Ingabe Ukuphindukuzalwa Kuyisihluthulelo Sezimfihlakalo Zokuphila?
Wake waphila ngaphambili?
Ingabe uyophinde uphile ukuphila okuthile ngemva kokufa?
Lemibuzo ingase ikukhumbuze imfundiso yokuphindukuzalwa.
I-New Encyclopædia Britannica ichaza “ukuphindukuzalwa” ngalendlela: “Inkolelo yokuzalwa kabusha komphefumulo ekuphileni okukodwa noma ngaphezulu okulandelanayo, okungase kube umuntu, isilwane, noma, kwezinye izimo, isitshalo.”
Ukuphindukuzalwa kunengxenye ebalulekile ezinkolweni zaseMpumalanga, ikakhulukazi ezasungulwa eNdiya, njengobuBuddha, ubuHindu, ubuJain, nobuSikh. Ngokwesibonelo, phakathi kwamaHindu aseNdiya, ukuphila kubhekwa njengomjikelezo oqhubekayo wokufa nokuzalwa kabusha.
Nokho, ezikhathini zamuva nje, umbono wokuphindukuzalwa uye wakhanga abaningi abaphila eNtshonalanga neNkabazwe, kuhlanganise nentsha eningi. Ngokomlobeli othile wephephandaba owabhala kuyi-Sunday Star yaseCanada, imbangela yalesithakazelo esikhulu “umphumela wethonya lemibono engokwenkolo yaseMpumalanga emphakathini wethu waseNtshonalanga, elaqala ngawo-1960.”
Enye imbangela yesithakazelo emfundisweni yokuphindukuzalwa ukuthi osaziwayo abathile baye baveza imibono yabo futhi bagomela ukuthi baye baphila ngaphambili kanye noma ngaphezulu. Futhi, umsakazo, i-TV, omagazini, neminye imithombo yezindaba kuye kwabonisa isithakazelo emfundisweni yokuphindukuzalwa, njengoba kuye kwenza abantu abahlukahlukene abangochwepheshe njengodokotela nothisha.
Konke lokhu kuye kwavusa ilukuluku elikhulu lokufuna ukwazi. Ngakho, ngokokunye ukuhlola, cishe ingxenye yesine yabantu baseCanada nase-United States iye yavuma ukuthi iyakwamukela ngandlela-thile ukuphindukuzalwa.
Imibiko Yokuphila Kwangaphambili
Umdlali wamabhayisikobho uShirley MacLaine lapho exoxa noPhyllis Battelle kuyi-Ladies’ Home Journal wathi uye wathatha “uhambo” kaningana esikhathini esidlule. Wathi: “Ngikhumbula ukuphila kwami okuningi kwangesikhathi esidlule—ngezinye izikhathi ngangiyindoda, ngezinye ngingowesifazane.”
Encwadini ethi Coming Back, uDkt. Raymond Moody wachaza ukuhlola akwenza kubafundi bakhe nakwabanye. Uthi ngokulutha ingqondo wabaphindisela emuva esikhathini sangaphambi kokuzalwa kwabo, futhi bathi baba nezinkumbulo zokuphila kwangaphambili. Omunye wathi wayeke waphila njenge-Eskimo emphakathini wama-Eskimo. Omunye wagomela ngokuthi wayeke waphila phakathi ‘nenkathi yamatshe,’ eminyakeni eyizinkulungwane eziningi edlule.
UDkt. Moody ngokwakhe wathi wayeke waphila izikhathi eziyisishiyagalolunye ngaphambili. Lokhu kwakuhlukahluka kusukela ekuphileni emahlathini njengohlobo oluthile “lomuntu wasendulo” kuya ekuphileni ezinsukwini zoMbuso WamaRoma, lapho, ngokusho kwakhe, wahlaselwa ibhubesi lambulala enkundleni yemidlalo yaseshashalazini.
Ukulutha ingqondo ukuze kuphindiselwe abantu abafuna ukwazi esikhathini esicatshangelwayo sangaphambi kokuzalwa kwabo kuye kwachazwa futhi njengokuyinzuzo kwabanye. Odokotela baye bakusebenzisa ekwelapheni ukuphazamiseka ngokomzwelo. Kuthiwa kuye kwaqedwa ukwesaba okuyimfihlo ngokuthungatha inkinga kusukela emuva esenzakalweni esithile sokuphila kwangaphambili. Uyiqiniso kangakanani lombono?
Ukulandisa Okuhlangenwe Nakho Kwasethunzini Lokufa
Okuhlangenwe nakho kwasethunzini lokufa okulandiswa abanye abantu kuye kwenza ukuba uthandeke umbono wokuphindukuzalwa. Encwadini ethi Life After Life, uDkt. Moody ubika ngalokho akuthola ngokuhlangenwe nakho kwasethunzini lokufa kwabantu abangaba ngu-50.
Nakuba okuhlangenwe nakho kwabo kuye kwahlukahluka, uMoody ucabanga ukuthi kunokuthambekela okukodwa. Labantu baba nomuzwa wokuthi bahamba emhubheni omude, omnyama. Bazizwa sengathi babehlukanisiwe nemizimba yabo, bentaza ngokukhululekile. Bazizwa sengathi babehamba ngesivinini esikhulu benyuka kulomhubhe besondela ekukhanyeni okukhulu, futhi ekugcineni kwalomhubhe, babona amalungu emikhaya yabo afa kudala. Ekugcineni, baphaphama besemizimbeni yabo. Nokho, akubona bonke abaye badlula kulezigaba.
Kuthiwa lokhu okuhlangenwe nakho kuye kwaba nethonya elihle kulabo ababa nakho. Uma kunjalo, bekufanele kubasize ukuba bangakwesabi ukufa futhi kubanikeze ithemba lokuthi ukuphila kunenjongo. Kodwa akubanga njalo ngaso sonke isikhathi. Abaningi basakwesaba ukufa futhi abanalo ithemba lokuthi ukuphila kunenjongo yangempela.
Abakholelwa emfundisweni yokuphindukuzalwa bathi kokuhlangenwe nakho okunjalo bathola isisekelo sombono wokuthi umphefumulo womuntu uzalwa kabusha ekuphileni okuhlukene. Kodwa ingabe lemfundiso ingathenjelwa? Ingabe ukuphindukuzalwa kuyasinikeza ngempela isihluthulelo sezimfihlakalo zokuphila? Singazithola yini izimpendulo zalemibuzo, Wake waphila ngaphambili? Ingabe uyophinde uphile? Ingabe abantu banomphefumulo oshiya umzimba lapho befa? Lemibuzo izodingidwa ezihlokweni ezilandelayo.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 4]
Ukuphindu-kuzalwa kuyisisekelo sezinkolo zase-Mpumalanga
[Isithombe ekhasini 4]
Isondo lokuphila lamaHindu