Intsha Iyabuza . . .
Ngingayeka Kanjani Ukuthanda Othile?
“NGINEMINYAKA engu-20 ubudala futhi nginguFakazi KaJehova obhapathiziwe. Kodwa ngaqala ukuphola [nongakholwa] oneminyaka engu-28. Ngangimthanda, futhi ngikholelwa ukuthi naye wayengithanda. Abazali bami babengazi lutho ngakho, ngoba ngangazi ukuthi babengenakukuvumela. Lapho bethola, baphatheka kabuhlungu futhi bashaqeka. Babengaqondi ukuthi ngangingahileleka kanjani ngokomzwelo nomuntu wezwe.”
Wabhala kanjalo omunye wesifazane osemusha ongumKristu esizombiza ngokuthi uMonique.a Ngokudabukisayo, iningi labantu abasha liye lazithola lisesimweni esifanayo—lithathekile noma lihileleke kwezothando nomuntu ongakholwa, umuntu ongenazo izinkolelo zobuKristu nezimiso zokuziphatha ezinjengezabo. Isihloko esandulelayo kuloluchungechunge (I-Phaphama! ka-May 22, 1994) sabonisa ukuthi ubuhlobo obunjalo akukhona nje ukuthi abumthokozisi uNkulunkulu kodwa futhi buwusongo olungathi sína enjabulweni nasenhlalakahleni yomuntu. URuth osemusha waliqaphela leliqiniso. “Ngasondelana kakhulu nomfana owayengakholwa,” uyavuma. “Nokho, ngaqaphela ukuthi uma ngizoba nanoma ibuphi ubuhlobo noJehova, kwakuzomelwe ngibunqamule ubuhlobo bami na-ye.”
Uma ungumKristu, cishe ungawacaphuna amazwi eBhayibheli akuJakobe 4:4: “Anazi yini ukuthi ukuthanda izwe kungubutha kuNkulunkulu na? Ngakho lowo othanda ukuba-ngumhlobo wezwe‚ umi eyisitha sikaNkulunkulu.” Kodwa uma uhileleke ngokomzwelo nomuntu ongakholwa, kungase kungabi lula ukusebenzisa lamazwi. Empeleni, umqondo wokubunqamula ubuhlobo ungase ube nzima kuwe. Ungase uzizwe uhlukene phakathi ngempela. ‘Ngingayeka kanjani ukuthanda othile?’ ungase ubuze.
Umphostoli uPawulu wake wathi: “Ngokuba ngiwenamela umthetho kaNkulunkulu ngokomuntu ongaphakathi‚ kepha ngibona omunye umthetho ezithweni zami olwayo nomthetho wengqondo yami‚ ungithumbela emthethweni wesono osezithweni zami. Wo mina-muntu wosizi.” (Roma 7:22-24) NjengoPawulu, kungenzeka ukuthi ulwa nemizwa yakho. Nokho, iningi lentsha engamaKristu liye layinqoba lempi, futhi kunjengokungathi ‘lihlwithwe emlilweni.’ (Qhathanisa noJuda 23.) Kanjani? Ngokunqamula ubuhlobo obulimazayo ngaphambi kokuba kwenzeke umonakalo ongenakulungiseka.
Ukuthola Usizo
Ngokwesibonelo, uMark waba nalokho akubiza ngokuthi “ukuthatheka okungathi sína” ngomuntu ongakholwa lapho eneminyaka engu-14 ubudala. Esikhundleni sokufuna usizo, wazama ukugcina imizwa yakhe iyimfihlo. Kodwa imizwa yakhe ngentombazane yamane yakhula kakhulu. Ngokushesha wayeseyishayela izingcingo ngasese. Lapho nayo iqala ukumshayela ucingo, akuzange kuthathe sikhathi ukuba abazali bakhe babone ukuthi kuqhubekani.
Ungalenzi nawe lelophutha lokuzama ukuzixazululela lenkinga uwedwa. IzAga 28:26 zithi: “Owethemba enhliziyweni yakhe uyisiwula. Kepha ohamba ngokuhlakanipha uyakhululwa.” Empeleni, okokuqala nje ubungaba kulesisimo uma ukwahlulela kwakho bekungaphazamisekile? Ngezinye izikhathi imizwelo yethu iyayinqoba indlela esicabanga ngayo, futhi sidinga usizo lothile onengqondo ehluzeke kakhudlwana nonezisusa ezinhle. Abazali bakho cishe basesimweni esingcono kakhulu sokukusiza, ikakhulukazi uma besaba uNkulunkulu. Ngokunokwenzeka, bakwazi kangcono ukudlula noma ubani omunye. Nabo bake baba basha futhi bangasizwa ukuba baqonde ukuthi ubhekene nani. KuzAga 23:26, umlobi weBhayibheli uSolomoni uyanxusa: “Ndodana yami, ngiphe inhliziyo yakho, amehlo akho enamele izindlela zami.” Kungani ungabaniki inhliziyo yakho abazali bakho, ubazise ukuthi udinga usizo?
UJim osemusha wenza yona kanye leyonto. Wayethatheke kakhulu ngenye intombazane esikoleni. Wathi: “Ekugcineni ngacela usizo kubazali bami. Lokho kwaba isihluthulelo sokunqoba lemizwa. Bangisiza kakhulu.” Ngokuthola ukusekela kothando kwabazali bakhe, uJim wanikeza lesiseluleko: “Ngicabanga ukuthi amanye amaKristu asemasha akufanele angabaze ukukhuluma nabazali bawo. Xoxa nabo. Bazokuqonda.”
Omunye osemusha okuthiwa u-Andrew owayesesimweni esifanayo, wathola usizo komunye umkhakha. Ngokuqondene nokuya kwakhe emhlanganweni wesifunda woFakazi BakaJehova endaweni yakubo, uthi: “Ngathintwa enye yezinkulumo. Umbonisi wesifunda wanikeza iseluleko esinamandla mayelana nokwakha ubuhlobo namalungu obulili obuhlukile angewona amaKristu. Ngavele ngaqonda ukuthi kwakumelwe ngilungise ukucabanga kwami.” Ngakho wenzani? Waqale wakhuluma nonina, ongumzali ongayedwa, futhi wazuza eselulekweni sakhe. Wabe eseya komunye umdala ebandleni lakubo loFakazi BakaJehova, owakwazi ukumnikeza usizo oluqhubekayo. Abadala bebandla bangaba “yindawo yokucashela umoya nesivikelo esivunguvungwini” kulabo abacindezelekile. (Isaya 32:2) Kungani ungayi komunye wabo, umazise lokho okukukhathazayo?
Ukugqashula Ngokuphelele
Lapho abazali bakaMark bebuthola ubuhlobo bakhe obuyimfihlo, bathatha isinyathelo esisheshayo. “Bangitshela ngokuqondile ukuba ngibunqamule ubuhlobo,” kusho uMark. “Ngaqale ngaba nenkani. Saphendulana ngokuklabalasa, futhi ngazivalela ekamelweni lami. Kodwa ngokushesha ingqondo yabuya, ngaqaphela ukuthi mina nalentombazane sasinemigomo engafani. Kwakungeke kulunge.” Yebo, ukuzindla ngesimo esingokoqobo kungasiza ekudambiseni imizwa yakho. Zibuze: ‘Lomuntu unayo yini imi-gomo efana neyami, izinkolelo enginazo nezindinganiso zokuziphatha? Uma besingashada, lomuntu ubengayisekela yini imizamo yami yokukhonza uNkulunkulu? Ingabe lomuntu unentshiseko efana neyami ngezinto ezingokomoya? Ngempela, kungaba khona yini ukuvumelana ebuhlotsheni obunjalo?’—Qhathanisa neyesi-2 Korinte 6:14-18.
Nokho, ukugqashula ngokuphelele ngeke kube lula. UMonique, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, uyavuma: “Ngazama kabili ukubunqamula ubuhlobo kodwa ngehluleka. Ngangingafuni ukumyeka ngokuphelele. Ngazama ukufakaza kuye, nginethemba lokuthi uzomukela uJehova. Wake weza kanye komunye umhlangano wangeSonto. Kodwa wayengenaso isithakazelo sangempela kuJehova. Ngaqaphela ukuthi inkambo efanelekile kwakuwukumyeka ngokuphelele.”
Lokhu kusikhumbuza amazwi kaJesu kuMathewu 5:30. Lapho wakhuluma ngezinto ezingathiya ukungena komuntu eMbusweni kaNkulunkulu—izinto ezingase zibe yigugu njengesandla sangakwesokudla. Noma kunjalo, uJesu uyaluleka: “Sinqume; usilahle; ngokuba kungcono kuwe ukuba kubhubhe sibesinye ezithweni zakho kunokuba wonke umzimba wakho uphonswe [eGehena, NW (isibonakaliso sokubhujiswa kwaphakade)].” Ngokuvumelana nalesisimiso, yiya ngesibindi kulowomuntu othandana naye ‘ukhulume iqiniso.’ (Efesu 4:25) Endaweni enabantu—hhayi ninodwa esimweni esivusa inkanuko—mtshele ngokungagwegwesi ukuthi ubuhlobo buphelile. USheila osemusha uyakhumbula: “Mina okwangisiza kwaba ukuthatha isinyathelo esiwujuqu. Asibange sisadla ndawonye. Asibange sisabonana phakathi nezikhathi zokutadisha. Ngakwenza kwakhanya ukuma kwami kuye.” Enye intombazane engumKristu okuthiwa uPam nayo yayizimisele ngokufanayo: “Ekugcineni ngamtshela ukuthi angiyeke phansi, futhi ngavele ngamgwema.”
Ukunqoba Ubuhlungu
Ngemva kokwehlukana okunjalo, ungase uzizwe njengomhubi owathi: “Ngithotshisiwe kakhulu; usuku lonke ngihamba ngilila.” (IHubo 38:6) Kungokwemvelo ukudlula enkathini ethile yosizi. IBhayibheli liyavuma ukuthi kukhona “isikhathi sokukhala.” (UmShumayeli 3:4) Kodwa akudingeki ube nosizi kuze kube phakade. Lobobuhlungu buzodlula ngokuhamba kwesikhathi. “Yebo,” kuvuma uMark, “ngedlula esikhathini sosizi. Abazali bami bakuqaphela lokho base bandisa ubungane bami nenye intsha engamaKristu. Lokhu kwaba usizo kakhulu.” U-Andrew, naye owazizwa ecindezelekile ngemva kokwehlukana kwakhe nayethandana naye, uthi: “Abadala basiza. Futhi ngahileleka ngokwengeziwe emsebenzini wokushumayela futhi ngasondelana nabanye abafowethu abangamaKristu enganginobuhlobo obuhle nabo.” Yebo, yiba matasa emisebenzini engokomoya. (1 Korinte 15:58) Ukunyakazisa umzimba okuthile noma ukuvivinya umzimba nakho kungasiza. Gwema ukuzehlukanisa. (IzAga 18:1) Gcina ingqondo yakho isezintweni ezijabulisayo nezakhayo.—Filipi 4:8.
Khumbula futhi ukuthi uJehova uyojabula ngokuma kwakho kwesibindi. Zizwe ukhululekile ukuya kuye ngomthandazo ukuze akusize futhi akusekele. (IHubo 55:22; 65:2) “Ngathandaza kaningi,” kukhumbula uSheila. Cha, akulula ukunqamula ubuhlobo obuyingozi. USheila uyavuma: “Nakuba sekudlulile, ngezinye izikhathi ngike ngicabange ngaye ngizibuze ukuthi wenzani. Kodwa unamathela esinqumweni sakho, wazi ukuthi uthokozisa uJehova.”
[Umbhalo waphansi]
a Amagama ashintshiwe.
[Isithombe ekhasini 18]
Mtshele ngokungagwegwesi lowomuntu ukuthi ubuhlobo buphelile