Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g94 9/22 k. 20-k. 21 isig. 6
  • Ukugcwaliseka Kwephupho Elibalulekile!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukugcwaliseka Kwephupho Elibalulekile!
  • I-Phaphama!—1994
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imishini Yokunyathelisa Entanta Emoyeni!
  • Ukusabela Kwenjabulo Ngomagazini Bombala Ophelele
  • Ukukhiqiza Izincwadi ZeBhayibheli Zokusetshenziswa Enkonzweni
    OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu
  • Ukunakekela OkungokweNkosi
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
  • Isibonakaliso Sothando, Ukholo Nokulalela
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • Umlando Ka-ayisikhilimu
    I-Phaphama!—1994
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1994
g94 9/22 k. 20-k. 21 isig. 6

Ukugcwaliseka Kwephupho Elibalulekile!

NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! ENIGERIA

OFAKAZI abangaphezu kuka-500 babebuthene ekudleni kwasemini eKhaya laseBethel yaseNigeria ngo-February 9, 1994, lapho oweta beletha uphudingi ka-ayisikhilimu. Abanye bazibuza: “Yini ekhethekile? Akuwona nje u-ayisikhilimu, kodwa izinhlobo ezihlukahlukene—owe-vanilla, okashokoledi, owamajikijolo, nowe-pistachio!”

Owayengamele esidlweni wamemezela: “U-ayisikhilimu onemibala emine! Unokubaluleka okukhethekile. Owokugubha ukushintshela kwethu ekunyatheliseni ngemibala emine [ngombala ophelele]!”

Ukuhlokoma kwehlombe okwalandela kwakungekhona nje okokubonga u-ayisikhilimu endaweni yokudlela. Kwakungokokwazisa imishini emisha yokunyathelisa efekthri eyayisiqalile kakade ukukhiqiza omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! ngombala ophelele. Manje kwase kunyatheliswa ngombala ophelele emhlabeni wonke. INigeria kwakuyigatsha lokugcina phakathi kwamagatsha amakhulu anyathelisayo elashintshelwa ekunyatheliseni ngombala ophelele—umkhankaso owaqala phakathi nawo-1980. Kusukela kumagazini INqabayokulinda ka-March 15, 1994, ukunyathelisa ngemibala emibili kwakungeke kusenziwa eNigeria.

Imishini emisha emibili yokunyathelisa iKoenig and Bauer Rapida 104 yayivela egatsheni laseNetherlands. Lemishini yafika nezinye izinto zokunyathelisa: i-plate scanner, umshini wokusonga, owokuhlanganisa izincwadi, owokuncwela, nowokusika amaphepha okunyathelisa. Sekukonke, kwaba impahla engamathani angu-130.

Imishini Yokunyathelisa Entanta Emoyeni!

Isinqumo sokuthumela lemishini saphakamisa inkinga yokuthi izothuthwa kanjani. Imishini engamathani angu-35 ayingeni epotimendeni! UBernd Sauerbier, owahlela ukuthuthwa kwayo kusuka eNetherlands, wathi: “Kwadingeka ukuba sicabange ngendlela engcono kakhulu yokuthutha lemishini ukuze ingalimali.”

Ngokuvamile imishini enjena ithuthwa ngamabhokisi okhuni amakhulu. Nokho, abazalwane baba nomuzwa wokuthi ukhuni lungase lungaqini ngokwanele ukuba lungamelana nohambo lwasolwandle kanye nokuthwalwa nokwehliswa kwezimpahla endleleni. Enye indlela engabizi nelondeke kakhudlwana kwakungaba ukuyithumela ngamabhokisi ensimbi okuthutha angamamitha angu-12 ubude. Kodwa uyifaka futhi uyikhiphe kanjani imishini emikhulu kangaka emabhokisini? UMzalwan’ uSauerbier wathi: “Lokhu kwakuyinselele ngoba sasingakaze sifake imishini yokunyathelisa emabhokisini. Ngisho nenkampani eyenza lemishini yayingakwazi ukuyithutha ngalendlela.”

Ikhambi lalihlanganisa ukusetshenziswa kwemicamelo yomoya, eyaziwa nangokuthi ama-air-filled module. Lemicamelo yomoya ayibukeki, kodwa yenza umsebenzi omkhulu. Iyizinto eziyisicaba ezenziwe nge-aluminum nenjoloba, ezithanda ukuba nkudlwana futhi ziyasinda kunesikhwama sezincwadi. Zimpontshwa umoya onomfutho ngaphakathi. Lokhu kuphakamisa lemicamelo kancane kanye nanoma yini ebekwe phezu kwayo.

Ngalendlela, ngisho nezingxenye zomshini wokunyathelisa ezinesisindo samathani amaningi zingabekwa phezu komcamelo omncane onomoya. Zintanta emoyeni! Lapho ingxenye yomshini isiphakanyisiwe, kulula ukuyisunduzela nomaphi lapho ufuna khona.

LaboFakazi bendlala amabhodi aqinile kulamabhokisi ukuze ashelele ngokwanele ukuba kusetshenziswe imicamelo yomoya ngaphakathi kwawo. Kwadingeka ukuba baqikelele nokuthi iphansi lebhokisi ngalinye laliyisicaba ngokuphelele. Lapho lemishini isifakiwe emabhokisini, abazalwane bafaka izinsimbi emaceleni naphezulu ebhokisini ngalinye ukuze umthwalo uvikeleke ngokwengeziwe. Kwathatha amasonto amabili ngo-August 1993 ukufaka zonke lezizingxenye emabhokisini.

Ngo-December 29, 1993, ngo-6:00 kusihlwa, amabhokisi okuqala amahlanu afika esakhiweni saseBethel eNigeria. Abazalwane babelindile, bezimisele futhi belungele ukuqala umsebenzi onzima wokwehlisa. Basebenza ubusuku bonke kwaze kwasa. Njengoba lemishini yayipakishwe phezu kwemicamelo yomoya, izisebenzi zampompela umoya onomfutho, futhi imishini yakhishwa emabhokisini, kuthathwa ingxenye ngayinye. Khona-ke imishini efukula izimpahla ezisindayo yabeka ingxenye ngayinye esiteji esakhiwe ngokukhethekile emnyango wefekthri. Kwaphinde kwasetshenziswa imicamelo yomoya, futhi njengoba izihlwele ezijabulile zazibukele, lemishini yasunduzelwa endaweni eyayizosebenzela kuyo.

Ukusabela Kwenjabulo Ngomagazini Bombala Ophelele

Ngo-7:45 kusihlwa, ngo-February 3, 1994, lemishini yakhiqiza INqabayokulinda yokuqala yesiNgisi yombala ophelele enyatheliswe eNigeria. Ngokushesha lemishini yayisinyathelisa nomagazini besiYoruba, isi-Igbo, isi-Efik, nesiFulentshi.

Njengoba abahlala eBethel babethola amakhophi okuqala, basabela kanjani? Omunye wababaza: “Ngachichima injabulo! Wawukhanga ukwedlula noma iyiphi enye incwadi ekhiqizwa kulelizwe.”

Omunye wathi: “Ngokushesha nje lapho betholakala, ngathola amakhophi angu-20, engawathumela emkhayeni wakithi nakubangane. Ngibheke phambili ekubasebenziseni ensimini.”

Omunye futhi, lapho ebuzwa ukuthi uzizwa kanjani ngalabomagazini bombala ophelele, waphendula: “Bayababazeka! Lobu ngobunye ubufakazi bokuthi uJehova ubakhathalela bonke abantu emhlabeni wonke!”

Ngakho njengoba izisebenzi zaseBethel zazijabulela u-ayisikhilimu wazo onombala ophelele, zazicabanga ngomagazini abanombala ophelele. Njengoba omunye asho, ‘kwakuwukugcwaliseka kwephupho elibalulekile.’

[Izithombe ekhasini 21]

Izingxenye zomshini wokunyathelisa ezinesisindo samathani amaningi zabekwa phezu komcamelo omncane onomoya

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela