Ingabe IBhayibheli Liyakufundisa Ukuphindukuzalwa?
Impendulo yeBhayibheli
Cha, alikufundisi. Igama elithi “ukuphindukuzalwa” ngisho nomqondo walo akuveli eBhayibhelini. Inkolelo yokuphindukuzalwa isekelwe emfundisweni yokungafi komphefumulo.a Nokho, iBhayibheli lifundisa ukuthi umphefumulo ungumuntu ewonke nokuthi uyafa. (Genesise 2:7; Hezekeli 18:4) Lapho umuntu efa, akabe esaba khona.—Genesise 3:19; UmShumayeli 9:5, 6.
Uyini umehluko phakathi kokuphindukuzalwa novuko?
Imfundiso yeBhayibheli yovuko ayisekelwe ekungafini komphefumulo. Ovukweni, abantu asebafa bayophinde baphile ngamandla kaNkulunkulu. (Mathewu 22:23, 29; IzEnzo 24:15) Uvuko lunikeza ithemba langempela lokubuyela emhlabeni omusha unethuba lokungaphinde ufe.—2 Petru 3:13; IsAmbulo 21:3, 4.
Imibono eyiphutha mayelana nokuphindukuzalwa neBhayibheli
Umbono oyiphutha: IBhayibheli lithi umprofethi u-Eliya waphinde wazalwa esenguJohane uMbhapathizi.
Iqiniso: UNkulunkulu wabikezela: “Ngithumela kini u-Eliya umprofethi,” futhi uJesu wabonisa ukuthi uJohane uMbhapathizi wasigcwalisa lesi siprofetho. (Malaki 4:5, 6; Mathewu 11:13, 14) Nokho, lokhu akusho ukuthi u-Eliya waphinde wazalwa esenguJohane uMbhapathizi. UJohane ngokwakhe wathi akayena u-Eliya. (Johane 1:21) Kunalokho, uJohane wayenza umsebenzi onjengoka-Eliya, ememezela umyalezo kaNkulunkulu wokuphenduka. (1 AmaKhosi 18:36, 37; Mathewu 3:1) Futhi uJohane wazibonakalisa “enamandla njengomprofethi u-Eliya.”—Luka 1:13-17, Good News Translation.
Umbono oyiphutha: IBhayibheli libhekisela emfundisweni yokuphindukuzalwa ngokuthi “ukuzalwa okusha.”
Iqiniso: IBhayibheli libonisa ukuthi ukuzalwa okusha kungokomoya futhi kwenzeka umuntu esaphila. (Johane 1:12, 13) Lokhu kuzalwa akuwona umphumela ongenakugwenywa wezenzo zangesikhathi esidlule, kodwa kuyisibusiso esivela kuNkulunkulu, esinika labo abasitholayo ithemba elihlukile lekusasa.—Johane 3:3; 1 Petru 1:3, 4.
a Inkolelo yokungafi komphefumulo neyokuphindukuzalwa isuka eBhabhiloni lasendulo. Kamuva, izazi zaseNdiya zefilosofi zasungula imfundiso yeKarma. Ngokwe-Britannica Encyclopedia of World Religions, iKarma “umthetho wembangela nomphumela, othi lokho umuntu akwenza ekuphileni kwamanje kuyoba nomphumela ekuphileni okuzayo.”—Ikhasi 913.