Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Usizi Ngibonga ngiyanconcoza ngesihloko esithi “Umbono WeBhayibheli: Usizo Osizini Lwakho.” (March 8, 1994) Umyeni wami, obengumdala ebandleni lobuKristu, usanda kushona engozini yemoto. Angikwazi ukuchaza indlela mina nabantwana bethu abathathu esiye salahlekelwa ngayo. Yeka indlela okuyisibusiso ngayo ukufunda lesisihloko nokubona ukuthi indlela esizizwa ngayo ingokwemvelo!
N. S., United States
Umama washona eminyakeni emithathu edlule, kanti ubaba washona ezinyangeni ezintathu ezidlule. Nakuba ithemba lovuko liqinisekile, ukwehlukana okubangelwa ukufa kusebuhlungu. Isihloko senu siye sangishukumisela ukuba ngigxilise ingqondo ethembeni loMbuso kunanini ngaphambili futhi ngiqhubeke ngikhonza uNkulunkulu ngokwethembeka.
K. S., Japan
Ngenyanga edlule ngashonelwa ubaba. Ngiyehluleka ukuchaza indlela engisozini ngayo njengendodakazi yakhe. Isihloko senu safika ngesikhathi ngempela futhi siye sangisiza ukuba ngingadangali, naphezu kobuhlungu engibuzwayo.
A. P. L., Brazil
Opopayi Ngifisa ukunibonga ngesihloko esithi “Ingabe Opopayi Be-TV Abanobudlova Bayalimaza?” (December 8, 1993) Ngineminyaka eyisishiyagalombili ubudala futhi ngangivame ukubabuka labopopayi. Kodwa lapho ngifunda umagazini wenu, ngaqaphela ukuthi abalungile labopopayi, futhi manje angisababuki.
L. T., Italy
Inkathi Entsha Ngisanda kuqeda ukufunda i-Phaphama! ka-March 8, 1994, ethi “INkathi Entsha—Ingabe Iyofika?” Ekupheleni kwawo-1960 nasekuqaleni kwawo-1970 ngangihileleke emaqenjini ahileleka enqubweni yokuzindla, ekuzithuthukiseni, nasemkhakheni wokuchaza ukuziphatha komuntu ngokusebenzisa ingqondo. Ngangifuna okuthile kodwa angikutholanga. Khona-ke umkami wahlangana noFakazi BakaJehova, futhi ngahlala phansi ngalalela esifundweni esasiqhutshwa naye. Ngangilitholile iqiniso! Ngabhapathizwa futhi manje nginelungelo lokukhonza njengesithunywa sevangeli lapha eGhana. Ngiyabonga ngalomagazini. Kunabanye abaningi nabo abafuna okuthile.
D. D., Ghana
Nakuba umzabalazo weNkathi Entsha uyindaba ebanzi, nazidingida ngamafuphi izici zayo ngendlela ethakazelisayo! Ngayijabulela indlela enaziveza ngayo lezozinto ezihlangene nomzabalazo weNkathi Entsha ezingashayisani nemibhalo ngokwazo, njengempilo, umculo, nokukhathalela indawo ezungezile. Loluchungechunge lwalubucayi, kodwa aluyekanga ukutshela abantu amaqiniso okudingeka bawezwe. Udadewethu unesithakazelo kumafilosofi eNkathi Entsha, futhi ngizomthumelela ikhophi yalomagazini.
R. H., United States
Ukufudumala Kwembulunga Yonke Ngibhala ngokuphathelene nebhokisi elithi “Ukufudumala Kwembulunga Yonke Nomalaleveva,” elavela ochungechungeni oluthi “Izwe Elingenazo Izifo—Ingabe Lingaba Khona?” (December 8, 1993) Ngingusosayensi osebenza emkhakheni wesayensi yezinto eziphilayo nendawo ezungezile, futhi sekuba nzima ngokwandayo ukubhekana ngesibindi nempikiswano yokufudumala kwembulunga yonke. Kuyiqiniso ukuthi izinga lokushisa elandayo kungalindeleka ukuba libe nomphumela othile emphakathini wonke wezilwane. Kodwa ukuthi ukufudumala kwembulunga yonke kukhona noma cha, kunzima ngempela ukuqiniseka ngakho. Ukucwaninga okuye kwenziwa kunesisekelo sokulinganisela esintenga kakhulu. Abanye ososayensi bakholelwa ngisho nokuthi ukwandisa amazinga esikhutha emkhathini eqinisweni kuyopholisa ubuso bomhlaba!
K. O., England
Inkolelo yokufudumala kwembulunga yonke yachazwa kabanzi kumagazini wethu wesiNgisi ka-September 8, 1989, futhi kuyiqiniso ukuthi iyimpikiswano ngandlela-thile. Ngakho-ke isihlokwana sethu sasingasekeli lenkolelo kodwa sasiyisixwayiso esinengqondo salokho okungenzeka uma kukhona ngempela ukufudumala kwembulunga yonke.—ED.