuso kaNkulunkulu wasezulwini.
Ngangifuna ukuzwa okwengeziwe, ngakho ngaya “esontweni” lakubo, elibizwa ngokuthi iHholo LoMbuso, izikhathi eziningana. Lokhu kwenzeka ngo-1967. Engakuzwa lapho kwakuthakazelisa, kodwa ngaba nomuzwa wokuthi lelizwe elisha lalingokuthile okwakusekude esikhathini esizayo. Ngaphandle kwalokho, manje ngangisazijabulisa. Ngangisebhizinisini lokugcwalisa “ama-oda” anoma yini umuntu ayeyifuna—amathuluzi, izinsimbi zezimoto, imisakazo yezimoto, amathelevishini. Yebo, “lama-oda” ayegcwaliswa ngobugebengu nobuqili. Kungani kwakufanele ngiye esontweni elilahla “ibhizinisi” lami elijabulisayo?
Lapho ngineminyaka engu-19 ubudala, ngasiyeka isikole futhi ngashada nentombi yami yasesikoleni esiphakeme. Onyakeni owodwa kamuva, ngangiwubaba wengane yentombazane, uRhonda Jean. Nalomthwalo wemfanelo owengeziwe, ngezwa isidingo sokubanakekela ngezindlela zokungathembeki.
Ngilitholile Iqiniso!
“Ngangisesebhizinisini” lokusebenzisa nokuthengisa izidakamizwa, ukweba izimoto, nokugqekeza izindlu, kodwa “lelibhizinisi” lagcina selingifake engozini. Ngaboshwa futhi ngokushesha ngazithola ngisesimweni sokuboshwa ngozankosi esichazwe ngaphambidlana futhi ngiya ejele. Nakhu lapho ngase ngikhona, ngineminyaka engu-20 ubudala, nginomfazi nendodakazi enezinyanga eziyisithupha ubudala. Futhi manje ngase ngiya ejele eminye iminyaka engu-15! Ngaqaphela ukuthi kwakudingeka ngenze okuthile ukuze ngilawule ukuphila kwami. Ngaqala ukukhumbula lokho uSpud ayekushilo ngeBhayibheli.
Lapho ngisejele, ngaqala ukufunda iBhayibheli kanye nezincwadi zezwe zokuzisiza. ‘Ukufunda lezincwadi kuyongisiza ukuba ngikhule,’ ngicabanga. Azizange zisize. Akukho okwangisiza kwaze kwaba yilapho omunye engangiboshwe naye esiKhungweni Sokuqondisa Izigwegwe eShelton, eWashington, ebuza ukuthi ngangingethande yini ukuba khona engxoxweni yeBhayibheli nabanye boFakazi BakaJehova bebandla lasendaweni. Ngatshelwa ukuthi babeza ejele masonto onke. Ngavuma. Kusukela ngiqala nje ukuhlangana nalaboFakazi ababili, ngazi ukuthi lokho engangikufunda eBhayibhelini nasencwadini yokutadisha ethi iQiniso eliholela ekuPhileni okuPhakade kwakulungile. Ngangilitholile iqiniso!
Ukufakaza Ejele
Ngezinye izikhathi ezinye iziboshwa ezingaba ngu-15 zazihlanganyela nami ezifundweni zami zeBhayibheli zamasonto onke noFakazi. Phakathi nalesikhathi umkami wanquma ukuthi ngase ngihlanya ejele, futhi waqala imicikilisho yesehlukaniso. Lokho kwaluvivinya kakhulu ukholo lwami engangisanda kuluthola.
Nganquma ukuqinisa ukholo lwami ngokuzondla ngokwengeziwe ngokudla okungokomoya. Ngaqala ngokufunda lonke iBhayibheli kanye nezincwadi zeBhayibheli, kuhlanganise nomagazini abadala beNqabayokulinda nePhaphama! Ngangakha ukholo oluqinile. Futhi, ngaqala ukushumayela kunoma ubani owayengalalela. Ngokushesha ngagwenywa iningi leziboshwa engangikanye nazo. Uma ngibheka emuva, ngiyabona ukuthi kwakuyisivikelo sangempela kimi.
Nokho, ngangiba nazo izingxoxo ezithakazelisayo nabanye ejele. Kwenye ngaxoxa nompristi ongumKatolika, owathi ngangifundiswa izinto ezisontekile nokuthi abantu babengenza iBhayibheli lisho noma yini abayifunayo. Ukuze afakazele ukugomela kwakhe, wathi wayengangibonisa ukuthi iBhayibheli lithi akekho uNkulunkulu. Ngakwamukela ukusikisela kwakhe. Wavula iBhayibheli lakhe encwadini yamaHubo futhi wabeka isandla sakhe ngendlela yokuthi unkomba wakhe afihle ingxenye yalelovesi. Ngathi: “Siza ususe umunwe wakho ukuze ngikwazi ukulifunda lonke ivesi.” Waphendula: “Funda nje ngezansi komunwe wami.” Ngenza kanjalo, futhi kwangimangaza ukuthi lalithi: “Akakho uNkulunkulu.” “Nakho-ke,” esho, “nampo ubufakazi. Akekho uNkulunkulu!” Ngacela futhi ukubona lonke ivesi. Kulokhu wasisusa isandla sakhe. Futhi lapho lalithi: “Isiwula sithi enhliziyweni yaso: Akakho uNkulunkulu.”—IHubo 14:1.
Ukukhululwa Nokuzimisela
Ngenxa yesimo sami sengqondo nokuziphatha okushintshile, ngakhululwa ngemva kweminyaka emibili nje kuphela yokuvalelwa ejele. Lokho kwenzeka ekupheleni kuka-1971. Kungenzeka abanye babecabanga ukuthi ‘ngangithole inkolo’ ukuze nje ngikhohlise ibhodi elikhululayo. Kodwa manje ngangiphumile futhi ngizimisele ngokwengeziwe kunanini ukungabuyeli emuva kubangane ababi. Ngakhetha ngamabomu ukuhlala endaweni lapho ngangazi khona ukuthi ababekade bengabangane bami babengenakuba kuyo. Ngangazi ukuthi kwakungeke kube okuhlakaniphile ukuthintana nanoma yimuphi wabangane bami abadala. Futhi nabo bangigwema ngoba babezwile ukuthi ngase ngiwuhlobo oluthile “lompristi” futhi ngangishumayeza wonke umuntu.
Ngaqhubeka nezifundo zami zeBhayibheli futhi ngaqala ukuba khona njalo emihlanganweni yeBandla laseCovington eKent, eWashington. Umsebenzi wokushumayela wafeza indima eyayikhula njalo ekuphileni kwami, futhi ngo-June 1972, ngabhapathizwa. Ngangizama ukulondoloza ukulinganisela ezindabeni zokuziphilisa kuyilapho ngesikhathi esifanayo ngikhonza uNkulunkulu futhi ngifundisa indodakazi yami iBhayibheli. Manje yayisineminyaka ecishe ibe mithathu ubudala futhi ihlala nonina, umkami wangaphambili. Kwaba inselele yangempela eyahlala iminyaka engu-16 emide nekhungathekisayo. Kumelwe ngivume ukuthi zazikhona izikhathi lapho nganginomuzwa wokuthi izinto zazingasheshi ngokwanele ukuze zingifanele. Khona-ke ngangikhumbula isikhuthazo esingokomBhalo: “Uma kungenzeka, ngokwenu hlalisanani ngokuthula nabantu bonke; . . . Ngokwami ukuphindisela, ngiyakubuyisela mina, isho iNkosi.”—Roma 12:18, 19.
Kaningi ebusuku ngangikhala futhi ngithandaza. Isimo sami kuleloqophelo sasifana kakhulu nesimo sezulu sangempela sasendaweni yePuget Sound, esiguqubele nesifiphele nesinokubalela ngezikhathi ezithile. “Ukubalela” kimi kwakuba imisebenzi engokwasezulwini, njengemihlangano yebandla nemihlangano emikhulu lapho umuntu angaphemba khona ubungane obusha futhi avuselele obudala. Komunye umhlangano omkhulu onjalo, ngahlangana nothile owayeyoshiya ithonya elihlala njalo kimi, futhi ngemva kweminyaka emibili yokwazana, mina noMary Hughes sashada ngoAugust 1974.
NgoJuly wangonyaka olandelayo, sathola indodana esayetha ngelithi Trey (elisuselwa kuTom III). Ngangazi ukuthi kulomshado, uNkulunkulu wayeyohlala eza kuqala, ikakhulukazi njengoba ngangisanda kumiswa njengenceku ekhonzayo ebandleni lobuKristu. Ngenxa yalelilungelo, ngaqaphela ukuthi umnyango omusha wethuba wawungivulekele enkonzweni kaJehova. Ngazimisela ukuwusebenzisa ngokugcwele futhi ngiqhubeke ngimkhonza. Ngazikhandla, ngincika ngaso sonke isikhathi kuNkulunkulu ukuba angifundise indlela yokukhula ngokomoya. Lapho ngicelwa ukuba ngisingathe isabelo, ngangisamukela, ngithembela kuye ukuba angiphe ukuhlakanipha engikudingayo. Khona-ke, ngo-1987, ngamiswa njengomdala.
Ngiye ngafunda eminyakeni edlule ukuthi ukwenza izinto ngendlela kaJehova kuhlala kuyinkambo yokuhlakanipha edlula zonke. Ungaphelelwa isineke. Lokhu kwagcizeleleka ngokwengeziwe kimi, lapho entwasahlobo ka-1990, indodakazi yami uRhonda, eyayisineminyaka engu-20 ubudala ngalesosikhathi, ifika ekhaya izohlala nathi futhi iba uFakazi obhapathiziwe. Ngaphinda futhi ngakhumbula indlela iqiniso elinamandla ngayo. Ngenxa yezizathu ezingokomthetho zokuwinwa kwabantwana, ngangingazange ngithintane naye eminyakeni eyisishiyagalombili edlule. UJehova wayibusisa imizamo yami engangiyenze eminyakeni eminingi edlule lapho ngitshala imbewu yeqiniso leBhayibheli endodakazini yami phakathi nokuvakasha okufushane okunikezwa izinkantolo.
URhonda wabonakala ekukhumbula konke mina noMary esasimfundise khona ngeBhayibheli. Futhi yeka ithonya ukuphila kwethu komkhaya okuye kwaba nalo kuye! Kusukela ngalolosuku lwangentwasahlobo, uRhonda uye wathuthuka ngokushesha olwazini lweBhayibheli.
Lapho ngibheka emuva kulokho ukuphila kwami okwakuyikho bese ngibheka lokho okuyikho manje, kumelwe ngisho ukuthi ukuzigcina ngimatasa ekukhonzeni uNkulunkulu ngempela kuyisivikelo esingcono kakhulu ezingibeni zikaSathane. Esikhundleni salelobhande lesikhumba elibophayo engangilizonda kakhulu, manje nginenkululeko enkulu, ukukhululeka ekuboshweni kuya enkululekweni yokuba isikhonzi sikaNkulunkulu esithuthukisa ukuthula.—Njengoba ilandiswa uTom McDaniel.
[Isithombe ekhasini 12]
Lapho ngiyisiboshwa u-626023 esikhungweni sokuqondisa izigwegwe sase-Washington State
[Isithombe ekhasini 13]
Umkhaya wakwaMcDaniel—uMary, uTom, indodakazi uRhonda, nendodana uTrey