Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Ingozi Yokushayela Ukufunda indaba ethi “Ukukhathala Lapho Ushayela?” (“Ukubuka Okwezwe,” February 22, 1994) kwangikhumbuza isikhathi lapho ngisengumshayeli wamaloli eminyakeni engu-20 edlule. Ngalala ngishayela lapho ngiphindela ekhaya ngemva kosuku olude. Ngokungazelele, ngavuswa isikhisi esikhulu, futhi ngethuka lapho ngithola ukuthi ngangishayela ohlangothini olungafanele lomgwaqo. Ngangishayise unqenqema lomgwaqo, kodwa kwakungekho zimoto noma abantu abahamba ngezinyawo. Ngaphuma ngingenamyocu, kodwa kwakuyisifundo engingasoze ngasikhohlwa. Ngangingase ngibulale othile ngenxa nje yokuthi angizange ngithathe ikhefu lapho ngilidinga. Liyini icebiso lami? Funda leyondaba ku-Phaphama!, ulalele!
M. Y., England
Ukukhuluphala Ngithanda ukubonga ngokukhethekile ngesihloko esithi “Intsha Iyabuza . . .” sika-April 22, 1994, esithi “Kungani Ngikhuluphele Kangaka?” Ngineminyaka engu-13 ubudala futhi bengilokhu ngicabanga ukuthi ngikhuluphele, nakuba amashadi esisindo ayengitshela ukuthi ngisesilinganisweni. Ngenxa yesimo sami sengqondo, ngalahlekelwa yikho konke ukuzethemba futhi ngacindezeleka. Ngesinye isikhathi ngaze ngafisa sengathi ngabe ngifile. Kuzwakala kungenangqondo, kodwa ngangizizwa ngaleyondlela. Ngenxa kaJehova nalesisihloko, ngikwazi kangcono ukusingatha ukucindezeleka kwami.
C. S., Germany
Osemusha Ophethwe Umdlavuza Njengoba ngisanda kufunda isihloko esithi “Lapho Ukuphila Kungelula,” njengoba silandiswa uKathy Roberson, mangisho ukuthi ngithinteke ngempela. (August 22, 1994) Ngithe angibhale ngizwakalise ukwazisa kwami okujulile ngesihloko esihle kangaka. Ngineminyaka engu-14 ubudala futhi ngiye ngashushiswa esikoleni ngenxa yokuba ngomunye woFakazi BakaJehova. Isimo sami asivivinyi njengesikaKathy Roberson, kodwa kwakushukumisa ukubona indlela uJehova amsekela ngayo phakathi nakho konke ukuvivinywa kwakhe.
C. G., United States
Yeka isihloko esihle! Nami ngagula lapho ngineminyaka engu-9 ubudala ngagcina ngichithe izinyanga eziningi esibhedlela. Nokho, ngase ngiluleme lapho ngiqala ukufunda esikoleni esiphakeme. Kumelwe ukuba kwakunzima kakhulu ngoKathy Roberson ukubhekana nokugadla kwesifo sakhe ngokuphindelela. Isimo sakhe sengqondo namandla ayenawo kuye kwangisiza ukuba ngibe nesimo sengqondo esiqondile.
D. V., United States
Ukuncelisa Ibele Ezinyangeni ezintathu ngizobeletha umntwana wethu wesibili. Ngakho lapho ngithola umagazini wami i-Phaphama! ka-August 22, 1994 futhi ngivula isihloko esithi “Izinto Eziyisisekelo Ngokuncelisa Ibele,” ngachichima injabulo. Kwakuqabula ngempela ukufunda isihloko esasinikeza uMsunguli wokuphila udumo olumfanele. Angiqondi ukuthi umuntu angaphika kanjani ukuthi kunoMdali ohlakaniphile nonothando lapho ecabangela indlela umama ahlonyiselwe ngokufanele ngayo ukondla usana lwakhe.
L. K., United States
Ngiyaqiniseka ukuthi nizokwamukela izincwadi eziningi zokubonga ngenxa yalesisihloko. Uma ngibheka emuva, ngiyabona ukuthi kuye kwaba isibusiso nokukhetha okuwusizo kangakanani ukubancelisa ibele bonke abantwana bethu abathathu. Ngiyazi ukuthi lesisihloko sizobakhuthaza omama nalabo abazoba omama.
C. S., United States
Imidwebo Ephumelelayo Ngathokoza lapho ngibona umfanekiso wokuvuka kwabafileyo kumagazini ka-June 8, 1994. Ukwazisa kwami ithemba lovuko elimangalisayo kwajula ngisho nakakhulu. Ngokuqinisekile ngiyoswela amazwi okuchaza injabulo yami lapho ngibona udadewethu omncane ePharadesi lesikhathi esizayo.
M. U., Japan
Ukuthanda Imali Ngiyabonga ngesihloko esithi “Ukuthanda Imali—Impande Yakho Konke Okubi.” (March 22, 1994) Ezweni lakithi kunokuphanga, ukugqekeza, nokuhlushwa komphakathi okukhulu—ngenxa yemali. Ngakho lomagazini wafika ngesikhathi futhi ufanelekile, futhi ngakuthola kujabulisa kakhulu ukuwuhambisela abanye. Eqinisweni, abanye abathengisi bezinkwa babebalwela lapho ngingawaphethe amakhophi anele!
A. F. S., West Africa